
Bhalisela ukuvota
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ukuze ukwazi ukuvota okhethweni lwezwe lonkana, noma lwesifundazwe, noma lukahulumeni wasekhaya, umele ukuthi ubhalise endaweni ozovotela kuyona lapho uhlala khona. Lokhu kubaluleke kakhulu okhethweni lukahulumeni wasekhaya ngoba umele ukuthi uvote endaweni lapho ubhalise khona. Uma usubhalisile nemininingwane yakho isihloliwe ebhukwini okubhalwa kulona bonke abantu baseNingizimu Afrika, igama lakho lizokubhalwa ohlwini lwabavoti bezwe lonke.

Ukuze ubenelungelo lokubhalisa kumele ukuthi:

ube yisakhamuzi saseMzansi Afrika
iminyaka yakho ibe ngu 16 noma ngaphezulu
ube nencwadi yomazisi WaseMzansi Afrika .

Incwadi yohlu lwabavoti ivalwa ngololosuku oluqoshiwe lwalelokhetho olubhalwe encwadini yezaziso ka hulumeni.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Bhalisa wena ngesiqu esiteshini sokuvota endaweni lapho uhlala khona ngesikhathi wonke-wonke abhalisela ukuvota.
Bhalisa noma nini ngesikhathi somsebenzi kukhomishane ezimele yokhetho eseduze nawe.
Ubophatha incwadi yakho yomazisi.
Gcwalisa ifomu elifanele.
Umsebenzi kahulumeni ophathelene nokubhalisa uzakunamathisela ipheshana elinenombholo yesigodi sokhetho saleyo ndawo encwadini yakho yomazisi.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Electoral Commission Act, 1996 
Constitution of the Republic of South Africa, 1996)
Electoral Act, 1998 
Local Government: Municipal Structures Act, 1998 
Local Government: Municipal Demarcation Act, 1998 
Local Government: Municipal Electoral Act, 2000 

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi


Isicelo sakho sokubhalisa sizakusetshenzwa ngalesosikhathi usifaka.

Phezulu

Izindleko

Awukhokhelwa lomsebenzi.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu atholakala ehhovisi lokubhalisa.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


