

Isicelo sokubhalisa  inkampani yangaphandle



Izincazelo

Inhlangano yangaphandle kweNingizimu Afrika efisa ukuqhuba ibhizinisi eNingizimu Afrika ingenza isicelo semvume yenkampani yangaphandle. Inkampani yangaphandle, yinkampani ebhalise  kwizwe langaphandle nakhona efisa ukusungula inkampani eNingizimu Afrika.

Ngenxa yezinqubo eziningi ezenzekayo njengengxenye yenqubo yobhaliso , kungcono ukusebenzisa abammeli baseNingizimu Afrika.

Kumele uxhumane nommeli waseNingizimu Afrika, ngoba ezinye izidingo zomthetho wezinkampani i-Companies Act, 1973, zingenziwa ngamalunga aleprofeshini kuphela.

Sicela uqaphele ukuthi onke amadokhumende kumele agcwaliswe ngo-inki ojulile omnyama.

Ukuze uthole olunye ulwazi ngena kwi-website ethi Companies and Intellectual Property Registration Office.
Izinyathelo okumele zilandelwe
Xhumana nabe-Companies and Intellectual Property Registration Office.
Gcwalisa amafomu akuhla olufakelwe kwisihloko esithi: "Amafomu okumele agcwaliswe" lapha ngezansi.
Fakela amakhophi ezitifikedi eziqinisekisiwe zamadokhumende omazisi noma amapasipoti abo bonke abantu abathintekayo kwinkampani ezobhaliswa .

Onke amadokhumende kumele ahambisane ne-Memorandum and Articles of Association , okumele ibe kwibhuku, kanti kumele iqiniswe ngabasemthethweni ababhekene namakontraki namatayitele  kwikhasi nekhasi ngu-Public Notary (osemthethweni osebenzela uhulumeni ukubhekana

Umthetho osetshenziswayo

Companies Act, 1973  
Business Names Act, 1960  

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Ubhaliso  ingathatha okungenani izinsuku ezinhlanu.

Izindleko

Ngu-R350

Amafomu okumele agcwaliswe


CM22 - Notice of registered office and postal address of company
CM29 - Contents of register of directors, auditors and officers
CM31- Notice of, consent to change of name, or resignation by Auditor or removal of Auditor
CM37 -Notice of person authorized to accept service on behalf of external company  egameni lenkampani yangaphandle)
CM49 - Application for the registration of memorandum of external company  ye-memorandum of association, yenkampani yangaphandle)

Indawo nendlela yokuxhumana



