
Isicelo sokubhalisa  inyunyane yabasebenzi naboMnyango wezeMisebenzi    




Isimo

Inyunyane yinhlangano yabasebenzi eqhubela phambili nokuvikela izidingo zamalunga ayo kwizinto eziphathelene nemiholo kanye nezimo okusetshenzwa ngaphansi kwazo, ikakhulukazi ngezingxoxo nabaqashi.

Ubhaliso  yezinyunyane zabasebenzi kuwela ngaphansi kwemisebenzi ka-Registrar of Labour Relations. Uma ufuna ukubhalisa inyunyane, kumele uthumele okulandelayo ku-Registrar:

Amakhophi amathathu omthethosisekelo wenyunyane
Uhla olunemininingwane yezikhulu zenyunyane, oluchaza izikhundla zabo
Ikheli lamahhovisi abhalisiwe enyunyane

Ikhophi nekhophi yomthethosisekelo wenyunyane kumele isayinwe nguNobhala kanye noSihlalo ukuqinisekisa ukuthi amakhophi angempela omthethosisekelo.





Ukuthola olunye ulwazi, hamba uye kwaboMnyango wezemiSebenzi 


Inqubo okumele ilandelwe

Gcwalisa amakhophi amabili efomu lesicelo.
Fakela amakhophi amathathu omthethosisekelo wenyunyane  kwifomu lesicelo elithunyelwa ku-Registrar.
Ikhophi nekhophi yomthethosisekelo wenyunyane kumele isayinwe nguNobhala kanye noSihlalo ukuqinisekisa ukuthi amakhophi angempela omthethosisekelo.
Posani noma nithumele ngefekisi isicelo ku-Registrar of Labour Relations. 


Umthetho osetshenziswayo

Labour Relations Act, 1995 , Section 96  


Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Kungathatha cishe izinsuku ezingu-30 ukubhalisa  inyunyane.
Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.


Amafomu okumele agcwaliswe



Application for registration of a trade union, Form LRA 6.1  yenyunyane yabasebenzi)
Application for registration of an employers organisation, Form LRA 6.2   yenyunyane yabasebenzi)

Indawo nendlela yokuxhumana 


