

Isicelo sepasipoti yengane

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ipasipoti yengane yidokhumende edingekayo enganeni ukuze ikwazi ukuhamba iye kwelinye izwe. Ipasipoti yengane inikezwa izingane zaseNingizimu Afrika ezineminyaka engaphansi kwengu-16. Isebenza ekuhambeleni onke amazwe ngaphandle kokuba ifakelwe imibhalo ethize ekhombisa ukungamukeleki . Isebenza iminyaka emihlanu ukusukela ngosuku ekhishwa ngalo.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa amafomu eB1-73 ebese uwahambisa ehhovisi leZangaphakathi  eliseduzane. Ahambise kumanxusa  eNingizimu Afrika noma i-mission uma ukumazwe angaphandle.
Hambisa isitifikedi sokuzalwa sengane.
Hambisa izithombe ezimbili zepasipoti zamaduzane.
Kudingeka imvume yabazali bobabili noma yabanakekeli ngaphambi kokuba ingane inikezwe ipasipoti.
Khipha ubufakazi besitifikedi sokushona uma omunye wabazali eshonile.
Uma kunemvume enikezwa ngumnakekeli, kumele kuchazwe ukuthi latholakala kanjani ilungelo lokuba ngumnakekeli.
Ngaphansi kwezimo ezithile zesipesheli , uma kungakhonakali ukuthi lowo mzali anikeze ngemvume kwifomu lesicelo, kumele kube nemvume ebhaliwe yencwadi okumele itholakale kulowo mzali ongekho.
Kwisimo lapho umzali engafuni ukunikeza ngemvume, inkantolo enegunya kulolu daba, kumele ithathe isinqumo ngalolu daba Ikhophi yomyalelo wenkantolo enegunya kulolu daba, kumele ihambisane nefomu lesicelo sepasipoti.
Uma abazail bedivosile, bobabili abazali kudingeka ukuthi banikeza imvume ngaphandle kokuba umyalelo wenkantolo uchaza ngokunye .

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



South African Passports and Travel Documents Act, 1994  LegalFrameworkText

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Ipasipoti ingathatha amaviki ayisithupha  ukuya kwangu-8 ukukhishwa.

Phezulu

Izindleko

R133

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for a South African passport or travel document, BI-73 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


