﻿
Isicelo semvume yabantu abasebenza emikhumbini
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Imvume yokusebenza emikhumbini  inikezwa abantu bangaphandle abangamalunga eqembu labantu abasebenza emikhumbini. Imvume yokusebenza emikhumbini  ingakhishelwa isikhathi esifinyelela ezinyangeni ezintathu ngesikhathi esisodwa. Izicelo zingenziwa emachwebeni okungenwa kuwo  eNingizimu Afrika.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Fakela ipasipoti esebenzayo.
Khipha incwadi yesicelo ebuya kumnikazi womkhumbi, ebandakanya ukuzimisela kwakhe okwamukela emahlombe akhe lowo muntu ukulandela umthetho wababuya ngaphandle abangenayo i-Immigration Act, 2002.
Fakela ubufakazi obenele ngokuba nemali eyenele komnikazi walowo mkhumbi ukuhlangabezana nezidingo zosuku nosuku kanye nezindleko zokwelapha.
Khokha idiphozithi ebonwa ifanele ngabomnyango wezaseKhaya ukuze uqinisekise ukulandelwa kwemibandela nezimo zemvume yabasebenza emikhumbini. Leyo diphozithi iyobuyiselwa kuwe ngemuva kokuhamba kwabo kokugcina noma ngemuva kokuba imvume ikhishiwe wanikezwa yona. Ukukhokhwa kwediphozithi kungenziwa ngokukhokha ngesheke eligarantwe yibhangi  noma nge-credit card ezindaweni lapha okukhona le fasilithi.
Fakela ubufakazi bokukhokha noma yiyiphi ifayini okungenzeka ikhokhwe ngummeli.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Immigration Act, 2002  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Izicelo zingathatha isikhathi esifinyelela ezinsukwini ezingu-30.

Phezulu

Izindleko

Ngu-R425

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



BI-1738 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


