﻿
Isicelo somuntu obekwe yinkantolo njengohluleka ukukhokhela izikweledu  ukuthi abuyiselwe esimweni esihle 
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Umuntu obekwe yinkantolo njengohluleka ukukhokhela izikweledu  ngumuntu okweledayo ifa nempahla yakhe  . Uma ushade ngaphansi komshado wokuhlanganyela impahla , kanti owakwakho abekwe wumthetho njengohluleka ukukhokhela izikweledu  umthetho wokuhluleka ukukhokhela izikweledu we-Insolvent Act, 1936, nawe ukuthatha njengomuntu ohluleka ukukhokha izikweledu (insolvent).

Uma obekwe wumthetho njengohluleka ukukhokhela izikweledu  efuna ukubuyiselwa kwisimo sokungahluleki ukukhokhela isikweledu  eminyakeni elishumi selokhu abekwa wumthetho njengohluleka ukukhokhela isikweledu, angenza isicelo sokubuyiselwa kwisimo esihle .

Ngobani abangenza izicelo zokubuyiselwa kwisimo esihle ?

umuntu obekwe njengohluleka ukukhokha izikweledu ngokwakhe
i-agent egunyazwe ngokufanele yomuntu ohluleka ukukhokhela izikweledu, uma lowo muntu ohluleka ukukhokhela izikweledu engahlali eNingizimu Afrika
umfelokazi noma umfelwa womuntu ohluleka ukukhokhela izikweledu, uma beshade ngokuhlanganyela impahla 
lowo awayengowakwakhe womuntu ohluleka ukukhokhela izikweledu, uma beshade ngokuhlanganyela impahla 
abaqokwe ukwaba ifa  lempahla yomuntu oshonile .

Umuntu angenza isicelo sokubuyiselwa kwisimo esihle  ngemuva kwesikhathi esingakanani lapho emuncwe impahla yakhe yafakwa ngaphansi kolawulo ?

Noma kunini:

masishane ngemuva kokuba izindleko zabakweledwayo zikhokhelwe ngokugcwele noma
uma umuntu obekwe njengohluleka ukukhokha izikweledu  enze isicelo sokukhokha isikweledu ngokugcwele , nakhona isicelo sakhe sivunyelwe ngabangamakota amathathu abakweledayo, kanti obonwe njengohluleka ukukhona isikweledu ekhokhe izikweledu noma enze isiqinisekiso sokukhokha.



Ngemuva kwezinyanga eziyisithupha:

uma ezinyangeni eziyisithupha, kungazange kube nombango wesikweledu ngefa lobonwe njengohluleka ukukhokhela isikweledu kanti futhi ngaphansi kwesimo

sokuthi lokhu bekungokokuqala umuntu obenwe njengohluleka ukukhokha isikweledu ebekwe ngaphansi kolawulo lokuthathelwa impahla kanti futhi
umuntu obenwe njengohluleka isikweledu engenawo amanye amacala ake atholakala enawo.




Ngemuva kwezinyanga eziyishumi nambili :

ukusukela ngosuku u-Master aqinisekisa ngalo i-akhawunti yolawulo lwempahla yakhe; kanti futhi ngaphansi kwesimo
sokuthi lokhu bekungokokuqala umuntu obenwe njengohluleka ukukhokha isikweledu ebekwe ngaphansi kolawulo lokuthathelwa impahla kanti futhi
umuntu obenwe njengohluleka isikweledu engenawo amanye amacala ake atholakala enawo.



Ngemuva kweminyaka emithathu:

ukusukela ngosuku u-Master aqinisekisa ikhawunti yolawulo lwempahla
kanti futhi uma obonwe njengohluleka ukukhokha izikweledu eseke wathathelwa amanyathelo olawulo lwempahla ngokuhluleka ukukhokhela izikweledu okungaphezu kokukodwa, kodwa ngaphansi kwesimo sokuthi obonwe njengohluleka ukukhokhela izikweledu akakaze atholwe enecela kumacala athize.



Ngemuva kweminyaka emihlanu:

kwisimo lapho obonwe njengohluleka ukukhokhela izikweledu, eseke watholakala enecala kumacala athize.



Ngemuma kweminyaka elishumi:

ngemuva kokuphela kweminyaka elishumi, obonwe njengohluleka ukukhokhela izikweledu uyobonelelwa ukuthi abuyiselwe kwisimo esihle – ngaphandle kokuba imiyalelo yenkantolo ibeke ngokunye, lapho abantu abathintekayo benze isicelo. Isicelo kumele senziwe kungakapheli iminyaka elishumi.


Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Ungenza isicelo sokubuyiselwa kwisimo esihle ngokwakho, kodwa uzodinga usizo ngezomthetho.
Xhumana nommeli noma nehhovisi lika-Master ukuthola olunye ulwazi olunabile kanye nosizo.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Insolvency Act, 1936  

Insolvency Amendment Act, 1995  


Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Bonisana nommeli wakho ngesikhathi sokwenziwa kwesicelo.

Phezulu

Izindleko

Xoxisana nommeli wakho ngezindleko.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Xhumana nommeli wakho noma aboMnyango wezoBulungisa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana

Master of High Court.

National Office: Customer Care
Tel: 012 - 315 1207
Fax: 086 514 1174
Email: Chiefmaster@justice.gov.za
Postal Address: Private Bag X81, Pretoria , 0001
Physical Address: 3rd Floor, South Tower, Momentum Centre, 329 Pretorius Street, , Pretoria




