
Izinkonzo zokuhlengwa kwabantu abakhubazekile
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Izinkonzo zokuhlenga  zinikezwa abant abakhubazekile ukuze bakwazi ukuzisiza ukufinyelela izinga lokuthi bakwazi ukusebenza ngendlela okungafinyeleleka kuyo. Kukhona imikhakha eminye yezinkonzo zokuhlenga, ezinikezwa kwimikhakha ehlukile yokukhubazeka, kanti lezi zinkonzo yilezi ezilandelayo:

Izinkonzo zokuhlenga emkhakheni weprayimari 
Ukuhlenga ezigneni lesekondari
Ukuhlenga ezingeni le-tertiary
Ukuhlenga okuyisipesheli kanye nasezingeni eliphezulu 

Izinkonzo zokuhlela zeprayimari ngezezinkonzo zokuvimbela  ezakha ikhono leklayenti ukuthi ikwazi ukuzenzela. Lokhu kubandakanya i-therapeutic counselling , izinkonzo zokunakekelwa emakhaya, amaqembu ezosekelo kanye nokuthi abantu bakwazi ukuzenzela, ukuqwashisa ngolwazi kanye nezinhlelo zokumela nokugqugquzelela .

Uhlengo lwezinga lesekondari, nguhlelo lwezinga lasekuqaleni lokungenelela  okwenziwa ) izinhlelo ezingenisa imali, kanye namaprojekthi ezokuphungula inhlupheko, ukuthuthukiswa kwezinsana ezincane  kanye nezinkonzo zokuphumula kancane ebunzimeni .

Uhlengo lwezinga le-tertiary, wuhlengo lwezinkonzo ezenziwa zinhlangano ezisemthethweni , ezibandakanya ukuhlalisa endaweni yonakekelo , indawo yonakekelo lwe-foster care kanye nezinkonzo ze-adoption, kanye nezinkonzo zokwelashwa nokuhlengwa kabusha  nonakekelo lwangemuva kokuya esibhedlela noma ngemuva kwesikole .

Uhlelo lwesipesheli nolwe-academic , zinkonzo ezifana ne-mentoring  kanye ne-coaching , ukusizwa ngamandla , ukwenziwa komgomo kanye nokuthuthukiswa kwezinhlelo) kanye nocwaningo .

Ukuthola ulwazi olunabile, ngena kwi-website yoMnyango wezeNtuthuko yaBantu.

Top

Izinyathelo okumele zilandelwe

Vakashela endaweni eseduzane nawe yonakekelo lwezempilo noma ikliniki ecubungulayo , kanti khona uzothunyelwa endaweni yohlengo esibhedlela noma kwenye indawo yohlengo lwesiphesheli, lwesekondari noma lwezinga le-tertiary.

Top

Umthetho osetshenziswayo

Constitution of the Republic of South Africa, 1996 
Integrated National Disability Strategy White Paper, November 1997 
Promotion of Equality and Prevention of Unfair Discrimination Act, 2000 )
Aged Persons Act, 2006  
Social Assistance Act, 1992  
Mental Health Care Act, 2002  

Top

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Kungathatha cishe izinyanga ezingu-3 ukubhekana nesicelo sakho. Kwezinye izindawo, abantu bafakelwa kuhla lokulinda izinyanga ezingu-6.

Top

Izindleko

Kwezinye izimo, imali yosizo lukahulumeni kwabakhuzekile efinyelela ku-75% ithathwa njengengxenye yezindleko. Ezinye izindleko zibekwa ngamafasilithi ngokwawo. Amanye amafasilithi akala izindleko ngokuya ngalokho umndeni ongakwazi ukukukhokhela. Zonke lezi zindleko zihlukile kuye ngesifundazwe .

Top

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu esicelo okumele agcwaliswe abekwa yisikhungo sohlengo , noma isikhungo sezemilo sonakekelo lweprayimari.

Top

Indawo nendlela yokuxhumana


