﻿
Isicelo sokubhalisa njengososayense weprofeshini yesayense yemvelo
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Abantu ziqu abafisa ukusebenza njengososayense kwisayense yemvelo  kudingeka ukuthi babhalise  nomkhandlu we-South African Council for Natural Scientific Professions . Umkhandlu unenhloso yokulandelayo

ukuqhubela phambili amaprofeshini okusebenza kwesayense yemvelo eNingizimu Afrika;
ukulawula amazinga okuziphatha kumaprofeshinali ososayense bemvelo , abangakathwaseli ukuba ngososayense besayense yemvelo  kanye/noma ososayense asebethwasele nabanezitifikedi zokuba ngososayense yemvelo;
ukuqapha amazinga emfundo noqeqesho lososayense besayense yemvelo, kanye
nokwamukela  imfundo noqeqesho okuyisidingos okuqala sobhaliso  ngokulandela umthetho we-Academy of Science of South Africa Act, 2001 .

Abantu abangabhalisile  ngeke benza umsebenzi obekelwe abantu abarejistile .

Kungani kumele urejiste ?

Ukwenza umsebenzi weprofeshini
Ukusebenzisa igama elisemthethweni  elithi-natural scientist , noma ukufakela isifinyezo ngemuva kwegama lakho, 
Ukusebenza emkhakheni we-consultancy
Ukuba nesimo seprofeshini kanye nokuthola inzuzo enikezwa zikhungo zezezimali
Ukuthola ukusekelwa ngabe-SANASP kanye negaranti  sekhono lakho
Ukuvikela kanye nokuqinisa iprofeshini

Ngabe yini izidingo zerejistreshini ?

Ubhaliso  njengososayense weprofeshini yesayense yemvelo – kumele ube nedigri / idiploma eyenziwa iminyaka emine kanye nesipiliyoni seminyaka emithathu
Ubhaliso  njengososayense ongakathwasi  wesayense yemvelo – kumele ube nedigri / idiploma eyenziwa iminyaka emine kanti ungakabi nasipiliyoni
Ubhaliso  njengososayense osethwasile wathola isitifikedi  wesayense yemvelo – kumele ube nedigri / idiploma eyenziwa iminyaka emithathu kanye nesipiliyoni sonyaka owodwa

Imikhakha yerejistreshini  ingokulandelayo:

Professional Natural Scientist  )
Candidate Natural Scientist  
Certificated Natural Scientist  

Uma ufuna ukwaziswa okwengeziwe xhumana ne South African Council for Natural Scientific Professions

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu lesicelo elitholakala kwaboMkhandlu
Fakela imali ebekiwe okumele ikhokhelwe ihambisane nesicelo sakho. Umkhandlu uzokurejista  ebese ukhipha isitifikedi serejistreshini, uma weneliseka ukuthi unemfundo edingekayo nefanele kanye nesipiliyoni njengoba sibekwe ngoboMkhandlu.
Kuzokwenziwa umhlangano wokupheqululana nawe ngemibuzo  nethimba labantu okungenani ababili, elibekwe yiKomidi le-SACNASP lezeluleko leprofeshini, elaziwa ngelokuthi yi-Professinal Advisory Committee .
Zonke izicelo kumele zihlolwe ngabe-PAC, zamukelwe yiKomidi lerejistreshini le-SACNASP elaziwa ngelokuthi yi-Registration Committee, ebese zigunyaziswa  wuMkhandlu wonkana.
Umphumela wohlolo ngeke waziswa kuze kube ngemuva komhlangano woMkhandlu.
Umkhandlu ungala ukurejista umenzi wesicelo ngaphansi kwezimo ezilandelayo:

Uma, ngemuva kokusungula koMthethosisekelo weRiphabhuliki yeNingizimu Afrika, 1996, umenzi wesicelo watholakala enecala eRiphabhuliki noma kwenye indawo nakhona agwetshwa isikhathi esingaphezulu kwezinyanga ezintathu noma ifayini njengendlela yokugwetshwa.
Uma iNkantolo ePhakeme inqume ukuthi umenzi wesicelo unengqondo engathathi kahle noma unezifo zokwengqondo, noma uma efakwe esikhungweni sokusangana kwengqondo ngaphansi komthetho we-Mental Health Act, 1973 .
Uma irejistreshini  lomuntu lumisiwe ngenxa yesijeziso asinikeziwe ngaphansi kwalo Mthetho.
Uma umuntu ekhishwa esikhundleni sokwethembeka ngenxa yokungaziphathi kahle.
Uma umuntu etholwe yinkantolo njengohluleka ukukhokhela izikweledu nakhona engakabuyiselwa esimeni esihle ngezikweledu , kanti ukuhluleka kwakhe ukukhokha izikweledu  kwabangelwa wubudedengu bakhe ekwenzeni umsebenzi owela ngaphansi komkhakha enza isicelo seresjistreshini  kuwo.

Umkhandlu uzokwazisa ngokubhala uma isicelo sakho sobhaliso  sinqatshelwe.
Ungenza i-aphili ngesinqumo soMkhandlu kungakapheli izinsuku ezingu-30.

Kumele wenze isicelo kuMkhandlu, sokuvuselelwa kwerejistreshini  okungenani, kusenezinyanga ezintathu ngaphambi kokuphela kwesikhathi sobhaliso  yakho.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Academy of Science of South Africa Act, 2001  
Natural Scientific Professions Act, 2003 LegalFrameworkText

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Irejistreshini  lungathatha amaviki ayisithupha ukuya kwayisishagalombili, kuye ngokufakelwa kwamadokhumende adingekayo.

Phezulu

Izindleko

Izimali ezibekiwe zokukhokhela ubhaliso  ukusukela ngomhlaka 1 ku-Epreli ukuya kumhlaka 31 kuMashi 2006 zingokulandelayo:



Professional Natural Scientist : Ngu 620 kumkhakha wokusebenza 
Candidate Natural Scientist : Ngu 340 kumkhakha wokusebenza 
Certificated Natural Scientist : Ngu 400 kumkhakha wokusebenza 
Imali yeRejistreshini  Upgrading from "Cand.Sci.Nat" to "Pr.Sci.Nat" (Ukunyuka esikhundleni se-"Cand.Sci Nat" ukuya ku-"Pr. Sci.Nat": Ngu 620

Ukufakela imali ngendlela ye-elektroniki kanye nokufakela imali ngokuqonde ngqo: Sicela usebenzise onobumba bokuqala bamagama  kanye nesibongo ukuze kwaziwe imali ekhokhwayo ibuya kubani kwisitatimende sebhangi lethu ebese uthumela ubufakazi bokukhokha ngefekisi, kanye nekhasi LOKUQALA lefomu yesicelo kwinombolo ethi:  841 1057.



Imininingwane yeBhangi:

Owamukelayo : SA COUNCIL FOR NATURAL SCIENTIFIC PROFESSIONS or SACNASP
NEDBANK, Silverton; Branch code: 164445: Account No : 1644292289 

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for Professional Registration

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


