

Isicelo sokubhalisa  ubunikazi bophawu lwenkampani



Izincazelo

Uphawu lwenkampani yi-brand name, isilogeni  noma ilogo. Luphawula izinkonzo  izimpahla zomuntu oyedwa kanye nokwenza ukuthi impahla nezinkonzo  ahluke kwamanye. Isibonelo sibandakanya:

I-Brand name: Standard Bank
Isilogeni : "Simpler, Better, Faster" 
Ilogo: Uphawu lwe-Nike olunjena: "v" noma uphawu lwakwa-MacDonalds olunjena: "M"
Isheyiphu ethize: Yebhodlela le-Coca Cola

Ngakho-ke i-brand name yigama noma inhlanganisela yamagama . Isilogeni  wumusho omfishane noma isenthense kanye nelogo eyisithombe esithize esehlukile kwezinye noma uphawu. Kukhombisa ubunjalo obehlukile nobuqondana naleyo nkampani kwezezimakethe kanti futhi kusebenza kwimikhiqizo kanye nezinkonzo .

Uma uphawu lobunikazi  sekubhalisiwe , akekho omunye umuntu ongasebenzisa lolu phawu lobunikazi, noma olunye olufana nalo. Uma lokhu, kwenzeka, kungathathwa izinyathelo zomthetho. Kuke kwaba namacala adumile ezinkantolo zeNingizimu Afrika, afana nalapho inkampani yakwa-MacDonalds e-USA ike yamangalela inkampani yaseNingizimu Afrika eyayisebenzisa uphawu olufana nolwabo lwe-"M".

Ukuze uthole olunye ulwazi ngena kwi-website ethi Companies and Intellectual Property Registration Office.

Izinyathelo okumele zilandelwe

Xhumana nabe-Companies and Intellectual Property Registration Office.
Thola ifomu le-TM1 ebese uligcwalisa ngamathathu. Amakhophi amabili azosetshenziswa yihhovisi kanti elesithathu kumele uzigcinele lona njengobufakazi besicelo sakho.
Khokhela imali yobhaliso  ngaphambili, noma lapho ufakele isicelo.
Ukubona iklasi elifanele lezimpahla noma lamasevisi  ngena kwi-website ethi: Nice Classification - 8th edition noma uye ehhovisi lethu ePitoli.
Gcwalisa iklasi kwi-field 51 yefomu le-TMI.
Bhala phansi izimpahla noma izinkonzo  ofuna ukusebenzisa uphawu lobunikazi kuzo, ku-field 57 wefomu le-TM1.
Cophelela kakhulu ukuze ungafakeli izimpahla noma amasevisi  zakwamanye amaklasi kuphawu lobunikazi olulodwa kwisicelo. Uma wenza lokho, uzokwelulekwa ukuthi uchibiyele incazelo uukbandakanya lezo zimpahla kuphela noma lawo masevisi  kuphela achazwe kuleyo klasi kuphela. Kokunye, kuzomele ufakele isicelo esiseceleni kabusha.
U-Field 74 we-TM1 ubhekana nekheli lenkonzo , yikheli lapho khona ozokwamukela khona noma yikuphi ukuxhumana nabehhovisi lobunikazi bezimpawu i-Trade Mark iHhovisi. Uma leli kheli lishintsha, kumele wazise aboMnyango ngokushesha ngkuchela i-"change of address for service", kwifomu TM2.
Uma isicelo sakho sesihambisane nazo zonke izidingo zokosiko, uzonikezwa usuku isicelo sakho esibekelwe lona kanye nenombolo. Konke ukuxhumana nehhovisi kuzoba nenombolo yaleso sicelo. Ngisho noma kuthatha izinyanga ezingu-18 ukubhalisa  ubunikazi bophawu, ungaqala ukulusebenzisa maduzane nje lapho usuthole khona inombolo yomenzi wesicelo .
Uma ubunikazi bophawu lwakho lwamukelwa ngaphandle kwemibandlela, ungakhangisa ngalo kwi-Patent Journal, ekhishwa nyanga zonke ngabaPrinti bakaHulumeni.
Abantu emiphakathini banikezwa izinyanga ezintathu zokuthi baphikisane nesicelo .
Uma kukhona ophikisayo, u-Registrar of Trade Marks, uzobiza umhlangano wokuzolalelwa kodaba phakathi kwabenzi bezicelo nalabo abaphikisayo.
Uma kungekho abaphikisayo, kuzokhishwa isitifikedi sobhaliso lobunikazi bophawu, i-Trade Mark Registration Certificate.
Ungashayela isikhungo sezokuxhumana ne-dti kunombolo ethi: .
Khokha ebhangi ngokusebenzisa ikhodi yekhastama.

Umthetho osetyenziswayo

Trademark Act, 1993  

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Kungathatha iminyaka emibili ukuze ubhaliso  yobunikazi bophawu kuphethwe ngabo.

Izindleko

Ngu-R85 ukufunsisa ngobunikazi bezimpawu obukhona
Ngu-R266 kwiklasi yobunikazi bezimpawu

Amafomu okumele agcwaliswe

Application for registration of a trade mark, TM1 
Application, notification or request to the Registrar, TM2 


Indawo nendlela yokuxhumana



