

Bika ukuhlukubezwa kwabantu abadala

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Lomsebenzi uchaza indlela yokuthatha izinyathelo nokuqalisa uhlelo lokulamulela noma lokuvikela ukuhlukubezwa kwabantu abadala. Kunezindlela ezehlukahlukene zokuhlukubezeka abantu abadala bazithola bebhekene nazo. Nazi ziyalandela:

Ukuhlukubezeka okuthintana nomzimba: Noma ngayisiphi isenzo esinomphumela wokulimala noma ukufa komuntu omdala. Njengokumshaya ngampama, ukushaya nangenqindi, ukumshova, ukuphatha nje ngokudlubulundela, ukumsika ngomese, ukusebenzisa amakhemikhali noma indluzula ukumvimbela ukuthi enze utho, ukusebenzisa imithi engeyona noma eyeqile, noma ngayisiphi isenzo esibanga ukulimala, ukungaphatheki kahle komzimba, ukumphuzisa amaphilisi amlalisayo noma abanga ukufa.
Ukuhlukubezeka ngokwecansi: Noma ngayisiphi isenzo esinomphumela wokusebenzisa umuntu omdala abe yisigcila socansi noma ukuzithokozisa ngokwecansi ngomuntu omdala ngaphandle kolwazi lwakhe,nokuqondisisa kwakhe noma imvume yakhe.
Ukuhlukubezeka ngokwenqondo, ngemizwa noma ngezinkulumo: Indlela ephindaphidiweyo yokuphatha umuntu omdala kabi, ngehlazo okubangela ukuthi inqondo yomuntu omdala ingasebenzi kahle nomoya wakhe uphatheke kabi akhathazeke. Njengokumkhumbisa ukungamukeleki, ukumkhipha inyumbazana, ukumqindezela okuthile, ukumcisha uthando, nokuthuthuka kwenqondo, ukumbiza ngamaganyana angathokozisi, ukumenza inhlekisa, ukumethwesa amaqadlana angasile nokuhlala ubheke okuthile kuyena.
Ukuhlukubezeka ngasezimalini noma ukunqhaphaza ngezomnotho: Ukusebenzisa imali yomuntu omdalla yegranti, impahla yakhe, izinto zakhe azikhonzile noma imali yakhe ngokungekho emthethweni nome ngaphandle kwemvumo yakhe nolwazi lwakhe ukuthi kuzokwenzekani noma anganeliswa yilesenzo.
Ukungamkhathaleli: ukungamnakekeli ungamnikezi izidingo ezibalulekile ezigcina umzimba nenqondo. Njengokumncisha ukudla, ukuthokomala indawo yokuhlala izimpahla zokwembhatha, imithi yokwelapha, ukungamngcini ajabulile anomdlandla azikhathalele.
Ukumncisha amalungelo oluntu : Ukumephuca umuntu omdala, amalungelo oluntu njengokumnikeza inhlonipho, isithunzi sakhe, ukumnikeza ingasese lakhe ukumvumela azicabangele akufunayo akholwe akufunayo, abeke umbono wakhe, azikhulumele ngomlomo wakhe ngendlela ayithandayo aye lapho afuna ukuya khona. Njengobuthakathi  loku kunomphumela wokuthi babizwe ngokuthi bangabathakathi, bakhishwe inyumbazana, balinyazwe noma babulawe.

Ngubani onelungelo lokubika ukuhlukubezeka?

Noma ngangubani obona ukungakhathalelwa komuntu omdala noma ukugcilazwa kwakhe noma ukungaphathwa kahle komuntu omdala, noma umuntu onesizathu sokusola ukuthi lenzizinto ezibaliwe ziyenzeka noma sezenzekile.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Bika ukuhlukubezwa noma insolo yakho kumphathi omkhulu wononhlalakahle ehhovisi lezentuthuko yezenhlalakahle noma esiteyishini samaphoyisa esiseduze nawe.
Okungenani, bika ukuhlukubezeka ungazivezi igama lakho enhlanganweni I HEAL kulenombholo 0800 003 081.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Aged Persons Act, 1967  
Constitution of the Republic of South Africa, 1996  
Aged Persons Amendment Act, 1998  
Domestic Violence Act, 1998  
AU Policy Framework on Ageing 

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Unonhlalakahle uzoqala ukuphenya loludaba angakapheli amahora angu 48 ubikile abesebhala umbiko.
Uma umuntu obikayo angunonhlalakahle ovele asebenza ngazo lezindaba, kumele aqhubeke nophenyo anikeze umbiko obhaliwe ophelele kwihhovisi lentuthuko lezenhlalakahle angakapheli amaviki amane.
Uma umuntu obikayo angeyena unonhlalakahle, kungumsebenzi womphathi omkhulu wononhlalakahle wehhovisi lentuthuko lezenhlalakahle ukuthi anikeze umuntu ofanele ukuthienze lomsebenzi alindele umbiko angakapheli amaviki amane.
Uma ukuhlukubeza kuphathelene nekhaya labadala, noma inhlangano okungeyona kahulumeni, noma inhlangano yomphakathi, unonhlalakahle kwelinye ihhovisi elikhweshelene naleyondawo kumele asebenze loludaba.
Uma umuntu ohlukubezekayo engafuni ukususwa kuleyo ndawo, kumele basayine iafidavithi echaza ukuthi imiphumela yokungasuswa lapho uyayizwisisa ngoba bemchazele.
Uma isimo kungesona esichazwa lapha ngaphezulu, thola isifiso somuntu ohlukubezwayo. Ungqongqoshe wentuthuko kwezenhlalakahle, noma ilungu likhansela enkulu kumele ligunyaze omunye umuntu ukuthi alekelele.

Phezulu

Izindleko

Awukhokhelwa lomsebenzi.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu atholakala ehhovisi lentuthuko kwezenhlalakahle eliseduze nawe.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana

Ucingo olusebenza ukuvimbela ukuhlukubezeka kwabantu abadala Halt Elder Abuse Line  - 0800 003 081
Ucingo olungakhokhelwa lwentuthuko yezenhlalakahle - 0800 60 10 11


