﻿
Isicelo sokubhalisa njengososayense weprofesheni yesayense yemvelo kumkhakha weSayense ye-Forensic
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Abantu ziqu abafisa ukusebenza njengososayense kwisayense yemvelo  kudingeka ukuthi babhalise  nomkhandlu we-South African Council for Natural Scientific Professions . Umkhandlu unenhloso yokulandelayo:

ukuqhubela phambili amaprofeshini okusebenza kwesayense yemvelo eNingizimu Afrika
ukulawula amazinga okuziphatha kumaprofeshinali ososayense besayense yemvelo , abangakathwaseli ukuba ngososayense besayense yemvelo  kanye/noma ososayense asebethwasele nabanezitifikedi zokuba ngososayense besayense yemvelo
ukuqapha amazinga emfundo noqeqesho lososayense besayense yemvelo, kanye
nokwamukela  imfundo noqeqesho okuyisidingo sokuqala sobhaliso  ngokulandela umthetho we-Academy of Science of South Africa Act, 2001 .

Abantu abangabhalisile  ngeke benza umsebenzi obekelwe abantu abarejistile .

Kungani kumele urejiste ?

ukwenza umsebenzi weprofeshini
ukusebenzisa igama elisemthethweni  elithi-natural scientist , noma ukufakela isifinyezo ngemuva kwegama lakho, 
ukusebenza emkhakheni we-consultancy
ukuba nesimo seprofeshini kanye nokuthola inzuzo enikezwa zikhungo zezezimali
ukuthola ukusekelwa wuMkhandlu kanye negaranti  esingavuni sekhono lakho
ukuvikela kanye nokuqinisa iprofeshini.

Ukuze ukhwalifaye  ukubhalisa  ukusebenza emkhakheni weSayense ye-Forensic, kudingeka uhlangabezane nokulandelayo:

Noma yimuphi umuntu ofisa ukubhalisa njengo-Professional Natural Scientist kumkhakha weSayense ye-Forensic kumele abeneziqu  yeminyaka eminye ye-B.Sc, B.Sc Honours noma ye-B.Tech kumaseyense ezemvelo.
Leyo khwalifikheshini kumele ibandakanye okungenani isifundo esisodwa kumkhakha wemisebenzi efakelwe kuhla olukuSheduli 1 yoMthetho we Natural Scientific Professions Act ka 2003, kanti futhi

kumele kube sifundelwe ngokujulile nangokunabile eminyakeni emine
kumele okungenani sibe kwamanye amazinga amabile afanele e-level 1 ezifundo zesayense yemvelo ku-physics, chemistry, mathematics kanye/noma i-biology, kanti futhi.

Okungenani u-50% wezifundo kuhlelo kumele kube ngezibonwa njengezifundo zesayense yezemvelo.

Olunye uqeqesho:

Kumele unikeze ubufakazi boqeqesho kwiSayense ye-Forensic noma yophenyisiso , isibonelo, ukuhlola amadokhumende, ukuphenyisisa ngomlilo, ukuphenyisisa izimpawu zamathuluzi, ukuphenyisisa kobushushisi, inqubo yomthetho nezinkantolo, ufakazi wobuchwepheshe, noma ezinye izifundo ezifishane ezigunyaziwe.
Kumele ube nomlando  lomsebenzi oqondene nesayense ye-forensic kanye nocwaningo.
Imikhakha yolwazi edingekile kumsebenzi wezesayense ye-forensic ibandakanya izinhlelo zamakhosi aseklasini e-forensic : Kubalulekile ukuthi usosayense oqeqeshwayo kwi-forensic abe nokuqondisisa imikhakha yolwazi ebalulekile kwiSayense ye-Forensic, nakhona abe namakhono nesipiliyoni ekusetshenzisweni kwemikhakha elandelayo ngemiqondo ye-forensic:

ulwazi lokuxazulula izinkinga
ubufakazi obunikezwa enkantolo 
isingeniso somthetho 
isiqinisekiso seqophelo 
ama-Ethics
inqubo yezeprofeshini 
ukubona ubufakazi , ukuqoqa kanye nokuprosesa
amakhono ezesayense kanye nokuxazulula izinkinga elaborethri
ukusebenzisa isayense kwizinqubo zomthetho
amathekniki eze-forensic okuphenyisisa
ukuphenyisisa indawo okwenzeke kuyo ubugebengu
imiqondo ngobufakazi bendawo 
i-chemistry yokuhlaziya  kanye nezindlela zokuhlaziya 
ukuhlaziya izidakamizwa , amakhemikhali oshevu 
i-biology ye-forensi
isipiliyoni somsebenzi

Izibhamu:

ukuhlola kanye nokubeka ngezinhlozo zazo izikhali/ izinhlamv
ukuxhumanisa isikhali nobugebengu, ukunaka indawo okwenzeke kuyo ubugebengu kanye nokuhlola ubufakazi be-forensic.

Ukuphenyisisa ingozi:

Usekelo lobuchwepheshe ekuphenyisisweni kwezingozi zasemgwaqeni, ukuhlanganisa indlela izinto ezenzeke ngayo okuholele ekungqubuzaneni, ukucwaninga okunemininingane kwezingxenye zemoto, ulwazi oluthile maqondana netheknoloji yezimoto.  kungayinto engaba wusizo.)
Ukuphenyisisa ngemililo
Ukufundisisa amadokhumende emibuzo – ukwazi ukubona imibhalo yesandla
Ukukhulisa indawo okwenzeke kuyo isenzo kanye nokuqoqa ubufakazi
Ukunabisa ukubaluleka  kobufakazi
Imibhalo yezesayense
Ucwaningo olumaqondana ne-forensic
Isipiliyoni ngesimo sangaphakathi kwelabhorethri
Umsebenzi wokuhlaziya we-Biology kanye nowe-chemistry
Ulwazi lokubheka indawo okwenzeke kuyo ubugebengu ngokweluleka
Imisebenzi yokusuphavayisa uvivinyo lwezinto elabhorethri ezihambelana nobugebengu
Ukuhlaziya – i-biology, i-chemistry, izidakamizwa kanye ne-toxology
Ubufakazi bezesayense obungavuni hlangothi enkantolo yamacala ukusekela ubushushisi noma abamele abamangalelwe kuphenyisiso bobugebengu
Umsebenzi wezezithombe zama-digit


Imikhakha yerejistreshini  ingokulandelayo:

Professional Natural Scientist  
Candidate Natural Scientist  
Certificated Natural Scientist  .

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu lesicelo elitholakala kwabe-South African Council for Natural Scientific Professions .
Fakela imali ebekiwe okumele ikhokhelwe yerejistreshini  ihambisane nesicelo.
Umkhandlu uzokurejista  ebese ukhipha isitifikedi serejistreshini, uma weneliseka ukuthi unemfundo edingekayo nefanele kanye nesipiliyoni njengoba sibekwe ngoboMkhandlu.
Kuzokwenziwa umhlangano wokupheqululana nawe ngemibuzo  nethimba labantu okungenani ababili, elibekwe yiKomidi le-SACNASP lezeluleko leprofeshini, elaziwa ngelokuthi yi-Professional Advisory Committee .
Zonke izicelo kumele zihlolwe ngabe-PAC, zamukelwe yiKomidi lerejistreshini le-SACNASP elaziwa ngelokuthi yi-Registration Committee, ebese zigunyaziswa  wuMkhandlu wonkana.
Umphumela wohlolo ngeke waziswa kuze kube ngemuva komhlangano woMkhandlu.
Umkhandlu ungala ukurejista umenzi wesicelo ngaphansi kwezimo ezilandelayo:

uma, ngemuva kokusungula koMthethosisekelo weRiphabhuliki yeNingizimu Afrika, 1996,  umenzi wesicelo watholakala enecala eRiphabhuliki noma kwenye indawo nakhona agwetshwa isikhathi esingaphezulu kwezinyanga ezintathu noma ifayini njengenye indlela yokugwetshwa.
uma iNkantolo ePhakeme inqume ukuthi umenzi wesicelo unengqondo engathathi kahle noma unezifo zokwengqondo, noma uma efakwe esikhungweni sokusangana kwengqondo ngaphansi komthetho we-Mental Health Act, 2002 .
uma irejistreshini  lomuntu lumisiwe ngenxa yesijeziso asinikeziwe ngaphansi kwalo Mthetho.
uma umuntu ekhishwa esikhundleni sokwethembeka ngenxa yokungaziphathi kahle.
uma umuntu etholwe yinkantolo njengohluleka ukukhokhela izikweledu nakhona engakabuyiselwa esimeni esihle ngezikweledu , kanti ukuhluleka kwakhe ukukhokha izikweledu  kwabangelwa wubudedengu bakhe ekwenzeni umsebenzi owela ngaphansi komkhakha enza isicelo seresjistreshini  kuwo.

Umkhandlu uzokwazisa ngokubhala uma isicelo sakho sobhaliso  sinqatshelwe.
Ungenza i-aphili ngesinqumo soMkhandlu kungakapheli izinsuku ezingu-30.
Kumele wenze isicelo kuMkhandlu, sokuvuselelwa kwerejistreshini  okungenani, kusenezinyanga ezintathu ngaphambi kokuphela kwesikhathi sobhaliso  yakho.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Academy of Science of South Africa Act, 2001 
Natural Scientific Professions Act, 2003 
Constitution of the Republic of South Africa, 1996 
Mental Health Care Act, 2002 

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Irejistreshini  lungathatha amaviki ayisithupha ukuya kwayisishagalombili, kuye ngokufakelwa kwamadokhumende adingekayo.

Phezulu

Izindleko

Registration fees including Vat:

Professional Natural Scientist: R665 per field of practice
Candidate Natural Scientist: R365 per field of practice
Certificate Natural Scientist: R430 per field of practice
Upgrading of registration status: R665 per field of practice

Annual fees including Vat:

Professional Natural Scientist: R600 per field of practice
Candidate Natural Scientist: R240 per field of practice
Certificate Natural Scientist: R385 per field of practice
Pensioner : R130

Ukufakela imali ngendlela ye-elektroniki kanye nokufakela imali ngokuqonde ngqo: Sicela usebenzise onobumba bokuqala bamagama  kanye nesibongo ukuze kwaziwe imali ekhokhwayo ibuya kubani kwisitatimende sebhangi lethu ebese uthumela ubufakazi bokukhokha ngefekisi, kanye nekhasi lokuqala lefomu yesicelo kwinombolo ethi:  841 1057.

Imininingwane yeBhangi:

Owamukelayo : SACNASP
Bank: Nedbank
Branch: Silverton
Branch code: 164445
Inombolo ye-Akhawunti: 1644292289

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for Professional Registration

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


