﻿

Isicelo semvume yokusebenza yenani lomkhawulo othize kwimikhakha ngokunabile

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Imvume yokusebenza yomkhawulo wenani elithize  ikhishelwa umuntu wangaphandle uma lowo muntu ewela ngaphansi komkhakha othize obekwe ngaboMnyango wezaseKhaya ngonyaka, ngenothisi kwiGazethi kaHulumeni ngemuva kokubonisana noNgqongqoshe bezoHwebo neZimboni kanye nowezeMisebenzi. Inani lalezi zimvume kulowo mkhakha ngeke leqa inani lomkhawulo othize obekwe kwinothisi.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu le-BI–1738 kwinxusa  yeNingizimu Afrika noma i-mission.
khipha isiphakamiso sokunikezwa umsebenzi
Fakela isitifikedi sika-chartered accountant esichaza okulandelayo:

ngeke waqashwa ngaphansi kwezimo nemibandela ephansi kunaleyo enikezwa izakhamizi noma abahlali
incazelo yomsebenzi wakho okumele uwenze
umsebenzi uwela ngaphansi komkhakha ofanele obekwe nguNgongqoshe
isikhundla sikhona futhi sizogcwaliswa nguwe
nokuthi unamakhwalifikheshini asemthethweni adingekayo ukwenza lowo msebenzi ngendlela ochazwe ngayo

Fakela ukuzimisela komqashi ukukhokhela amaphesente amabili emali yoqeqesho. NB : Ubufakazi bokukhokha kumele bulethwe ezinsukwini ezintathu ngemuva kokuthola imvume.
Cela umqashi ofuna ukukuqasha ukuthi agcwalise isigaba sika-13,  no- kwifomu le-BI-1738.
Khipha ubufakazi bobhaliso  nenhlangano yeprofeshini noma ibhodi uma lokhu kusebenza.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Immigration Act, 2002  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Izicelo zingathatha isikhathi esifinyelela ezinsukwini ezingu-30.

Phezulu

Izindleko

R 1 520

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for temporary residence permit, BI-1738 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


