﻿
Ukubuyisela izimali zosizo lukahulumeni
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Uma uthola imali yosizo lukahulumeni , okungafanele uyithole, uzobhekana nomsebenzi wokuyibuyisela kuhulumeni ngaphandle kokuba aboMnyango wezeNtuthuko yaBantu beneliseka ngokuthi ubungazi ukuthi akufanele uyithole. Kulesi simo, imali yosizo lukahulumeni  kumele imiswe noma ikhanselwe, ngoba kuzothathwa ngokuthi lokhu yicebo lokukhohlisa ukuzizuzisa.

Ngabe le nkonzo isebenza kubani ?


Abantu abafumana iigranti abangafanelekanga bazifumane.
Izizathu zokumiswa kwezimali zosizo lukahulumeni:


Ukushona . Uma imali ibekhokhwa kumuntu oshonile, imali izodonswa kwifa lakhe
Ukwamukelwa esikhungweni sikahulumeni
Uma imali yosizo ingalandwa izinyanga zize zibe zintathu ngokulandelana.
Uma umuntu engekho eNingizimu Afrika isikhathi esingaphezu kwezinyanga eziyisithupha.


Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Uma uthola ukuthi wamukela imali yosizo lukahulumeni okungafanele uyithole, kumele wazise abehhovisi lezokuvikeleka kwabantu  eliseduzane nawe.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Social Assistance Act, 2004  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Abomnyango bazokhansela inani elikweledwa nguwe, uma begculiseka ngokuthi ubungazi ukuthi akumele uyithole leyo mali.
UMqondisi-Jikelele  woMnyango angathi ngokubona kwakhe afune izimali ngokufakela inqubo yecala lomthetho maqondana nalowo muntu.
UMqondisi-Jikelele  woMnyango angavumela ukuthi ukukhokhwa kwemali kuqhubeke isikhathi esithize ngokulandela izimo ezithile ezibekwe ngumuntu ofuna ukuqhubeka nokukhokhelwa leyo mali yosizo. Isicelo kumele senziwe ezinsukwini ezingu-90 ngemuva kokumiswa kwemali yosizo lukahulumeni.
Uma umuntu efuna kubuyekezwe udaba lokumiswa kwemali yosizo lukahulumeni, kumele achaze ingeniso  ngesikhathi sokwenza isicelo. Lokhu kuzoba yisisekelo esisetshenziswa ngabomnyango lapho wenza isinqumo sokuthi ngabe kumele isibuyekeze yini isimo sakho noma cha. Umenzi wesicelo uzokwaziswa ngomphumela wesicelo ezinyangeni ezingu-3  kungakafiku usuku lokubuyekeza, noma usuku okwenziwa ngalo isitifikedi.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu atholakala kwihhovisi eliseduzane lengosi Yezenhlalakahle Yomphakathi wase Ningizimu Afrika.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


