﻿
Ukuvuselela kwelayisensi yemoto
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Zonke izimoto ezisebenzisa imigwaqo yomphakathi kumele zivuselele amalayisensi azo njalo ngomnyaka. Kungumsebenzi womnikazi wemoto ukuqinisekisa ukuthi ilayisensi yemoto yakhe iyavuselelwa. Uma ungayivuselelanga uzokujeziswa.

Abantu bazonikezwa izinsuku ezingu 21 zomusa uma bengakavuseleli ilayisensi yemoto esiphelile. Lesikhathi sibalwa kusukela ngosuku ilayisensi iphele ngalo. Ukuvuselelwa kwelayisensi kwenziwa kuziphathimandla zokubhalisa lapho yabhaliswa khona.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu I MVL1, isicelo selayisensi yemoto ihhovisi labaphethe izimoto ezihamba emgwaqweni eliseduze nawe.
Woza nomazisi wakho nencwadi yesaziso.
Khokha imali enqunyiwe ebhalwe encwadini oyithunyelwe.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

National Road Traffic Act, 1996  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Isicelo sakho sizosetshenzwa ngalolosuku.

Phezulu

Izindleko

