﻿
Isicelo semvuselelo noma sokukhansela ubhaliso  yemithi yezolimo 
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Yonke imithi yezolimo ebuya ngaphandle engeniswayo, eyenziwayo, ekhiqizwayo, noma ethengiswa eNingizimu Afrika, kumele ibhaliswe  no-Registrar: Act 36 of 1947.

Ihhovisi lika-Registrar njalo ngonyaka lithumela izincwadi ngokuvuselelwa kobhaliso kanye namafomu ezicelo kubo bonke ababhalisile.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Izimvuselelo:

gcwalisa isicelo kwi-Fomu A, ugcwalise amathathu futhi ubhale ngokuprinta kuphela (ngamaletha amakhulu kuphela
isicelo kumele sithunyelwe ku: Act 36 of 1947
usuku lokugcina lezimvuselelo ngumhlaka-30 kuJuni.

Ukukhansela:

gcwalisa iFomu B ngamathathu uprinte ngokusebenzisa amaletha amakhulu kuphela
fakela isitifikedi sokuqala  sobhaliso .

Imininingwane yomenzi wesicelo:

gcwalisa i-Form C, livuselela imininingwane kumarekhodi ka-registrar maqondana nolwazila lokuxhumana, isibonelo, ikheli, izinombolo zocingo kanye nomuntu okuxhunyanwa naye.


Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Fertilizers, Farm Feeds, Agricultural Remedies and Stock Remedies Act, 1947  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Imvuselelo yenziwa lapho kwamukelwe imali.

Phezulu

Izindleko

R2 480

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Ihhovisi lika-Registrar njalo ngonyaka lithumela izincwadi ngokuvuselelwa kobhaliso kanye namafomu ezicelo kubo bonke ababhalisile.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


