﻿
Isicelo sobhaliso  yomhlaba wokugcina inyathi
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Noma ngubani ofuna ukugcina inyathi, kumele aqale abhalise umhlaba noMnyango weZoLimo.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Thola ifomu lesicelo kwi-website, ebese uligcwalisa ngokuprinta. Lingatholakala nakwihhovisi lendawo yempilo  wezilwane kahulumeni.
Cela udokotela wezilwane kahulumeni oseduzane nawe ukuthi ahlole umhlaba kanye nothango , kanye nokuqinisekisa isimo sezifo senyathi.
Inhloko yezinkonzo zempilo yezilwane kwisifundazwe  kumele ufakezele ukuthi kukhona imithombo efanele yokuqapha isimo epulazini njalo-njalo, nokuthi ukuhamba-hamba kwenyathi epulazini kanye nangaphandle kwepulazi kungaphathwa kahle ngendlela efanele nokuthi kuzokwazeka ukuthi kulandelelwe ngokushesha yonke into okungenzeka ihambe ngendlela engavamile.
Isicelo kumele sihambisane nokulandelayo:

isitifikedi esigunyazisiwe sokubiyelwa kahle ngendlela efanele, esikhishwa ziphathimandla zokugcinwa kwemvelo/kwendalo
ikhophi yemephu  ekhombisa umkhawulo wawo wonke umhlaba okwenziwa isicelo sobhaliso lwawo.



Isicelo kumele sithunyelwe ku: The Senior Manager: Animal Health, kwiFekisi ethi: 012 329-0499.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Animal Diseases Act, 1984  with amendments  with amendments
Animal Health Act, 2002  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Isikhathi esithathwayo ukubonelela isicelo nokwamukelwa kwaso kuyahluka kusifundazwe ngesifundazwe . Uma isicelo sesamukelwe, sithunyelwa kuMnyango kazwelonke wezoLimo.

Izikhulu kumnyango kazwelonke, zinikeza ngenombolo yobhaliso , zingezela ulwazi kwirejista yezinyathi kuzwelonke kanye nokuprinta isitifikedi serejistreshini esinikezwa umnikazi womhlaba. Le nqubo ingathatha izinsuku ezilishumi zokusebenza.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for the registration of land for keeping buffalo 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


