﻿

Isicelo sobhaliso  yelungelo lobuqambi bento entsha 

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

I-patent yilungelo elehlukile elinikezelwa ubuqambi bento entsha  Lobo buqambu kumele kube y i-product noma i-process ehlinzeka ngendlela entsha yokwenza into, noma enikeza ngesixazululo esisha esitheknikhali enkingeni.

I-patent inikeza uvikeleko bobuqambi kumnikazi we-patent. Ilungelo linikezwa isikhathi esinomkhawulo, okuvamise ukuba yiminyaka engu-20. Ukuvikelwa kwelungelo lobuqambi  kusho ukuthi lobo buqambi ngeke benziwa ngenhloso yentengiso, ukusetshenziswa kwentengiso, ukusabalaliswa noma ukuthengiswa ngaphandle kwemvume yomnikazi.

Ukuze uthole olunye ulwazi ngena kwi-website ethi Companies and Intellectual Property Registration Office.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Xhumana nabe-Patents Registrar  kwabe-Department of Trade and Industry  ukuhlola ukuthi ngabe ayikho yini into enjalo esivele iqanjiwe.
Thola amafomu esicelo afanele  ehhovisi le-Registrar of Patents.
Gcwalisa amafomu , ebese uwafakela kwabe-Company and Intellectual Registration iHhovisi
Nikeza ngekhophi yesitifikedi esiqinisekisiwe sikaMazisi wakho  yakho.
Fakela isicelo sesikhashana kwifomu elifanele – lokhu kungenziwa ngumenzi wesicelo ngosizo noma ngaphandle kosizo lommeli .
Fayila isicelo esigcwalisiwe – lokhu kumele kwenziwe ngommeli wobuqambi .
Fayila isicelo se-Patent Co-opeation Treaty  lapha 

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

South African Patents Act, 1978  )



Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Kuthatha cishe izinyanga ezimbili zokuthi kubhaliswe  ubuqambi bento entsha. Isicelo esiphelele sithatha cishe izinyanga eziyisithupha  ukuthi siphethwe.



Phezulu

Izindleko

Ngu-R60 welungelo lesikhashana lobuqambi 
Ngu-R266 welungelo eliphelele lobuqambi 



Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu atholakala nge PDF. Ukuvula amadokhumende e-PDF udinga uhlelo lwe -Adobe Acrobat Reader 4, noma yezinga eliphezulu kwikhompyutha yakho. Luzokwenza ukuthi ukwazi ukuvula amadokhumende ngokuqonde ngqo kwi-browser yakho.

P1:  Application for a Patent and Acknowledgement of Receipt" kanti kumele afakelwe ngamabili 
P2:  Register of Patents , submitted in duplicate 
P3:  Declaration of Power of Attorney , 1 only submitted 
P6:  Provisional Specification , 1 only submitted (kufakelwa libe linyeFormsToCompleteText

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


