﻿
Isicelo sepasipoti enkulukazi

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ipasipoti enkulukazi  yidokhumende enamakhasi angu-64 elungiselelwe abantu abahamba njalo . Ipasipoti enkulukazi  iyefana nephasipoti yabavakashi , ngaphandle kokuthi yona inamakhasi aphindwe kabili ukuze kube namakhasi amaningi evisa.

Ipasipoti enkulukazi  nge:

ngekhishelwa izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezineminyaka engu-16 nangaphezulu
isebenza kuwo wonke amazwe ngaphandle kokuba ibhalwe okuchaza ngenye indlela 
isebenza iminyaka engu-10 ukusukela ngosuku ekhishwa ngalo.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Lapho wenza isicelo, kumele ube nomazisi wakho  noma isitifikedi sokuzalwa.
Gcwalisa ifomu le-BI-73 ulihambise wena mathupha ehhovisi eliseduzane loMnyango wezaseKhaya. Lihambise kwiNxusa  yeNingizimu Afrika noma i-mission uma wenza isicelo ungaphandle kwezwe.
Yenza ukuthi kuthathwe izigxivizo zeminwe yakho ukuze irekhodwe  kuhla lwabantu ezweni .
Fakela nezithombe ezimbili zosayizi wepasipoti.
Uma ungakabi nawo umazisi , nakhona uxinwe yisikhathi, ungenza isicelo sakho kokubili ngasikhathi sinye, ipasipoti kanye nomazisi .

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



South African Passports and Travel Documents Act, 1994  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Izicelo zingathatha isikhathi sokufinyelela kumaviki ayisithupha .

Phezulu

Izindleko

R352

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for a South African passport or travel document, BI-73

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


