﻿
Ukufaka isicelo sokuvuselela ilayisensi yokushayela
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ilayisensi yakho eyikhadi iyaphela emva kweminyaka emihlanu wayithatha, kanti ifuna ukuvuselelwa ngalesisikhathi. Usuku iphela ngaso lubhaliwe elayisensini yakho, kodwa uzothunyelelwa isaziso sokuvuselela ngeposi

Ungayivuselela ilayisensi yakho nomanini lungakafiki usuku ephela ngalo. Ilayisensi entsha izophela emva kweminyaka emihlanu uyivuselele.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Ungayivuselela ilayisensi yakho nomangakuyiphi isenta eMzansi, kodwa ikhadi kuyomela ukuthi ulilande kuloyosenta ovuselele kuyo.
Gcwalisa ifomu DL1, elokucela ukuvuselela ilayisensi ehhovisi labaphethe izimoto ezihamba emgwaqweni eliseduze nawe.
Woza nalamaphepha alandelayo:


umazisi wakho, umazisi wokwesikhashana,noma ipasopoti yaseMzansi, kanye nelayisensi yekhadi endala.
izithombe ezingezona zombala ezimbili zomazisi
imali enqunyiwe.


Isaziso: awungeke uvivinyelwe ukushayela kodwa uzohlolwa amehlo, uma amehlo akho angasaboni kahle, uyobekelwa eminye imithetho elayisensini yakho entsha.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



National Road Traffic Act, 1996  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Ilayisensi yakho izolunga emuva kwamaviki amane noma ayisithupha.

Phezulu

Izindleko

