
Isicelo sokubhalisa njengomkhokhi wentela noma ukushintsha imininingwane obhalise ngayo yokukhokhela imali yentela yengeniso 
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Noma yimuphi umuntu okumele abhalise njengomkhokhi wentela, abhalise ne-South African Revenue Service , kumele balethe isicelo sokubhalisa kwigatsha eliseduzane le-SARS ezinsukwini ezingu-60 ngemuva kokuba beqale ukubophezeleka ukukhokha intela.

Uma ikheli lomuntu lishintsha ngemuva kokuba ebhalise ne-SARS njengomkhokhi wentela, kumele anikeze iSARS ikheli lakhe elisha ezinsukwini ezingu-60 ngemuva kokuba eshintshe ikheli.

Amafomu ahambisana nokukhokhelwa kweNtela yengeniso  alethwa kwi-SARS ngonyaka, anaso isikhala sokubhalisa ukushintsha kwekhali, ukushintsha ibhangi, kanye neminye imininingwane yomuntu. Amanothisi amaningi akhishwa yi-SARS kanye namafomu okukhokha intela anezikhala zokufakela ulwazi ngokushintsha kwekheli. Leyo mininingwane yezinguquko zokushintsha kwekheli zifakelwa kuhla lolwazi lwe-SARS, lapho kulethwa inothisi noma amafomu.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa lonke ulwazi oludingekayo kwifomu lesicelo lapho ubhalisa njengomkhokhi wentela ne-SARS.
Qinisekisa ukuthi ulwazi maqondana nawe olufakelwa kwinothisi kanye namafomu entela eSARS, luyiqiniso. Uma ulwazi lungelona iqiniso noluqondile olufakelwe kwinothisi noma kumafomu entela, sicela ukuthi uluqondise  ngaphambi kokubuyisela amafomu kwa-SARS.
Yenza izinquguko ngemininingwane yolwazi ngawe noma ngamakheli ngezindlela ezilandelayo:

thumela isicelo sokushintsha ulwazi ngokubhalela kwihhovisi legatsha le-SARS eliseduzane nawe
shayela ucingo kwi-call centre ye-SARS
thumela ifekisi kwi-call center ye-SARS noma kwihhovisi legatsha le-SARS eliseduzane nawe.


Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Income Tax Act, 1962  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Asikho isikhathi esinqunyiwe esibekiwe.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo itholakala mahhala.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu atholakala nge PDF. Ukuvula amadokhumende e-PDF udinga uhlelo lwe-Adobe Acrobat Reader 4, noma yezinga eliphezulu kwikhompyutha yakho. Luzokwenza ukuthi ukwazi ukuvula amadokhumende ngokuqonde ngqo kwi-browser yakho.

Application for registration as taxpayer or changing of registered particulars, IT 77 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


