﻿
Isicelo semvume yesihlobo
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Imvume yesihlobo inikezwa umuntu wangaphandle oyilunga lomndeni oseduzane wesakhamuzi noma ohlala eNingizimu Afrika unomphela. Leso sakhamuzi noma lowomhlali, kumele anikeze iziqinisekiso kwezezimali. Imvume yesihlobo isebenza isikhathi somkhawulo wokufinyelela eminyakeni emibili.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Khipha ubufakazi bokuba yilunga lomndeni elisondele kakhulu kwisakhamuzi noma umhlali osekelayo.
Fakela isiqiniseko se-chartered accountant noma ubufakazi obusekela amadokhumende aqinisa ukuthi isakhamuzi noma umhlali osekelayo unazo izimali noma inhlanganisela yezimali zokusekela eninazo. Imali yokusekela akumele ibe ngaphansi kuka-R5 000 ngenyanga kumuntu ngesikhathi sokuvakasha (lokhu akusebenzi kowakwakho noma ingane encane encike kuwe.
Ungacelwa nokuthi ukhiphe elilodwa noma angaphezulu amanye alama dokhumende alandelayo:

i-visa esebenzayo
izitifikedi zodokotela maqondana nomenzi wesicelo kanye nawo onke amalunga umndeni ahambisana nawe.
isitifikedi sokuzalwa esiphelele , ukufakazela ubuzali, lapho kufanele
isitifikedi somshado
ubufakazi bokuthi ninobudlelwane bobulingani noma bomshado, uma nishadile, isehlukaniso, idivosi noma bokushonelwa
ubufakazi be-adopshini 
Isitifikedi samaphoyisa sokuba msulwa uma ungaphezu kweminyaka engu-21 maqondana nawo wonke amazwe alapho uke wahlala khona isikhathi esingaphezulu konyaka owodwa noma ngaphezulu kwaso, ukuthi sinikezwe ezinyangeni ezingu-12, uma singeke sanikezelwa ngaso leso sikhathi.
Imibiko yodokotela nabezama-x-ray, maqondana nomenzi wesicelo ngamunye. Imibiko yabenza ama-x-ray ngeke yadingeka ezinganeni ezingaphansi kweminyaka engu-12 noma abesimame abakhulelwe.


Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Immigration Act, 2002  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Izicelo zingathatha isikhathi esifinyelela ezinsukwini ezingu-30.

Phezulu

Izindleko

R425

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for temporary residence permit, BI-1738 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


