

Ukubika ubugebengu kwabe South African Police Service

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Le nkonzo  itholakala kunoma ngubani umuntu ohlukunyezwe wubugebengu.

Abe-South African Police Service  bazovula idokodo lecala nokuphenyisisa ngobugebengu, babophe abasolwa kanye nokwethula icala ezinkantolo ukuze liqulwe .

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Lapho umuntu ehlukunyezwe wubugebengu, angaxhumana namaphoyisa ngokushayela kwinombolo ethi: 10111 noma ngokuya esiteshini samaphoyisa esiseduzane  ukubika ubugebengu.
Uma iphoyisa libhekana nendawo okwenzeke kuyo ubugebengu, lizothatha isitatimende kumkhalazi kanye nofakazi uma bekhona.
Isikhulu sephoyisa sizoya esiteshini samaphoyisa, sibhalise icala kwinqubo yobugebengu ebizwa ngokuthi yi-SAPS Crime Administration System , ebese linikeza umkhalazi inombolo yereferense ebizwa ngokuthi yi-CAS number.
Umkhalazi kumele aqinisekise ukuthi i-CAS number anikezwa yona uyayigcina lapho kunemibuzo ngekusasa maqondana necala lobugebengu.
Uma umkhalazi eya esiteshini samaphoyisa ukuyobika ubugebengu, kumele isikhulu sephoyisa sisizane naye kwisikhungo se-Community Service Centre.
Isikhulu sephoyisa sizokhulumisana naye ebese sithatha isitatimende kumkhalazi kanye nokubhala phansi ubugebengu obubikwayo kwi-CAS.
Umkhalazi uzonikezwa i-CAS number okumele isetshenziswe kuyo yonke imibuzo maqondana necala lobugebengu elibikiwe.
Idokodo lecala elibhalisiwe, linikezwa iphoyisa lophenyisiso  ozoqhubeka nokuphenyisisa. Yonke imibuzo kumele iqondiswe kule-detective.
U-detective oqondene necala uzophetha uphenyisiso ebese ethula idokodo kwinkantolo efanele ukuze iqule  icala.
U-detective uzokwazisa umkhalazi ngokuthi kumele aye nini enkantolo ukuyolalela icala.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



South African Police Service Act, 1995  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Uzosizwa masishane.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Isikhulu sephoyisa esithatha isitatimende sizogcwalisa ifomu.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


