
Isicelo sesitifikedi somshado 
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Isitifikedi somshado sinenhloso yokuba wubufakazi bokuthi ushadile. Umshado kumele kube wenziwe phambi kwabantu abashadayo, ofakazi ababili abanamadokhumende omazisi kanye nesikhulu sokushadisa.

Qinisekisa isimo sakho kwezomendo ngokubheka kule-website ethi: online.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Abantu abashadayo kumele babenamadokhumende omazisi kanye nokugcwalisa ifomu le-BI-31 .
Gcwalisa ifomu lesicelo le-BI-130 kunoma yiliphi ihhovisi lezaseKhaya eNingizimu Afrika. Yenza isicelo kwinxusa  noma i-mission uma ungaphandle kwezwe.
Umshado ungenganyelwa yisikhulu esishadisayo enizikhethela sona kwiqembu elithize lezenkolo, inhlangano noma omele aboMnyango wezaseKhaya .
Umshado kumele kube wenziwe esontweni, ebhilidini elisetshenziselwa inhloso yezenkonzo kuphela, ihhovisi likahulumeni noma indlu yangasese. Uma umuntu okumele kushadanwe naye elimala kakhulu noma egula kakhulu, umshado ungenzelwa esibhedlela.
Abantu bangaphandle abashada eNingizimu Afrika, kumele babenamapasipoti kanye nokugcwalisa ifomu lesicelo elingu: BI-31.
Abantu ababili abashadayo, ofakazi ababili kanye nesikhulu esishadisayo, kumele basayine iRejista yeMishado  ngokushesha ngemuva kokuba umshado uqhutshwe.

Ukushadisa abasebancane ngokomthetho:

Abancane ngokomthetho, ngabantu abangaphansi kweminyaka engu-21, abangakaze bashade ngaphambilini. Ngokulandela umthetho, abantu abake bashada ngesikhathi esedlule, okanti imishado yabo ihlakazwe wukushona noma idivosi, ngeke besathathwa ngokuthi ngabancane ngokomthetho .

Abancane ngokomthetho  kumele:

Bafakele incwadi yokuvuma ebhaliwe, yabo bobabili abazali kanye/noma umnakekeli osemthethweni, ngokugcwalisa ifomu lesicelo elingu-BI-31. Ungenza isicelo sokwamukelwa nguKhomishana wenhlalakahle yezingane  uma abazali bangeke batholakala noma kungazeki ukuthi singamukelwa kanjani isitifikedi.
Ungenza isicelo sokwamukelwa eNkantolo ePhezulu  kwindawo ohlala kuyo uma abazali bakho kanye/noma uKhomishana enqaba ukwamukela umshado.

Abantu abadivosile abafuna ukushada futhi, kumele benze okulandelayo babe nomyalelo wedivosi obuya enkantolo. Bafakele isitatimende esifungelwe emthethweni i-afidavithi, uma kukhona isizathu esibambekayo sokuthi kungani ungeke wakhona ukukhipha umyalelo wedivosi, noma uma wadivosa kwelinye izwe langaphandle, nakhona ungeke wakwazi ukuthola umyalelo wedivosi. I-afidavithi kumele ichaze ukuthi umenzi wesicelo udivosile ngokomthetho, igama lenkantolo kanye nosuku lwedivosi.

Abantu abashonelwe abafuna ukushada futhi, kumele benze okulandelayo bakhiphe isitifikedi sokushona kowakwabo owashona. Bafakele isitatimende esifungelwe kwabomthetho i-afidavithi, uma isitifikedi sokushona singekho. I-afidavithi kumele iqinise igama nesibongo somuntu oshonile, kanye nosuku ashona ngalo.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Marriage Act, 1961  
Identification Act, 1997  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Isitifikedi esifingqiwe somshado: Sikhishwa masishane.
Isitifikesi esingafingqiwe: Izicelo zingathatha amaviki ayisithupha  ukuya kwangu-8.

Phezulu

Izindleko

Isitifikedi esifingqiwe somshado: Ngu-R11
Isitifikesi esingafingqiwe somshado: Ngu-R53

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



, BI-130
, BI-31
, BI-32

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


