﻿
Ukufaka isicelo senye ilayisensi yokushayela emva kokulahlekelwa noma ukuntshontshelwa ilayisensi
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Lomsebenzi wenzelwe abashayeli abanelungelo lokushayela kodwa belahlekelwe yilayisensi. Ukuze uthole enye ilayisensi emva kokulahlekelwa noma ukonakalelwa yilayisensi yiya ehhovisi labaphethe izimot ezihamba emgwaqweni eliseduze nawe.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Yiya ehhovisi labaphethe izimot ezihamba emgwaqweni eliseduze nawe.
Gcwalisa ifomu DL1, elokufaka isicelo selayisensi yokushayela.
Woza nalamaphepha alandelayo:

incwadi yomazisi wakho noma ipasipoti
izithombe ezingezona zombala zomazisi ezimbili.

Khokha imali enqunyiwe.
Uzohlolwa amehlo kanti neminwe yakho izothathwa.

Unalo ilungelo lokufaka isicelo selayisensi yokwesikhashana, kodwa kuzodingeka ukuthi ungeze imali uphinde ubanikeze ezinye izithombe ezingezona zombala zomazisi ezimbili.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



National Road Traffic Act, 1996  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Ilayisensi yakho entsha izolunga emuva kwamaviki angu 6 kuya ku 8.
Ilayisensi yokushayela okwesikhashana ikhishwa ngalesosikhathi.

Phezulu

Izindleko

