﻿

Isicelo sokubhalisela ukusetshenziswa kwamanzi

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Bonke abasebenzisi bamanzi, amanzi abo angaveli kumnikezi wenkonzo , uhulumeni wendawo, ibhodi yamanzi, ibhodi yamanzi emisele yezokunisela , isikimu samanzi kahulumeni, noma abanye abasaplaya ngomthamo omkhulu wamanzi , kumele babhalise ukusebenzisa kwabo amanzi noMnyango wezaManzi namaHlathi . Laba basebenzisi kumele babengabasebenzisa amanzi ukwenza okulandelayo:

ukunisela 
izinhloso zomsebenzi wemayini
ukusebenzisela izimboni
Indawo yokunonisela imfuyo ezohlatshwa
noma yikuphi okunye ukusetshenziswa kwamanzi okukhonjiswe kwi-General Authorisation ngokulandela iSigaba 39 se-National Water Act of 1998 .
Okunye ukusetshenziswa kwamanzi okumele kubhaliswe, kubandakanya okulandelayo:

ukuchithwa kodoti noma amanzi anodoti
ukuphambukisa imifula kanye nemisele, noma ukwenza umehluko ngendlela umfula ogeleza ngayo nokungenela kwenjula yomfula  noma kumazibuko emifula noma indlela umfula obukeka ngayo.

Ukugcina amanzi – Noma yimuphi umuntu ogcina amanzi nganoma yiyiphi inhloso , ukwenza igalofu endaweni, nokunye okunjalo), ukusukela kunqenqema lwendawo, amanzi angaphansi komhlaba, noma umthombo oyisisusa , ogeleza ngomthamo ongaphezulu kuka-10 000 cubic meters, noma lpaho khona amanzi asaplaywa endaweni engahezulu kukahekthere eyodwa yomnikazi noma umuntu ohlala khona, noma inhlangano, iphemithi noma imvume .
Imisebenzi ephungula ukugeleza kwemisele  – Konke ukungezelwa kwehlathi  ngenhloso yentengiso, okubandakanya izihlahla zemiphakathi  ngenhloso yentengiso, okwenzeka ngaphambi kukanyaka ka-1972, kumele kubhaliswe.
Abanikazi bamahlathi abanezimvume ezikhishwe ngaphansi komthetho we-Forestry Act, 1998  , asikho isidingo sokuthi babhalise, ngoba sizobathumela amadokhumende aphelele obhaliso, ukuze bachibiyele uma kunesidingo, basayine nokuwabuyisela kwabomnyango.
Ukusetshenziswa ngohulumeni bezindawo kanye nabasaplayi bomthamo omkhulu ngemithombo yabo yamanzi, kanye nemisebenzi yokuhlanzekisa .
Imisebenzi elawulwayo  efana nokunisela ngamanzi kadoti, ukwenza amandla kagesi ngamanzi, ukuguqula isimo somoya , noma ukushaja futhi unqenqema ledwala noma unqenqema lomhlabathi elimunca amanzi .

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Ukuqapha  ukusetshenziswa kwamanzi okuqondene kanye.
Ukuxhumana nehhovisi lerijini laboMnyango wezaManzi namaHlathi.
Gcwalisa amafomu afanele ngokusizwa yisikhulu serijini 
Thumela amafomu ehhovisi eliseduzane lerijini le-DWAF kanye namadokhumende alandelayo:

imininingwane yomenzi wesicelo

indawo lapho okuzosetshenziswa khona amanzi

imininingwane yomnikazi wendawo 

isaziso  ngomenzi wesicelo

isazizo  ngomnikazi wendawo 

ulwazi lapho okumele kuthunyelwe khona isitatimende se-akhawunti 

nikeza ngekhophi yesitifikedi esiqinisekisiwe sikaMazisi wakho  yakho

ikhophi eqinisekisiwe yetayitela leprophathi 

ikhophi eqinisekisiwe yesivumelwano sokuqasha 

ukulandela yonke imibandela edingekayo kumasevisi  ezehlukene ezenzelwa isicelo.



Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



 

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Ubhaliso  izothatha inyanga eyodwa.

Phezulu

Izindleko

Ngu-R114. 00 (Lokhu kusebenza kuphela kwizicelo zelayisense.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu ezicelo atholakala DWAF.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


