

Isicelo sokubhalisa  njengomkhandlu wezingxoxo phakathi kwabasebenzi nabaqashi 



Isimo

Imikhandlu yezingxoxo phakathi kwabasebenzi nabaqashi  ibhekana nezivumelwano ezihlanganyelwe, ukuxazulula izingxabano zasemisebenzini phakathi kwabaqashi nabasebenzi, ukusungula izikimu ezehlukene, kanye nokuphawula ngemigomo kanye nemithetho yezemisebenzi.



Izinyunyane zabasebenzi nezinhlangano zabaqashi zingenza isicelo sokusungula imikhandlu yezingxoxo phakathi kwabaqashi nabasebenzi.



Ukuthola olunye ulwazi, hamba uye kwaboMnyango wezemiSebenzi. 



Inqubo okumele ilandelwe

Yenza isicelo ku-Registrar of Labour Relations kwaboMnyango wezemiSebenzi  ukubhalisa umkhandlu wezingxoxo phakathi kwabaqashi nabasebenzi .
Hambisani nokulandelayo ku-Registrar of Labour Relations:
Amakhophi amabili efomu lokubhalisa le-Application for Registration of Bargaining Council 

Amakhophi amathathu omthethosisekelo womkhandlu wezingxoxo phakathi kwabasebenzi nabaqashi 

Amaminithi omhlangano lapho izinyunyane nezinhlangano zabaqashi abavumelane khona ukusungula umkhandlu wezingxoxo phakathi kwabaqashi nabasebenzi

Noma yiluphi olunye ulwazi olufanele



Umthetho osetshenziswayo

Labour Relations Act, 1995 , Section 29  



Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Kungathatha izinsuku ezingu-60 ukubhekana nesicelo senu.

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.




Amafomu okumele agcwaliswe

Application for Registration of Bargaining Council, Form LRA3,3



Indawo nendlela yokuxhumana


