ISINGENISO

Thina, Bantu baseNingizimu Afrika,

Siyakukhumbula ukucekelwa phansi kwamalungelo okwenzeka eminyakeni eyadlula;

Sibungaza labo abahluphekela ubulungiswa nenkululeko kulo mhlaba wethu;

Sihlonipha labo abasebenzele ukwakha nokuthuthukisa izwe lethu; futhi

Sikholelwa ekutheni iNingizimu Afrika ingeyabo bonke abahlala kuyo, sibumbene nakuba

singefani.

Ngakhoke, ngabameleli bethu esibakhethe ngokukhululeka, samukela lo Mthethosisekelo

njengomthetho-nqangi weRiphabhuliki ukuze –

Silungise ukwehlukana kwesikhathi esedlule bese sakha umphakathi owesekelwe yinkolelo

yenqubo yentando yeningi, ubulungiswa emphakathini, kanye namalungelo obuntu;

Sibeke isisekelo sokwakha umphakathi oqhuba ngendlela yentando yeningi; futhi ovulekile, lapho

uhulumeni wakhelwe phezu kwentando yabantu futhi lapho sonke isakhamuzi sivikelwe

ngumthetho ngendlela efanayo;

Sithuthukise izinga lokuphila lazo zonke izakhamuzi futhi sikhulule amakhono omuntu ngamunye;

isifuthi

Sakhe iNingizimu Afrika ebumbene futhi eqhuba ngenqubo yentando yeningi ekwazi ukuthatha

indawo yayo efanele njengezwe elizimele phakathi komndeni wamazwe ngamazwe.

Sengathi uNkulunkulu angabavikela abantu bakithi.

Nkosi Sikelel’iAfrika. Morena boloka setjhaba sa heso.

God seën Suid-Afrika. God bless South Africa.

Mudzimu fhatutšhedza Afurika. Hosi katekisa Afrika.

^

Isahluko 1

Ukusekwa koMthethosisekelo

IRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika

1. IRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika iyizwe elilodwa elibumbene elibuswa ngumbuso

weningi elisekwe phezu kwezibopho ezilandelayo:

(a) Isithunzi somuntu, ukusebenzela ukulingana kwabantu nokuthuthukiswa kwamalungelo

nenkululeko yabantu.

(b) Ukungabandlululi ngokobuzwe nangokobulili.

(c) Ubukhulu bomthethosisekelo nokubusa komthetho okugculisayo.

(d) Ilungelo lokuvota kwabobonke abantu abadala, uhlu lwabobonke abavoti, ukhetho njalo

ngezikhathi ezimiswe ukuthi kubenokhetho ngazo kanye nohlelo lokubusa oluqhuba ngenqubo

yentando yeningi oluvumela iqhaza lamaqembu ahlukahlukene ukuze kuqinisekiswe

ukuphenduleka, ukunakekelwa kwezidingo nokusebenzela obala kukahulumeni.

UBukhulu boMthethosisekelo

2. LoMthethosisekelo ungumthetho omkhulu waseRiphablikhi; umthetho noma isenzo

esingahambisani nawo akukho emthethweni, futhi imibandela ezibekwe nguMthethosisekelo

kufanele ilandelwe.

Ubuzwe

3. (1) Kukhona ilungelo lobuzwe elifanayo lazo zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika.

(2) Zonke izakhamuzi –

(a) zinelungelo elilinganayo lokuthola wonke amalungelo, ilungelo mvumo nezinzuzo

zobuzwe; futhi

(b) zethweswe ngokulinganayo izibopho nemithwalo ehambisana nobuzwe.

(3) Umthetho kazwelonke kufanele uhlinzekele ukutholakala, ukulahlekelwa nokubuyiselwa

kobuzwe.

Iculo lesiZwe

4. Iculo lesizwe laseRiphabhuliki liyonqunywa nguMongameli ngesimemezelo

ephephandabeni likaHulumeni lomthetho.

IFulegi lesizwe

5. Ifulegi lesizwe linombala omnyama, osagolide, oluhlaza okotshani, omhlophe, obomvu

noluhlaza okwesibhakabhaka, njengoba lichazwe futhi ladwetshwa kuSheduli 1.

Izilimi

6. (1) Izilimi ezisemthethweni eNingizimu Afrika yisiPedi, isiSuthu, isiTswana, isiSwazi,

isiVenda, isiTsonga, isiBhunu, isiNgisi, isiNdebele, isiXhosa kanye nesiZulu.

(2) Ngokubuka umlando wokwehliswa kokusetshenziswa nezinga lezilimi zendabuko zabantu

bethu, umbuso kufanele uthathe izinyathelo ezingasebenza nezinenqubekelaphambili

zokuphakamisa izinga nokuthuthukisa ukusetshenziswa kwalezi zilimi.

(3) (a) Uhulumeni kazwelonke kanye nohulumeni wezifundazwe angasebenzisa izilimi

ezithile ezisemthethweni emsebenzini kahulumeni, ecabangela ukusetshenziswa kwalezo zilimi,

ubunzima bokusebenzisa ezinye izilimi, izindleko, isimo sesifundazwe, kanye nokuqhathaniswa

kwezidingo nokukhethwa ngumphakathi uwonke noma kwisifundazwe esithintekile; kodwa

uhulumeni okazwelonke noma owesifundazwe kumele usebenzise izilimi ezimbili

ezisemthethweni.

(b) Omasipala kufanele babhekelele lezo zilimi ezisetshenziswayo nezikhethwa ngabahlala

kumasipala ngamunye.

(4) Uhulumeni kazwelonke nabezifundazwe, kufanele balawule futhi baqaphe ukusetshenziswa

kwezilimi ezisemthethweni. Ngaphandle kokususwa lokho okubekwa yisigatshana (2), zonke

izilimi ezisemthethweni kufanele zihlonishwe ngendlela elinganayo futhi zithathwe ngendlela

efanele.

(5) IBhodi yeziLimi zonke zaseNingizimu Afrika emiswe ngumthetho kazwelonke kufanele

–

(a) ikhuthaze futhi yakhe izimo ezilungele ukuthuthukiswa nokusetshenziswa –

(i) kwazozonke izilimi ezisemthethweni;

(ii) ulimi lwamaKhoi, amaNama namaSan; futhi

(iii) ulimi lokukhuluma ngezimpawu; futhi

(b) ikhuthaze futhi iqinisekise ukuhlonishwa kanye nokuthuthukiswa –

(i) kwazo zonke izilimi ezijwayelekile emphakathini waseNingizimu Afrika ezibandakanya

isiJalimani, isiGrikhi, IsiGujerati, isiHindi, isiPutukezi, isiTamil, isiTelegu, isi-Urdu; kanye

(ii) isi-Arabhu, isiHebheru, isiSanskrit nezinye izilimi ezisetshenziselwa ezenkolo

ngokwejwayelekile yimiphakathi yaseNingizimu Afrika.

Isahluko 2

UMqulu wamaLungelo

Amalungelo

7. (1) Lomqulu wamalungelo uyisisekelo sombuso wenqubo yentando yeningi

eNingizimu Afrika. Ugcizelela amalungelo awowonke umuntu ezweni lethu futhi uqinisa inkolelo

yenqubo yentando yeningi yokwazisa isithunzi somuntu, ukulingana nokukhululeka.

(2) Umbuso kufanele uhloniphe, uvikele, uphakamise, futhi uphelelise amalungelo akuMqulu

wamaLungelo.

(3) Amalungelo akuMqulu wamaLungelo angakhawulwa ngemikhawulo equkethwe noma

okukhulunywe ngayo kwisigaba 36, noma kwezinye izingxenye zoMqulu.

Ukusebenza koMqulu

8. (1) UMqulu wamaLungelo usebenza kuyo yonke imithetho futhi uphoqa

isishayamthetho, isigungu sokuphatha sikahulumeni, abaphethe izinkantolo, nazozonke izingxenye

zombuso.

(2) Isimiso kuMqulu wamaLungelo sibopha abantu bemvelo nalezozakhiwo ezithathwa

ngumthetho njengabantu uma, futhi kungadluli ezingeni okungenzeke ngakho lokhu, uma

kubhekwe uhlobo lwelungelo nanoma yiziphi izibopho ezibekwa yilelo lungelo.

(3) Uma isebenzisa izimiso zoMqulu wamaLungelo kubantu bemvelo nakulezozakhiwo

ezithathwa ngumthetho njengabantu, ngokubeka kwesigatshana (2), inkantolo-B.

(a) ukuze ilenze libenomphumela ilungelo elikuMqulu, inkantolo kufanele ilisebenzise, noma

uma kunesidingo, ithuthukise umthetho ojwayelekile ngendlela ezonika ilungelo umphumela lapho

umthetho osemabhukwini ungakwenzi lokhu; futhi

(b) ingathuthukisa imitheshwana yomthetho ojwayelekile ukuze ikhawule ilungelo, kodwa

lowo mkhawulo kufanele uhambisane nesigaba 36(1).

(4) Lezozakhiwo ezithathwa njengabantu ngumthetho zingabanamalungelo akuMqulu

wamaLungelo kuphela ngendlela edingwa uhlobo lwelungelo kanye nolwaleso sakhiwo esithathwa

njengomuntu ngumthetho.

Ukulingana

9. (1) Wonke umuntu uyalingana phambi komthetho, futhi unelungelo elilinganayo

lokuvikelwa ngumthetho nenzuzo yomthetho.

(2) Ukulingana kubandakanya ukuthokozela onke amalungelo nenkululeko ngokugcwele

nangokulingana Ukuze kukhuthazwe impumelelo yelungelo lokulingana, kungathathwa

izinyathelo zokushaya imithetho nezinye izinyathelo okuqondwe ngazo ukuthi kuvikelwe noma

kuthuthukiswe abantu noma imikhakha yabantu abancishiselwe amathuba ngenxa yobandlululo

olungafanele.

(3) Umbuso ungebandlulule noma yimuphi umuntu ngokungafanele, ngendlela esobala noma

ngendlela ecashile, ngesizathu esisodwa noma ezingaphezulu, ezibandakanya ukubandlulula

ngokobuhlanga, ubulili, ukukhulelwa, isimo somuntu kwezomshado, isizwe kambe umphakathi

umuntu adabuka kuwo, ibala, ubulili umuntu azifanisa noma afaniswa nabo, iminyaka yobudala,

ukukhubazeka, inkolo, unembeza, inkolelo, isiko, ulimi kanye nokuzalwa.

(4) Akekho umuntu ovunyelwe ukubandlulula omunye ngokungafanele ngendlela esobala

noma ecashile ngesizathu esisodwa noma ngaphezulu njengokusho kwesigatshana (3). Kufanele

kushaywe umthetho kazwelonke ukuze kugwenywe noma kunqandwe ubandlululo olungafanele.

(5) Ubandlululo ngesizathu esisodwa noma ezingaphezulu ezibalululwe kwisigatshana (3)

akufanele ngaphandle uma kuboniswa ukuthi lolo bandlululo lufanele.

Isithunzi sabantu

10. Wonke umuntu unesithunzi ngokwemvelo futhi unelungelo lokuthi isithunzi sakhe

sihlonishwe futhi sivikelwe.

Impilo

11. Wonke umuntu unelungelo lokuphila.

Inkululeko nokuphepha komuntu

12. (1) Wonke umuntu unelungelo lenkululeko nokuphepha kwakhe, okubandakanya

ilungelo –

(a) lokungephucwa inkululeko ngaphandle kokunikwa ithuba lokuziphendulela noma

ngaphandle kwesizathu esilungile;

(b) lokungavalelwa ngaphandle kokuqulwa kwecala;

(c) lokukhululeka kuzozonke izinhlobo zodlame ezivela ezakhiweni zombuso noma ngasese;

(d) lokungahlukunyezwa nganoma iyiphi indlela; futhi

(e) lokungaphathwa noma ajeziswe ngendlela enesihluku, engenabo ubuntu nelulazayo.

(2) Wonke umuntu unelungelo lokukhululeka nokuhlonishwa komzimba kanye nengqondo,

okubandakanya ilungelo –

(a) lokwenza izinqumo ezimayelana nokuzala;

(b) lokuphepha komzimba nokuzilawulela umzimba; futhi

(c) lokungasetshenziselwa ukufunisela ngezokwelapha noma ngezesayensi ngaphandle

kwemvume yakhe.

Ubugqili, ukwesetshenziswa njengesigqila, nokusetshenziswa ngenkani

13. Akekho umuntu ongenziwa isigqila, asetshenziswe njengesigqila noma asetshenziswe

ngenkani.

Ukungaphazanyiswa

14. Wonke umuntu unelungelo lokungaphazanyiswa, okubandakanya

ilungelo –

(a) lokungaseshwa umzimba noma umuzi wakhe;

(b) lokungaseshwa kwempahla;

(c) lokungaphucwa impahla anelungelo layo; noma

(d) lokungaphazanyiswa kokuxhumana kwakhe nabanye abantu.

Inkululeko kwezenkolo, inkolelo noma umbono

15. (1) Wonke umuntu unelungelo lenkululeko kanembeza, yenkolo, yokucabanga,

yenkolelo kanye neyombono.

(2) Izinkonzo zingabanjelwa ezikhungweni zombuso, noma kulezo zikhungo ezisizwa

ngumbuso ngezimali kodwa uma –

(a) labo ababambe izinkonzo belandela imitheshwana eyenziwe abaphathi abaqondene naleyo

ndawo abafanele;

(b) zibanjwe ngendlela efanele; futhi

(c) ukuhambela lezo zinkonzo kungaphoqelelwe kodwa kungokokukhululeka

nangokuzithandela.

(3) (a) Lesi sigaba asivimbeli umthetho ovumela –

(i) imishado ehlanganiswe ngokwesiko noma ngokohlelo lomthetho wenkolo, noma

wemiphakathi ethile ebusa abantu nemindeni kuleyo miphakathi; noma

(ii) uhlelo lomthetho womphakathi othile obusa abantu nemindeni kuleyomiphakathi ngaphansi

kwanoma yiliphi isiko noma oluhlonishwa abantu abalandela inkolo ethile.

(b) Imishado eyamukelwe noma izinhlelo zemithetho yemiphakathi ezamukelwe njengoba

kusho isigatshana (a), kufanele zihambisane nezimiso zomthethosisekelo.

Ukuveza imibono ngokukhululeka

16. (1) Wonke umuntu unelungelo lokuveza imibono yakhe ngokukhululeka,

okubandakanya –

(a) inkululeko yamaphephandaba neminye imithombo yezindaba;

(b) inkululeko yokufumana nokudlulisela phambili ulwazi nemibono;

(c) inkululeko yokwakha izinto ngokusebenzisa ubuciko; futhi

(d) inkululeko kwezemfundo kanye nenkululeko yokwenza ucwaningo olunzulu.

(2) Ilungelo elikwisigatshana (1) alihlanganisi –

(a) inkulumo egqugquzelela impi;

(b) ukugqugquzela udlame olufufusayo; noma

(c) ukutshala umoya wenzondo ngokobuzwe, ngokobuhlanga, ubulili noma ngokwenkolo

okudala inxushunxushu.

Ukubuthana, ukubhikisha, ukugculisa abanye ukuthi beseke umbikisho nokwethula izicelo

ezibhalwe phansi

17. Wonke umuntu unelungelo lokubuthana nabanye lokubhikisha, lokugculisa abanye ukuthi

beseke lowo mbhikisho nelokwethula izicelo ezibhaliwe, kodwa uma lokho kwenziwa ngokuthula

futhi kungahlonyiwe.

Ilungelo lokuzibandakanya

18. Wonke umuntu unelungelo lokuzibandakanya ngokukhululeka.

Amalungelo ezepolitiki

19. (1) Yileso naleso sakhamuzi sikhululekile ukuzikhethela nokuzenzela izinqumo

eziphathelene nezepolitiki, okubandakanya ilungelo –

(a) lokusungula iqembu lezepolitiki;

(b) ukubamba iqhaza emisebenzini yenhlangano yezepolitiki, noma ukuyifunela amalungu;

futhi

(c) nokukhankasela iqembu lezombangazo noma izinjongo ezithile zepolitiki.

(2) Yileso naleso sakhamuzi sinelungelo lokuthi kubekhona ukhetho olukhululekile

nolubanjwa njalo ngezikhathi ezimisiwe lwanoma yisiphi isakhiwo sesishayamthetho esisungulwe

ngokulandela umthethosisekelo.

(3) Yileso naleso sakhamuzi esidala sinelungelo –

(a) lokuvota okhethweni lwanoma yisiphi isishayamthetho esisungulwe njengokusho

koMthethosisekelo futhi lokuvota ngokuyimfihlo; futhi

(b) lokungenela ukhetho lwesikhundla sokumela umphakathi kuthi uma sikhethiwe, sithathe

leso sikhundla.

Ubuzwe

20. Asikho isakhamuzi okufanele sincishwe ilungelo laso lobuzwe.

Ilungelo lokuhamba nokuhlala

21. (1) Wonke umuntu unelungelo lokuhamba.

(2) Wonke umuntu unelungelo lokushiya iRiphabhuliki.

(3) Yileso naleso sakhamuzi sinelungelo lokungena, nokuhlala noma kuyiphi indawo

eRiphabhuliki.

(4) Yileso naleso sakhamuzi sinelungelo lokuthola iphasiphothi.

Ilungelo Lokuhweba, lesikhundla kanye nohlobo lomsebenzi

22. Yileso naleso sakhamuzi sinelungelo lokukhetha ngokukhululeka uhwebo, umsebenzi

noma iprofeshini. Indlela yokuqhuba nokuphatha uhwebo umsebenzi noma iprofeshini ingahlelwa

ngumthetho.

Ubudlelwane phakathi kwabasebenzi nabaqashi

23. (1) Yilowo nalowo muntu unelungelo lokuphathwa ngendlela efanele emsebenzini.

(2) Bonke abasebenzi banelungelo –

(a) lokusungula nokujoyina izinhlangano zabasebenzi;

(b) lokuzibandakanya ezenzweni nasezinhlelweni zezinhlangano zabasebenzi; futhi

(c) lokuteleka.

(3) Bonke abaqashi banelungelo –

(a) lokusungula nokujoyina izinhlangano zabaqashi; futhi

(b) lokuzibandakanya ezenzweni nasezinhlelweni zezinhlangano zabaqashi;

(4) Zonke izinhlangano zabasebenzi nezinhlangano zabaqashi zine nelungelo –

(a) lokuzithathela izinqumo ngezokuphathwa, ngezinhlelo kanye nangezenzo zenhlangano;

(b) lokugqugquzela; futhi

(c) lokuxoxisana ngokuhlanganyela; futhi lokusungula nokujoyina imifelandawonye.

(5) Zonke izinyunyane zabasebenzi, izinhlangano zabaqashi kanye nomqashi zinelungelo

lokuvumelana ngokuhlanganyela. Umthetho kazwelonke ungamiswa ukulawula isivumelwano

esihlanganyelwe. Esimweni lapho umthetho unganciphisa ilungelo kulesi sahluko, ukuncishiswa

kwelungelo makuhambisane nesigaba 36(l).

(6) Umthetho kazwelonke ungagunyaza ukuhlelelwa ezokuphepha enyunyanini

okungavunyelwana ngakho ngokuhlanganyela. Esimweni lapho umthetho unganciphisa ilungelo

kulesi sahluko, ukuncishiswa kwelungelo makuhambisane nesigaba 36 (1).

Indawo okuphilwa kuyo

24. Wonke umuntu unelungelo –

(a) lokuphila endaweni engesiyo ingozi empilweni noma kwinhlalakahle yakhe; futhi

(b) lokuba kuvikelwe imvelo, ukuze kusizakale izizukulwana zamanje nezizayo, ngemithetho

efanele nangezinye izinyathelo ezimisiwe okuqondwe ngazo –

(i) ukuvimbela ukunukubezeka nokucekelwa phansi kwempilo yezitshalo neyezilwane;

(ii) ukukhuthaza ukulondolozwa kwemvelo; futhi

(iii) nokuqinisekisa intuthuko engapheli nokusetshenziswa ngendlela efanele kwemithombo

yemvelo kube kugqugquzelelwa ukuthuthuka okufanele komnotho nendlela yokuphila

yomphakathi.

Impahla

25. (1) Akekho umuntu ongephucwa impahla ngaphandle uma kumiswe umthetho

osebenza ngokufanayo kubobonke abantu, futhi awukho umthetho ongavumela ukuthi umuntu

aphucwe impahla engazange anikezwe ithuba lokuziphendulela.

(2) Impahla ingathathwa kuphela njengoba kubekwe wumthetho osebenza kubobonke abantu

ngokufanayo –

(a) uma kuyisidingo somphakathi noma kuzozuza umphakathi; futhi

(b) uma kuzoba nesinxephezelo inani, isikhathi nendlela yokusikhokha isinxephezelo

okuvunyelwane ngaso noma kunqunywe noma kwamukelwe yinkantolo.

(3) Inani, isikhathi nendlela yokunxephezela kufanele kube elinganayo negculisayo, eveza

ukulingana phakathi kwemali yomphakathi kanye nakulabo abathintekile, emva kokubhekela

bonke abathintekile izimo ezibandakanya –

(a) ukusetshenziswa kwempahla ngaleso sikhathi;

(b) umlando wobunikazi bempahla nokusetshenziswa kwayo;

(c) inani engathengiswa ngalo ngaleso sikhathi;

(d) inani lezimali ezatshalwa umbuso nemali umbuso owasiza ngayo, ekutholakaleni kwaleyo

mpahla nasekuyithuthukiseni ukuze ibeyinzuzo; futhi

(e) isizathu sokuthathwa kwempahla.

(4) Kulesisigaba -

(a) inzuzo yomphakathi ibandakanya ukuzibophezela kwesizwe ekuthini kuguqulwe uhlelo

lobunikazi bomhlaba, nasekuthini; futhi

(b) kube noguquko oluzoqinisekisa ukuthi kufinyeleleka ngendlela egculisayo kuwo wonke

umnotho wemvelo waseNingizimu Afrika.

(5) Umbuso kumele uthathe izinyathelo zomthetho nezinye izinyathelo, ezilungile,

ngokusemandleni awo, ukweseka isimo esizokwenza izakhamuzi zikwazi ukuthola umhlaba

ngendlela egculisayo.

(6) Umuntu noma umphakathi onelungelo lomhlaba elintengantengayo ngokomthetho ngenxa

yomthetho noma izenzo zesikhathi esedlule ezibandlulula ngobuzwe, unelungelo ngendlela eshiwo

ehlinzikelwe ngumthetho wePhalamende, lokuthola ilungelo elime laqina emthethweni noma

lokunikezwa usizo olungafaniswa nokuqiniswa kwalelolungelo.

(7) Umuntu noma umphakathi owathathelwa impahla emva kuka 19 June 1913, ngenxa

yemithetho noma izenzo unelungelo njengoba kuhlinzekelwa ngumthetho wePhalamende

lokubuyiselwa leyo mpahla, noma lokuthola usizo olufanele.

(8) Akukho okushiwo kulesisigaba okungavimba umbuso ekubeni uthathe izinyathelo

zokushaya imithetho nezinye izinyathelo ngenhloso yokuphumelelisa uguquko kwezomhlaba,

amanzi nokunye okuyelene nalokho, ukuze ulungise imiphumela yobandlululo ngobuzwe

lwesikhathi esedlule, kodwa konke okuqhelile ezimisweni zalesisigaba kufanele kuhambisane

nezimiso zesigaba 36(1).

(9) IPhalamende kufanele lishaye umthetho oshiwo kwizigatshana (6).

Izindlu

26. (1) Wonke umuntu unelungelo lokukwazi ukuthola indlu efanelekile.

(2) Umbuso kufanele uthathe izinyathelo zomthetho ezifanele nezinye izinyathelo,

ngokusemandleni ombuso ukwenza ukuba ukuphumelela kwaleli lungelo kuqhubekele phambili.

(3) Akekho umuntu ongasuswa emzini wakhe noma kudilizwe indlu yakhe ngaphandle

kwesinqumo senkantolo esenziwe ngemuva kokuba ibheke izimo ezithile ezifanelekile Awukho

umthetho oyovumela ukususwa abathintekayo benganikwanga ithuba lokuziphendulela.

Impilo, ukudla, amanzi, nenhlalakahle

27. (1) Wonke umuntu unelungelo –

(a) lokunakekelwa kwezempilo, okubandakanya ukunakekelwa kwezempilo okuqondene

nokubeletha;

(b) lokuthola amanzi nokudla okwenele; futhi

(c) lenhlalakahle okubandakanya, usizo olufanele uma umuntu engakwazi ukuzondla nokondla

labo okufanele abondle.

(2) Umbuso kufanele uthathe izinyathelo zomthetho ezifanele nezinye izinyathelo

ngokusemandleni ombuso ukuze ukuphumelela kwalelo nalelolungelo kuqhubekele phambili.

(3) Akekho umuntu ongalelwa ukuba athole usizo lwezokwelashwa oluphuthumayo.

Abantwana

28. (1) Wonke umntwana unelungelo –

(a) lokuba negama nobuzwe kusukela ngesikhathi ezalwa;

(b) lokunakekelwa ngumndeni, noma ukunakekelwa ngabazali noma ukunakekelwa okunye

okufanele uma lowo mntwana esusiwe emndenini;

(c) lokuthola ukudla okunomsoco, indawo yokuhlala, ukwelashwa kanye nezenhlalakahle;

(d) lokuvikelwa ekuphathweni ngendlela engafanele, ekubeni anganakekelwa,

ekuhlukunyezweni nasekuphathweni ngendlela eyehlisa isithunzi;

(e) lokuvikelwa ezimweni zokuxhashazwa emsebenzini;

(f) lokuthi kungadingeki noma kungavunyelwa ukuthi enze umsebenzi –

(i) ongamfanele umuntu oneminyaka yobudala elingana neyalowo mntwana; noma

(ii) obeka inhlalakahle engozini, imfundo, impilo yomzimba noma yengqondo, noma

ukuthuthuka komoya, kwesimilo noma kobudlelwano nomphakathi, komntwana, esimweni

esibucayi;

(g) lokungaboshwa ngaphandle uma ukuboshwa kwakhe kuyisinyathelo sokugcina

esingathathwa, okuyothi uma kwenzeka, ngaphezulu kwamalungelo anikwe umntwana esigabeni

12 kanye no 35 umntwana angaboshwa kuphela isikhathi okuyisona esifushane angaboshwa

ngaso, futhi unelungelo –

(i) lokungahlanganiswa nabanye abantu ababoshiwe abaneminyaka yobudala engaphezulu

kuka 18; futhi

(ii) lokuphathwa ngendlela futhi aboshwe ezimweni ezikhombisa ukubonelela iminyaka yakhe;

(h) lokuba nommeli amnikezwa umbuso ngezindleko zombuso, emacaleni ombango athinta

umntwana, uma ukunganikezwa ummeli kungaba nomphumela wokwehluleka kakhulu

kobulungiswa; futhi

(i) lokungasetshenziswa ngqo ekulweni izimpi futhi avikelwe ngazozonke izikhathi lapho

kuliwa.

(2) Kuzona zonke izinto ezithinta umntwana, kuyobekwa phambili izidingo zakhe.

(3) Kulesisigaba “umntwana” kusho umuntu oneminyaka yobudala engaphansi kwengu-18.

Imfundo

29. (1) Yilowo nalowo muntu unelungelo –

(a) lokuthola imfundo eyisisekelo, kuhlanganisa imfundo eyisisekelo yabantu abadala,

ezikhungweni zombuso noma ezikhungweni ezithola usizo embusweni; futhi

(b) lemfundo engaphezu kweyisisekelo, sokuthatha izinyathelo ezinqala, kufanele wenze

intuthuko ibe khona kunoma ngubani.

(2) Wonke umuntu unelungelo lokuthola imfundo ngolimi alukhethayo esakhiweni semfundo

somphakathi lapho leyo mfundo inganikezwa Ukuze kuqinisekiswe ukuthi leli lungelo

kuyafinyelelwa kulona ngempela, nokuphoqelelwa kwaleli lungelo, umbuso kufanele uhlolisise

yonke imigudu efanele yemfundo, kubandakanya nezakhiwo zemfundo ezifundisa ngolimi

olulodwa, kube kunakekelwe okulandelayo –

(a) lokho okugculisayo wonke othintekile;

(b) ukuthi kungenzeka yini; futhi

(c) isidingo sokulungisa imiphumela yemithetho nenqubo eyedlule eyayibandlulula

ngokobuzwe.

(3) Yilowo nalowo muntu unelungelo lokusungula nokugcina,ngezindleko zakhe, izikhungo

zemfundo zangasese –

(a) ezingabandlululi ngokohlanga;

(b) ezibhaliswe nombuso; futhi

(c) ezigcina amazinga angekho ngaphansi kwamazinga asezikoleni ezingaqhathaniswa

nezixhaswa yizimali zombuso.

(4) Isigatshana (3) asizivimbeli izimali zombuso ezixhasa izakhiwo zemfundo ezizimele.

Ulimi namasiko

30. Wonke umuntu unelungelo lokusebenzisa ulimi alukhethayo futhi abambe iqhaza

empilweni yamasiko ayikhethayo, kodwa akekho ovunyelwe ukusebenzisa lawa malungelo

ngendlela engahambisani nanoma yisiphi isimiso soMqulu wamaLungelo.

Imiphakathi enamasiko, izinkolo kanye nezilimi ezithile

31. (1) Abantu abangamalungu emiphakathi enamasiko, izinkolo noma izilimi ezithile

kufanele bangaphucwa ilungelo, kanye namanye amalungu emiphakathi yabo, lokwenza

okulandelayo –

(a) ukuthokozela amasiko abo, ukuqhuba inkolo yabo nokusebenzisa ulimi lwabo; futhi

(b) bakhe, bajoyine futhi bagcine izinhlangano zamasiko, zenkolo nezezilimi kanye nezinye

izinhlangano zomphakathi.

(2) Leli lungelo kwisigatshana (1) malingasetshenziswa ngendlela engahambisani nanoma

yisiphi isimiso esikuMqulu wamaLungelo.

Ukuthola Ulwazi

32. (1) Wonke umuntu unelungelo lokuthola –

(a) nanoma yiluphi ulwazi olusezandleni zombuso; futhi

(b) nanoma yiluphi ulwazi olusezandleni zomunye umuntu oludingekayo ekusetshenzisweni

noma ekuvikelweni kwanoma yimaphi amalungelo.

(2) Umbuso kufuneka wenze amalungelo asesigatshaneni (1) asebenze ngokushaya umthetho

kazwelonke futhi lomthetho ungahlinzekela izinyathelo ezifanele ezinganciphisa umsebenzi

wokwengamela izidingo zalelilungelo kanye nezindleko kumbuso.

Ukuphatha ngokusemthethweni

33. (1) Yilowo nalowo muntu unelungelo lokuphathwa yiminyango nezakhiwo zombuso

ngendlela esemthethweni, efanele futhi elandela inqubo egculisayo.

(2) Yilowo nalowo muntu onamalungelo athintwe yisinyathelo sokuphatha, unelungelo

lokunikezwa izizathu ezibhaliwe zaleso sinyathelo.

(3) Kufanele kushaywe umthetho kazwelonke ukuze la malungelo asebenze futhi lo mthetho

kufanele –

(a) uhlinzekele ukuhlaziywa kabusha kwaleso sinyathelo enkantolo noma, esimweni esilungile

kuhlaziye inkundla ezimele nengavuni cala;

(b) ubeke isibopho phezu kombuso ukuthi uhloniphe amalungelo akwisigatshana (1) no (2);

futhi

(c) ukhuthaze ukuthi kubenombuso osebenza ngokukhuthala.

Ukuvumeleka ukuya eNkantolo

34. Wonke umuntu unelungelo lokuthi noma yiyiphi ingxabano engaxazululwa ngokusebenzisa

umthetho, inqunywe yinkantolo yomthetho ecaleni eligculisayo elivulekele umphakathi noma,

lapho kulungile, leyo ngxabano ingaxazululwa yinkundla ezimele nengavuni hlangothi.

Abantu ababoshiwe, abavalelwe nababekwe amacala

35. (1) Wonke umuntu oboshiwe ngoba kuthiwa wenze icala, unelungelo –

(a) lokuthula angasho lutho;

(b) lokwaziswa ngokushesha –

(i) ngelungelo lokuthula angasho lutho; futhi

(ii) ngomphumela wokungasho lutho;

(c) lokuba angaphoqwa ukuhlambuluka noma ukuvuma izinto ezingase zisetshenziswe

njengobufakazi ecaleni lakhe;

(d) lokuba ayiswe enkantolo ngokushesha okungase kwenzeke kodwa engakadluli -

(i) amahora angu-48 emva kokuboshwa; noma

(ii) ekupheleni kosuku lokuqala lwenkantolo emva kwesikathi esingamahora angu-48

sesidlulile ngaphandle kwesikhathi esejwayelekile sokusebenza kwenkantolo, noma nosuku

olungelona lokusebenza kwenkantolo;

(e) ekuveleni kokuqala phambi kwenkantolo emva kokuboshwa, lokuba adedelwe ngaphandle

uma ethweswa icala futhi inkantolo inquma ukuthi aqhubeke evalelwe; futhi

(f) lokukhululwa ekuvalelweni uma izidingo zobulungiswa zivuma, kodwa ngemibandela

efanelekile.

(2) Wonke umuntu ovalelwe, kubandakanya noma yisiphi isiboshwa esidonsa isigwebo,

unelungelo –

(a) lokwaziswa ngokushesha ngezizathu zokuvalelwa kwakhe;

(b) lokuzikhethela kanye nokubonana nommeli nokwaziswa ngokushesha ngalelilungelo;

(c) lokunikezwa ummeli ngezindleko zombuso, uma ukunganikezwa ummeli

kungabukhinyabeza kakhulu ubulungiswa, futhi aziswe ngaleli lungelo ngokushesha;

(d) lokuphikisa ukubasemthethweni kokuvalelwa kwakhe mathupha phambi kwenkantolo,

futhi uma kutholakala ukuthi loko kuvalelwa akukho emthethweni adedelwe;

(e) lokuba avalelwe ngaphansi kwesimo esihlonipha isithunzi sobuntu, kubandakanye ukuthi

okungenani ukulolonga umzimba nokuhlinzeka ngezindleko zombuso, indawo eyanele, umsoco

owanele, izinto zokufunda ezanele kanye nokwelashwa kwempilo okwanele; futhi

(f) lokuxhumana nokuvakashelwa –

(i) ngowakwakhe noma lowo azwana naye;

(ii) yisihlobo esisondelene naye;

(iii) umkhokheli kwezenkolo oqokwe nguye; futhi

(iv) udokotela oqokwe nguye.

(3) Wonke umuntu obekwe icala unelungelo lokuba icala lakhe liqulwe ngendlela egculisayo,

lokhu kuhlanganisa ilungelo –

(a) lokuba aziswe ngecala athweswe lona ngokunikwa imininingwane eyanele ukuze akwazi

ukuziphendulela;

(b) lokuba anikwe isikhathi nezidingo ezanele zokulungisela ukuziphendulela;

(c) lokuba icala lakhe lethanyelwe ngumphakathi enkantolo ejwayelekile yamacala;

(d) lokuba icala liqalwe futhi liphethwe ngaphandle kokuchitha isikhathi kungafanele;

(e) lokuba khona enkantolo uma kuthethwa icala lakhe;

(f) lokukhetha ummeli nokumelwa ngummeli futhi abenelungelo lokwaziswa ngaleli lungelo

ngokushesha;

(g) lokubanommeli onikezwe ngumbuso futhi ngezindleko zombuso uma ukunganikezwa

ummeli kungabukhinyabeza kakhulu ubulungiswa, futhi nelungelo lokwaziswa ngaleli lungelo

ngokushesha;

(h) lokuthathwa ngokuthi akanacala futhi lokungasho lutho ngecala futhi lokunganiki bufakazi

ngesikhathi kuqulwa icala lakhe;

(i) lokunika futhi lokuphikisa ubufakazi;

(j) lokungaphoqwa ukuba anike ubufakazi obuzomethwesa ngecala;

(k) lokuba icala liqulwe ngolimi aluzwayo, noma uma loko kungaphumeleli ukuqulwa kwecala

kutolikelwe kulolo limi alwaziyo;

(l) lokungagwetshelwa ukwenza noma ukungenzi okuthile okwakungelona icala

ngokomthetho wezwe noma wamazwe ngamazwe ngesikhathi ekwenza noma engakwenzi;

(m) lokungabhekani necala enkantolo eliphathelene nalokho asatholwa engenacala lako noma

asagwetshelwa kona;

(n) lokunikezwa isigwebo esisinda kancane kunesinye esimisiwe uma isigwebo esimiselwe lelo

cala sishintshiwe phakathi kwesikhathi sokwenziwa kwecala nesikhathi sokugwetshwa; futhi

(o) lokufaka isicelo sokudlulisa icala noma ukuhlaziywa kwalo yinkantolo enkulu.

(4) Lapho lesi sigaba sidinga ukuba umuntu aziswe okuthile, lolo lwazi kufanele lowo muntu

alunikwe ngolimi aluqonda kahle.

(5) Ubufakazi obutholakale ngendlela ephambene nanoma yiliphi ilungelo elikuMqulu

wamaLungelo kufanele bungangeniswa njengobufakazi ecaleni uma ukungeniswa kwalobo

bufakazi bungenza ukuthi icala lingagculisi noma kungakhinyabeza ukuphathwa kobulungiswa.

Ukuncishiswa Kwamalungelo

36. (1) Amalungelo aqukethwe kuMqulu wamaLungelo angancishiswa kuphela ngokusho

komthetho osebenza kunoma yimuphi umuntu, kungadluli ezingeni lokuthi ukuncishiswa kube

kufanele futhi kwamukelekile emphakathini ovulekile, onombuso wentando yeningi nosekelwe

yisithunzi sobuntu, ukulingana, nenkululeko, kunakwe zonke izinto ezithintekayo ezibandakanya

–

(a) ubunjalo belungelo;

(b) ukubaluleka kwezinjongo zokuncishiswa;

(c) ubunjalo nobungako bokunciphisa;

(d) ubudlelwane phakathi kokunciphisa nezinjongo zawo; futhi

(e) ezinye izindlela ezinezihibe ezingaphansi ezingafeza injongo efanayo.

(2) Ngaphandle uma kwenziwe ngendlela ehlinzekelwe kwisigatshana (1) noma esinye

sezimiso zoMthethosisekelo awukho umthetho onganciphisa noma yiliphi ilungelo elihlinzekelwe

kuMqulu wamaLungelo.

Isimo esibucayi

37. (1) Isimo esibucayi singamenyezelwa kuphela ngokulandela uMthetho wePhalamende,

futhi kuphela uma –

(a) impilo yezwe yesatshiswa ngenxa yempi, yokuhlaselwa, yokuvukelwa kombuso,

yeziphithiphithi, yenhlekelele yemvelo noma yesehlakalo esibucayi emphakathini; futhi

(b) isimemezelo sesimo esibucayi sidingekile ukuze kubuyiselwe uxolo nokuthula.

(2) Ukumenyezelwa kwesimo esibucayi, kanye nomthetho owenziwe noma isinyathelo noma

yisiphi esithathwe kulandela leso simemezelo, kungasebenza kuphela –

(a) kuya esikhathini esilandelayo; futhi

(b) isikhathi esingeqile ezinsukwini ezingu 21 kusukela osukwini lwesimemezelo ngaphandle

uma uMkhandlu kaZwelonke unquma ukwelula isikhathi sesimemezelo. UMkhandlu kaZwelonke

unganquma ukwelula isikhathi sokusebenza kwesimemezelo sesimo esibucayi ngesikhathi

esingeqile ezinyangeni ezintathu. Ukwelulwa kokuqala kwesikhathi sesimo esibucayi kufanele

kwenziwe ngesinqumo esivunjwe yiningi lamalungu oMkhandlu. kaZwelonke Noma yikuphi

ukwelulwa kwesikhathi okulandelayo kufanelwe kwenziwe ngesinqumo esesekwe okungenani

ngamalungu oMkhandlu angamaphesenti angu-60 Isinqumo esishiwo kulesi sigatshana kufanele

sithathwe ngemuva kwenkulumompikiswano eMkhandlwini.

(3) Noma iyiphi inkantolo ingathatha isinqumo mayelana nokubasemthethweni –

(a) kwesimemezelo sesimo esibucayi;

(b) kokwelulwa kwesimemezelo sesimo esibucayi; noma

(c) kwanoma yimuphi umthetho owenziwe, noma isinyathelo esithathiwe ngokulandelwa

kwaleso simemezelo sesimo esibucayi.

(4) Noma yimuphi umthetho omisiwe ngenxa yokumenyezelwa kwesimo esibucayi

kungazitshwa kumthetho-sivivinywa kulezi zimo kuphela –

(a) ukuzitshwa kwesimemezelo kudingwa yisimo esibucayi kuphela; kanye

(b) umthetho unga –

(i) vumelana nezimiso zeRiphubliki ngaphansi komthetho womhlaba wonke omiselwe isimo

esibucayi;

(ii) hambisana nesigatshana (5); futhi

(iii) ushicelelwa kusomqulu kahulumeni kazwelonke ngokushesha uma kunokwenzeka emva

kokuba umisiwe.

(5) Awukho uMthetho wePhalamende noma umthetho oshaywe ngenxa yesimemezelo sesimo

esibucayi noma esinye isinyathelo esithathwe ngenxa yesimemezelo sesimo esibucayi esingavumela

–

(a) ukuxolelwa kombuso, noma komuntu noma yimuphi mayelana nesenzo esingekho

emthethweni;

(b) ukuzitshwa kwalesi sigaba noma ngayiphi indlela; noma

(c) ukuzitshwa kwesigaba esishiwo kwingxenye 1 yoluhla lwamalungelo angeke azitshwe,

ngezinga elivezwe ngaphesheya kwesigaba engxenyeni 3 yoluhla.

Uhla lwamalungelo angeke ajivazwa

1 2 3

Inombolo Isihloko Izinga lokuvikelwa kwelungelo

yesigaba sesigaba

9. Ukulingana. Mayelana nokubandlululwa

okungamukelekile ngokohlanga, ibala, ubuzwe noma

imvelaphi, ubulili, inkolo noma ulimi.

10. Isithunzi somuntu. Ngokuphelele.

11. Ukuphila. Ngokuphelele.

12. Ukukhululeka Mayelana nezigatshana (1)(d) no (e) no 2(c)

nokuphepha

komuntu

13. Ubugqili, Mayelana nobugqili nokwenziwa isigqila

ukwenziwa isigqila

nokusetshenziswa

ngempoqo.

28. Izingane. Mayelana nesigatshanna 1(d), kanye no (e);

namalungelo kwisigatshana (i) kanye no (ii) wesigatshana (1)(g);

kanye nesigatshana (1)(i) esimayelana nabantwana abaneminyaka

engu- 15 nabangaphansi.

35. Abantu ababoshiwe, Mayelana :

abatokile noma - nezigatshana (1) (a), (b) no (c) 2(d);

abethweswe amac- - amalungelo akupharagrafu (a) ku yaku (o)

ala esigatshana (3), ngaphandle kweppharagrafu (d);

-isigatshana (4); kanye

-nesigatshana (5) ngokumayelana nokukhishelwa

ngaphandle kobufakazi uma ukwamukelwa kwalobo bufakazi

kungakhinyabeza ukuthethwa

kwekala ngendlela efanele

(6) Noma yinini lapho umuntu evalelwe ngaphandle kokuthethwa kwecala ngaphansi

komthetho wesimo esibucayi izimiso ezilandelayo kufanele ziqikelelwe:

(a) umuntu omdala oyilungu lomndeni noma umngane walowo ovalelwe kufanele atshelwe

ngokushesha okungase kwenzeka ngokuvalelwa kwalowo muntu.

(b) Isaziso kufanele sishicilelwe kwiphephandaba iGazethi kaHulumeni kazwelonke

zingakapheli izinsuku ezinhlanu umuntu evalelwe, lesi saziso kumele sisho igama lomuntu nalapho

evalelwe khona nesimo esibucayi aboshwe ngaphansi kwaso;

(c) Umuntu ovalelwe kumele avunyelwe ukuqoka, kanye nokuvakashelwa ngudokotela noma

ngasiphi isikhathi esifanele;

(d) Umuntu ovalelwe kumele avunyelwe ukuqoka, kanye nokuvakashelwa ngummeli noma

ngasiphi isikhathi esifanele;

(e) Inkantolo yamacala kumele ibuyekeze ukuvalelwa kwomuntu ngokushesha okungase

kwenzeke, kodwa zingakapheli izinsuku ezingu 10 emuva kokuvalelwa kwakhe, futhi inkantolo

kumele imudedele lowo ovalelwe ngaphandle uma kunesidingo sokuqhubeka nokumvalela ukuze

kubuyiselwe isimo soxolo nokuthula;

(f) Umuntu ongadedelwanga njengokusho kwesibuyekezo esikwindima (e) noma

ongadedelwanga ngemuva kokubuyekezwa ngaphansi kwalesi sigaba angenza isicelo enkantolo

ukuba kuphinde kubuyekezwe ukuvalelwa kwakhe noma ngasiphi isikhathi ngemuva kwezinsuku

ezingu-10 lwenziwe uhlaziyo oludala, futhi kunoma yikuphi ukubuyekezwa inkantolo kufanele

imdedele umuntu ngaphandle uma kudingekile ukuba aqhubeke evalelwe ukuze kubuyiselwe

uxolo nokuthula;

(g) Umuntu ovalelwe unelungelo lokuvela qobo lwakhe phambi kwenkantolo, ukumelwa

ngummeli kulolo daba futhi nokwethula izizathu eziphikisa ukuthi aqhubeke esekuvalelweni; futhi

(h) Umbuso kufanele wethule phambi kwenkantolo izizathu ezibhalwe phansi zokuthi

kubaluleke ngani ukuvalelwa noma ukuqhubeka nokuvalela lowo muntu, ikhophi yezizathu

zinikwe lowo ovalelwe okungenani esikhathini esiyizinsuku ezimbili ngaphambi kokuthi inkantolo

ibuyekeze ukuvalelwa kwakhe.

(7) Uma inkantolo idedela obevalelwe, lowo muntu angeke aphinde avalelwe ngezizathu

ezifanayo, ngaphandle uma umbuso ungethula phambi kwenkantolo isizathu esiqinile esenza kube

nesidingo sokuthi lowo muntu aphinde avalelwe.

(8) Izigatshana (6) no (7) azisebenzi kubantu abangezona izakhamuzi zaseNingizimu Afrika

futhi abavalelwe ngenxa yempi phakathi kwamazwe Esikhundleni salezo zigatshana, umbuso

kufanele uhambisane nemigomo ebophe iRiphabhuliki ngaphansi komthetho wobuntu wamazwe

ngamazwe mayelana nokuvalelwa kwalabo bantu.

Ukuphoqelelwa kwamalungelo

38. Nanoma wubani obaliwe kulesi sigaba unelungelo lokufaka isicelo enkantolo, esho ukuthi

ilungelo elikuMqulu wamaLungelo, liphuliwe noma kungenzeka liphulwe, inkantolo inganikeza

usizo okufanele okubandakanya ukumenyezelwa kwamalungelo Abantu abangenza izicelo zosizo

yilaba –

(a) noma yimuphi umuntu ozifakela yena isicelo;

(b) noma yimuphi umuntu owenza isicelo egameni lomunye umuntu ongakwazi ukuzenzela

yena;

(c) noma yimuphi umuntu ofaka isicelo njengelungu, noma owenza lokho egameni leqembu

noma lomkhakha othile wabantu;

(d) noma yimuphi umuntu ofaka isicelo ukuzuzela umphakathi; kanye

(e) nenhlangano efaka isicelo ngenhloso yokuzuzela amalungu ayo.

Ukuhunyushwa komqulu wamalungelo

39. (1) Uma kuhunyushwa uMqulu wamaLungelo, yileyo naleyo nkantolo –

(a) kufanele ikhuthaze imigomo eyeseka umphakathi ovulekile nobuswa yinqubo yentando

yeningi eyesekelwe yisithunzi somuntu, ukulingana nenkululeko;

(b) kufanele ibheke umthetho wamazwengamazwe; futhi

(c) ingabuka umthetho wezinye izizwe.

(2) Uma kuhunyushwa nanoma yimuphi umthetho, futhi uma kuthuthukiswa umthetho

owejwayelekile noma umthetho wesintu, yileyo naleyo nkantolo, noma inkundla kumele ikhuthaze

umoya, inhloso kanye nezinjongo zoMqulu wamaLungelo.

(3) UMqulu wamaLungelo awukuphiki ukubakhona kwamanye amalungelo avela

emthethweni owejwayelekile, umthetho wesintu noma imithetho eshaywe izishayamthetho,

kugcine ezingeni lokuhambisana kwayo noMqulu wamalungelo.

Isahluko 3

Uhulumeni wobumbano

Uhulumeni eRiphabhuliki

40. (1) Uhulumeni eRiphabhuliki, wakheke waba yimikhakha kazwelonke, yezifundazwe

kanye neyezindawo, engafani, enobudlelwano nokuhlobana.

(2) Yonke imikhakha kahulumeni kufanele iqaphele futhi ilandele imigomo ebekwe kulesi

sahluko futhi kumele yenze imisebenzi yayo ngokulandela uhlaka olunikezwa yilesi sahluko.

Izibopho zikahulumeni wobambiswano

41. Yonke imikhakha kahulumeni nazo zonke izingxenye zombuso emkhakheni ngamunye

kufanele –

(a) kugcine uxolo, ubumbano lwesizwe, nokungahlukaniseki kweRiphabhuliki;

(b) kuphephise inhlalakahle yabantu baseRephabhliki;

(c) kumise uhulumeni weRiphabhuliki wonkana onobuciko, osebenzela obala, ophendulayo

futhi odidiyelwe kahle;

(d) kuthembeke kuMthethosisekelo, kwiRephabhliki, nakubantu bayo;

(e) kuhloniphe amazinga ohulumeni bakweminye imikhakha abekwe ngumthethosisekelo,

izakhiwo, amandla kanye nemisebenzi yohulumeni abakweminye imikhakha;

(f) kungazithatheli amanye amandla nemisebenzi eminye ngaphandle kwaleyo enikezwe

ngokoMthethosisekelo;

(g) kusebenzise amandla ako futhi nokwenza nemisebenzi ngendlela yokungeyi amandla

endawo, ukusebenza kanye nobuqotho bohulumeni beminye imikhakha; futhi

(h) kusebenzisane ngokwethembana nangomoya omuhle -

(i) ngokwakha ubudlelwano bokuzwana;

(ii) ngokusizana nokwesekana;

(iii) ngokwazisana nokubonisana nezindaba ezithinta imikhakha ngokufanayo;

(iv) ngokudidiyela izenzo kanye nemithetho;

(v) ngokulandela izindlela zokusebenza okuvunyelenwe ngazo; futhi

(vi) ngokugwema ukwethwesana ngamacala phambi komthetho.

(2) Umthetho wePhalamende kumele -

(a) uhlinzekele izindlela ezifanele kanye nezinhlelo zokugqugquzela ukuxazululwa

kwezingxabano phakathi kohulumeni abehlukahlukene; futhi.

(b) uhlinzekele indlela efanele yokusebenza kanye nenqubo yokugqugquzela ukusonjululwa

kwengxabano phakathi kohulumeni.

(3) Ingxenye yombuso ethintekayo engxabanweni ephakathi kohulumeni kufanele yenze yonke

imizamo efanele yokuxazulula leyo ngxabano ngokusebenzisa izindlela nezinhlelo ezibekelwe leso

sidingo, futhi kufanele isebenzise yonke eminye imigudu ekhona ngaphambi kokudlulisela udaba

enkantolo ukuba ixazulule leyo ngxabano.

(4) Uma inkantolo ingagculisekile ukuthi izidingo zesigatshana (4) zigcwalisiwe,

ingayibuyisela leyo ngxabano kuleyo ngxenye yombuso ethintekile.

Isahluko 4

IPhalamende

Ukwakheka kwePhalamende

42. (1) IPhalamende lakhiwe –

(a) nguMkhandlu kaZwelonke; kanye

(b) noMkhandlu kaZwelonke wesiFundazwe.

(2) UMkhandlu kaZwelonke kanye noMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe babamba iqhaza

ekushayweni kwemithetho ngendlela ebekwe kulo Mthethosisekelo.

(3) UMkhandlu kaZwelonke ukhethelwe ukuba umele abantu futhi noqinisekisa umbuso

wabantu ngaphansi koMthethosisekelo Ukwenza loku ngokukhetha uMongameli, ngokuba

yinkundla kazwelonke yokucwaningwa kwezindaba phambi komphakathi, ngokushaya imithetho

kanye nokuhlolisisa nokuqapha izenzo zikahulumeni.

(4) UMkhandlu kaZwelonke eziFundazwe umele izifundazwe ukuze siqinisekise ukuthi

izidingo zezifundazwe ziyaqikelelwa emkhakheni kahulumeni kazwelonke Sikwenza loku

ikakhulukazi ngokubamba iqhaza ekushayweni kwemithetho kazwelonke nokuba yinkundla

kazwelonke yokucwaningwa kwezindaba ezithinta izifundazwe phambi komphakathi.

(5) UMongameli angabizela iPhalamende emhlanganweni ongejwayelekile noma ngasiphi

isikhathi ukuze lenze umsebenzi ongejwayelekile.

(6) Indawo yokuhlala kwePhalamende ise Kapa, kodwa umthetho wePhalamende oshaywe

ngendlela ehambisana nezigaba 76(1) no (5), unganquma ukuthi iPhalamende lihlala kwenye

indawo.

Igunya lokushaya imithetho eRiphabhuliki

43. ERiphabhuliki igunya lokushaya imithetho –

(a) emkhakheni kahulumeni kazwelonke linikezwe iPhalamende, njengoba kushiwo esigabeni

44;

(b) emkhakheni kahulumeni wezifundazwe linikezwe isishayamthetho njengoba kushiwo

esigabeni 104; futhi

(c) emkhakheni kahulumeni wendawo linikezwe ezigungwini zikamasipala, njengoba kushiwo

esigabeni 156.

Igunya lokushaya imithetho kazwelonke

44. (1) Igunya lokushaya imithetho kazwelonke njengoba linikezwe iPhalamende –

(a) libeka amandla phezu koMkhandlu kaZwelonke –

(i) okushintsha uMthethosisekelo;

(ii) okwamukelwa imithetho mayelana nazozonke izindaba, kubandakanya lokho okufakwe

kuluhlu lukaSheduli 4, kodwa kungahlanganisi, ngaphandle kwendlela eshiwo yisigatsana (2),

udaba olufakwe kuluhlu lukaSheduli 5; futhi

(iii) okudlulisela noma yimaphi amandla okushaya umthetho, ngaphandle kwamandla

okushintsha uMthethosisekelo, kunoma yisiphi isishayamthetho komunye umkhakha kahulumeni;

futhi

(b) libeka amandla phezu koMkandlu weziFundazwe kaZwelonke -

(i) okubamba iqhaza ekuguqulweni koMthethosisekelo, njengokusho kwesigaba 74;

(ii) okwamukelwa imithetho njengokusho kwesigaba 76, umthetho omayelana nanoma yiluphi

udaba olufakwe ohlwini lukaSheduli 4, futhi nanoma yiluphi olunye udaba okudingeka lamukelwe

ngendlela ebekwe nguMthethosisekelo egasibeni 76; futhi

(iii) okucwaninga, ngendlela eshiwo yisigaba 75, noma yimuphi omunye umthetho

owamukelwe nguMkhandlu kaZwelonke.

(2) IPhalamende lingagxambukela ngokwamukela umthetho, ngendlela ehambisana nesigaba

76(1), mayelana nodaba olufakwe ohlwini lukaSheduli 5, uma kunesidingo –

(a) sokugcina ukuphepha kwezwe;

(b) sokugcina ubumbano lomnotho;

(c) sokugsima amazinga asemqoka kazwelonke

(d) sokumisa amazinga okungafanele ehliswe okunikela ngemisebenzi yombuso; noma

(e) sokuvimbela isenzo esingafanele esithathwa yisifundazwe esingakhinyabeza esinye

isifundazwe noma izwe ngokuphelele.

(3) IsiGungu sikaZwelonke seziFundazwe sinamandla okushaya imithetho mayelana nodaba

oludingekile ukuze kusetshenziswe ngendlela kwamandla, noma oluncikene nokusetshenziswa

ngendlela kwamandla aphathelene nanoma yiluphi udaba olufakwe ohlwini lukaSheduli 4.

(4) Uma lisebenzisa igunya lalo lokushaya imithetho, iPhalamende libekelwe imigomo

nguMthethosisekelo kuphela, futhi kufanele lenze njengoba kusho uMthethosisekelo, lilandela

imibandela yoMthethosisekelo.

Amakomiti emitheshwana nezinqumo okuhlanganyelwe

45. (1) UMkhandlu kaZwelonke neisGungu sikaZwelonke weziFundazwe kufanele

kokubili kumise ikomidi elihlangene lokushaya le mitheshwana elizomisa imitheshwana nezinqumo

mayelana nomsebenzi odidiyelwe woMkhandlu neisGungu, kubandakanya imitheshwana

nezinqumo –

(a) yokumiswa kwezinqubo zokugqugquzela uhlelo lokushaya imithetho, kubandakanya

ukubeka imikhawulo yesikhathi sokuqeda isinyathelo esithile ohlelweni;

(b) yokumiswa kwamakomidi ahlangenyelwe akhiwe ngabamele imikhakha yomibili

yePhalamende, uMkhandlu nesiGungu, ukuze acwaninge futhi wethule imibiko

ngeMithethosivivinywa ehlongozwa ezigabeni 74 no 75 esidluliselwe kulawo makomiti;

(c) yokumiswa kwekomidi elihlangenyelwe lokubuyekeza uMthethosisekelo minyaka yonke;

futhi

(d) yokulawula umsebenzi –

(i) wekomidi elihlangenyelwe lemitheshwana;

(ii) weKomidi labaLamuli;

(iii) wekomidi lokubuyekezwa komthethosisekelo; futhi

(iv) wanoma yiliphi ikomidi elimiswe ngokusho kwesigaba (b).

(2) Amalungu eKhabhinethi, amalungu ePhalamende likazwelonke kanye namalungu amele

uMkhandlu seziFundazwe sikazwelonke anelungelo elilinganayo ngaphambi kwekomidi

elihlanganyelwe lePhalamende kanye noMkhandlu njengoba benalo ngaphambi kwePhalamende

noma uMkhandlu.

UMkhandlu KaZwelonke

Ukwakheka nokukhethwa kwamalungu

46. (1) UMkhandlu kaZwelonke wakhiwe yinani labantu besifazane nabesilisa elisuka ku

350 kodwa elingedlulille ku 400 abakhethwe njengamalungu njengoba kubekwe nguhlelo lokhetho

–

(a) olubekwe ngumthetho kazwelonke;

(b) olwakhelwe phezu koluhla lwabobonke abavoti;

(c) oluhlinzekela ukuthi kuvotela abantu abaneminyaka engu 18 kuya kwengaphezulu; futhi

(d) olunomphumela, kabanzi, wokumelwa ngokwamanani amavoti atholiwe.

(2) Umthetho wePhalamende kumele uhlinzeke indlela yokunquma inani lamalungu

oMkhandlu kaZwelonke.

Ubulungu

47. (1) Zonke izakhamuzi ezivunyelwe ukuvotela amalungu oMkhandlu kaZwelonke

zingaba amalungu oMkhandlu, ngaphandle –

(a) kwanoma ngubani oqashwe noma osebenzela umbuso, futhi owuholelayo lowomsebenzi,

ngaphandle kwabalandelayo –

(i) uMongameli wezwe, iSekela likaMongameli, oNgqongqoshe namaSekela oNgqongqoshe;

futhi

(ii) abanye abasezikhundleni imisebenzi yabo ehambisanayo nemisebenzi yelungu loMkhandlu,

futhi sekumiswe ngumthetho kaZwelonke ukuthi iyahambisana naleyomisebenzi;

(b) izithunywa ezigcwele zesiGungu kaZwelonke weziFundazwe, noma amalungu

esishayamthetho sesiFundazwe noma uMkhandlu kamasipala;

(c) abehlulwe yizikweletu inkantolo yaze yanquma ukuthi abanalutho okungolwabo, uma leso

sinqumo singakasuswa;

(d) noma ngubani onesinqumo senkantolo yaseRiphabhuliki sokuthi unomqondo ongaphilile

kahle; noma

(e) noma ngubani okwathi emuva kuthi lesi sigaba siqale ukusebenza, watholwa enecala

wagwetshwa isikhathi esingaphezulu kwezinyanga ezingu-12 ejele ngaphandle kwesijeziso semali,

lapha eRiphabhuliki noma ngaphandle kweRiphabhuliki uma leso senzo asigwetshelwa sasingaba

yicala eRiphabhuliki; kodwa, akekho umuntu oyothathwa ngokuthi ugwetshiwe kuze

kubenesinqumo maqondana nokudluliswa kwecala noma kuze kudlule isikhathi sokulidlulisa icala

Isithibe ngaphansi kwalesi sigaba siphela eminyakeni emihlanu emuva kokuqedwa kwesigwebo.

(2) Umuntu ongavunyelwe ukuba yilungu loMkhandlu kaZwelonke ngokusho kwezigatshana

(1)(a) noma (b) angalumela ukhetho loMkhandlu, uma kuhambisana nemikhawulo noma

imbandela emiswe ngumthetho kazwelonke.

(3) Umuntu ulahlekelwa wubulungu boMkhandlu kaZwelonke uma lowo muntu –

(a) eyeka ukuba ngumuntu ovunyelwe; noma

(b) ephuthe eMkhandlwini ngaphandle kwemvume kuleso simo esibekwa yimitheshwana

nezinqumo ukuthi kufanele alahlekelwe ngubulungu.

(4) Izikhala eMkhandlwini kaZwelonke kumele zigcwaliswe ngokusho komthetho

kazwelonke.

Izifungo nokuvuma ngokuzibophelela

48. Ngaphambi kokuba ilungu loMkhandlu kaZwelonke liqale ukwenza imisebenzi

yoMkhandlu, kufanele lifunge noma lethembise ukwethembeka kwiRiphabhuliki kanye

nokuthobela uMthethosisekelo, ngendlela ebekwe kwiSheduli 2.

Isikhathi uMkhandlu kaZwelonke okhethelwe sona

49. (1) UMkhandlu kaZwelonke ukhethelwa isikhathi esiyiminyaka emihlanu.

(2) Uma uMkhandlu kaZwelonke uhlakazwe njengoba kubekiwe esigabeni 50, noma emva

kokuphelelwa yisikhathi sawo, uMongameli, kufanele abize ukhetho ngesimemezelo esishicilelwe

futhi asho kuleso simemezelo ukuthi luzobanjwa ngaziphi izinsuku lolo khetho, kodwa kufanele

lubanjwe phakathi kwezinsuku ezingu-90 kusukela ekuhlakazweni koMkhandlu noma

ekuphelelweni kwawo yisikhathi.

(3) Uma umphumela wokhetho loMkhandlu kaZwelonke ungamenyezelwanga phakathi

kwesikhathi esibekwe kwisigaba 190 noma uma ukhetho luchithwe yinkantolo, uMongameli,

kufanele abize abeke nezinsuku zolunye ukhetho ngesimemezelo esishicilelwe phakathi

kwezinsuku ezingu 90 kusukela ekweqeni kwesikhathi sokumemezela umphumela noma kusukela

ngelanga ukhetho olwachithwa ngalo.

(4) UMkhandlu kaZwelonke uyaqhubeka nokubanamandla okusebenza kusukela esikhathini

ohlakazwe ngaso, noma ophelelwe ngaso yisikhathi, kuze kube yilanga elingaphambi kwelanga

lokuqala lokuvotela uMkhandlu olandelayo.

Ukuhlakazwa koMkhandlu kaZwelonke ngaphambi kokuphela kwesikhathi sawo

50. (1) UMongameli kufanele awuhlakaze uMkhandlu kaZwelonke uma –

(a) UMkhandlu uthathe isinqumo sokuhlakazeka esesekwe yiningi lamalungu; futhi

(b) sekwedlule iminyaka emithathu emva kokukhethwa koMkhandlu.

(2) IBamba likaMongameli kufanele liwuhlakaze uMkhandlu uma –

(a) kunesikhala esikhundleni sikaMongameli; futhi

(b) UMkhandlu wehluleka ukukhetha uMongameli omusha phakathi kwezinsuku ezingu-30

sivelile leso sikhala.

Izikhathi zokuhlangana nezamakhefu

51. (1) Emva kokhetho, umhlangano wokuqala woMkhandlu kaZwelonke kufanele uhlale

ngesikhathi kanye nangelanga elibekwe nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo, kodwa

lingabingaphezulu kwezinsuku ezingu-14 emva kokumenyezelwa komphumela wokhetho

UMkhandlu kaZwelonke ungabeka izikhathi nobude beminye imihlangano yawo kanye namakhefu

awo.

(2) UMongameli angabiza ngokushesha uMkhandlu ukuba uze emhlanganweni

ongajwayelekile noma ngasiphi isikhathi ukuze wenze umsebenzi ongejwayelekile.

(3) Imihlangano yoMkhandlu kaZwelonke ivunyelwe ezindaweni ezingeyona indawo

yokuhlala kwePhalamende kuphela ngezizathu eziyizidingo zomphakathi, zokuphepha noma

ubulula bamalungiselelo, futhi uma kuhlinzekelwe emitheshwaneni yoMkhandlu.

USomlomo noma iSekela likaSomlomo woMkhandlu

52. (1) Emhlanganweni wokuqala woMkhandlu ngemuva kokukhethwa kwawo, noma

uma kudingekile ukuze kuvalwe isikhala, uMkhandlu kaZwelonke kufanele ukhethe uSomlomo

nesekela likaSomlomo phakathi kwamalungu awo.

(2) UMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kufanele engamele ukhetho lukaSomlomo,

noma aqoke elinye ijaji ukuthi lengamele USomlomo wengamela ukhetho lweSekela

likaSomlomo.

(3) Uhlelo olubekwe kwingxenya A kuSheduli 3 lusebenza nalapho kukhethwa uSomlomo

nesekela likaSomlomo.

(4) UMkhandlu kaZwelonke ungasusa uSomlomo noma iSekela likaSomlomo esikhundleni

ngokuthatha isinqumo sokwenza njalo Iningi lamalungu oMkhandlu kufanele abekhona lapho

kuthatha lesi sinqumo.

(5) Ngokusho kwemitheshwana nezibopho, UMkhandlu kaZwelonke ungakhetha phakathi

kwamalungu awo abanye abangangamela imihlangano yoMkhandlu ukuze basize uSomlomo

neSekela likaSomlomo.

Izibopho

53. (1) Ngaphandle uma uMthethosisekelo ubeka ngokukwehlukile –

(a) iningi lamalungu oMkhandlu kaZwelonke kufanele libekhona ngaphambi kokuthi

kuvotelwe uMthethosivivinywa noma isichibiyelo kuMthethosivivinywa;

(b) okungenani ingxenye engu-1/3 yamalungu kufanele ibekhona ngaphambi kokuthi

kuvotelwe noma yiluphi olunye udaba olubekwe phambi koMkhandlu; futhi

(c) isinqumo ngazo zonke izinto ezibekwe phambi koMkhandlu kufanele sithathwe

ngokwesekwa yiningi lamavoti afakiwe.

(2) Ilungu loMkhandlu kaZwelonke elengamele umhlangano woMkhandlu alikwazi ukufaka

ivoti elejwayelekile kodwa –

(a) kufanele lifake ivoti lesinqumo uma inani lamavoti lilingana ezinhlangothini zombili zodaba

oluvotelwayo; futhi

(b) lingafaka ivoti elejwayelekile uma udaba kufanele lunqunywe ngokwesekwa okungenani

yinani lamavoti eliyingu-2/3 kumalungu oMkhandlu.

Amalungelo amalungu athile eKhabinethi eMkhandlwini kaZwelonke

54. UMongameli kanye nanoma yiliphi ilungu leKhabhinethe elingelona ilungu loMkhandlu

kaZwelonke, bangawuhambela umhlangano woMkhandlu, bakhulume eMkhandlwini kodwa

abavunyelwe ukuvota.

Amandla oMkhandlu kaZwelonke

55. (1) Ekusebenziseni amandla okushaya imithetho, uMkhandlu kaZwelonke –

(a) ungacwaninga, wemukele, ushintshe noma uchithe noma yimuphi umthetho obekwe

phambi koMkhandlu; futhi

(b) ungasungula noma ulungise umthetho ngaphandle kweMithethosivivinywa yemali.

(2) UMkhandlu kaZwelonke kufanele uhlinzekele izindlela –

(a) zokuqinisekisa ukuthi zonke izingxenye zombuso emkhakheni kahulumeni kaZwelonke

ziphendula kuwona; futhi

(b) ukugcina iso kuloku –

(i) ukusetshenziswa kwegunya lokuphatha ngokukaZwelonke, kubandakanya ukuthatha lawo

manyathelo okwenza ukuthi umthetho usebenze; futhi

(ii) noma yiyiphi ingxenye yombuso.

Ubufakazi noma ulwazi oluphambi koMkhandlu kaZwelonke

56. UMkhandlu kaZwelonke noma ikomidi lawo noma yiliphi –

(a) ungabiza noma yimuphi umuntu ukuthi avele phambi kwawo ukuze anike ubufakazi

obufungelwe noma obuqinisekisiwe noma ukuze aveze amaphepha athile;

(b) ungafuna ukuthi noma yimuphi umuntu noma isakhiwo sinikeze umbiko kuwona;

(c) ungaphoqa, ngokomthetho kazwelonke noma imitheshwana nezinqumo zawo, ukuthi

noma yimuphi umuntu noma isakhiwo silandele okushiwo yisamanisi noma okushiwo kwisigaba

(a) noma (b); futhi

(d) ungemukela izicelo, imibono noma iziphakamiso ezivela kunoma yimuphi umuntu othintwa

wudaba noma eminye imikhakha.

Amalungiselelo ezangaphakathi, imisebenzi nezinkambiso zoMkhandlu kaZwelonke

57. (1) UMkhandlu kaZwelonke –

(a) ungazithathela izinqumo futhi uzilawulele amalungiselelo ezangaphakathi; futhi

(b) wenze imitheshwana nezibopho maqondana nomsebenzi wawo ube ubhekelele ukuqhuba

ngenqubo yentando yeningi eyazisa ukumeleka komphakathi nokubamba kwawo iqhaza,

ukuphendula, ukusebenzela obala nokuthintwa komphakathi.

(2) Imitheshwana nezibopho zoMkhandlu kaZwelonke kufanele kuhlinzekele –

(a) ukumiswa, ukwakheka, amandla, imisebenzi, inqubo kanye nesikhathi sokubakhona

kwamakomidi;

(b) ukubamba iqhaza emisebenzini wePhalamende, kanye namakomidi amaqembu amancane

ezepolitiki amelwe ePhalamende, ngendlela ehambisana nenqubo yentando yeningi;

(c) usizo lwezemali nezokuphathwa komsebenzi emaqenjini amelwe ePhalamende

okulinganisiwe ngokumelwa kwawo; ukuze kusimamiswe iqembu kanye nomholi walo ekwenzeni

umsebenzi ababekelwe wona ePhalamende ngendlela elindelekile; kanye

(d) ukwamkelwa, komholi weqembu elikhulu kunawo wonke eliphikisayo elisePhalamende

njengomholi weqembu eliphikisayo.

Ilungelo mvumo

58. (1) Amalungu eKhabinethi kanye namalungu oMkhandlu kaZwelonke –

(a) avumelekile lokukhuluma ngokukhululeka kuMkhandlu kaZwelonke nasemakomidini awo,

ngendlela evumelana nemitheshwana nezinqumo; futhi

(b) angeke athweswe amacala ombango noma obulelesi, aboshwe, avalelwe noma akhokhiswe

amademeshe ngenxa –

(i) yanoma yini ayishilo, ayivezile noma ayinikeze uMkhandlu noma ikomidi lawo noma

yiliphi; noma

(ii) yanoma yini evelile ngenxa yalokho akushilo, akuvezile akunikeze uMkhandlu noma

ikomidi lawo noma yiliphi.

(2) Ezinye izibonelelo nokuvikeleka koMkhandlu kaZwelonke amalungu eKhabinethi, kanye

namalungu oMkhandlu kaZwelonke kungabekwa ngumthetho kazwelonke.

(3) Amaholo, nezinye izinkokhelo ezihlangene namaholo ezikhokhelwa amalungu oMkhandlu

kaZwelonke kuvela ngqo esikhwameni sikaZwelonke seMali.

Ukuvumeleka komphakathi kuMkhandlu kaZwelonke kanye nokuthinteka kwawo

59. (1) Iphalamende likaZwelonke kufanele –

(a) ligqugquzele ukubanjwa kweqhaza ngumphakathi ekushayweni umthetho nakwezinye

izinhlelo zasePhalamende kanye namaKomidi alo; futhi

(b) ukuqhuba umsebenzi ngendlela esobala, libambe imihlangano yalo, nemihlangano yalawo

makomidi alo, obala, kodwa makuqashelwe lokhu –

(i) ukulungisa amathuba avumela umphakathi; kubandakanya ukungena nokuphuma

kwabezindaba babe khona ePhalamende kanye nasemakomidini alo; kanye

(ii) nokuhlinzekela ukusesha noma yimuphi umuntu, futhi lapho kufanele, ukwenqatshelwa

imvume yokungena, noma ukukhishelwa phandle kwanoma yimuphi umuntu.

(2) Iphalamende likazwelonke alisoze lawukhipha inyumbazane umphakathi, kanye

nabezokusakaza, emhlanganweni wekomidi ngaphandle uma kufanelekile futhi kunesidingo

sokukwenza lokho emphakathini wonkana nowentando yeningi.

UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe

Ukwakheka koMkhandlu kaZwelonke

60. (1) UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe sakhiwe yiqembu elilodwa lezithunywa

elivela esifundazweni ngasinye elinezithunywa eziyishumi.

(2) Lezizithunywa eziyishumi ziyilaba abalandelayo –

(a) izithunywa eziyizipesheli ezine ezilandelayo –

(i) uNdunankulu wesiFundazwe noma, uma engekho noma yiliphi ilungu lesishayamthetho

sesifundazwe eliqokwe nguNdunankulu okwesikhathi esithile noma maqondana nomsebenzi othile

ophambi koMkhandlu kaZwelonke; futhi

(ii) ezinye izithunywa ezikhethiwe ezintathu; futhi

(b) izithunywa ezigcwele eziyisithupha eziqokwe ngokusho kwesigaba 61(2).

(3) UNdunankulu wesiFundazwe, noma uma engekho, ilungu lezithunywa zesifundazwe

eliqokwe nguNdunankulu, lihola izithunywa.

Ukwabiwa kwezithunywa

61. (1) Amaqembu amelwe kwisishayamthetho sesifundazwe anelungelo lokuba

nezithunywa eqenjini lezithunywa zesifundazwe ngokulandela indlela yokubala ebhalwe

kwiNgxenye B ekuSheduli 3.

(2) Esikhathini esingangezinsuku ezingu-30 ngemuva kokumenyezelwa kwemiphumela

yokhetho lwesishayamthetho sesifundazwe, isishayamthetho kufanele –

(a) sinqume, ngendlela ebekwe ngumthetho kazwelonke, inani lezithunywa ezivela eqenjini

ngalinye elizoqokwa njengezithunywa ezimile nokuthi bangaki abazoba yizithunywa ezikhethiwe;

futhi

(b) siqokele esikhundleni lezo zithunywa ezigcwele ngendlela elandela iziphakamiso

zamaqembu ezombusazwe.

(3) Umthetho kazwelonke ovezwe kwisigatshana (2) (a) mawuqhakambise ukubanjwa

kweqhaza kwamaqembu amancane ezombusazwe emikhakheni yomibili yabaqokwe ngokugcwele

kanye namalungu ayisipesheli akhe ithimba elimele amaqembu ezombusazwe ngendlela evumelana

nentando yeningi.

(4) Isishayamthetho, ngokuvumelana noNdunankulu kanye nabaholi bamaqembu abanegunya

lokuba yizithunywa zezeiFundazwe, mabaqoke izithunywa ezikhethiwe ezidingekayo ngezikhathi

ezahlukahlukene, phakathi kwamalungu eSishayamthetho.

Izithunywa eziqokwe ngokugcwele

62. (1) Umuntu ophakanyiswe njengesithunywa esimile kufanele abengumuntu ovunyelwe

ukuba yilungu lesishayamthetho sesifundazwe.

(2) Uma umuntu oyilungu lesishayamthetho sesifundazwe eqokelwe esikhundleni sokuba

yisithunywa esigcwele, lowo muntu uyayeka ukuba yilungu lesishayamthetho.

(3) Izithunywa ezigcwele ziqokelwa ezikhundleni kuze kube yisikhathi ngaphambili nje

kokuhlala kokuqala kwesishayamthetho sesifundazwe emuva kokhetho olulandelayo.

(4) Umuntu uyayeka ukuba yisithunywa esimile uma lowomuntu –

(a) engasavunyelwe ukuba yilungu lesishayamthetho sesifundazwe nganoma yisiphi isizathu

ngaphandle kokuqokwa njengesithunywa esigcwele;

(b) useqokelwe esikhundleni seKhabhinethe;

(c) uselahlekelwe ukwethenjwa yisishayamthetho sesifundazwe futhi wabuyiselwa emuva

yilelo qembu elaphakamisa lowo muntu;

(d) eyeka ukuba yilungu leqembu elaphakamisa lowo muntu futhi ebuyiselwa emuva yilelo

qembu; noma

(e) ephutha kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe engenamvume esimweni lapho

imitheshwana nezibopho zoMkhandlu zibeka ukuthi kufanele alahlekelwe yisikhundla

sokubayisithunywa esimile.

(5) Izikhala ezivela ezithunyweni ezimile kufanele zigcwaliswe njengokusho komthetho

kazwelonke.

(6) Ngaphambi kokuthi amalungu amile aqale ukwenza umsebenzi wawo eMkhandlwini

kaZwelonke wezifundazwe, kufanele bafunde noma bathembise ukwethembeka kwiRiphabhuliki

kanye nokuthobela uMthethosisekelo, ngendlela ebekwe kuSheduli 2.

Imihlangano yoMkhandlu kaZwelonke

63. (1) UMkhandlu kaZwelonke ungazinqumela isikhathi sokuqala nobude bemihlangano

yaso kanye nezikhathi zamakhefu.

(2) UMongameli angabizela uMkhandlu kaZwelonke emhlanganweni ongejwayelekile noma

yinini ukuba sizokwenza umsebenzi ongejwayelekile ovelile.

(3) Imihlangano yoMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ugabanjwa kwezinye izindawo

ngaphandle kwesihlalo sePhalamende kuphela ngezizathu zezidingo zomphakathi, zokuphepha

noma ubulula, futhi uma imitheshwana nezinqumo zesiGungu kukuvumela loku.

Usihlalo neSekela likaSihlalo

64. (1) UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe singakhetha usihlalo namaSekela amabili

kaSihlalo phakathi kwezithunywa.

(2) USihlalo nomunye wamaSekela kaSihlalo ukhethwa phakathi kwezithunywa ezimile

ekhethelwa isikhathi esingangeminyaka emihlanu ngaphandle uma isikhathi sabo njengezithunywa

siphela ngaphambi kwaleso sikhathi.

(3) Elinye iSekela likaSihlalo likhethelwa isikhathi esingangonyaka owodwa, futhi kufanele

lilandelwe yisithunywa esivela kwesinye isiFundazwe, ukuze isifundazwe ngasinye sithole ithuba

lokumelwa.

(4) UMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kufanele engamele ukhetho lukaSihlalo,

noma aqoke elinye ijaji elizokwenza loko USihlalo wengamela ukhetho lweSekela likaSihlalo.

(5) Inkambiso ebekwe kuSheduli 3 iyasebenza ekukhethweni kukaSihlalo neSekela likaSihlalo.

(6) UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ungamsusa usiHlalo noma iSekela likaSihlalo

esikhundleni.

(7) Ngokumaqondana nemitheshwana kanye nezinqumo, uMkhandlu kazwelonke

weziFundazwe ungaqoka phakathi kwezithunywa esinye isikhulu esengamele ukhetho ukulekelela

uSihlalo kanye namasekela kaSihlalo.

Izinqumo

65. (1) Ngaphandle kwalapho uMthethosisekelo ubeka ngokuhlukile –

(a) isiFundazwe ngasinye sinevoti elilodwa elifakwa egameni lesifundazwe lifakwa umholi

wezithunywa zaleso sifundazwe; futhi

(b) zonke izindaba eziphambi koMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe zisuke zemukelwe

uma okungenani izifundazwe eziyisihlanu zivote ngokulweseka udaba.

(2) Umthetho wePhalamende, omiswe ngokuhambisana nokwakheka kwesigatshana (1) noma

isigatshana (2) kwisigaba 76, kufanele unikeze inqubo efanayo ngokumaqondana nokugunyazwa

okuvumelana nesishayamthetho seziFundazwe ezithunyweni zaso ukuba nelungelo lokuvota

egameni laso.

Ukubamba iqhaza kwamalungu oMkhandlu kazwelonke wokuphatha

66. (1) Amalungu eKhabinethe kanye namaSekela oNgqongqoshe, bangabakhona,

bakhulume, kuMkhandlu, kodwa abavunyelwe ukuvota.

(2) UMkhandlu kaZwelonke ungabiza ilungu leKhabinethe, iSekela likaNgqongqoshe noma

umuntu osebenzela isigungu sokuphatha sikaZwelonke noma sesifundazwe ukuthi eze

emhlanganweni woMkhandlu noma wekomidi loMkhandlu.

Ukubamba iqhaza kwabamele ohulumeni bendawo

67. Abamele ohulumeni abanqenqile kwabayishumi abathunyelwe ohulumeni bendawo

abahlelekile ngendlela ebekwa yisigaba 163, ukuthi bamele izinhlobo ezahlukile zomasipala, uma

kunesidingo bangabamba iqhaza emisebenzini yoMkhandlu kaZwelonke wezifundazwe, kodwa

abavunyelwe ukuvota.

Amandla oMkhandlu kaZwelonke

68. Ekusebenziseni amandla aso, uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe –

(a) ungacwaninga, samukele, ushintshe, uncome ushintsho, noma sichithe noma yimuphi

umthetho obekwe phambi koMkhandlu ngendlela eshiwo kulesi sahluko; futhi

(b) Ungaziqalela noma uzilungiselele umthetho ongena phakathi kwemisebenzi ebalwe ohlwini

lukaSheduli 4 noma omunye umthetho oshiwo esigabeni 76(3), kodwa angeke uziqalele noma

uzilungiselele iMithethosivivinywa yemali.

Ubufakazi nolwazi olunikezwa uMkhandlu kaZwelonke

69. UMkhandlu kaZwelonke kanye nanoma yiliphi ikomidi lawo –

(a) ungabiza noma yimuphi umuntu ukuthi avele phambi kwawo ukuze anike ubufakazi

ngaphansi kwesifungo noma isethembiso sokukhuluma iqiniso noma ukuzoveza amaphepha athile;

(b) ungafuna ukuthi noma yisiphi isakhiwo noma umuntu asinikeze umbiko;

(c) ungaphoqa njengokusho komthetho kazwelonke noma kwemitheshwana nezinqumo,

ukuthi noma yimuphi umuntu ukuthi enze njengoba kushiwo kwisamanisi eliphathelene nokushiwo

kwisigaba (a) noma (b) ongenhla; futhi

(d) ungemukela izicelo, imibono kanye neziphakamiso ezivela kunoma yimuphi umuntu

othintekile.

Amalungiselelo angaphakathi, umsebenzi nezinkambiso zoMkhandlu kaZwelonke wesiFundazwe

70. (1) UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe –

(a) ungazinqumela sizilawulele amalungiselelo aso angaphakathi, imisebenzi yaso kanye

nezinkambiso zaso; futhi

(b) ungazenzela imitheshwana nezibopho eziphathelene nomsebenzi waso, siqikelele

ukumelwa nokubanjwa kweqhaza kwinqubo yentando yeningi, ukuphenduleka, ukusebenzela

obala kanye nokubamba iqhaza komphakathi.

(2) Imitheshwana nezibopho zoMkhandlu kaZwelonke kufanele uhlinzekele –

(a) ukumiswa, ukwakheka, amandla, imisebenzi kanye nobungako besikhathi samakomidi aso;

(b) ukubamba iqhaza kwazozonke izifundazwe emisebenzini yaso, ngendlela ehambisana

nenqubo yentando yeningi; futhi

(c) ukubamba iqhaza emisebenzini yoMkhandlu namakomidi aso kwawowonke amaqembu

amancane amelwe eMkhandlwini, ngendlela ehambisanayo nenqubo yentando yeningi,

ngazozonke izikhathi lapho kufanele kuthathwe isinqumo ngendlela ebekwe esigabeni 75.

Amalungelomvume

71. (1) Izithunywa eMkhandlwini kaZwelonke weziFundazwe kanye nabantu abashiwo

ezigabeni 66 no 67 –

(a) banelungelo lokukhuluma bakhululeke eMkhandlwini nasemakomidini aso, ngendlela

ehambisanayo nemitheshwana nezinqumo; futhi

(b) angeke baquliswe amacala ombango noma obelelesi, baboshwe, bavalelwe noma

bakhokhiswe amademeshe

ngenxa –

(i) yanoma yini abayishilo, abayivezile noma abayilethile eMkhandlwini noma ekomidini laso

noma yiliphi;

(ii) yanoma yini evezwe ngesizathu sanoma yini abayishilo, abayivezile noma abayilethile

eMkhandlwini noma ekomidini laso noma iliphi.

(2) Amanye amalungelomvume nokuvikeleka koMkhandlu kaZwelonke, kwezithunywa

zoMkhandlu kanye nabantu abashiwo ezigabeni 66 no 67, zingahlinzekelwa ngumthetho

kazwelonke.

(3) Amaholo nezinye izinkokhelo ezihambisana namaholo aholelwa amalungu agcwele

oMkhandlu kaZwelonke avela ngqo esikhwameni semali sikaZwelonke.

Ukufinyelela komphakathi eMkhandlwini kaZwelonke nokubamba kwawo iqhaza

72. (1) UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe kumele –

(a) ugqugquzele ukubanjwa kweqhaza ngumphakathi emisebenzini yokushaya imithetho

nakweminye imisebenzi yoMkhandlu namakomidi awo; futhi

(b) wenze umsebenzi wawo ngendlela esobala sivumele umphakathi emihlanganweni yawo

neyamakomidi awo; kodwa kufanele kuqashelwe lokhu –

(i) ukuvumela umphakathi ukuba ungene emhlanganweni, kubandakanya nabezokusakaza

izindaba, eMkhandlwini nasemakomidini aso, futhi

(ii) uhlinzekele nokuseshwa kwanoma yimuphi umuntu, futhi, uma kufanele, ukuvinjelwa

ukungena noma ukukhishwa kwanoma yimuphi umuntu.

(2) UMkhandlu kazwelonke weziFundazwe awungakhiphi umphakathi inyumbazane,

kubandakanya nabasakaza izindaba, ukuba bababekhona emhlanganweni wekomidi ngaphandle

uma lokho kufanelekile ukuba kwenzeke emphakathini wentando yeningi.

Ukushaywa Kwemithetho KaZwelonke

Yonke imithethosivivinywa

73. (1) Noma yimuphi uMthethosivivinywa ungethulwa eMkhandlwini kaZwelonke.

(2) Yilungu leKhabinethe noma iSekela likaNgqngqoshe, noma ilungu loMkhandlu noma

ikomidi loMkhandlu kuphela abangethula uMthethosivivinywa eMkhandlwini kodwa yilungu

leKhabhinethe elibhekele izindaba zezimali zikaZwelonke kuphela elingethula uMthethosivivinywa

ophathelene nemali eMkhandlwini.

(3) UMthethosivivinywa, ophathelene nemisebenzi ebalwe ohleni kulaSheduli 4 noma eshiwo

esigabeni 76(3), ngaphandle koMthethosivivinywa ophathelene nemali, ungethulwa eMkhandlwini

kaZwelonke weziFundazwe.

(4) Yilungu, noma yikomidi loMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe kuphela elivunyelwe

ukwethula uMthethosivivinywa phambi koMkhandlu.

(5) UMthethosivivinywa owamukelwe nguMkhandlu kaZwelonke kufanele udluliselwe

kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe uma kufanele ucwaningwe uMkhandlu kaZwelonke;

uMthethosivivinywa ovunywe uMkhandlu kaZwelonke kufanele uyiswe kuMkhandlu

kaZwelonke.

IMithethosivivinywa echibiyela uMthethosisekelo

74. (1) Isigaba 1 kanye nalesi sigatshana kungachitshiyelwa ngumthethosivivinywa

owamukelwe ngu –

(a) Mkhandlu kaZwelonke ngokwesekwa yivoti okungenani elingamaphesenti ang -75

kumalungu awo; futhi

(b) Mkhandlu kaZwelonke weziFundazwe wesekwe yivoti okungenani lezifundazwe

eziyisithupha.

(2) Isalukho 2, singachitshiyelwa ngumthethosivivinywa owamukelwe

ngu –

(a) Mkhandlu kaZwelonke, ngokusekwa yivoti okungenani lamalungu amabili kwamathathu;

futhi

(b) Mkhandlu kaZwelonke weziFundazwe wesekwe yivoti okungenani lezifundazwe

eziyisithupha.

(3) Noma yimuphi umbandela womthethosisekelo ungachitshiyelwa nguMthethosivivinywa

owamukelwe –

(a) uMkhandlu kaZwelonke, wesekwe yivoti okungenani lamalungu amabili kwamathathu;

futhi

(b) uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe, wesekwe yivoti okungenani lezifundazwe;

(4) IPhalamende alivunyelwe ukwemukela uMthethosivivinywa wokushintsha

uMthethosisekelo futh ophathelene nemandla, imingcele kanye nemisebenzi yezifundazwe,

ngaphambi kokuba udluliselwe kwisishayamthetho sesifundazwe esithintekile ukuze sinikeze

imibono yaso.

(5) Okungenani izinsuku engu-30 ngaphambi kokwethulwa kwesichibiyelo somthethosisekelo

ngokulandela isigaba 73(2), umuntu noma ikomidi elizimisele ngokwethula umthethosivivinywa

kufanele -

(a) lishicilele kusomqulo kabulumeni, ngokulandela imitheshwana nezinqumo zoMkhandlu

kaZwelonke, imininingwane yesichibiyelo esihlongozwayo ukuze uphakathi ube nezwi;

(b) lithule, ngokulandela imitheshwana kanye nezinqumo zoMkhandlu, leyo mininingwane

kwisiShayamthetho sesiFundazwe ukuzwa uvo lwaso; futhi

(c) lithule, ngokulandela imitheshwana kanye nezinqumo zoMkhandlu kaZwelonke

weziFundazwe, leyo mininingwane eMkhandlwini ukuze kuphikiswane ngawo obala, uma

isichibiyelo esihlongozwayo kungesona isichibiyelo esidinga ukuba samukelwe nguMkhandlu.

(6) Uma kwethulwa isichibiyelo somthethosivivinywa, umuntu noma ikomidi elethula

umthethosivivinywa kufanele lilethe iziphakamiso ezibhalwe phansi zanoma yiluphi uhlobo

eziphakanyiswe ngumphakathi kanye nezishayamthetho zezifundazwe –

(a) ku Somlomo ukuze zethulwe ePhalamende likazwelonke; futhi

(b) mayelana nezichibiyelo okuphawlwe ngazo kwisigatshana (1), (2), noma (3)(b), ku Sihlalo

woMkhandlu sikazwelonke sezifundazwe ukuze zethulwe kuMkhandlu.

(7) Umthethosivivinywa ochibiyela umthethosisekelo awunakuvotelwa ePhalamende

ezinsukwini ezingu-30

(a) lo mthethosivivinywa uthuliwe uma iPhalamende lihlangene ngenkathi umthethosivivinywa

wethulwa; noma

(b) ukwethulwa kwawo ePhalamende, uma iPhalamende lisahlabe ikhefu ngenkathi

umthethosivivinywa wethulwa.

(8) Uma umthethosivivinywa okuphawulwe ngawo kwisigatshana (3)(b), noma iyiphi

ingxenye yomthethosivivinywa, ethintene nesifundazwe esithile noma izifundazwe, uMkhandlu

kaZwelonke seziFundazwe asinakuvuma umthethosivivinywa noma ingxenye

yomthethosivivinywa ngaphandle uma kuvunywe yisiShayamthetho noma iziShayamthetho

zesiFundazwe noma iziFundazwe ezithintekile.

(9) Umthethosivivinywa ochibiyela umthethosisekelo ovunywe yiphalamende likaZwelonke

futhi uma kudingekile, noMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe, mawudluliselwe kuMongameli

ukuze kutholakale imvume yakhe.

IMithethosivivinywa engachaphazeli izifundazwe

75. (1) Uma uMkhandlu kaZwelonke wamukela uMthethosivivinywa ongumthetho lapho

kulandelwe inqubo ebekwe kwisigaba 74 noma 75, lowo Mthethosivivinywa kufanele uyiswe

eMkhandlwini kaZwelonke wesiFundazwe futhi uphathwe ngendlela ehambisana nenkambiso

elandelayo:

(a) UMkhandlu kaZwelonke kufanele –

(i) wamukele uMthethosivivinywa;

(ii) wamukele uMthethosivivinywa kodwa kuphela uma ushintsho olunconywa uMkhandlu

lwenziwa; noma

(iii) siwuchithe uMthethosivivinywa.

(b) Uma uMkhandlu kaZwelonke wamukela uMthethosivivinywa singazange sincome

isichibiyelo kuwona, uMthethosivivinywa kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume.

(c) Uma uMkhandlu singawamukeli noma siwamukela uma kufakwa ushintsho, uMkhandlu

kaZwelonke kufanele uwucwaninge kabusha uMthethosivivinywa ugxile kulolo shintsho

olunconywe uMkhandlu futhi –

(i) singawemukela futhi uMthethosivivinywa, noshintsho noma ngaphandle koshintsho; noma

(ii) singanquma ukungaqhubeki nalowoMthethosivivinywa.

(d) UMthethosivivinywa owemukelwe nguMkhandlu kaZwelonke ngokusho kwesigaba (c)

ngenhla, kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume.

(2) Uma uMkhandlu kaZwelonke uvotela udaba ngokusho kwalesi sigaba, isigaba 65

asisebenzi; esikhundleni saso –

(a) isithunywa ngasinye eqenjini lezithunywa zesifundazwe sibanevoti elilodwa;

(b) okungenani ingxenye eyodwa kwezintathu yezithunywa kufanele ibekhona ngaphambi

kokuba kuvotelwe udaba; futhi

(c) udaba lunqunywa ngokuthi iningi lamavoti afakiwe lesekani, uma kunamavoti alinganayo

ezinhlangothini zombili isithunywa esengamele umhlangano kufanele sifake ivoti elizoveza

isinqumo.

IMithethosivivinywa echaphazela izifundazwe

76. (1) Uma uMkhandlu kaZwelonke wamukela uMthethosivivinywa ophathelene

nomsebenzi obalwe kwizigotshana (3),(4) noma (5), lowo Mthethosivivinywa kufanele

udluliselwe kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe futhi uphathwe ngendlela elandela

lenkambiso:

(a) UMkhandlu kaZwelonke kufanele wenze okukodwa kulokhu –

(i) wamukele uMthethosivivinywa;

(ii) wamukele uMthethosivivinywa oshintshiwe; noma

(iii) uwuchithe uMthethosivivinywa.

(b) Uma uMkhandlu kaZwelonke wamukela uMthethosivivinywa ngaphandle koshintsho,

lowoMthethosivivinywa kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume.

(c) Uma uMkhandlu kaZwelonke wamukela uMthethosivivinywa oshintshiwe,

lowoMthethosivivinywa kufanele uyiswe kuMkhandlu kaZwelonke, futhi uma uMkhandlu

wamukela loMthethosivivinywa kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume.

(d) Uma uMkhandlu ungawuvumi uMthethosisekelo, noma uma uMkhandlu kaZwelonke

wenqaba ukuwemukela uMthethosivivinywa oshiwo kwisigaba (c) ngenhla, lowo

Mthethosivivinywa futhi, uma kunesidingo, kanye noMthethosivivinywa oshintshiwe, kufanele

kuyiswe kwikomidi lokuBuyisana elingavumelana –

(i) ngoMthethosivivinywa njengoba wemukelwe uMkhandlu;

(ii) ngoMthethosivivinywa oshintshiwe njengoba wemukelwe uMkhandlu; noma

(iii) ngenye inhlobo yalo Mthethosivivinywa.

(e) Uma iKomidi Labalamuli lingakwazi ukuvumelana phakathi kwezinsuku ezingu-30 emva

kukuyiswa koMthethosivivinywa kulona, uMthethosivivinywa uphelelwa yisikhathi ngaphandle

kokuthi uMkhandlu kaZwelonke uphinde uwamukele lo Mthethosivivinywa, kodwa wesekwe

yivoti okungenani lababili kwabathathu bamalungu awo.

(f) Uma iKomidi Labalamuli livumelana ngoMthethosivivinywa njengoba wamukelwe

nguMkhandlu kaZwelonke, uMthethosivivinywa kufanele uyiswe eMkhandlwini kaZwelonke,

kuthi uma uMkhandlu siwamukela lowo Mthethosivivinywa, lowo Mthethosivivinywa kufanele

uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume.

(g) Uma iKomidi Labalamuli livumelana ngoMthethosivivinywa oshintshiwe njengoba

wamukelwe nguMkhandlu kaZwelonke, uMthethosivivinywa kufanele uyiswe eMkhandlwini

kaZwelonke, futhi uma wamukelwa uMkhandlu, kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole

imvume.

(h) Uma iKomidi Labalamuli livumelana ngenye inhlobo yoMthethosivivinywa, lowo

Mthethosivivinywa kufanele uyiswe kuMkhandlu kaZwelonke nakwisiGungu kaZwelonke, futhi

uma wemukelwa nguMkhandlu kanye noMkhandlu, kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole

imvume.

(i) Uma uMthethosivivinywa oyiswe eMkhandlwini kaZwelonke njengokusho kwesigaba (f)

noma (h) ngenhla awemukelwa uMkhandlu, uMthethosivivinywa uphelelwa yisikhathi ngaphandle

uma lowoMthethosivivinywa wemukelwa nguMkhandlu kaZwelonke ngokwesekwa yivoti

okungenani lababili kwabathathu bamalungu awo.

(j) Uma uMthethosivivinywa oyiswe kuMkhandlu kaZwelonke njengokusho kwengaba (g)

no (h) ngenhla, ungemukelwa nguMkhandlu, lowoMthethosivivinywa uphelelwa yisikhathi,

kodwa uMthethosivivinywa owawamukelwe nguMkhandlu ekuqaleni ungaphinde futhi

wamukelwe nguMkhandlu kodwa wesekwe yivoti okungenani lababili kwabathathu bamalungu

awo.

(k) UMthethosivivinywa owamukelwe nguMkhandlu kaZwelonke njengokusho kwesigaba

(e), (i) noma (j) ngenhla kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume.

(2) Uma uMkhandlu kaZwelonke wamukela uMthethosivivinywa ophathelene nemisebenzi

esesigatshaneni, uMthethosivivinywa kufanele uyiswe kuMkhandlu kaZwelonke futhi uphathwe

ngendlela elandela lenkambiso:

(a) UMkhandlu kaZwelonke kufanele wenze okukodwa kulokhu –

(i) wemukele uMthethosivivinywa;

(ii) wemukele uMthethosivivinywa oshintshiwe; noma

(iii) uwuchithe uMthethosivivinywa.

(b) UMthethosivivinywa owamukelwe nguMkhandlu kaZwelonke njengokubeka kwesigaba

(a)(i) ngenhla kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume.

(c) Uma uMkhandlu kaZwelonke wamukela uMthethosivivinywa oshintshiwe,

uMthethosisekelo oshintshiwe kufanele uyiswe eMkhandlwini kaZwelonke; futhi uma uMkhandlu

wamukela uMthethosivivinywa oshintshiwe, lowo Mthethosivivinywa kufanele uyiswe

kuMongameli ukuze uthole imvume.

(d) Uma uMkhandlu uwuchitha uMthethosivivinywa noma uma uMkhandlu kaZwelonke

wenqaba ukwamukela uMthethosivivinywa oshintshiwe oyiswe kuwona njengokusho kwesigaba

(c) ngenhla, lowo Mthethosivivinywa futhi, uma kunesidingo, kanye noMthethosivivinywa

oshintshiwe, kufanele udluliselwe kwiKomidi Labalamuli, elingavumelana ngokulandelayo –

(i) UMthethosivivinywa njengobawamukelwe uMkhandlu ;

(ii) Umthethosivivinywa oshintshiwe njengoba wemukelwe nguMkhandlu; noma

(iii) enye inhlobo yoMthethosivivinywa.

(e) Uma iKomidi Labalamuli lingakwazi ukuvumelana phakathi kwezinsuku ezingu-30 emva

kokuyiswa koMthethosivivinywa kulona, uMthethosivivinywa uphelelwa yisikhathi.

(f) Uma iKomidi Labalamuli livumelana ngoMthethosivivinywa njengoba wamukelwe

nguMkhandlu kaZwelonke, uMthethosivivinywa kufanele uyiswe eMkhandlwini kaZwelonke,

kuthi uma iKomidi liwamukela lowoMthethosivivinywa, uMthethosivivinywa kufanele uyiswe

kuMongameli ukuze uthole imvume.

(g) Uma iKomidi Labalamuli livumelana ngoMthethosivivinywa oshintshiwe njengoba

wamukelwe nguMkhandlu kaZwelonke, uMthethosivivinywa kufanele uyiswe eMkhandlwini

kaZwelonke, futhi uma wemukelwa uMkhandlu, kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole

imvume.

(h) Uma iKomidi Labalamuli livumelana ngolunye uhlobo loMthethosivivinywa,

lowoMthethosivivinywa kufanele uyisiwe uMkhandlu ikaZwelonke wesiFundazwe

naseMkhandlwini kaZwelonke, futhi wamukelwa uMkhandlu uyisiwe kuMongameli ukuze uthole

imvume.

(i) Uma uMthethosivivinywa oyiswe kuMkhandlu kaZwelonke njengokusho kwesigaba (f)

noma (h) ungemukelwanga nguMkhandlu, uMthethosivivinywa uphelelwa yisikhathi.

(3) UMthethosivivinywa ungaphathwa ngendlela ebekwe kwisigatshana (1) noma (2)

kulesigaba uma uhlinzekela umthetho ohlongozwe kunoma yisiphi kulezizigaba ezilandelayo;

(a) isigaba 65(2);

(b) isigaba 163;

(c) Isigaba 182;

(d) isigaba 195(3) no (4);

(e) isigaba 196; futhi

(f) isigaba 197

(4) UMthethosivivinywa kufanele uphathwe ngendlela ebekwe kwisigatshana (1) salesi sigaba

uma ungewona uMthethosivivinywa wemali, futhi uma uhlinzekela umthetho –

(a) ohlongozwe esigabeni 44(2); noma

(b) ohlongozwe kwenye ingxenye kwiSahluko 13, futhi othinta izidingo zezimali zomkhakha

kahulumeni wezifundazwe.

(5) Umthethosivivinywa okuphawulwe ngawo kwisigaba 42(6) kufanele uhlangatshenzwe

ngokulandela inqubo emiswe kwisigatshana (1), ngaphandle uma –

(a) uma iphalamende likaZwelonke livotela umthethosivivinywa, imibandela yesigaba 53(1)

ayilandelwa, esikhundleni salokho umthethosivivinywa ungavunywa kuphela uma iningi lamalungu

ePhalamende liwuvotela; futhi

(b) uma umthethosivivinywa okuphawulwe ngawo ekomidini laBalamuli, kulandelwa

imithetho elandelayo: –

(i) Uma iPhalamende likaZwelonke licubungula umthethosivivinywa okuphawulwe ngawo

kwisigatshana (1)(g) noma (h), lowo mthethosivivinywa ungavunywa kuphela uma iningi

lamalungu ePhalamende ewuvotela;

(ii) Uma iPhalamende likaZwelonke licubungula noma licubungulisisa kabusha

umthethosivivinywa okuphawulwe ngawo kwisigatshana (1)(e), (i) noma (j), lowo

mthethosivivinywa ungavunywa kuphela uma okungenani amalungu amabili kwamathathu

ePhalamende ewuvotela.

(6) Lesi sigaba asilandelwa emthethwenisivivinywa wezeZimali.

IMithethosivivinywa yemali

77. (1) UMthethosivivinywa osebenzisa imali noma owethwesa izintela, amalevi noma

ezinye izinkokhelo zombuso unguMthethosivivinywa wemali NguMthethosivivinywa wemali

kuphela ongasebenzisa imali, noma wethweswe izintela, amalevi noma ezinye izinkokhelo

zombuso futhi uMthethosivivinywa wemali awuvunyelwe ukuphatha ezinye izinto ngaphandle

kokwethweswa kwezintela zokusebenzisa imithombo yomphakathi, noma izigwebo nezinye

izijeziso zemali.

(2) Umthetho wePhalamende kufanele uhlinzekele inkambiso engalandelwa ukuma

iPhalamende lishintsha iMithethosivivinywa yemali. UMthethosivivinywa wemali kufanele

ucwaningwe ngokulandela inkambiso obekwe esigabeni 75.

IKomidi Labalamuli

78. (1) IKomidi Labalamuli lakhiwe –

(a) amalungu ayisishiyagalolunye oMkhandlu kaZwelonke akhethwe nguMkhandlu

ngokulandela inkambiso ebekwe yimitheshwana nezinqumo zoMkhandlu futhi enomphumela

wokuthi amaqembu amaleleke ngendlela enokufana nokumeleleka kwawo eMkhandlwini; futhi

(b) isithunywa esisodwa esivela ezithunyweni zesifundazwe ngasinye, esiqokwe yilezo

zithunywa.

(2) IKomidi Labalamuli lisuke selivumelene ngoMthethosivivinywa othile noma selinqumile

ngodaba uma lowoMthethosivivinywa noma uhlangothi oluthile lobaba lusekwa –

(a) okungenani abahlanu babamele uMkhandlu kaZwelonke; futhi

(b) okungenani abahlanu babamele uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe.

Ukuvunywa iMithethosivivinywa

79. (1) UMongameli kufanele avume futhi asayine uMthethosisekelo owemukelwe

njengokusho kwalesi Sahluko noma, uma uMongameli engagculisekile ngokuthi

uMthethosivivinywa uyahambisana noMthethosisekelo, kufanele awuphindisele kuMkhandlu

kaZwelonke ukuze uwucwaninge kabusha.

(2) Imitheshwana ehlangene kanye neziqhumo kufanele ihlinzekele inqubo uma uMkhandlu

kaZwelonke noma isiGungu sikaZwelonke seziFundazwe sicwaninga kabusha

uMthethosivivinywa.

(3) IsiGungu sikaZwelonke seziFundazwe sibamba iqhaza ekucwaningeni kabusha

koMthethosivivinywa ophindiswe emuva eMkhandlwini kaZwelonke nguMongameli kuphela uma

–

(a) ukungagculiseke kukaMongameli mayelana nokungahambisani koMthethosivivinywa

noMthethosisekelo kuphathelene nodaba lwenkambiso oluthinta isiGungu; noma

(b) isigaba 74 (1), (2) noma (3)(b) noma 76 sasetshenziswa ekwamukelweni

koMthethosivivinywa.

(4) Uma, emuva kokucwaningwa kabusha, uMthethosivivinywa wenelisa ngokuphelele

ukungagculiseki kukaMongameli, uMongameli kufanele awuvume futhi awusayine

lowoMthethosisekelo; uma kungenzeki loko, uMongameli kufanele enze okunye kwaloku -

(a) avume futhi asayine uMthethosivivinywa; noma

(b) awudlulisele eNkantolo yoMthethosisekelo ezonquma ngokuhambisana kwawo

noMthethosisekelo.

(5) Uma iNkantolo yoMthethosisekelo inquma ukuthi uMthethosivivinywa uyahambisana

noMthethosisekelo, uMongameli kufanele awuvume futhi awusayine.

Izicelo ezifakwa ngamalungu oMkhandlu kaZwelonke eNkantolo yoMthethosisekelo

80. (1) Amalungu oMkhulu kaZwelonke angafaka isicelo eNkantolo yoMthethosisekelo

sokuthi inkantolo ikhiphe izwi lokuthi wonke noma ingxenye yoMthethosivivinywa noma uma

sewushicilelewe, uMthetho, owamukelwe yiPhalamende awuhambisani noMthethosisekelo.

(2) Isicelo –

(a) kufanele sesekwe amavoti okungenani loyedwa kwabathathu bamalungu oMkhandlu; futhi

(b) kufanele senziwe phakathi kwezinsuku ezingu 30 kusukela osukwini uMongameli

awuvume futhi awusayina ngalo umthetho.

(3) INkantolo yoMthethosisekelo inganquma ukuthi wonke umthetho noma ingxenye

yomthetho okufakwe isicelo ngawo njengokusho kwesigatshana (1) ngenhla, angeke usebenze

ngaphambi kokuthi iNkantolo ikhiphe isinqumo ngesicelo uma –

(a) izidingo zobulungiswa ziphoqelela lesi sinqumo; futhi

(b) isicelo sinamathuba anele okuphumelela

(4) Uma isicelo singaphumeleli, iNkantolo yoMthethosisekelo kufanele inqume ukuthi labo

abafake isicelo kufanele bakhokhe izindleko ngaphandle uma isicelo besinamathuba anele

okuphumelela.

Ukushicilelwa kweMithetho

81. UMthethosivivinywa ovunyiwe futhi wasayinwa nguMongameli uba nguMthetho

wePhalamende, kufanele ushicilelwe ngokungachithi sikhathi, futhi uqala ukusebenza uma

ushicilelwa noma ngelanga elingemuva elinqunywe ngokusho kwalowo Mthetho.

Ukugcina ukuphepha kwemithetho yePhalamende

82. Ikhophi esayiniwe yomthetho wePhalamende ingubufakazi obugcwele balokho

okuqukethwe kulowo mthetho futhi emuva kokushicilelwa, kufanele unikezwe iNkantolo

yoMthethosisekelo ukuze iwugcine ngokuphepha.

Isahluko 5

UMongameli noMkhandlu

kaZwelonke

UMongameli

83. UMongameli –

(a) uyiNhloko yoMbuso nenhloko yoMkhandlu kaZwelonke;

(b) kufanele aseke, avikele, ahloniphe uMthethosisekelo njengomthetho omkhulu

kunayoyonke eRiphabhuliki; futhi

(c) akhuthaze ubumbano lwesizwe naloko okuqhubela iRiphabhuliki phambili.

Amandla nemisebenzi kaMongameli

84. (1) UMongameli unamandla awanikezwe nguMthethosisekelo nomthetho,

kubandakanya lawo mandla afanele ukuze enze imisebenzi yeNhloko yombuso nenhloko

yesigungu sikazwelonke.

(2) UMongameli ubhekele okulandelayo –

(a) ukwamukela nokusayina iMithethosivivinywa;

(b) ukubuyisela uMthethosivivinywa emuva ePhalamende ukuze liwubuyekeze ukuze

uhambisane noMthethosisekelo;

(c) ukudlulisela uMthethosivivinywa kwiNkantolo yoMthethosisekelo ukuze ikhiphe isinqumo

ngokuhambisana kwawo noMthethosisekelo;

(d) ukubizela uMkhandlu kaZwelonke, uMkhandlu kaZwelonke zesiFundazwe noma

iPhalamende emhlanganweni oyisipesheli;

(e) ukuqoka abazophatha izikhundla okumiswe kuMthethosisekelo noma ngumthetho, ukuthi

kufanele kwenziwe nguMongameli ngaphandle kokuqoka akwenza njengenhloko yesigungu

sikazwelonke;

(f) ukumisa amakhomishana okuphenya;

(g) ukumisa uhlololuvo lukazwelonke njengokumisa komthetho wePhalamende;

(h) ukwemukela futhi azise izithunywa zakwamanye amazwe kanye nabamele amanye

amazwe;

(i) ukuqoka aManxusa, aManxusa agunyaziwe, abaphathelene nezindaba zamazwe kanye

nabamele amanye amazwe;

(j) ukuxolela abagwetshelwe amacala futhi ehlise nezigwebo; futhi

(k) uklomelisa ngezindondo zokuhlonipha ubuqhawe.

Igunya lokuphatha eRiphabhuliki

85. (1) Amandla okuphatha eRiphabhuliki abekwe kuMongameli.

(2) UMongameli usebenzisa amandla okuphatha ebambisene namanye amalungu eKhabhinethi

ngalezi zindlela –

(a) ngokuphoqelela umthetho kazwelonke ngaphandle uma uMthethosisekelo noma umthetho

wePhalamende usho okunye okwehlukile;

(b) ngokuthuthukisa nokuphoqelela imigomo kazwelonke;

(c) ngokudidiyela imisebenzi yeminyango yombuso kanye neyezakhiwo zombuso;

(d) ngokulungisa nokungenisa umthetho; futhi

(e) nokwenza noma yimiphi eminye imisebenzi yokuphatha ehlinzekelwe kuMthethosisekelo

noma kumthetho kazwelonke.

Ukukhethwa kukaMongameli

86. (1) Emhlanganweni wawo wokuqala nalapho kunesidingo sokuvala isikhala,

uMkhandlu kaZwelonke kufanele ukhethe umuntu wesifazana noma wesilisa phakathi

kwamalungu awo ukuthi abe nguMongameli.

(2) UMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kufanele engamele lolu khetho noma aqoke

elinye ijaji ukuba likwenze loko Inqubo ebekwe kwiSheduli 3 iyona esebenzayo ekukhethweni

kukaMongameli.

(3) Ukhetho lokugcwalisa isikhala esikhundleni sikaMongameli kufanele lubekelwe isikhathi

nelanga nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kodwa zingakadluli izinsuku ezingu-30

emuva kokuvela kwalesosikhala.

Ukuqala ukusebenza kukaMongameli

87. Uma esekhethwe njengoMongameli, umuntu uyayeka ukuba yilungu loMkhandlu

kaZwelonke futhi, phakathi kwezinsuku eziyisihlanu, kufanele aqale umsebenzi esikhundleni

sikaMongameli ngokufunga noma ukuqinisekisa ukwethembeka kwiRephabhliki nokuthobela

uMthethosisekelo, njengokusho kukaSheduli 2.

Isikhathi sesikhundla sikaMongameli

88. (1) UMongameli unesikhathi esikhundleni esiqala kusukela eqala umsebenzi siphele

lapho kuvela isikhala noma uma umuntu olandelayo okhethelwe esikhundleni sokuba

nguMongameli eqala umsebenzi wobuMongameli.

(2) Akekho umuntu ovunyelwe ukuba sesikhundleni njengoMongameli ngaphezulu

kwezikhathi ezimbili uma umuntu ekhethelwe ukuthi agcwalise isikhala esikhundleni

sobuMongameli, isikhathi esiphakathi kokugcwalisa isikhala nokhetho olulandelayo, asithathwa

njengesikhathi soBungameli kulowomuntu.

Ukususwa kukaMongameli esikhundleni

89. (1) UMkhandlu kazwelonke ngesinqumo esesekwe ngababili kwabathathu bamalungu,

ungamsusa uMongameli esikhundleni kuphela ngezizathu ezilandelayo –

(a) ukwephulwa koMthethosisekelo noma umthetho obalulekile;

(b) ukungaziphathi kahle ngendlela embi kakhulu; noma

(c) ukungakwazi ukwenza imisebenzi yesikhundla.

(2) Noma ngubani osuswe esikhundleni sikaMongameli ngendlela ebekwe ngu 1(a) noma (b)

angeke athole izinzuzo zaleso sikhundla futhi akavunyelwe ukumela ukhetho lwesikhundla

somphakathi.

IBamba likaMongameli

90. (1) Uma UMongameli engekho kwiRiphabhuliki noma engakwazi ukufeza izidingo

zomsebenzi kaMongameli; noma kunesikhala kuleso sikhundla, iziphathimandla ezilandelayo

zingambambela njengoMongameli:

(a) Isekela likaMongameli.

(b) UNgqongqoshe ojutshwe nguMongameli.

(c) UNgqongqoshe ojutshwe ngamanye amalungu eKhabhinethi.

(d) USomlomo, uMkhandlu kaZwelonke uze ujube omunye wamalungu awo.

(2) IBamba likaMongameli linezibopho, amandla nemisebenzi kaMongameli.

(3) Ngaphambi kokuthatha izibopho, amandla nemisebenzi kaMongameli IBamba

likaMongameli kufanele lifunge noma liqinisekise ukwethembeka kwiRiphabhuliki nokuthobela

uMthethosisekelo, njengokubeka kukaSheduli 2.

IKhabhinethi

91. (1) IKhabhinethi inoMongameli, njengenhloko yeKhabhinethe, iSekela likaMongameli

kanye nawoNgqongqoshe.

(2) UMongameli uqoka iSekela likaMongameli kanye noNgqongqoshe, ubanika amandla

nemisebenzi, futhi angabasusa esikhundleni.

(3) UMongameli –

(a) kufanele akhethe iSekela likaMongameli phakathi kwamalungu oMkhandlu kaZwelonke;

(b) angakhetha noma yinani elingakanani loNgqongqoshe phakathi kwamalungu oMkhandlu;

futhi

(c) angakhetha oNgqongqoshe abangeqile kwababili abavela ngaphandle koMkhandlu.

(4) UMongameli kufanele aqoke ilungu leKhabhinethe elizoba umholi womsebenzi

kahulumeni eMkhandlwini kaZwelonke.

(5) ISekela likaMongameli kufanele lisize uMongameli ekwenzeni imisebenzi kahulumeni.

Imithwalo kanye nokulindelekile

92. (1) ISekela likaMongameli kanye noNgqongqoshe babhekele amandla nemisebenzi

yesigungu abethweswe yona nguMongameli.

(2) Amalungu eKhabhinethi aphendula ewonke kanye nelungu ngalinye kwiPhalamende

mayelana namandla nokwenza imisebenzi yawo.

(3) Amalungu eKhabhinethi kufanele –

(a) enze njengokuhambisana noMthethosisekelo; futhi

(b) anikeze iPhalamende imibiko ephelele njalo ngemuva kwezikhathi ezejwayelekile

maqondana nezindaba ezilawulwa yiwo.

Osekela boNgqongqoshe

93. UMongameli angaqoka oSekela boNgqongqoshe phakathi kwamalungu oMkhandlu

kaZwelonke ukuba basize amalungu eKhabhinethe futhi angabasusa esikhundleni.

Ukuqhubeka kweKhabhinethi emuva kokhetho

94. Uma kubanjwe ukhetho loMkhandlu kaZwelonke, iKhabhinethi, iSekela likaMongameli,

oNgqongqoshe nanoma yimuphi uSekela kaNgqongqoshe usengakwazi ukusebenza aze athathe

isikhundla njengoMongameli lowomuntu okhethwe nguMkhandlu kaZwelonke omusha ukuthi abe

nguMongameli.

Izifungo neziqinisekiso

95. Ngaphambi kokuthi iSekela likaMongameli, oNgqongqoshe kanye namaSekela

oNgqongqoshe baqale imisebenzi yezikhundla zabo, kufanele bafunge noma baqinisekise ukuthi

bazokwethembeka kwiRephabhliki futhi bathobele uMthethosisekelo, ngokuhambisana ne Sheduli

2.

Ukuziphatha kwamalungu eKhabhinethi namaSekela oNgqongqoshe

96. (1) Amalungu eKhabhinethi kanye namaSekela oNgqongqoshe kufanele aziphathe

ngendlela ehambisana nohlelo lokuziphatha olubekwe ngumthetho kazwelonke.

(2) Amalungu eKhabhinethe namaSekela oNgqongqoshe akufanele –

(a) benze omunye umsebenzi okhokhelwayo;

(b) baziphathe noma ngayiphi indlela engahambisani nezikhundla zabo, noma bazibeke

kunoma yisiphi isimo esingadala ukuthi babonakale benobunzima bokwehlukanisa phakathi

kwezidingo zomsebenzi nezidingo zomuntu zangasese;

(c) basebenzise isikhundla noma ulwazi lwanoma uluphi uhlobo elunikezelwe kubona

ukuzenzela inzuzo noma ukwenzela omunye inzuzo engafanele.

Ukudluliswa kwemisebenzi

97. UMongameli angadlulisela kwilungu leKhabhinethi ngesimemezelo esishicilelwe

okulandelayo –

(a) ukwengamelwa kwanoma yimuphi umthetho onikezwe elinye ilungu; noma

(b) amandla noma umsebenzi onikezwe elinye ilungu ngokomthetho.

Ukunikezwa kwemisebenzi okwesikhashana

98. UMongameli anganikeza ilungu leKhabhinethi noma yimaphi amandla noma umsebenzi

yelinye ilungu leKhabhinethe elingekho noma elingakwazi ukusebenzisa lawo mandla noma

ukwenza lowo msebenzi.

Ukwabiwa kwemisebenzi

99. Ilungu leKhabhinethi lingabela ilungu loMkhandlu esikhulu sesifundazwe noma uMkhandlu

sikaMasipala noma yimaphi amandla noma umsebenzi okufanele wenziwe ngokomthetho

wePhalamende Ukwabiwa –

(a) kufanele kuhambisane nesivumelwano phakathi kwelungu leKhabhinethe elithintekile

nelungu loMkhandlu esikhulu sesifundazwe noma uMkhandlu sikaMasipala;

(b) kufanele kuhambisane nomthetho wePhalamende ophathelene nalawomandla noma

umsebenzi.

(c) kuqala ukusebenza emva kokumenyezelwa nguMongameli.

Ukulawulwa ngokukazwelonke kombuso wesiFundazwe

100. (1) Uma isifundazwe singakwazi noma singagcwalisi izibopho zaso ezibekwe

ngumthetho noma uMthethosisekelo, isiGungu esikhulu singalungena udaba ngokuthatha

izinyathelo ezifanele ukuqinisekisa ukugcwaliswa kwezibopho, kubandakanya –

(a) ukukhipha isiyalelo esiya kuMkhandlu esikhulu sesifundazwe esichaza indlela esehluleka

ngayo ukugcwalisa izibopho zaso futhi sisho izinyathelo okufanele zithathwe ukuze kugcwaliswe

lezozibopho; futhi

(b) nokuzithathela umsebenzi wokubhekela lezo zibopho ezithintekile kuleso sifunda ngendlela

edingekile ukuze –

(i) kugcinwe amazinga abalulekile ngokukazwelonke noma kuhlangatshezwane namazinga

amisiwe okungafanele ehliswe okunikezwa izidingo zomphakathi;

(ii) kugcinwe ubumbano lwezomnotho;

(iii) kugcinwe ukuphepha kwezwe; noma

(iv) kunqandwe leso sifundazwe ukuze singathathi izinyathelo ezingafanele ezikhinyabeza

ezinye izifundazwe noma izwe lonke.

(2) Uma isiGungu esikhulu singena udaba kwisifundazwe ngokubeka kwesigatshana (1)(b)

–

(a) isaziso sokulungena udaba kufanele sibekwe phambi koMkhandlu kaZwelonke

weziFundazwe phakathi kwezinsuku ezingu 14 zomhlangano waso wokuqala emuva kokungenwa

kodaba;

(b) ukungenwa kodaba kufanele kuphele ngaphandle uma kwamukelwe uMkhandlu phakathi

kwezinsuku ezingu-30 emuva komhlangano wokuqala emuva kokungenwa kodaba; futhi

(c) uMkhandlu kufanele sikuphenye kabusha ukungenwa kodaba njalo emva kwezikhathi

ezithile futhi senze noma yiziphi izincomo ezilungile isiGungu esikhulu.

(3) Umthetho kazwelonke ungalawula uhlelo olumiswe kulesi sigaba.

Izinqumo zesiGungu esikhulu

101. (1) Isinqumo sikaMongameli kufanele sibhalwe phansi uma –

(a) sithathwe maqondana nomthetho kaZwelonke; noma

(b) sinemiphumela esemthethweni.

(2) Isinqumo esibhalwe phansi nguMongameli kufanele sisayinwe ngomunye wamalungu

eKhabhinethi uma leso sinqumo sixhumene nomsebenzi owabelwe lelo lungu leKhabhinethi.

(3) Izimemezelo, imitheshwana kanye neminye imithombo yemithetho engaphansi kweminye

kufanele umphakathi ukwazi ukufinyelela kuyo.

(4) Umthetho kazwelonke ungacacisa indlela imithombo yemithetho eshiwo kwisigatshana

(2) okufanele,

(a) ibekwe phambi kwePhalamende;

(b) yamukelwe yiPhalamende.

Iziphakamiso zokungethembeki

102. (1) Uma uMkhandlu kaZwelonke wemukela isiphakamiso sokuthi iKhabhinethi,

ngaphandle kukaMongameli, ayisathembekile eMkhandlwini, ngevoti elesekwe yiningi lamalungu

oMkhandlu, uMongameli kufanele alakhe kabusha iKhabhinethi.

(2) Uma uMkhandlu kaZwelonke wamukela isiphakamiso sokuthi uMongameli

akasathembekile kubona, ngevoti elesekwe yiningi lamalungu oMkhandlu, uMongameli namanye

amalungu eKhabhinethi kanye nanoma yiliphi iSekela likaMongameli kufanele bashiye isikhundla.

Isahluko 6

Izifundazwe

Izifundazwe

103. (1) IRiphabhuliki inezifundazwe ezilndelayo:

(a) iMpumalanga Koloni

(b) iFuleyisitata

(c) iGauteng

(d) iKwaZulu/Natali

(e) iMpumalanga

(f) iNyakatho Koloni

(g) iNyakatho

(h) iNyakatho Ntshonalanga

(i) INtshonalanga Koloni.

(2) Imingcele yezifunda yileyo ekhona ngesikhathi uMthethosisekelo uqala ukusebenza.

Izishayamthetho zesifundazwe

Igunya lokushaya imithetho lezifundazwe

104. (1) Igunya lokushaya imithetho lesifundazwe libekwe kwisishayamthetho

sesifundazwe, futhi linikeza isishayamthetho sesifundazwe amandla –

(a) okwamukela umthethosisekelo wesifundazwe noma okushintsha noma yimuphi

umthethosisekelo owamukelwe yiso ngokusho kwezigaba 142 no 143;

(b) ukwamukela imithetho kwisifundazwe futhi yesifundazwe maqondana –

(i) nanoma yiluphi udaba olubalulwe kuSheduli 4;

(ii) nanoma yiluphi udaba olubalulwe kuSheduli 5;

(iii) nanoma yiluphi udaba olungabalulwanga lapho, futhi olwabelwe isifundazwe ngokusho

komthetho kazwelonke; futhi

(iv) noma yiluphi udaba olubalulwe wumthethosisekelo, ukumiswa komthetho wesiFundazwe;

kanye

(c) ukwabela noma yimaphi amandla aso okushaya imithetho kunoma yisiphi uMkhandlu

sikaMasipala kwisifundazwe.

(2) Isishayamthetho sesifundazwe, ngesinqumo esesekelwe okungenani ngababili kwabathathu

bamalungu aso, singacela iPhalamende ukuthi lishintshe igama laleso sifundazwe.

(3) Isishayamthetho sesifundazwe siboshwe kuphela nguMthethosisekelo futhi, uma

sesamukele umthethosisekelo wesifundazwe saso, yilowomthethosisekelo, futhi kufanele senze

okuhambisana nalokho okubekwe ngumthethosisekelo nalowomthethosisekelo wesifundazwe.

(4) Umthetho wesifundazwe maqondana nodaba oludingekile ukuze kusetshenziswe amandla

ngendlela noma oluhlangene nokusetshenziswa ngendlela kwamandla athintene nanoma yiluphi

udaba olukuluhlu lukaSheduli 4, ungumthetho maqondana nodaba olukuluhlu lukaSheduli 4.

(5) Isishayamthetho sesifundazwe singancoma eMkhandlwini kaZwelonke umthetho

ophathelene nanoma yiluphi udaba olungaphandle kwamagunya alesosishayamthetho, noma

okubusa kulo, umthetho wePhalamende ngaphezu komthetho wesifundazwe.

Ukwakheka nokukhethwa kwezishayamthetho zezifundazwe

105. (1) Isishayamthetho sesifundazwe sakhiwe ngabantu besifazane nabesilisa abakhethwe

njengamalungu njengokusho kohlelo lokhetho –

(a) olumiswe ngumthetho kazwelonke;

(b) olwakhelwe phezulu kwengxenye yesifundazwe yoluhlu lukazwelonke lwabobonke

abavoti;

(c) oluhlinzekela iminyaka yobudala yokuvota engu 18; futhi

(d) olunomphumela, jikelele, wokumelwa okuhambisana nenani lamavoti elitholiwe.

Ubulungu

106. (1) Yileso naleso sakhamuzi esinelungelo lokuvotela uMkhandlu kaZwelonke, singaba

yilungu lesishayamthetho sesifundazwe, ngaphandle –

(a) kwanoma ngubani oqokwe noma osebenzela umbuso futhi ekhokhelwa ngenxa yalowo

msebenzi, ngaphandle –

(i) kukaNdunankulu namanye amaLungu oMkhandlu soMkhandlu wesifundazwe, futhi

(ii) nanoma yiziphi ezinye iziphathimandla ezenza imisebenzi ehambisana nemisebenzi yelungu

lesishayamthetho sesifundazwe futhi oshiwo ngumthetho kazwelonke ukuthi uhambisana

naleyomisebenzi;

(b) kwamalungu omkhandlu kaZwelonke, amalungu agcwele oMkhandlu kaZwelonke

wesiFundazwe noma amalungu oMkhandlu sikaMasipala;

(c) komuntu onezikweletu angeke akwazi ukuzikhokha;

(d) kwanoma ngubani inkantolo yaseRephabhliki ethe akaphilile engqondweni; noma

(e) kwanoma ngubani okuthe ngemuva kokuqala ukusebenza kwalesi sigaba, walahlwa yicala

futhi wagwetshwa isikhathi esingaphezulu kwezinyanga ezingu-12 ngaphandle kwesijeziso semali,

kweRiphabhuliki noma ngaphandle kweRiphabhuliki uma leso senzo esiyicala sasingaba yicala

eRiphabhuliki; kodwa akekho ongathathwa njengogwetshiwe, kuze kubenesinqumo

ngokudluliswa kwecala noma kuze kuphele isikhathi sokudluliswa kwecala Ukungabinalungelo

ngaphansi kwalesigaba kuphela eminyakeni emihlanu emuva kokuqedwa kwesigwebo.

(2) Umuntu ongafanelekile ukuba yilungu lesiShayamthetho sesiFundazwe ngokumaqondana

nesigatshana (1) (a) noma (b) angathathwa njengomuntu ongaqokwa abe yilungu

lesiShayamthetho, ngaphansi kwemibandela noma isimo esimiswe wumthetho kaZwelonke.

(3) Umuntu ulahlekelwa ubulungu besiShayamthetho sesiFundazwe uma lowo muntu –

(a) engasakulungele ukuba yilungu; noma

(b) ephutha kwisiShayamthetho ngaphandle kwemvume, esimweni lapho umthetho nezinqumo

zesiShayamthetho zibeka ukulahlekelwa wubulungu.

(4) Izikhala kwisiShayamthetho sesiFundazwe kufanele zigcwaliswe ngokulandela umthetho

kaZwelonke.

Ukufunga noma ukuqinisekisa

107. Ngaphambi kokuba amalungu esishayamthetho sesifundazwe enze imisebenzi yawo

kwisishayamthetho kufanele afunge noma enze isiqiniseko sokwethembeka kwiRiphabhuliki

nangokuthobela uMthethosisekelo, ngokuhambisana noSheduli 2.

Isikhathi sokusebenza kwezishayamthetho zezifundazwe

108. (1) Isishayamthetho sesifundazwe sikhethelwa iminyaka emihlanu.

(2) Uma isishayamthetho sesifundazwe sihlakazwa njengokusho kwesigaba 109, noma lapho

isikhathi saso siphela, uNdunankulu wesfundazwe ngesimemezelo esishicilelwe, kufanele abize

ukhetho okufanele lubanjwe lubanjwe zingakapheli izinsuku ezingu 90 ngemuva kokuhlakazwa

kwesishayamthetho, noma ngemuva kokuphela kwesikhathi sokusebenza kwaleso sishayamthetho.

(3) Uma umphumela wokhetho lwesishayamthetho sesifundazwe, ungamenyezelwanga

ngaphakathi kwesikhathi esishiwo esigabeni 190 noma uma ukhetho luchithwa yinkantolo,

uMongameli kufanele abize futhi abeke usuku lokhetho okufanele lubanjwe zingakapheli izinsuku

ezingu 90 ngemuva kokudlula kwalesosikhathi noma kosuku ukhetho olwamiswa ngalo.

(4) Isishayamthetho sesifundazwe sinamandla okusebenza kusukela ngesikhathi sihlakazwa

noma siphelelwa yisikhathi, kuze kube wusuku olungahambi kosuku lokuqala lokuvotelwa

isishayamthetho esilandelayo.

Ukuhlakazwa kwezishayamthetho zezifundazwe ngaphambi kokuphela kwesikhathi

109. (1) UNdunankulu kufanele ahlakaze isishayamthetho sesifundazwe uma –

(a) lesosishayamthetho sithathe isinqumo sokuhlakazeka esisekelwe yiningi lamalungu aso;

futhi

(b) iminyaka emithathu isidlulile emuva kokukhethwa kwalesosishayamthetho.

(2) Ibamba likaNdunankulu kufanele lihlakaze isishayamthetho sesifundazwe uma –

(a) kukhona isikhala esikhundleni sikaNdunankulu; futhi

(b) isishayamthetho sehluleka ukukhetha uNdunankulu omusha zingakapheli izinsuku ezingu

30 ngemuva kokuvela kwesikhala.

Izikhathi zokuhlangana nezamakhefu

110. (1) Emuva kokhetho, umhlangano wokuqala kufanele ubanjwe ngesikhathi nangosuku

olunqunywe nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo, kodwa zingakapheli izinsuku

ezingu-14 emuva kokumenyezelwa komphumela wokhetho Isishayamthetho sesifundazwe

singanquma isikhathi nobude bemihlangano yaso eminye kanye namakhefu aso.

(2) UNdunankulu wesifundazwe angabizela isishayamthetho sesifundazwe emhlanganweni

ongavamile noma ngasiphi isikhathi ukuze senze umsebenzi oyisipesheli.

(3) Isishayamthetho sesifundazwe singanquma indawo esizohlanganela kuyo

ngokujwayelekile.

OSomlomo kanye namaSekela oSomlomo

111. (1) Ekuhlaleni kwaso kokuqala emuva kokhetho, noma uma kudingekile ukuba

kugcwaliswe isikhala, isishayamthetho sesifundazwe kufanele sikhethe uSomlomo neSekela

likaSomlomo phakathi kwamalungu aso.

(2) IJaji elijutshwe nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kufanele lengamele

ukukhethwa kukaSomlomo USomlomo wengamela ukukhethwa kwesekela likaSomlomo.

(3) Inqubo kwingxenye A ebekwe kuSheduli 3 iyasebenza ekukhethweni koSomlomo

namaSekela oSomlomo.

(4) Isishayamthetho sesifundazwe singamsusa esikhundleni uSomlomo noma iSekela

likaSomlomo ngokuthatha leso sinqumo Iningi lamalungu esishayamthetho kufanele libekhona

uma kuthathwa leso sinqumo.

(5) Njengokusho kwemitheshwana nezinqumo yaso, isishayamthetho sesifundazwe kufanele

sikhethe phakathi kwamalungu aso abanye abengameli ukuze basize uSomlomo noSekela

likaSomlomo.

Izinqumo

112. (1) Ngaphandle uma uMthethosisekelo uhlinzekela ngokunye –

(a) iningi lamalungu esishayamthetho sesifundazwe kufanele libekhona ngaphambi kokuba

kuvotelwe uMthethosivivinywa noma ushintsho loMthethosivivinywa;

(b) okungenani oyedwa kwabathathu bamalungu esishayamthetho kufanele babekhona

ngaphambi kokuba kuvotelwe noma yluphi udaba okufanele kunqunywe ngalo phambi

kwesishayamthetho; futhi

(c) zonke izindaba ezingaphambi kwesishayamthetho sesifundazwe kufanele zinqunywe

ngokwesekwa yiningi lamavoti afakiwe.

(2) Ilungu elingamele isishayamthetho sesifundazwe alinali ivoti elicatshangiwe, kodwa –

(a) kufanele livote uma kukhona amanani amavoti alinganayo ezinhlangothini zombili zodaba;

futhi

(b) lingavota ngokucatshangiwe uma udaba lufanele lunqunywe ngokusekwa yivoti

okungenani lababili kumalungu amathathu.

Amalungelo ezithunywa ezigcwele kwizishayamthetho zezifundazwe

113. Izithunywa zesifundazwe ezigcwele kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe

zingahambela isishayamthetho futhi zikhulume kwizishayamthetho zezifundazwe zazo kanye

nasemakomidini azo, kodwa azivunyelwe ukuvota Isishayamthetho singadinga ukuba isithunywa

esimile sibekhona kwisishayamthetho noma emakomidini aso.

Amandla ezishayamthetho zezifundazwe

114. (1) Ekusebenziseni amandla okushaya imithetho, isishayamthetho sesifundazwe –

(a) singacwaninga, semukele, sishintshe noma sichithe noma yimuphi umthetho obekwe

phambi kwesishayamthetho; futhi

(b) singasungula noma silungise umthetho ngaphandle kweMithethosivivinywa yemali.

(2) Usihayamthetho sesifundazwe kufanele sihlinzekele izindlela –

(a) zokuqinisekisa ukuthi zonke izingxenye zombuso emkhakheni kahulumeni wesifundazwe

ziphendula kusona; futhi

(b) zokugcina iso kuloku –

(i) ukusetshenziswa kwegunya lesifundazwe lokuphatha kwisifundazwe, kubandakanya

nokuphoqelelwa kwemithetho; futhi

(ii) noma yiyiphi ingxenye yombuso.

Ubufakazi noma ulwazi phambi kwesishayamthetho sesifundazwe

115. Isishayamthetho sesifundazwe noma ikomidi laso noma yiliphi –

(a) singabiza noma yimuphi umuntu ukuthi avele phambi kwaso ukuze anike ubufakazi

obufungelwe noma obuqinisekisiwe noma ukuze aveze amaphepha athile;

(b) singafuna ukuthi noma yimuphi umuntu noma isakhiwo sinikeze umbiko kusona;

(c) singaphoqa, ngokomthetho wesifundazwe noma imitheshwana nezinqumo zaso, ukuthi

noma yimuphi umuntu noma isakhiwo silandele okushiwo yisamanisi noma okushiwo kwisigaba

(a) noma (b); futhi

(d) singemukela izicelo imibono noma iziphakamiso ezivela kunoma yimuphi umuntu othintwa

wudaba noma izikhungo.

Amalungiselelo ezangaphakathi, imisebenzi nenqubo yezishayamthetho zezifundazwe

116. (1) Isishayamthetho sesifundazwe –

(a) singazithathela izinqumo futhi silawule amalungiselelo aso angaphakathi, izinhlelo kanye

nezinqubo; futhi

(b) senze imitheshwana nezinqumo maqondana nomsebenzi waso sibe ubhekele ukuqhuba

ngenqubo yentando yeningi eyazisa ukumelwa nokubanjwa kweqhaza, ukuphendula, ukusebenzela

obala nokuthintwa komphakathi.

(2) Imitheshwana nezibopho yesishayamtetho sesifundazwe kufanele kuhlinzekele –

(a) ukumiswa, ukwakheka, amandla, imisebenzi, inqubo kanye nesikhathi sokubakhona

kwamakomidi aso;

(b) ukubanjwa kweqhaza emisebenzini yesishayamthetho sesifundazwe, kwawo wonke

amaqembu amancane ezepolitiki amelekile eMkhandlwini, ngendlela ehambisana nenqubo

yentando yeningi;

(c) usizo lwezemali nokuhanjiswa ngendlela komsebenzi eqenjini ngalinye elimelwe

kwisishayamthetho sesifundazwe, olulingana nokumeleka kwalo, ukuze iqembu ngalinye nomholi

walo likwazi ekwenza imisebenzi yalo kwisishayamthetho; futhi

(d) ukwaziswa, njengoMholi wabaPhikisayo, komholi weqembu elikhulu kunawo wonke

amaqembu amancane kwisishayamthetho kwiKhabinethi.

Ukubonelelwa kwaMalungu

117. (1) Amalungu esishayamthetho sesifundazwe kanye nezithunywa ezigcwele

zoMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe –

(a) anelungelo lokukhuluma ngokukhululeka kwisishayamthetho nasemakomidini aso,

ngendlela evumelana nemitheshwana nezinqumo; futhi

(b) angeke athweswe amacala ombango noma obulelesi, aboshwe, avalelwe noma akhokhiswe

amademeshe ngenxa –

(i) yanoma yini ayishilo, ayivezile noma ayinikeze isishayamthetho noma ikomidi laso noma

yiliphi;

(ii) yanoma yini evelile ngenxa yalokho akushilo, akuvezile akunikeze isishayamthetho noma

ikomidi lawo noma yiliphi.

(2) Ezinye izibonelelo nokuvikeleka kwesishayamthetho sesifundazwe, kanye namalungu aso

zingabekwa ngumthetho kazwelonke.

(3) Amaholo, nezinye izinkokhelo ezihlangene namaholo ezikhokhelwa amalungu

esishayamthetho kuvela ngqo esiKhwameni seMali sesiFundazwe.

Ukuvumeleka komphakathi kwisishayamthetho kanye nokuthinteka kwawo

118. (1) Isishayamthetho sesifundazwe kufanele –

(a) senze kubelula ukuthi umphakathi uthintwe ngomsebenzi wokushaya imithetho neminye

imisebenzi yesishayamthetho namakomidi aso; futhi

(b) senze umsebenzi waso ngendlela esobala, sivumele umphakathi emihlanganweni yaso

naleyo yamakomidi aso; kodwa, amanyathelo afanele angathathwa ukuze –

(i) kulawulwe ukungena nokuphuma komphakathi, kubandakanya ukungena nokuphuma

kwabezindaba, kwisishayamthetho nasemakomidini aso;

(ii) nokuhlinzekela ukusesha noma yimuphi umuntu, futhi lapho kufanele, ukwenqatshelwa

ukuba angene noma ukususwa kwanoma yimuphi umuntu. uMkhandlu kaZwelonke

weziFundazwe

(2) Isishayamthetho sesiFundazwe angeke sakhiphele ngaphandle umphakathi, kubalulwa

nabezindaba, ukuba babe khona emhlangaweni wekomidi ngaphandle uma lokho kufanelekile futhi

kusemthethweni ukwenza lokho emphakathini wetando yeningi.

Ukwethulwa kwemithethosivivinywa

119. Ngamalungu esiGungu esiKhulu sesifundazwe kuphela noma ekomidi noma

esishayamthetho sesifundazwe angethula uMthethosivivinywa kwisishayamthetho; kodwa yilungu

lesiGungu esiKhulu elibhekele izindaba zezimali kwisifundazwe kuphela, elingethula

uMthethosivivinywa wemali kwisishayamthetho enokungabaza ngokuhambisana

koMthethosisekelo, angawuthumela kwisishayamthetho ukuba siphinde siwubeke.

IMithethosivivinywa yemali

120. (1) UMthethosivivinywa osebenzisa imali noma owethwesa izintela, amalevi noma

ezinye izinkokhelo zombuso unguMthethosivivinywa wemali.

NguMthethosivivinywa wemali kuphela ongasebenzisa imali, noma wethweswe izintela, amalevi

noma ezinye izinkokhelo zombuso futhi uMthethosivivinywa wemali awuvunyelwe ukuphatha

ezinye izinto ngaphandle kokwethweswa kwezintela zokusebenzisa imithombo yomphakathi,

noma izigwebo nezinye izijeziso zemali.

(2) Umthetho wesifundazwe kufanele uhlinzekele inqubo engalandelwa ukuma

isishayamthetho sesifundazwe sishintsha iMithethosivivinywa yemali.

Ukuvuma iMithethosivivinywa

121. (1) UNdunankulu kufanele avume futhi asayine uMthethosisekelo owemukelwe

njengokusho kwalesiSahluko noma, uma uNdunankulu engagculisekile ngokuthi

uMthethosivivinywa uyahambisana noMthethosisekelo, kufanele awuphindisele

kwisishayamthetho ukuze siwucwaninge kabusha.

(2) Uma, emuva kokucwaningwa kabusha, uMthethosivivinywa wenelisa ngokuphelele

ukungagculiseki kukaNdunankulu, uNdunankulu kufanele awuvume futhi awusayine

lowoMthethosisekelo; uma kungenzeki loko, uNdunankulu kufanele enze okunye kwaloku -

(a) avume futhi asayine uMthethosivivinywa; noma

(b) awudlulisele eNkantolo yoMthethosisekelo ezonquma ngokuhambisana kwawo

noMthethosisekelo.

(3) Uma iNkantolo yoMthethosisekelo inquma ukuthi uMthethosivivinywa uyahambisana

noMthethosisekelo, uNdunankulu kufanele awuvume futhi awusayine.

Izicelo ezifakwa ngamalungu kwiNkantolo yoMthethosisekelo

122. (1) Amalungu esishayamthetho angafaka isicelo eNkantolo yoMthethosisekelo sokuthi

inkantolo ikhiphe izwi lokuthi wonke noma ingxenye yoMthethosivivinywa noma uma

sewushicilelewe, uMthetho, owamukelwe yisishayamthetho awuhambisani noMthethosisekelo.

(2) Isicelo –

(a) kufanele sesekwe amavoti okungenani angamaphesenti angu 20 amalungu

esishayamthetho; futhi

(b) kufanele senziwe phakathi kwezinsuku ezingu 30 kusukela osukwini uNdunankulu

awuvume futhi awusayina ngalo umthetho.

(3) INkantolo yoMthethosisekelo inganquma ukuthi wonke umthetho noma ingxenye

yomthetho okufakwe isicelo ngawo njengokusho kwesigatshana (1) ngenhla, angeke usebenze

ngaphambi kokuthi iNkantolo ikhiphe isinqumo ngesicelo uma –

(a) izidingo zobulungiswa ziphoqelela lesi sinqumo; futhi

(b) isicelo sinamathuba anele okuphemelela.

(4) Uma isicelo singaphumeleli, iNkantolo yoMthethosisekelo kufanele inqume ukuthi labo

abafake isicelo kufanele bakhokhe izindleko.

Ukushicilelwa kweMithetho

123. UMthethosivivinywa ovunyiwe futhi wasayinwa nguNdunankulu uba nguMthetho

wesifundazwe, kufanele ushicilelwe ngokushesha, futhi uqala ukusebenza uma ushicilelwa noma

ngelanga elingemuva elinqunywe ngokusho kwalowoMthetho.

Ukugcina ngokuphepha kwemithetho yesifundazwe

124. Ikhophi esayiniwe yoMthetho wesifundazwe ingubufakazi obugcwele balokho

okuqukethwe kulowo mthetho futhi emuva kokushicilelwa, kufanele unikezwe iNkantolo

yoMthethosisekelo ukuze iwugcine ngokuphepha.

Izigungu Ezinkulu zesifundazwe

Igunya lokuphatha lesifundazwe

125. (1) Amandla okuphatha isifundazwe abekwe kuNdunankulu waleso sifundazwe.

(2) UNdunankulu usebenzisa amandla okuphatha ebambisene namanye amalungu esigungu

esikhulu sesifundazwe ngalezizindlela –

(a) ngokuphoqelela umthetho wesifundazwe kwisifundazwe;

(b) ngokuphoqelela yonke imithetho kazwelonke ephakathi koluhlu lukaSheduli 4 noma 5

ngaphandle uma uMthethosisekelo noma uMthetho wePhalamende uhlinzeka okwahlukile;

(c) ngokuphathwa kwisifundazwe kwemitheto kaZwelonke engaphandle koluhlu lukaSheduli

4 kanye no 5, ukuphathwa kwayo osekwabelwe isifundazwe njengokusho kwMthetho

wePhalamende;

(d) ngokuthuthukisa nokuphoqelela imigomo yesifundazwe;

(e) ngokudidiyela imisebenzi yeminyango yesifundazwe nokuphathwa kwemisebenzi;

(f) ngokulungisa nokusungula imthetho yesifundazwe; futhi

(g) ngokwenza noma yimiphi eminye imisebenzi eyabelwe sona ngokusho koMthethosisekelo

noma koMthetho wePhalamende.

(3) Isifundazwe sinamandla okuphatha njengokusho kwezigatshana(2)(d) kodwa ubungako

balamandla buncike ekutheni isifundazwe singakwazi yini ukuphatha umsebenzi ohlangene

nokusetshenziswa kwalawo mandla ukuze sikwazi ukuqala ukubhekela ngendlela efanele

Uhulumeni kazwelonke kufanele usize ohulumeni bezifundazwe ngemithetho nangezinye izindlela

ukuba zithuthukise amakhono namandla okuphatha imisebenzi adingekayo ukuze zikwazi

ukusebenzisa amandla azo zenze nemisebenzi yazo eshiwo kwisigatshana (2), ngendlela efanele.

(4) Noma iyiphi inqxabano evelayo maqondana nekhono namandla esifundazwe okuphatha

noma yimuphi umsebenzi, kufanele idluliselwe kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ukuze

sixazululwe phakathi kwezinsuku ezingu-30 emuva kokodluliselwa kuMkhandlu.

(5) Ngokunakekela okushiwo yisigaba 100 ukuphoqelelwa kwemithetho kwisifundazwe

kusemandleni aphelele esifundazwe kuphela.

(6) Isigungu esikhulu sesifundazwe kufanele senze ngokulandela –

(a) uMthethosisekelo; kanye

(b) nomthethosisekelo wesifundazwe, uma umthethosisekelo sewamukelwe yisifundazwe.

Ukwabiwa kwemisebenzi

126. Ilungu loMkhandlu esikhulu sesifundazwe lingabela uMkhandlu sikaMasipala noma

yimaphi amandla okufanele asetshenziswe noma umsebenzi okufanele wenziwe, ngendlela eshiwo

kumthetho wePhalamende, noma wesifundazwe, ende Ukwabiwa –

(a) kufanele kuhambisane nesivumelwano phakathi kwelungu leKhabhinethe elithintekile

nelungu loMkhandlu esikhulu sesifundazwe noma uMkhandlu sikaMasipala;

(b) kufanele kuhambisane nomthetho ophathelene nokusetshenziswa kwalawo mandla

nokwenziwa kwalowomsebenzi;

(c) kuqala ukusebenza emva kokumenyezelwa nguNdunankulu.

Imisebenzi kaNdunankulu

127. (1) UNdunankulu unamandla nemisebenzi okubekwe kuleso sikhundla

nguMthethosisekelo nomthetho.

(2) UNdunankulu wesifundazwe ubhekele okulandelayo -

(a) ukwamukela nokusayina iMithethosivivinywa;

(b) ukubuyisela uMthethosivivinywa emuva kwisishayamthetho sesifundazwe ukuze

siwubuyekeze ukuze uhambisane noMthethosisekelo;

(c) ukudlulisela uMthethosivivinywa kwiNkantolo yoMthethosisekelo ukuze ikhiphe isinqumo

ngokuhambisana kwawo noMthethosisekelo;

(d) ukubizela isishayamthetho emhlanganweni ongejwayelekile ukuze senze umsebenzi

oyisipesheli;

(e) ukumisa amakhomishana ophenyo; kanye

(f) nokumemezela uhlololuvo kwisifundazwe ngendlela emiswe ngummthetho.

Ukukhethwa kukaNdunankulu

128. (1) Emhlanganweni wawo wokuqala emveni koketho, nalapho kunesidingo sokuvala

isikhala, isishayamthetho sesifundazwe kufanele sikhethe umuntu wesifazane noma wesilisa

phakathi kwamalungu awo ukuthi abe nguNdunankulu wesifundazwe.

(2) UMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kufanele engamele lolukhetho noma aqoke

elinye ijaji ukuba likwenze loko Inqubo ebekwe kwingxenye A kwiSheduli 3 iyona esebenzayo

ekukhethweni kuka Ndunankulu

(3) Ukhetho lokugcwalisa isikhala esikhundleni sikaNdunankulu kufanele lubekelwe isikhathi

nelanga nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kodwa zingakadluli izinsuku ezingu 30

emuva kokuvela kwalesosikhala.

Ukuqala ukusebenza kukaNdunankulu

129. Umuntu okhethelwe isikhundla sikaNdunankulu, kufanele aqale umsebenzi esikhundleni

sikaNdunankulu phakathi kwezinsuku ezinhlanu ekhethiwe, ngokufunga noma ukuqinisekisa

ukwethembeka kwiRephabhliki nokuthobela uMthethosisekelo, njengokusho kukaSheduli 2.

Isikhathi sesikhundla sikaNdunankulu

130. (1) UNdunankulu unesikhathi sokuba esikhundleni esiqala kusukela eqala umsebenzi

siphele lapho kuvela isikhala noma uma umuntu olandelayo okhethelwe esikhundleni sokuba

nguNdunankulu eqala umsebenzi wobuNdunankulu.

(2) Akekho umuntu ovunyelwe ukuba sesikhundleni njengoNdunankulu ngaphezulu

kwezikhathi ezimbili uma umuntu ekhethelwe ukuthi agcwalise isikhala esikhundleni

sobuNdunankulu, isikhathi esiphakathi kokugcwalisa isikhala nokhetho olulandelayo, asithathwa

njengesikhathi sobuNdunankulu kulowomuntu.

(3) IsiShayamethetho sesiFundazwe, ngesivumelwano esithathwe ngokusekwa yivoti

okungenanai lamalungu awo amabili kwamathathu, angasusa esikhundleni uNdunankulu kuphela

ngaphansi kwemibandela –

(a) ukwaphulwa kanzima koMthethosisekelo noma umthetho;

(b) ukuziphatha kabi; noma

(c) ukwehluleka ukwenza imisebenzi yesikhundla sakhe.

(4) Noma yimuphi umuntu osuswe esikhundleni sokuba nguNdlunankulu ngokwesigatshana

(3)(a) noma (b) akanukuthola lutho lwaleso sikhundla, futhi akavunyelwe ukusebenza kunoma

yiliphi ihhovisi likahulumeni.

IBamba likaNdunankulu

131. (1) Uma UNdunankulu engekho noma engakwazi ukufeza izidingo zomsebenzi

kaNdunankulu; noma kunesikhala kulesosikhundla, iziphathimandla ezilandelayo ngokulandelana

zingambambela njengoNdunankulu:

(a) Ilungu lesiGungu esikhulu sesifundazwe elijutshwe nguNdunankulu.

(b) Ilungu lesiGungu esikhulu elijutshwe ngamanye amalungu esiGungu.

(c) USomlomo, isishayamthetho size sijube omunye wamalungu aso

(2) IBamba likaNdunankulu linezibopho, amandla nemisebenzi kaNdunankulu.

(3) Ngaphambi kokuthatha izibopho, amandla nemisebenzi kaNdunankulu iBamba

likaNdunankulu kufanele lifunge noma liqinisekise ukwethembeka kwiRiphabhuliki nokuthobela

uMthethosisekelo, njengokubeka kukaSheduli 2.

UMkhandlu esiKhulu

132. (1) IsiGungu esiKhulu sakhiwe nguNdunankulu, njengenhloko yesiGungu, namalungu

esishayamthetho aqokwe nguNdunankulu amahlanu noma ngaphezulu kodwa angeqile eshumini.

(2) UNdunankulu wesifundazwe uqoka amalungu esiGungu esikhulu, uwanika amandla

nemisebenzi, futhi angawasusa esikhundleni.

Ukuphendula nokubhekela

133. (1) Amalungu oMkhandlu esikhulu sesifundazwe abhekele amandla nemisebenzi

yesigungu abethweswe yona nguNdunankulu.

(2) Amalungu oMkhandlu esikhulu sesifundazwe aphendula ebumbene wonke kanye

nanjengelungu ngalinye kwisishayamthetho mayelana namandla okwenziwa kwemisebenzi yawo.

(3) Amalungu oMkhandlu esikhulu sesifundazwe kufanele –

(a) enze ngokuhambisana noMthethosisekelo; futhi uma umthethosisekelo wesifundazwe

uvunyiwe kwisifundazwe, futhi lowo mthethosisekelo; futhi

(b) anikeze isishayamthetho imibiko ephelele njalo ngemuva kwezikhathi ezejwayelekile

maqondana nezindaba ezilawulwa yiwo.

Ukuqhubeka koMkhandlu esikhulu emuva kokhetho

134. Uma kubanjwe ukhetho lwesishayamthetho sesifundazwe, uMkhandlu esikhulu

sesifundazwe, namalungu aso asakwazi ukusebenza aze athathe isikhundla njengoNdunankulu

lowo muntu okhethwe yisishayamthetho esilandelayo.

Izifungo neziqinisekiso

135. Ngaphambi kokuthi uMkhandlu esikhulu sesifundazwe siqale imisebenzi yezikhundla zaso,

kufanele amalungu afunge noma aqinisekise ukuthi azokwethembeka kwiRiphabhuliki futhi

athobele uMthethosisekelo, ngokuhambisana neSheduli 2.

Ukuziphatha kwamalungu oMkhandlu esiKhulu

136. (1) Amalungu oMkhandlu esiKhulu sesifundazwe kufanele aziphathe ngendlela

ehambisana nohlelo lokuziphatha olubekwe ngumthetho kazwelonke.

(2) Amalungu oMkhandlu esiKhulu sesifundazwe akufanele –

(a) enze omunye umsebenzi okhokhelwayo;

(b) aziphathe noma ngayiphi indlela engahambisani nezikhundla zabo, noma azibeke kunoma

yisiphi isimo esingadala ukuthi abonakale enobunzima bokwehlukanisa phakathi kwezidingo

zomsebenzi nezidingo zomuntu zangasese;

(c) basebenzise isikhundla noma ulwazi lwanoma uluphi uhlobo elunikezelwe kubona

ukuzenzela inzuzo noma ukwenzela omunye inzuzo engafanele.

Ukudluliswa kwemisebenzi

137. UNdunankulu angadlulisela kwilungu loMkhandlu esiKhulu ngesimemezelo esishicilelwe

okulandelayo –

(a) ukwengamelwa kwanoma yimuphi umthetho onikezwe elinye ilungu; noma

(b) amandla noma umsebenzi onikezwe elinye ilungu ngokomthetho.

Ukunikezwa kwemisebenzi okwesikhashana

138. UNdunankulu anganikeza ilungu loMkhandlu esiKhulu noma yimaphi amandla noma

umsebenzi welinye ilungu elingekho noma elingakwazi ukusebenzisa lawo mandla noma ukwenza

lowomsebenzi.

Ukulawulwa kukahulumeni wendawo yisiFundazwe

139. (1) Uma umasipala ungakwazi noma ungagcwalisi izibopho zawo ezibekwe

ngumthetho, uMkhandlu esikhulu esithintekayo singalungena udaba ngokuthatha izinyathelo

ezifanele ukuqinisekisa ukugcwaliswa kwezibopho, kubandakanya –

(a) ukukhipha isiyalelo esiya kuMkhandlu sikaMasipala, esichaza indlela esehluleka ngayo

ukugcwalisa izibopho zaso futhi sisho izinyathelo okufanele zithathwe ukuze kugcwaliswe lezo

zibopho; futhi

(b) nokuzithathela umsebenzi wokubhekela lezo zibopho ezithintekile kuleso sifunda ngendlela

edingekile ukuze –

(i) kugcinwe amazinga abalulekile ngokukazwelonke noma kuhlangatshezwane namazinga

amisiwe okungafanele ehliswe okunikezwa kwezidingo zomphakathi;

(ii) kunqandwe leso siGungu sikaMasipala ukuze singathathi izinyathelo ezingafanele

ezikhinyabeza omunye umasipala noma isifundazwe sonke; noma

(iii) kugcinwe ubumbano lomnotho.

(2) Uma isiGungu esikhulu sesifundazwe singena udaba lukamasipala ngokubeka

kwesigatshana (1)(b) –

(a) ukungenwa kodaba kufanele kuphele ngaphandle uma kwamukelwe yilungu leKhabhinethi

likahulumeni waseKhaya phakathi kwezinsuku ezingu-4 emuva kokungenwa kodaba;

(b) isaziso sokulungena udaba kufanele sibekwe phambi kwesishayamthetho soMkhandlu

kaZwelonke weziFundazwe phakathi kwezinsuku ezingu 14 zemihlangano yazo yokuqala emuva

kokungenwa kodaba; futhi

(c) ukungenwa kodaba makupheliswe ngaphandle uma kuvunywa yisiGungu ezinsukwini

ezingu-30 zomhlangano waso wokuqala emva kokuba sekuqaliswe ukungenwa kodaba; futhi

(d) isiGungu kufanele sikuphenye kabusha ukungenwa kodaba njalo emva kwezikhathi ezithile

futhi senze noma yiziphi izincomo ezilungile kwisiGungu esikhulu sesifundazwe.

(3) Umthetho kazwelonke ungalawula uhlelo olumiswe kulesi sigaba.

Izinqumo zesiGungu esikhulu

140. (1) Isinqumo sikaNdunankuklu kufanele sisayinwe futhi ngelinye ilungu lesiGungu

esikhulu uma –

(a) lesosinqumo senziwe ngokusho komthetho; futhi

(b) lowomthetho uyingxenye unomphumela osemthethweni.

(2) Isinqumo esibhalwe phansi nguNdlunankulu masisayinwe ngelinye lamalungu esiGungu

esikhulu uma leso sinqumo sixhumene nomsebenzi owabelwe lelo lungu.

(3) Izimemezelo, imitheshwana kanye neminye imithombo yemithetho engaphansi kweminye

yesifundazwe kufanele umphakathi ukwazi ukufinyelela kuyo.

(4) Umthetho wesifundazwe ungacacisa indlela imithombo yemithetho eshiwo kwisigatshana

(3) okufanele,

(a) ibekwe phambi kwesishayamthetho sesifundazwe; futhi

(b) yamukelwe yisishayamthetho sesifundazwe.

Iziphakamiso zokungethembeki

141. (1) Uma isiGungu sesishayamthetho samukela isiphakamiso sokuthi isiGungu esikhulu

sesifundazwe, ngaphandle kukaNdunankulu, asisathembekile kwisishayamthetho ngevoti elesekwe

yiningi lamalungu esiGungu, uNdunankulu kufanele asakhe kabusha iSigungu.

(2) Uma isishayamthetho sesifundazwe, samukela isiphakamiso sokuthi UNdunankulu

akasathembekile kubona, ngevoti elesekwe yiningi lamalungu esishayamthetho, uNdunankulu

namanye amalungu esiGungu esikhulu kufanele bashiye isikhundla.

Imithethosisekelo yezifundazwe

Ukwamukelwa kwemithethosisekelo yezifundazwe

142. Isishayamthetho sesifundazwe singemukela umthethosisekelo wesifundazwe noma, uma

kungenzeka, singawushintsha umthethosisekelo waso, uma okungenani ababili kwabathathu

bamalungu aso bevote beseka uMthethosichibiyelo.

Okuqukethwe ngumthethosisekelo wesifundazwe.

143. (1) Umthethosisekelo wesifundazwe akufanele ungahambisani naloMthethosisekelo,

kodwa ungahlinzekela –

(a) izakhiwo zesifundazwe zokushaya imithetho nokuphatha nezinhlelo ezehlukile kulezo

ezihlinnzekelwe kulesi sahluko; noma

(b) ubukhosi bendabuko, iqhaza labo, amagunya kanye nezinga lobukhosi bendabuko, lapho

kungenzeka.

(2) Izimiso ezifakwe kumthethosisekelo wesifundazwe noma kushintsho lomthethosisekelo

okuhambisana nesigaba (a) noma (b) yesigatshana (1) –

(a) kufanele zihambisane nesaHluko 3 kanye nomqondo wesigaba (1); futhi

(b) zinganika isifundazwe noma yimaphi amandla noma imisebenzi ewela –

(i) ngaphandle kwezinga lamandla esifundazwe njengokusho kukaSheduli 4 no 5; noma

(ii) ngaphandle kwamandla nemisebenzi enikezwe isifundazwe ngezinye izigaba

zoMthethosisekelo.

Ukuqinisekiswa komthethosisekelo wesifundazwe

144. (1) Uma isishayamthetho sesifundazwe sesamukele noma sashintsha umthethosisekelo,

uSomlomo wesishayamthetho kufanele ahambise umbhalo woMthethosisekelo noma woshintsho

loMthethosisekelo eNkantolo yoMthethosisekelo ukuze uqinisekiswe.

(2) Akukho mbhalo womthethosisekelo wesifundazwe noma ushintsho lomthethosisekelo

olungaba ngumthetho ngaphambi kokuba iNkantolo yoMthethosisekelo iqinisekise –

(a) ukuthi umbhalo wamukelwe ngokuhambisana nesigaba 142; futhi

(b) ukuthi wonke umbalo uhambisana nesigaba 143.

Ukusayinwa, ukushicilelwa nokugcinwa kokukuphepha kwemithethosisekelo yesifundazwe

145. (1) UNdunankulu wesifundazwe kufanele avume futhi asayine umbhalo

womthethosisekelo wesifundazwe noma ushintsho lomthethosisekelo oseluqinisekiswe yiNkantolo

yoMthethosisekelo.

(2) Umbhalo ovunyiwe wasayinwa nguNdunankulu kufanele ushicilelwe kwiGazethi

kaHulumeni kazwelonke futhi uqala ukusebenza njengomthetho ngokushicilelwa kwawo noma

emuva kokushicilelwa ngelanga elinqunywe ngokusho kwalowomthethosisekelo noma ushintsho

lomthethosisekelo.

(3) Umbhalo womthethosisekelo wesifundazwe noma wesichibiyelo somthethosisekelo

osayiniwe ungubufakazi obuphelele bezimiso zawo futhi, emva kokushicilelwa, kufanele unikezwe

iNkantolo yoMthethosisekelo ukuba iwugcine.

Ukungqubuzana kwemithetho

Ukungqubuzana phakathi komthetho kazwelonke nomthetho wesifundazwe

146. (1) Lesisigaba sisebenza lapho kunokungqubuzana phakathi komthetho kazwelonke

nowesifundazwe mayelana nodaba olungena kuluhlu lwemisebenzi olubalulwe kuShedule 4.

(2) Umthetho kazwelonke osebenza ngendlela efanayo ezweni lonke ubusa ngaphezulu

komthetho wesifundazwe uma noma yimiphi yale mibandela ihlangatsheziwe:

(a) Umthetho kazwelonke uphathelene nodaba olungakwazi ukulawulwa ngendlela efanele

ngemithetho eshaywe yisifundazwe ngasinye.

(b) Izidingo zezwe lonke zidinga ukuthi udaba luphathwe ngendlela efanayo ezweni lonke,

futhi umthetho kazwelonke unikeza lokokuphatha ngendlela efanayo ngokumisa –

(i) indlela eyiyo namazinga;

(ii) izinhlaka; noma

(iii) imigomo kazwelonke.

(c) Umthetho kazwelonke udingelwa –

(i) ukugcinwa kokuphepha kwesizwe;

(ii) ukugcinwa kobumbano lwezomnotho;

(iii) ukuvikelwa kwezimakethe ezihlanganyelwe maqondana nokunyakaza kwempahla, izidingo

zomphakathi, izimali kanye namandla okusebenza;

(iv) ukukhuthazwa izenzo zomnotho nangale kwemingcele yezifundazwe;

(v) ukukhuthazwa kwamathuba alinganayo kanye nokufinyelela okufanayo kwizidingo

zomphakathi zikahulumeni; noma

(vi) ukuvikelekwa kwemvelo.

(3) Umthetho kazwelonke ubusa ngaphezulu komthetho wesifundazwe uma umthetho

kazwelonke uqondiswe ekunqandeni izenzo ezingafanele zesifundazwe –

(a) ezingakhinyabeza umnotho, impilo noma izidingo zokuphepha zesinye isifundazwe noma

zezwe lonke; noma

(b) ezicindezela ukuphoqelelwa kwemigomo kazwelonke yomnotho.

(4) Uma kukhona ukuxabana okuxhumene nesidingo somthetho kaZwelonke ngehloso

ebekwe kwisigatshana (2)(c) futhi lokho kuxabana kuvela ngaphambi kwekantolo yezisombululo,

inkantolo ikhathalele ukuvunywa noma ukwenqatshwa komthetho nguMkhandlu kaZwelonke

weziFundazwe.

(5) Umthetho wesifundazwe ubusa umthetho kazwelonke uma isigatshana (2) noma (3)

singasebenzi.

(6) Umthetho oshaywe ngokulandela uMthetho wePhalamende noma uMthetho

wesiFundazwe ungabusa kuphela uma lowo mthetho wamukelwe nguMkhandlu kaZwelonke

weziFundazwe.

(7) Uma uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ungafinyeleli ungawemukeli phakathi

kwezinsuku ezingu-30 zokuhlala kwawo kokuqala emuva kokuba umthetho udluliselwe kuwona,

lowo mthetho kufanele uthathwe ngokuthi wamukelwe uMkhandlu.

(8) Uma Umkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ungawemukeli umthetho odluliselwe kusona

ngokusho kwesigatshana (6), kufanele, phakathi kwezinsuku ezingu-30 emuva kwesinqumo,

sithumele izizathu zokungawemukeli umthetho kuleso siphathimandla esandlulisa lowo mthetho

eMkhandlwini.

Okunye ukungqubuzana

147. (1) Uma kunokungqubuzana phakathi komthetho kazwelonke nesimiso

somthethosisekelo wesifundazwe maqondana –

(a) nodaba loMthethosisekelo odinga noma ohlongoze ukuthi makushaywe umthetho

kazwelonke maqondana nalo, umthetho kazwelonke ubusa ngaphezu kwalesosimiso

somthethosisekelo esithintekile;

(b) nokugqumbukela ngokukazwelonke ngokushaya umthetho njengoba kushiwo esigabeni

44(2), umthetho kazwelonke ubusa ngaphezu kwesimiso somthetho-sisekelo wesifundazwe; noma

(c) nodaba oluphakathi kwemisebenzi ekuluhlu lukaSheduli 4, isigaba 146 sisebenza sengathi

isimiso esithintekile somthethosisekelo wesifundazwe singumthetho wesifundazwe oshiwo kuleso

sigaba.

(2) Umthetho kazwelonke oshiwo kwisigaba 44(2) ubusa ngaphezu komthetho wesifundazwe

mayelana nezindaba eziphakathi kwemisebenzi equkethwe kuSheduli 5.

Ukungqubuzana okungaxazululeki

148. Uma ingxabano ehlangene nokungqubuzana ingakwazi ukuxazululwa yinkantolo,

umthetho kazwelonke ubusa ngaphezulu komthetho wesifundazwe noma umthethosisekelo

wesifundazwe.

Izinga lomthetho ongasebenzi ngaphezu komunye

149. Isinqumo senkantolo sokuthi umthetho ubusa ngaphezulu komunye umthetho asiwucimi

lowo mthetho omuye, kodwa lowo mthetho omunye awusebenzi ngasosonke isikhathi

ukungqubuzana kusekhona.

Ukuhunyushwa kokungqubuzana

150. Uma idingida ukungqubuzana okungathi kukhona phakathi komthethto kazwelonke

nowesifundazwe, noma phakathi komthetho kazwelonke nomthethosisekelo wesifundazwe, zonke

izinkantolo kufanele ziqoke ukuhumusha okulungile kwalowo mthetho noma komthethosisekelo

okuvimbela ukungqubuzana, ngaphezu kokunye ukuhumusha okungaba nophumela

wokungqubuzana.

Isahluko 7

Uhulumeni wendawo

Izinga lomasipala

151. (1) Umkhakha kahulumeni wendawo wakhiwe ngomasipala, okufanele bamiswe

kuyoyonke indawo yaseRiphabhuliki.

(2) Amandla okuphatha nokushaya imithetho kamasipala abekwe esiGungwini sikaMasipala.

(3) Umasipala unelungelo lokubusa, ngendlela aziqokele yona, izindaba zikahulumeni

wendawo zomphakathi wawo, ngendlela ehambisana nomthetho kazwelonke nowesifundazwe

njengoba kubekiwe kumthethosisekelo.

(4) Uhulumeni kazwelonke nowesifundazwe abavunyelwe ukukhinyabeza noma ukuvimbela

ikhono noma ilungelo likamasipala lokusebenzisa amandla awo noma lokwenza imisebenzi yawo.

Izinjongo zikahulumeni wendawo

152. (1) Izinjongo zikahulumeni wendawo yilezi –

(a) ukuhlinzekela uhulumeni obusa ngenqubo yentando yeningi nophendulayo, emiphakathini

yezindawo;

(b) ukuqinisekisa ukuhlinzekelwa kwezidingo emiphakathini ngendlela eqhubekayo;

(c) ukugqugquzelela ukuthuthuka komphakathi nokomnotho;

(d) ukugqugquzelela ukuphepha nokuba nempilo kwendawo; kanye

(e) nokugqugquzele ukubamba iqhaza kwemiphakathi kanye nezinhlangano zomphakathi

ezindabeni zikahulumeni wendawo.

(2) Umasipala ungazama, kangangoba uvunyelwa yizimali kanye namandla okwengamela

imisebenzi, ukufeza zonke izinjongo ezibekwe kwisigatshana (1).

Izibopho zomasipala zokuthuthukisa indawo

153. Umasipala kufanele –

(a) wakhe futhi uphathe iminyango yawo eyahlukene, uhlelo lokusetshenziswa kwezimali,

kanye nokuhlelwa kwezinhlelo zawo, ngendlela ebeka phambili izidingo zomphakathi eziyisiseko,

kanye nokugqugquzelela ukuthuthuka komphakathi nezomnotho emphakathini; futhi

(b) ukubamba iqhaza ezinhlelweni zikazwelonke nezezifundazwe zokuthuthuka.

Omasipala phakathi kukahulumeni wobambiswano

154. (1) Uhulumeni kazwelonke kanye nowezifundazwe, ngomthetho kanye nangezinye

izinyathelo, kufanele beseke futhi baqinise amandla omasipala okuphatha izindaba zabo,

okusebenzisa amandla abo kanye nokwenza imisebenzi yabo.

(2) Umthetho osongozwayo kazwelonke noma wesifundazwe ophathelene nokuma,

izikhungo, amandla noma imisebenzi yohulumeni bendawo kumele kushicilelwe ukuze kuzwiwe

uvo lomphakathi ngaphambi kokwethulwa kwawo ePhalamende noma isishayamthetho

sesifundazwe, ngendlela evumela uhulumeni wendawo ohlelekile, umasipala kanye nabanye abantu

abanothando, ithuba lokwethula iziphakamiso maqondana nomthetho osongozwayo.

Ukumiswa komasipala

155. (1) Kunalezi zinhlobo ezilandelayo zomasipala:

(a) Uhlobo A: Umasipala onegunya eligcwele lokuba ngumasipala endaweni yakhe.

(b) Uhlobo B: Umasipala oshiyelana amandla agcwele okuba ngumasipala negunya lokushaya

umthetho endaweni yakhe ebambisene nohlobo C lukamasipala ngaphansi kwalezo zindawo

akuzona.

(c) Uhlobo C: Umasipala onamandla okuba ngumasipala negunya lokushaya umthetho

endaweni efaka omasipala abangaphezu koyedwa.

(2) Umthetho kazwelonke kumele uchaze izinhlobo ezahlukene zikamasipala abangamiswa

ngaphansi kohlobo ngalunye lukamasipala.

(3) Umthetho kazwelonke kumele –

(a) umise indlela yokuthatha isinqumo uma indawo ilindeleke ukuba nohlobo olulodwa olungu

A lukamasipala noma uma ilindeleke ukuba nezinhlobo zombili u-B no-C lukamasipala;

(b) umise indlela kanye nenqubo yokunqunywa kwemingcele yomasipala ngumgwamanda

ozimele; kanye

(c) maqondana nesigaba 229, uhlinzekele ukwahlukaniswa ngendlela efanele amandla kanye

nemisebenzi phakathi komasipala lapho indawo inomasipala bezinhlobo ezimbili u-B no-C.

Ukwahlukaniswa kwamandla kanye nemisebenzi phakathi kohlobo u-B kanye no-C kungehluka

ekwahlukanisweni kwamandla kanye nemisebenzi phakathi komunye umasipala onguhlobo

olungu-B kanye nalolo olunguhlobo C.

(4) Umthetho oshiwo kwisigatshana (3) kumele uqikelele isidingo sokuhlinzekela imisebenzi

kamasipala ngendlela elinganayo futhi ngendlela eqinileyo.

(5) Umthetho wesifundazwe kumele unqume izinhlobo ezahlukene zikamasipala ezingamiswa

esifundazweni.

(6) Uhulumeni wesifundazwe ngamunye umele umise omasipala esifundazweni sawo

ngendlela ehambisana nomthetho omiswe ngokwesigatshana (2) kanye no (3), futhi ngokomthetho

noma ezinye izinyathelo, kufanele –

(a) uhlinzekele ukubhekelwa kanye nokweseka uhulumeni wendawo esifundazweni; futhi

(b) ugqugquzele amandla entuthuko yohulumeni wendawo ukuze omasipala bakwazi ukwenza

umsebenzi wabo babuye bakwazi ukuphatha izindaba zabo.

(7) Uhulumeni kazwelonke, maqondana nesigaba 44, kanye nohulumeni wesifundazwe

banegunya ngokusemthethweni lokubheka ukuthi umsebenzi womasipala uqhubeka ngendlela

efanele mayelana nezindaba ezibekwe kwisheduli 4 kanye no-5, ngokuhlelela igunya lokusebenza

komasipala okuphawulwe kwisigaba 156(1).

Amandla nemisebenzi yomasipala

156. (1) Umasipala unegunya lokuphatha maqondana nokulandelayo, futhi unelungelo

lokwengamela, –

(a) izindaba zikahulumeni wendawo ezibalwe kwiNgxenye B kaSheduli 4 kanye neNgxenye

B kaSheduli 5; futhi

(b) noma yiluphi olunye udaba olwabelwe noma olunikezelwe kuwona ngomthetho

kazwelonke noma wesifundazwe.

(2) Umasipala ungashaya futhi wengamele imithetho yendawo ngenhloso yokuphatha

ngendlela lezo zinto anelungelo lokuziphatha.

(3) Ngaphandle uma kungahambisani nesigaba 151 (4), umthetho wendawo ophikisana

nomthetho kazwelonke noma wesifundazwe uphambene nomthetho Uma kunempikiswano

phakathi komthetho wendawo nomthetho kazwelonke noma wesifundazwe ongasebenzi ngenxa

yokuphikisana nomthetho wendawo njengoba kushiwo esigabeni 149, umthetho wendawo

kufanele uthathwe ngokuthi usemthethweni ngasosonke isikhathi lowomthetho ungakasebenzi.

(4) Umthetho kazwelonke noma wesifundazwe kufanele wabele noma unikeze umasipala,

ngesivumelwano nangaphansi kwanoma yimiphi imibandela, igunya lokwengamela noma yiluphi

udaba olubalwe kwiNgxenye A kaSheduli 4 noma kwiNgxenye A kaSheduli 5 oluphathelene

nohulumeni wendawo, uma –

(a) lolo daba lungengamelwa kangcono emkhakheni wendawo; futhi

(b) umasipala enamandla okulwengamela lolo daba.

(5) Umasipala unelungelo lokusebenzisa noma yimaphi amandla maqondana nodaba

olubalulekile ekutheni noma elincikelene nokuthi umasipala enze umsebenzi wakhe ngendlela

efanele.

Ukwakheka nokukhethwa koMkhandlu kaMasipala

157. (1) UMkhandlu kaMakasipala wakhiwe yilaba –

(a) amalungu akhethwe ngendlela ehambisana nezigatshana (2),(3),(4) no (5); noma

(b) uma kuhlinzekelwe ngumthetho kazwelonke –

(i) amalungu aqokwe ngomunye uMkhandlu kaMasipala ukuba amele lowo Mkhandlu

omunye; noma

(ii) amalungu akhethwe ngendlela ehambisana nesigaba (a)) ngenhla kanye namalungu aqokwe

ngendlela ehambisana nesigatshana (i) sale pharagrafu.

(2) Ukukhethwa kwamalungu oMkhandlu kaMasipala njengoba kulindelwe esigatshaneni

(1)(a) ngenhla, kufanele kubengendlela ehambisana nomthetho kazwelonke okufanele ubeke

uhlelo –

(a) lokumelwa ngokwenani lamavoti atholiwe uma kuqhathaniswa nenani labavoti

abangaphansi kwalowo masipala, futhi oluhlinzekela ukukhethwa kwamalungu avela kuluhlu

lweqembu olwakhiwe ngendlela enqunywe yiqembu; noma

(b) lokumelwa ngokwenani lamavoti njengoba kushiwo kwisigaba (a) ngenhla luhlanganiswe

nohlelo lokumelwa ngamawadi aklaywa kusetshenzelwa phezu kwengxenye yalowo masipala

etholakala uma kuqhathaniswa noluhlu lwabavoti lukazwelonke.

(3) Uhlelo lokuvota okushiwo kwisigatshana (2) kufanele luqinisekise ukuthi inani eliphelele

lamalungu akhethiwe evela eqenjini ngalinye liyahambisana nobungako benani lamavoti atholwe

yilawo maqembu.

(4) Uma uhlelo lokhetho lubandakanya ukumelwa ngamawadi, kufanele ukuklaywa

kwamawadi kwenziwe yisakhiwo esigunyaziwe esizimele, esimiswe njengoba kusho umthetho

kazwelonke futhi esisebenza ngokulandela izinkambiso nezinkomba ezibekwe ngumthetho

kazwelonke.

(5) Umuntu angavota kumasipala kuphela uma ebhaliswe engxenyeni yalowo masipala yoluhlu

lwabavoti.

(6) Umthetho kaZwelonke okuphawulwe ngawo kwisigatshana (1)(b) kumele umise indlela

evumela amaqembu kanye nezifiso ezivezwe ngaphansi kwesiGungu sikaMasipala oqashayo,

ukuba imelwe ngendlela efanele esiGungwini sikaMasipala ozoqasha.

Ubulungu boMkhandlu kaMasipala

158. (1) Zonke izakhamuzi ezinelungelo lokuvotela uMkhandlu kaMasipala zingaba

amalungu alowo Mkhandlu ngaphandle kwalaba –

(a) noma ngubani oqokwe esikhundleni, noma osebenzela umasipala; futhi oholayo futhi

engazange akhishwe ngumthetho kazwelonke ekuvinjweni yilesi sigatshana;

(b) noma ngubani oqokelwe esikhundleni ngumbuso, noma osebenzela umbuso, komunye

umkhakha futhi othola umholo ngaleso sikhundla noma umsebenzi, futhi ongavunyelwe ukuba

yilungu loMkhandlu ngumthetho kazwelonke;

(c) noma ngubani ongavunyelwe ukuvotela uMkhandlu kamasipala noma ongavunyelwe

ngokusho kwesigaba 47(1)(c)(d) noma (e) ukuba yilungu loMkhandlu;

(d) ilungu loMkhandlu kaZwelonke, eliyisithunywa soMkhandlu kaZwelonke seziFundazwe

noma lesishayamthetho sesifundazwe; kodwa lomkhawulo awusebenzi kwilungu loMkhandlu

kaMasipala omele uhulumeni wendawo eMkhandlwini kaZwelonke; noma

(e) ilungu lomunye uMkhandlu kaMasipala; kodwa lomkhawulo awusebenzi kwilungu

loMkhandlu kaMasipala elimele lesosiGungu komunye uMkhandlu kaMasipala sengxenye

ehlukile.

(2) Umuntu ongavunyelwe ukuba yilungu loMkhandlu kaMasipala ngokusho kwesigatshana

(1)(a), (b), (d), noma (e) angamela ukhetho loMkhandlu, ngaphansi kwemikhawulo nemibandela

emiswe ngumthetho kazwelonke.

Isikhathi soMkhandlu kaMasipala

159. Isikhathi soMkhandlu kaMasipala asingeke sibe ngaphezulu kweminyaka emine,

njengokusho komthetho kazwelonke.

Inqubo yangaphakathi

160. (1) UMkhandlu kaMasipala –

(a) ukuthatha izinqumo eziphathelene namandla kanye nokusebenza kukamasipala;

(b) ukuqoka usihlalo wawo;

(c) ungaqoka ikomidi eliyisigungu kanye namanye amakomidi, ngokumaqondana nomthetho

kazwelonke; futhi

(d) ungaqasha abasebenzi abadingekile ekwenzeni umsebenzi wawo.

(2) Imisebenzi elandelayo ayinakugunyazwa nguMkhandlu kamasipala:

(a) ukuvuma imithetho-kamasipala;

(b) ukuvuma amabhajethi;

(c) ukuthwesa izintela ezikhokhela imisebenzi eyenziwe kanye nezinye zolunye uhlobo,

amalevi kanye nenkokhelo yombuso; kanye

(d) ukufaka isicelo semali ebolekisayo.

(3) (a) Iningi lamalungu oMkhandlu kamasipala kumele libe khona ngaphambi

kokuthathwa kwevoti lwanoma yiluphi udaba.

(b) Yonke imibuzo ephathelene nezindaba okuphawulwe ngazo kwisigatshana (2) inqunywa

ngesinqumo esithathwe uMkhandlu kamasipala ube wesekwe yivoti lobuningi bamalungu.

(c) Yonke eminye imbibuzo engaphambili koMkhandlu kaMasipala inqunywa ubuningi

bamavoti.

(4) Akukho mthetho kamasipala ongavunywa uMkhandlu kaMasipala ngaphandle –

(a) onke amalungu oMkhandlu enikezwe inothisi; futhi

(b) umthetho kamasipala osongozwayo ushicilelwe ukuthola uvo lomphakathi.

(5) Umthetho kazwelonke ungahlinzekela indlela yokunquma –

(a) ubungako bomkhandlu kaMasipala;

(b) ngabe uMkhandlu kaMasipala ungaqoka yini isigungu sekomiti noma amanye amakomidi;

noma

(c) ubungako isigungu sekomidi noma yimaphi amanye amakomidi oMkhandlu kaMasipala;

(6) UMkhandlu kaMasipala ungashaya imithetho kamasipala ebeka imithetho kanye

nezinqumo –

(a) kumalungiselelo angaphakathi;

(b) imisebenzi yaso kanye nezindaba; kanye

(c) ukumiswa, ukwakhiwa, inqubo, amandla kanye nemisebenzi yamakomidi aso.

(7) UMkhandlu kaMasipala kumele wenze umsebenzi waso obala, futhi singavala ukuhlangana

kwaso, noma kwamakomiti aso, uma kuphela kufanelekile ukwenza lokho uma kulandelwa isimo

sodaba okusuke kuxoxwa ngalo.

(8) Amalungu oMkhandlu kaMasipala anegunywa lokubamba iqhaza emihlanganweni yaso

kanye neyamakomidi ngendlela yoku –

(a) vumela amaqembu ezombusazwe kanye nabathintekayo phakathi koMkhandlu ukuba

bamelwe ngendlela efanele.

(b) hambisana nentando yeningi; futhi

(c) ingalungiswa ngumthetho kazwelonke.

Amalungelomvumo

161. Umthetho wesifundazwe phakathi kohlaka lomthetho kazwelonke ungahlinzekela

amalungelomvume nokuvikeleka kweziGungu zoMasipala namalungu azo.

Ukushicilelwa kwemithetho kamasipala wendawo

162. (1) Umthetho kamasipala wendawo ungaphoqelelwa kuphela emuva kokuthi

ushicelelwe ephephandabeni likahulumeni elisemthethweni kulesosifundazwe.

(2) Uhulumeni wesifundazwe kufanele ushicilele umthetho kamasipala wendawo ngesicelo

sikamasipala.

(3) Imithetho kamasipala wendawo kufanele ifinyeleleke emphakathini.

Uhulumeni wendawo ohlelekile

163. Umthetho kazwelonke oshaywe ngendlela ebekwe yisigaba 76 kumele –

(a) uhlinzekele ukwaziswa ngokomthetho kwezinhlangano zikazwelonke nezesifundazwe

ezimele omasipala;

(b) umise inqubo engavumela uhulumeni wendawo ukuba –

(i) abonisane nohulumeni kazwelonke nowesifundazwe;

(ii) uphakamise izithunywa ukuba zibambe iqhaza kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe;

futhi

(iii) uphakamise abantu abangaba kwiKhomishana yezimali nesiKhwama semali kaHulumeni.

Ezinye izindaba

164. Zonke izinto eziphathelene nohulumeni wendawo ezingathintwanga kulo Mthethosisekelo

zingabekwa ngumthetho kazwelonke noma umthetho wesifundazwe phakathi kohlaka lomthetho

kazwelonke.

Isahluko 8

Izinkantolo nokuphathwa kwezobulungiswa

Igunya lokuphatha umthetho

165. (1) Igunya lokuphathwa komthetho waseRiphabhuliki lisezinkantolo.

(2) Izinkantolo zizimele, futhi zisebenza ngokuholwa kuphela nguMthethosisekelo nomthetho,

okumele ziwusebenzise ngokungavuni hlangothi futhi ngaphandle kokwesaba, ukwenzelela noma

ukukhetha.

(3) Akukho muntu noma ingxenye yombuso okufanele iphazamise ukusebenza kwezinkantolo.

(4) Izingxenye zombuso kufanele zisize futhi zivikele izinkantolo ukuze ziqinisekise

ukuzimela, ukungakhethi, isithunzi, ukufinyeleleka kanye nokusebenza ngendlela efanele

kwezinkantolo, ngokushaya imithetho nangezinye izindlela.

(5) Isiphoqelelo noma isinqumo esikhishwe yinkantolo sibopha wonke umuntu kanye

nezingxenye zombuso ezithintekile.

Uhlelo lwezinkantolo

166. Izinkantolo yilezi -

(a) iNkantolo yoMthethosisekelo;

(b) iNkantolo eNkulu yamajaji okwedluliselwa kuyo amacala;

(c) iziNkantolo eziPhakeme, kubandakanya noma yiyiphi inkantolo enkulu yokwedlulisela

amacala engamiswa nguMthetho wePhalamende ukuze iqule amacala adluliswe yiziNkantolo

eziPhakeme;

(d) iziNkantolo zeziMantshi; kanye

(e) noma yiziphi ezinye izinkantolo ezimiswe noma ezamukelwe nguMthetho wePhalamende,

kubandakanya izinkantolo ezisezingeni elifanayo neziNkantolo eziPhakeme noma iziNkantolo

zeziMantshi.

Inkantolo yoMthethosisekelo

167. (1) INkantolo yoMthethosisekelo inoMongameli, iSekela likaMongameli namanye

amajaji ayisishagalolunye.

(2) Okungenani amajaji ayisishagalombili kufanele athathe isinqumo ngodaba oluphambi

kweNkantolo yoMthethosisekelo.

(3) INkantolo yomthethosisekelo –

(a) iyinkantolo ephakeme kunazo zonke ezinye kuzo zonke izindaba zomthethosisekelo;

(b) inganquma kuphela ngezindaba zomthethosisekelo; kanye nalokho okuhlangene

nezinqumo ezindabeni zomthethosisekelo; futhi

(c) ithatha isinqumo esingujuqu mayelana nokuthi ngabe udaba luwudaba lomthethosisekelo

noma luhlangene yini nesinqumo sodaba lomthethosisekelo.

(4) YiNkantolo yoMthethosisekelo kuphela –

(a) enganquma ngengxabano engaba khona phakathi kwezingxenye zombuso zikazwelonke

noma zesifundazwe eziphathelene namazinga ngokomthethosisekelo, amandla nemisebenzi

yanoma yiziphi lezo zingxenye zombuso;

(b) enganquma ngokusemthethweni wePhalamende ukuthi noma yimuphi uMthethosivivinywa

noma wesifundazwe, kodwa ingakwenza lokho kuphela uma isimo sivuma kwisigaba 79 noma

121;

(c) enganquma ngezicelo ezivele kwisigaba 80 noma 122;

(d) enganquma ngokusemthethweni noma yiluphi uguquko lomthethosisekelo;

(e) enganquma ukuthi iPhalamende noma uMongameli uhlulekile ukufeza imibandelo

yomthethosisekelo; noma

(f) engenza isiqinisekiso ngomthethosisekelo wesifundazwe ngokumaqondana nesigaba 144.

(5) INkantolo yoMthethosisekelo yenza isinqumo esingujuqu ngokuthi uMthetho

wePhalamende, uMthetho wesifundazwe noma isenzo sikaMongameli kuyahambisana yini

nomthethosisekelo, futhi kufanele iqinise noma yisiphi isiphoqelelo sokungabisemthethweni

esenziwe yiNkantolo eNkulu yamaJaji yokudluliswa kwamacala, seNkantolo ePhakeme, noma

senkantolo yezinga elifanayo, ngaphambi kokuthi lokho kuphoqelela kube namandla omthetho.

(6) Umthetho kazwelonke noma imitheshwana yeNkantolo yoMthethosisekelo kufanele

ivumele umuntu, uma kunesidingo sobulungiswa futhi ngemvume yeNkantolo yoMthethosisekelo

–

(a) ukuletha udaba luqonde ngqo eNkantolo yoMthethosisekelo; noma

(b) ukudlulisa udaba luqonde ngqo eNkantolo yoMthethosisekelo luvela kunoma iyiphi enye

inkantolo.

(7) Udaba olumayelana nomthethosisekelo lubandakanya noma yini ephathelene

nokuhunyushwa, ukuvikelwa nokuphoqelelwa koMthethosisekelo.

INkantolo eNkulu yamaJaji yokudluliswa kwamacala

168. (1) INkantolo eNkulu yamaJaji yokudluliselwa kwamacala ineJaji eliKhulu, isekela

leJaji eliKhulu kanye namanye amajaji okudluliselwa kuwo amacala inani lawo elibekwe

nguMthetho wePhalamende.

(2) Udaba oluphambi kweNkantolo enkulu yamaJaji yokudlulisa amacala kufanele lunqunywe

yinani lamajaji elishiwo nguMthetho wePhalamende.

(3) INkantolo eNkulu yamaJaji yokudluliselwa kwamacala, inganquma ngezindaba

ezidlulisiwe Iyinkantolo ephakeme kunazozonke yokudluliswa kwamacala ngaphandle kwezindaba

eziphathelene nomthethosisekelo, futhi inganquma kuphela –

(a) ngokudluliselwa kwamacala;

(b) ngezinto eziphathelene nokwedluliswa kwamacala; futhi

(c) noma yiluphi olunye udaba olungabhekiswa kuyo kwizimo ezichazwe nguMthetho

wePhalamende.

IziNkantolo eziPhakeme

169. INkantolo ePhakeme inganquma -

(a) noma yiluphi udaba ngaphandle kodaba –

(i) olunganqunywa yiNkantolo yoMthethosisekelo kuphela; noma

(ii) olwabelwe enye inkantolo yezinga elifanayo neleNkantolo ePhakeme nguMthetho

wePhalamende; futhi

(b) noma yiluphi olunye udaba olungabelwe enye inkantolo ngokoMthetho wePhalamende.

IziNkantolo zeziMantshi nezinye izinkantolo

170. IziNkantolo zeziMantshi nazo zonke ezinye izinkantolo zinganquma noma iluphi udaba

olushiwo nguMthetho wePhalamende, kodwa izinkantolo ezisezingeni elingaphansi kweNkantolo

ePhakeme azivunyelwe ukucwaninga noma ukunquma ukuthi umthetho, noma yimuphi, noma

isenzo sikaMongameli, ngabe kuyahambisana yini noMthethosisekelo.

Izinqubo zenkantolo

171. Zonke izinkantolo zisebenza njengokusho komthetho kazwelonke futhi imitheshwana

nezinqumo zazo kufanele zihlinzekelwe njengokusho komthetho kazwelonke.

Amandla ezinkantolo ezindabeni zomthethosisekelo

172. (1) Uma yenza isinqumo odabeni lomthethosisekelo olusemandleni ayo, inkantolo –

(a) kufanele iphakamise ukuthi noma yimuphi umthetho noma isenzo esingahambisani

nomthethosisekelo kuphambene nomthetho kuya ngezinga lokungahambisani noMthethosisekelo;

futhi

(b) ingenza noma yisiphi isiphoqelelo esilungile nesifanele, kubandakanya –

(i) isiphoqelelo esinciphisa ukusebenza kwesiphakamiso sokuphambana nomthetho esikhathini

esedlule; futhi

(ii) isiphoqelelo esilengisa isiphakamiso sokuphambana nomthetho noma yisikhathi

esingakanani kanye nangaphansi kwanoma yimiphi imibandela, ukuze isiphathimandla esifanele

sinikezwe ithuba lokulungisa loko kuphambuka.

(2) (a) INkantolo eNkulu yamaJaji yokudluliswa kwamacala, iNkantolo ePhakeme noma

inkantolo yezinga elifanayo neleNkantolo ePhakeme ingenza isiphoqelelo mayelana nokuthi

umthetho wePhalamende, umthetho wesifundazwe noma isenzo sikaMongameli, kuyahambisana

yini noMthethosisekelo, kodwa leso sinqumo ngokuhambisana noMthethosisekelo asikwazi

ukusebenza ngaphambi kokuthi iNkantolo yoMthethosisekelo isho ukuthi iyavumelana nalesi

sinqumo.

(b) Inkantolo ekhipha ukuphoqelela mayelana nokuhambisana noMthethosisekelo inganika

isinqumo sesikhashana esinqanda noma esiphoqa ukuthi kwenziwe okuthile noma inike noma

yisiphi esinye isinqumo esingasiza othintekile odabeni, noma ingamisa ukuqhutshwa kodaba

enkantolo, kuze kuphume isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo maqondana

nokubasemthethweni koMthetho noma isenzo.

(c) Umthetho kazwelonke ungahlinzekela ukudluliselwa kwesiphoqelelo sokungahambisani

nomthethosisekelo eNkantolo yoMthethosisekelo.

(d) Noma yimuphi umuntu noma ingxenye yombuso ethinteke ngokwanele ingadlulisela udaba

eNkantolo yoMthethosisekelo noma ifake isicelo siqonde ngqo eNkantolo yoMthethosisekelo,

ukuba ivume noma iguqule isiphoqelelo sokuphambana nomthethosisekelo esikhishwe yinkantolo

ngokuhambisana nalesi sigatshana.

Amandla endalo ezinkantolo

173. INkantolo yoMthethosisekelo, iNkantolo eNkulu yamaJaji yokudlulisela amacala kanye

neNkantolo ePhakeme zinamandla endalo okuvikela nokulawula izinhlelo zazo, kanye

nokuthuthukisa umthetho wezwe, kube kuqikelelwe izidingo zobulungiswa.

Ukuqokelwa ezikhundleni kwabehluleli basezinkantolo

174. (1) Noma yimuphi umuntu wesifazane noma wesilisa onemfundo elungele leso

sikhundla, futhi nangezinye izindlela okulungele ukuba kulesi sikhundla angaqokwa ukuthi

abengumehluleli wasenkantolo Umuntu ongaqokelwa esikhundleni seNkantolo yoMthethosisekelo

kufanele abeyisakhamuzi saseNingizimu Afrika.

(2) Isidingo sokuthi isakhiwo sabehluleli basezinkantolo sibonise kabanzi, ukwakheka

kweNingizimu Afrika ngokobuhlanga nangokobulili kufanele kucatshangwe uma abehluleli

basezinkantolo beqokelwa ezikhundleni.

(3) UMongameli, njengenhloko yokuphatha kukazwelonke uqoka uMongameli neSekela

likaMongameli ngemuva kokubonisana neKhomishani leMisebenzi yoBulungiswa kanye nabaholi

bamaqembu amelwe kuMkhandlu kaZwelonke, futhi, aqoke iJaji eliyinhloko ngemuva

kokubonisana neKhomishana yeMisebenzi yoBulungiswa.

(4) Amanye amaJaji eNkantolo yoMthethosisekelo aqokwa nguMongameli njengenhloko

yokuphatha kukazwelonke, emva kokubonisana noMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo,

kanye nabaholi bamaqembu amelwe kuMkhandlu kaZwelonke elandela inqubo elandelayo:

(a) IKhomishana leMisebenzi yoBulungiswa, kufanele yenze uhla lwamagama abantu

abaphakanyisiwe futhi kufanele kube namagama amathathu ngaphezu kwaleso sibalo sabantu

abafanele baqokelwe ezikhundleni, bese inikeza uMongameli loluhla.

(b) UMongameli angaqokela ezikhundleni abantu abasohlwini, futhi kufanele azise

iKhomishani lemiSebenzi yoBulungiswa ngezizathu, uma kukhona abaphakanyisiwe

abangemukelekile, futhi kusenesidingo sokuqokwa kwabanye ezikhundleni.

(c) IKhomishani leMisebenzi yoBulungiswa, kufanele linezelele uhla ngamanye amagama

aphakanyisiwe, futhi uMongameli kufanele aqoke laba abasele ohlwini olunezezelwe.

(5) Ngazozonke izikhathi, kufanele okungenani amalungu amane eNkantolo

yoMthethosisekelo kube ngabantu ababengamaJaji ngesikhathi beqokelwa ukuba ngamaJaji

eNkantolo yoMthethosisekelo.

(6) UMongameli kufanele aqoke amaJaji azo zonke ezinye izinkantolo, ngokuyalelwa

yiKhomishani leMisebenzi yoBulungiswa.

(7) Abanye abahluleli basezinkantolo kumele baqokwe ngokomthetho wePhalamende okumele

uqikelele ukuthi ukuqokwa kwabo, ukukhushulelwa ezikhundleni ezithe xaxa, ukushintshelwa

kwenye indawo noma ukumiswa emsebenzini kwalowo, noma ukujeziswa, lokhu kwenziwa

ngaphandle ngokuvuna abathile noma ukukhetha abathile.

(8) Ngaphambi kokuthi abehluleli basezinkantolo baqale ukwenza imisebenzi yabo kufanele

bafunge noma baqinisekise ngokulandela lokho okushiwo kuSheduli 2, ukuthi bazowuphakamisa

bawuvikele uMthethosisekelo.

Amajaji angamabamba

175. (1) UMongameli angaqoka umuntu wesifazana noma wesilisa ukuba abe yiJaji

eliyibamba leNkantolo yoMthethosisekelo uma kunesikhala, noma uma iJaji lingekho Ukuqokwa

kweJaji kumele kwenziwe ngokulandela izincomo zelungu leKhabinethi elibhekele ukuphathwa

kwezobulungiswa ezesekwe nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo neJaji eliKhulu.

(2) Ilungu leKhabinethi elibhekele ukuphathwa kwezobulungiswa kufanele liqoke amaJaji

angamabamba kwezinye izinkantolo ngemuva kokubonisana neJaji elisesikhundleni esiphezulu

kuleyonkantolo lapho iJaji eliyibamba lizosebenza khona.

Isikhathi sokuba sesikhundleni kanye nokukhokhelwa

176. (1) AmaJaji eNkantolo yoMthethosisekelo aqokelwa isikhathi esiyiminyaka engu-12,

kodwa kufanele athathe umhlalaphansi uma eneminyaka engu-70.

(2) Amanye amajaji ahlala ezikhundleni aze ayekiswe emsebenzini njengokusho koMthetho

wePhalamende.

(3) Amaholo, izibonelelo, nezinzuzo zamajaji akufanele kuncishiswe.

Ukususwa esikhundleni

177. (1) Ijaji lingasuswa esikhundleni kuphela uma –

(a) iKhomishana leMisebenzi yoBulungiswa lithola ukuthi linesifo esililulazayo, lehluleka

kakhulu ukuwenza ngendlela umsebenzi walo noma litholakale linecala elibi lokungaziphathi

ngendlela efanele, futhi

(b) uMkhandlu kaZwelonke uthatha isinqumo sokuthi iJaji lelo lisuswe esikhundleni esesekwa

okungenani ngamalunga awo amabili kwamathathu.

(2) UMongameli kufuneka alisuse ijaji esikhundleni ngemuva kokwamukelwa kwesinqumo

sokususwa kwalelo jaji.

(3) UMongameli ngokwelulekwa yiKhomishani leMisebenzi yoBulungiswa, angalimisa

emsebenzini okwesikhashana ijaji elithintekayo kulezo zinqubo ezishiwo kwisigatshana (1).

IKhomishana leMisebenzi yoBulungiswa

178. (1) IKhomishana leMisebenzi yoBulungiswa lakhiwe –

(a) yiJaji eliKhulu, elengamele iKhomishana;

(b) nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo;

(c) iJaji eleNgamele isifundazwe elikhethwe ngamanye amaJaji eNgamele kwezinye

izifundazwe;

(d) Ilungu leKhabinethi elibhekene nokuphathwa nokuphathwa kwezobulungiswa, noma

umuntu okhethwe yilelo lungu ukuba alimele kwiKhomishana;

(e) abammeli ababili bezinkantolo zamajaji abaphakanyiswe ngabanye abammeli basemaJajini

ukuba bamele bonke abammeli basemajajini, futhi beqokwe nguMongameli wezwe;

(f) abammeli ababili abakhethwe ngabanye abammeli bakwezinye izinkantolo, ukuba bamele

bonke laba bammeli, futhi beqokwe nguMongameli wezwe;

(g) umfundisi oyedwa wezomthetho okhethwe ngabafundisi bezomthetho kumaYunivesithi

aseNingizimu Afrika;

(h) amalungu oMkhandlu kaZwelonke ayisithupha aqokwe nguMkhandlu kaZwelonke,

okungenani abathathu kubona kufuneka kubengamalungu amaqembu aphikisayo amelwe

kuMkhandlu;

(i) amalungu amane oMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe aqokwe kanyekanye yileso

uMkhandlu ngesinqumo esithathwe ngokwesekwa okungenani yizifunda eziyisithupha;

(j) amalungu amane aqokwe nguMongameli njengenhloko yokuphatha kaZwelonke emuva

kokubonisana nabaholi bamaqembu wonke kuMkhandlu kaZwelonke; futhi

(k) uma kucutshungulwa izindaba eziqondene ngqo neNkantolo ePhakeme yesiFundazwe

noma yendawo iJaji eleNgamele leyonkantolo noNdunakulu waleso sifundazwe noma umuntu

okhethwe nguNdunankulu waleso sifundazwe.

(2) Uma inani labantu abaphakanyiswe ngabammeli basemajajini nabanye abammeli ngokusho

kwesigatshana (1)(e) noma (f) lilingana nezikhala okufanele zigcwaliswe, uMongameli wezwe

kufanele abaqokele ezikhundleni Uma inani labantu abaphakanyisiwe leqile enanini lezikhala

okufanele zigcwaliswe, uMongameli kufanele aqoke abantu abalingana nezikhala emuva

kokubonisana nalowo mkhakha wabammeli othintekayo, futhi kufanele aqikelele ukuthi laba

abaqokwayo bawumele lowomkhakha wabammeli jikelele.

(3) Amalungu eKhomishana akhethwe uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe asebenza aze

ashintshwe ewonke, noma kuze kuvele isikhala kuwona Abanye abangamalungu eKhomishana

basebenza kuyona baze bahoxiswe yilaba ababebaphakamisile.

(4) IKhomishana yeMisebenzi yoBulungiswa inamandla nemisebenzi enikezwe yona

nguMthethosisekelo nomthetho kazwelonke.

(5) IKhomishana yeMisebenzi yoBulungiswa lingaluleka uhulumeni kazwelonke kunoma

yiluphi udaba oluhambisana nobulungiswa noma nokuphathwa komthetho kodwa, uma icubungula

noma yiluphi udaba ngaphandle kokuqokwa kweJaji, kufuneka ihlale ngaphandle kwamalungu

aqokwe njengokusho kwesigatshana (1)(h) no (i).

(6) IKhomishana yeMisebenzi yoBulungiswa ingamisa izinqubo zayo, kodwa izinqumo

zeKhomishana kufuneka zesekwe yiningi lamalungu ayo.

Isigungu soKushushisa

179. (1) Kukhona isigungu sokushushisa esisodwa eRephabhliki esimiswe njengokusho

komthetho kazwelonke, futhi esakhiwe yilaba –

(a) uMqondisi kaZwelonke wokuShushiswa koMphakathi oyinhloko yesigungu sokushushisa,

futhi uqokwa nguMongameli njengenhloko kazwelonke yokuphatha, kanye

(b) nabaQondisi bokuShushiswa koMphakathi ababekwe ngumthetho kazwelonke.

(2) Isigungu sokushushisa sinamandla okushushisa egameni likahulumeni senze noma yikuphi

okuhambisana nokushushisa ukuze amacala athethwe ezinkantolo.

(3) Umthetho kazwelonke kufanele uqikelele ukuthi abaQondisi bokuShushiswa koMphakathi

–

(a) banemfundo elungele leso sikhundla; futhi

(b) babhekelele ukushushisa ezindaweni ezithile ezigaguliwe ngaphansi kwalokho okushiwo

yisigatshana (5).

(4) Umthetho kazwelonke kumele uqikelele ukuthi isigungu sokushushisa senza umsebenzi

waso ngaphandle kokwesaba, ukwenzelela nokukhetha abanye.

(5) UMqondisi kaZwelonke wokuShushiswa koMphakathi –

(a) kufanele amise imigomo yokushushisa okufanele ilandelwe uma kushushiswa,

ngokuvumelana nelungu leKhabinethe elibhekelele ukuphathwa kwezobulungiswa, futhi emuva

kokubonisana nabaQondisi bezokuShushiswa koMphakathi;

(b) kufanele akhiphe imiyalo ecacisa imigomo okufanele ilandelwe uma kushushiswa;

(c) angagxambukela ohlelweni lokushushisa uma ngabe imiyalo yemigomo ingalandelwanga;

futhi

(d) angasihlolisisa kabusha isinqumo sokuthi udaba oluthile lushushiswe noma

lungashushiswa, emuva kokubonisana noMqondisi wokushushiswa koMphakathi ohlangene

naleso sinqumo futhi emuva kokuzwa iziphakamiso phakathi kwesikhathi esibekwe nguMqondisi

kaZwelonke wokuShushiswa koMphakathi, ezivela kwabalandelayo:

(i) Umuntu obekwe icala.

(ii) Ummangali.

(iii) Noma yimuphi omunye umuntu noma iqembu uMqondisi kaZwelonke wokuShushiswa

koMphakathi abona kuthintekile.

(6) Ilungu leKhabinethi elibhekelele ukuphathwa kobulungiswa kufanele lengamele lesi

siphathimandla sokushushisa.

(7) Konke okunye okuphathelene nesiphathimandla sokushushisa kuzonqunywa ngumthetho

kazwelonke.

Ezinye izindaba ezimayelana nokuphathwa kwezobulungiswa

180. Umthetho kazwelonke ungahlinzekela noma yiluphi udaba olumayelana nokuphathwa

kwezobulungiswa okungakhulunywanga ngalo kuMthethosisekelo, kuhlanganisa –

(a) izinhlelo zokuqeqesha abengameli basezinkantolo;

(b) izindlela zokubhekana nezikhalo ezithinta abehluleli basezinkantolo; futhi

(c) nokubamba iqhaza kwabantu abangebona abehluleli bezinkantolo ekuthathweni

kwezinqumo zenkantolo.

Isahluko 9

Izikhungo Zombuso Ezeseka

umthethosisekelo wetando yeningi

Ukumiswa nemigomo ephethe

181. (1) Lezi zikhungo ezilandelayo zisiza ekuqiniseni umbuso wentando yeningi

eRiphabhuliki:

(a) UMvikeli woMphakathi.

(b) IKhomishana yamaLungelo oBuntu.

(c) IKhomishana yokuthuthukiswa nokuvikelwa kwamalungelo amasiko, enkolo nezilimi

zemiphakathi.

(d) IKhomishana yokuLingana ngokoBulili.

(e) UMcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zombuso.

(f) IKhomishana yokhetho.

(2) Lezi zikhungo zizimele futhi zisebenza kuphela ngokulandela uMthethosisekelo

nomthetho, futhi kufanele zingathathi hlangothi futhi kufanele zisebenzise amandla ezinikwe wona

ngaphandle kokwesaba, ukwenzelela, nokukhetha.

(3) Ezinye izingxenye zombuso, ngemithetho nangezinye izinyathelo, kufanele zelekelele futhi

zivikele lezi zikhungo ukuze kuqinisekiswe ukuzimela, ukungakhethi cala, isithunzi kanye

nokusebenza kwazo ngendlela efanele.

(4) Akukho muntu futhi akukho ngxenye yombuso okufanele igxambukele ekusebenzeni

kwalezi zikhungo.

(5) Lezi khungo ziphendula kuMkhandlu kaZwelonke futhi kufanele zethule imibiko

ngokusebenza kwazo okungenani kanye ngonyaka kuMkhandlu.

UMvikeli woMphakathi

Imisebenzi yoMvikeli woMphakathi

182. (1) UMvikeli woMphakathi unamandla alandelayo, ngokulawulwa ngumthetho

kazwelonke –

(a) okuphenya noma yisiphi isenzo ezindabeni zezwe, noma ekuphathweni kwemisebenzi

yomphakathi kunoma yimuphi umkhakha kahulumeni, okuthiwa noma okusolelwa ukuthi

asilungile noma esingaba nomphumela ongalungile noma onokukhetha;

(b) okunika umbiko ngaleso senzo; futhi

(c) okuthatha izinyathelo ezifanele zokulungisa isimo.

(2) UMvikeli woMphakathi unamandla nemisebenzi engeziwe amiswe ngumthetho

kazwelonke.

(3) UMvikeli woMphakathi angeke aphenye izinqumo zenkantolo.

(4) Bonke abantu nemiphakathi kumele bakwazi ukufinyelela kumvikela womphakathi.

(5) Noma yimuphi umbiko okhishwe nguMvikeli woMphakathi abantu kufanele bavunyelwe

ukuba bawubone ngaphandle uma kunezimo ezithile ezingavamile eziyonqunywa ngumthetho

kazwelonke nezidinga ukuba umbiko ugcinwe uyimfihlo.

Isikhathi sesikhundla

183. UMvikeli woMphakathi uqokelwa inkathi eyiminyaka eyisikhombisa futhi engavuselelwa.

IKhomishana yamaLungelo oBuntu

Imisebenzi yeKhomishana yamaLungelo oBuntu

184. (1) IKhomishana yamaLungelo oBuntu kufanele –

(a) ikhuthaze ukuhlonishwa kwamalungelo obuntu nokuthuthukiswa kwendlela yokuphila

eyazisa amalungelo oBuntu eRephabhliki;

(b) ikhuthaze ukuthuthukiswa, ukuvikelwa nokutholakala kwawamalungelo obuntu; futhi

(c) iqaphe futhi ihlole izinga lokuhlonishwa kwamalungelo obuntu eRiphabhuliki.

(2) IKhomishana yamaLungelo oBuntu inamandla, ngokulawulwa ngumthetho kazwelonke,

adingekile ukuze yenze imisebenzi yayo, kubandakanya amandla –

(a) okuphenya nokubika ngokuhlonishwa kwamalungelo obuntu;

(b) okuthatha izinyathelo ezifanele zokunikeza ukunxeshezelwa okufanele lapho

kuhlukunyezwe amalungelo obuntu;

(c) okwenza ucwaningo;

(d) okufundisa.

(3) Minyaka yonke iKhomishana yamaLungelo oBuntu ingafuna ukuthi izingxenye zombuso

ezifanele zihlinzeke iKhomishana ngolwazi maqondana nezinyathelo ezizithathayo ukufeza

amalungelo akuMqulu wamaLungelo oBuntu athintene nendle, ukunakekelwa kwezempilo,

ukudla, amanzi, ezenhlalakahle yomphakathi, imfundo, kanye nendawo.

(4) IKhomishana yamaLungelo oBuntu inamandla nemisebenzi eyengeziwe emiswe

ngumthetho kazwelonke.

IKhomishana yokuThuthukiswa nokuVikelwa kwamaLungelo amaSiko, eNkolo neziLimi

zemiPhakathi

Imisebenzi yeKhomishana

185. (1) IKhomishana yokuThuthukiswa nokuVikelwa kwamaLungelo amaSiko, eNkolo

neziLimi zemiPhakathi, inezinjongo ezimqoka ezilandelayo –

(a) ukukhuthaza ukuhlonishwa kwamalungelo amasiko enkolo nezilimi zemiphakathi;

(b) ukukhuthaza nokuthuthukiswa kokuthula, ubungane ubuntu kanye nokubekezelelana

phakathi kwemiphakathi enamasiko, nezinkolo nezilimi ezahlukene phezu kwesisekelo

sokulingana nokungabandlululani nokuhlangana ngokukhululeka; futhi

(c) ukuncoma ukumiswa ngokuhambisana nomthetho kazwelonke kwemikhandlu yamasiko

noma eminye imikhandlu yomphakathi noma yemiphakathi ethile eNingizimu Afrika.

(2) IKhomishana inamandla njengoba kulawula umthetho kazwelonke, adingekayo

ukuphumelelisa izinjongo zayo ezimqoka, kubandakanya amandla okuqapha, okuphenya,

okucwaninga, okufundisa, okukhankasela imibono ethile, okweluleka nokubika mayelana

namalungelo amasiko, enkolo nezilimi zemiphakathi.

(3) IKhomishana ingenza umbiko nganoma yiluphi udaba oluwela ngaphakathi kwamandla

nemisemsebenzi yeKhomishana yamaLungelo oBuntu, ukuze luphenywe.

(4) IKhomishana inamandla nemisebenzi eyengeziwe emiswe ngumthetho kazwelonke.

Ukwakheka kweKhomishana

186. (1) Inani lamalungu eKhomishana yokuThuthukiswa nokuVikelwa kwamaLungelo

amaSiko, eNkolo neziLimi zemiPhakathi nokuqokwa kwawo nesikhathi sokuba sesikhundleni

kumelwe kumiswe ngumthetho kazwelonke.

(2) Ukwakheka kweKhomishana kufanele –

(a) kubonise ukumelwa kabanzi kwemiphakathi, kwamasiko, izinkolo nezilimi ezahlukene

ezigqamile eNingizimu Afrika; futhi

(b) kubonise kabanzi ukwakheka ngokobulili komphakathi waseNingizimu Afrika.

IKhomishani yokuLingana ngokoBulili

Imisebenzi yeKhomishana yokuLingana ngokoBulili

187. (1) IKhomishani yokuLingana ngokoBulili kumele ikhuthaze ukuhlonishwa

kokulingana kobulili futhi nokuthuthukiswa, ukuvikela nokufinyelela ekulinganeni kobulili.

(2) IKhomishani yokuLingana ngokoBulili inamandla, ngokulawulwa ngumthetho

kazwelonke, adingekayo ukuze yenze imisebenzi yayo, kuhlanganisa amandla okuqapha,

ukuphenya, ukucwaninga, ukufundisa, ukugqugquzela, ukweluleka nokubika ngezindaba ezithinta

ukulingana kobulili.

(3) IKhomishana yokuLingana koBulili inamandla nemisebenzi eyengeziwe, njengoba

kumiswe ngumthetho kazwelonke.

UMcubunguli-Jikelele wamabhuku

ezimali zombuso

Imisebenzi yoMcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zombuso

188. (1) Umcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zombuso kufanele acubungule futhi

anikeze imibiko mayelana nokusetshenziswa kwezimali, isimo samabhuku ezimali kanye

nokuphathwa kwezimali kwabalandelayo –

(a) yonke iminyango nemisebenzi kahulumeni kazwelonke nowesifunda;

(b) bonke omasipala; futhi

(c) noma yisiphi esinye isakhiwo noma okunye okusebenzisa imali okudingeka ukuthi

kucubungulwe nguMcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zombuso, ngokusho ngomthetho

kazwelonke noma wesifundazwe.

(2) Ngaphezulu kwezibopho ezibekwe kwisigatshana (1) ngenhla, futhi njengokusho

kwanoma yimuphi umthetho, angacubungula futhi anikeze umbiko ngokusetshenziswa kwezimali,

isimo samabhuku ezimali kanye nokuphathwa kwezimali zalaba -

(a) noma yisiphi isakhiwo esithola imali esiKhwameni seMali kaZwelonke, esiKhwameni

seMali sesifundazwe, noma kumasipala; noma

(b) isakhiwo esigunyazwe ngokusho kwanoma yimuphi umthetho ukuba samukele izimali

sizamukelela injongo yomphakathi.

(3) UMcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zombuso kufanele anikeze imibiko

yokucubungula kwanoma yisiphi isishayamthetho esithintekayo ngaloko kucubungula, futhi

kunoma isiphi esinye isakhiwo esishiwo ngumthetho kazwelonke Yonke imibiko kufanele

ivezelwe umphakathi.

(4) UMcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zombuso unamanye amandla nemisebenzi

ayinikezwe ngumthetho kazwelonke.

Isikhathi sesikhundla

189. UMcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zombuso kufanele aqokelwe esikhundleni

isikhathi esimile esingavuselelwa seminyaka ephakathi kweyisihlanu neyishumi.

IKhomishana yoKhetho

Imisebenzi yeKhomishana

190. (1) IKhomishana yoKhetho kufanele –

(a) iphathe ukhetho lwezakhiwo zokushaya imithetho zikazwelonke, zezifundazwe kanye

nezomasipala, njengoba kubekwe ngumthetho kazwelonke;

(b) uqinisekise ukuthi ukhetho lukhululekile futhi luyagculisa; futhi

(c) amemezele umphumela wokhetho phakathi kwesikhathi esimiswe ngumthetho kazwelonke

futhi esifishane ngendlela efanelekile.

(2) Ikhomishani yokhetho inamandla nemisebenzi engaphezulu kwalena njengokubeka

komthetho kazwelonke.

Ukwakhekha kweKhomishani yokhetho

191. IKhomishani yokhetho kufanele yakhiwe okungenani ngabantu abathathu Inani lamalungu

kanye nesikhathi abazoba sesikhundleni ngaso kufanele kubekwe ngumthetho kazwelonke.

IsiPhathimandla esiZimele esiLawula ukuSakaza

Isiphathimandla sokusakaza

192. Umthetho kazwelonke kufanele umise isiphathimandla esizimele esizolawula ukusakaza

sinakekele loko okuyizidingo zomphakathi, futhi siqinisekise ukuthi kusakazwa ngendlela elungile

futhi nokuvezwa ngendlela elungile futhi nokuvezwa kwemibono eyahlukahlukile emele kabanzi,

umphakathi waseNingizimu Afrika.

Izimiso ezejwayelekile

Ukuqokelwa ezikhundleni

193. (1) UMvikeli woMphakathi kanye namalungu anoma iyiphi iKhomishani emiswe

njengokusho kwalesi sigaba kumele kubengabesifazane nabesilisa –

(a) abayizakhamuzi zaseNingizimu Afrika;

(b) abakulungele ukuphatha isikhundla elithile; futhi

(c) behambisana nanoma iziphi izidingo ezimiswe ngumthetho kazwelonke.

(2) Isidingo sokuthi ikhomishani imiswe ngalesi sahluko kubonise kabanzi ukwakheka,

ngokobulili nangokobuzwe, komphakathi waseNingizumu Afrika kufanele siqashelwe uma

kuqokwa amalungu eKhomishani.

(3) Umcubunguli wamabhuku ezimali zikahulumeni kumele kube umuntu wesifazane noma

wesilisa oyisakhamuzi saseNingizimu Afrika futhi umuntu okulungele ukuphatha lesi sikhundla

Ulwazi olunzulu kanye, noma ukuthi umuntu uke wasebenza yini njengomcubunguli wamabhuku

ezemali, ngezimali zombuso, kumele kunakwe ngendlela efanele uma kuqokelwa esikhundleni

umcubunguli omkhulu wamabhuku ezimali zikaHulumeni.

(4) UMongameli, kumele aqokele esikhundleni ngokulandela isincomo sePhalamende

likaZwelonke, uMvikeli womphakathi, umcubunguli omkhulu wamabhuku kahulumeni, kanye

namalungu –

(a) eKhomishani lamaLungelo aBantu;

(b) eKhomishani lokuLingana ngoBulili ; kanye

(c) neKhomishani loKhetho.

(5) IPhalamende likaZwelonke kumele liphakamise izincomo zabantu –

(a) abaphakanyisiwe yikomidi lePhalamende kaZwelonke elakhiwe amalungu awo wonke

amaqembu amelwe eMkhandlwini ngezingxenye zokumelwa kwawo ePhalamende; futhi

(b) abemukelwe yiPhalamende ngesinqumo esithathwe ngokwesekwa amavoti –

(i) okungenani amaphesenti angamashumi angu-60 amalungu ePhalamende, uma izincomo

eziphathelene nokuqashwa koMvikeli woMphakathi noma uJenene ophathelene nokugcinwa

kwamabhuku ezimali; noma

(ii) iningi lamalungu ePhalamende, uma izincomo ziphathelene nokuqashwa kwelungu

leKhomishani.

(6) Ukubamba iqhaza komphakathi ekwenzeni izincomo kungahlinzekelwa njengoba

kulindelwe esigabeni 59(l)(a).

Ukususwa esikhundleni

194. (1) UMvikeli woMphakathi, uMcubunguli -jikelele wamabhuku ezimali zikahulumeni

noma ilungu leKhomishani emiswe yilesisahluko bangasuswa esikhundleni kuphela –

(a) ngezizathu zokungaziphathi kahle, ukungakwazi ukusebenza noma ukungawenzi ngendlela

umsebenzi;

(b) uma ikomidi loMkhandlu lithole kukhona noma yisiphi isimo esishiwo ngenhla ku (a);

(c) Ukwamukelwa nguMkhandlu kaZwelonke kwesinqumo, sokuthi lowo muntu akasuswe

esikhundleni.

(2) Isinqumo sePhalamende esiphathelene nokususwa esikhundleni –

(a) soMvikeli woMphakathi noma Ujenene ophethe ukugcinwa kwamabhuku ezimali kumele

sivunywe ngokwesekwa ngamavoti okungenani amabili kwamathathu kumalungu ePhalamende;

noma

(b) ilungu leKhomishani kumele livunywe ngokusekwa ngamavoti eningi lamalungu

ePhalamende.

(3) UMongameli –

(a) angammisa umuntu esikhundleni okwesikhashana noma yinini emva kokuqala

kwamanyathelo ekomidi loMkhandlu kaZwelonke aphathelene nokususwa kwalowo muntu

esikhundleni; futhi

(b) Kumele amsuse esikhundleni umuntu emva kokuthathwa kwesinqumo, nguMkhandlu

kaZwelonke, sokususwa kwalowo muntu esikhundleni.

Isahluko 10

Ukuphathwa kwemisebenzi

yombuso

Lokhu ukwamukelwa njengokulungile nemigomo eyengamele ukuphatha

195. (1) Ukuphatha koMbuso kufanele kuhanjiswe ngendlela eyamukelekile njengelungile

nangemigomo equkethwe kuMthethosisekelo, kuhlanganisa le migomo elandelayo:

(a) kufanele kukhuthazwe futhi kugcinwe izinga eliphezulu lobungcweti.

(b) kufanele kukhuthazwe ukusetshenziswa kwemithombo yomnotho ngendlela ekhombisa

ikhono, yokonga, nenomphumela omuhle.

(c) Umsebenzi wokuphathwa kombuso, kufanele uphokophele ukuthuthukisa.

(d) Imisebenzi kufanele ihlinzekelwe ngokungakhethi ngobuqotho ngokufaneleyo,

nangaphandle kokwenzelela.

(e) Izidingo zabantu kufanele zibhekelelwe, futhi umphakathi kufanele ukhuthazwe ukuthi

ubambe iqhaza lapho kwenziwa imigomo.

(f) Umbuso kufanele ukwazi ukubikela umphakathi ngendlela ophethe ngayo.

(g) Ukusebenza kombuso ngokusobala kufanele kukhuthazwe ngokuhlinzekela umphakathi

ngolwazi olutholakala ngokushesha, nakuyilona.

(h) kufanele kukhuthazwe amakhono okuphatha kahle abantu kanye nemisebenzi efundelwe,

ngenhloso yokuthi abantu benze imisebenzi yezinga eliphezulu.

(i) Ukuphatha umbuso kufanele kumele bonke abantu baseNingizimu Afrika, futhi ukuqasha

nokuphatha abasebenzi kufanele kuxhumekeke ekutheni abantu banamakhono, abaphathi

abakhethi, nokuthi kunesidingo sokuqeda ukulingalingani kwesikhathi sakudala, ukuze zonke

izinhlobo zabantu zimelwe.

(2) Le migomo engenhla isebenza kokulandelayo –

(a) ukuphatha yonke imikhakha kaHulumeni;

(b) izingxenye zombuso; futhi

(c) izinkampani nemisebenzi kaHulumeni.

(3) Umthetho kaZwelonke kufanele uqiniseke ukukhuthazwa kwaloko okulungile futhi

nemigomo ebalulwe kwisigatshana (1).

(4) Ukuqokwa emsebenzini kaHulumeni kwenani labantu ngokuhambisana nemigomo ebusayo

ngaleso sikhathi njengoba kuhlinzekwe umthetho kaZwelonke akunqatshelwe.

(5) Umthetho ohambisa kahle ukuphatha kombuso, ungehlukanisa izindlela zokuphathwa

kwemikhakha eyahlukene nezikhungo ezikhona zombuso.

(6) Uhlobo nemisebenzi yemikhakha ehlukene, yezikhungo zokuphathwa kubasebenzi

bombuso kuyizinto ekufanele zicatshangwe uma kuhanjiswa kahle ukuphathwa kwabasebenzi.

Ikhomishani yokuphatha umsebenzi womphakathi

196. (1) Kukhona iKhomishani yokuphatha imisebenzi yomphakathi eyodwa yayonke

iNingizimu Afrika.

(2) Ikhomishani izimele futhi kufanele ingakhethi futhi kumele isebenzise amandla ibuye yenze

imisebenzi yayo ngaphandle kokusaba, ukubonelela abathile noma ukukhipha abathile

inyumbazane ngenhloso yokulungisa ngendlela efanele kanye nokuphatha kahle umphakathi kanye

nokukhuphula amazinga obuciko bokwethembeka emsebenzini womphakathi. Ikhomishani kumele

isebenze ngokomthetho kazwelonke.

(3) Ezinye izingxenye zombuso, ngenxa yomthetho kanye nezinye izimiso, kumele ilekelele

futhi ivikele iKhomishani ukuqikelela ukuzimela, ukungakhethi, isithunzi kanye nokusebenza

ngendlela elindelekile kweKhomishani. Akekho umuntu noma ingxenye yombuso ongaphazamisa

ukusebenza kweKhomishani.

(4) Amandla kanye nemisebenzi ekhomishani yilena -

(a) Ukugqugquzela okumisiwe kanye nemigomongqangi ebekwe esigabeni 195, kubasebenzi

bomphakathi bonkana;

(b) ukucubungula, ukubhekela kanye nokuhlaziya inhlangano kanye nabaphathi, nokusebenza

kwabasebenzi, bomphakathi;

(c) ukuphakamisa izimiso ukuqikelela ukwenziwa komsebenzi ngendlela elindelekile kanye

nefanele emsebenzini womphakathi;

(d) ukunikeza inkomba ehlose ekuqikeleleni ukuthi inqubo yabasebenzi ephathelene

nokuqasha, ukushintshwa kwabasebenzi basiwe kwezinye izindawo, ukukhushulwa ezikhundleni

kanye nokuxoshwa kwabasebenzi iyahambisana nokumisiwe kanye nemigomongqangi ebekwe

esigabeni 195;

(e) ukubika mayelana nemisebenzi kanye nokwenziwa kwemisebenzi, kubandakanya noma

yikuphi okuphakanyisiwe yiyo kanye nezinkomba nezeluleko engazinikeza, futhi ihlinzekele

ukuhlaziya ukuthi izimiso kanye nemigomongqangi ebekwe esigabeni 195 ilandelwe yini; kanye

(f) noma ngokuthanda kwayo noma ngokuvela kwezikhalo –

(i) icubungule ibuye ihlaziye izicelo zabasebenzi kanye nabaphathi bomphakathi, ibuye ibike

esigungwini esithentekile kanye nesishayamthetho;

(ii) ukucubungula izikhalo zabasebenzi emsebenzini womphakathi eziphathelene nokwenziwa

yiziphathimandla noma amaphutha, kanye nokwenza izincomo ezifanele ngezithombululo;

(iii) ukubhekela kanye nokucubungula okusondelene nenqubo emsebenzini womphakathi; futhi

(iv) ukweluleka izingxenye zombuso zikazwelonke kanye nezezifundazwe mayelana nezenzo

zabasebenzi emsebenzini womphakathi, kubandakanya nalokho okuhambisana nokuqasha,

ukuqokelwa ezikhundleni, ukushintshelwa kwenye indawo, ukuxoshwa kanye neminye iminxa

yemisebenzi yabaqashwa emsebenzini womphakathi.

(5) IKhomishani ibikela iPhalamende ngokusebenza kwayo.

(6) Ikhomishani kufanele ibike okungenani kanye ngonyaka njengoba kubhalwe kwisigatshana

(4)(e) –

(a) ePhalamende; kanye

(b) nokumayelana nokwenzeka esifundazweni,kwisishayamthetho saleso sifundazwe.

(7) Ikhomishani inoKhomishani abangu-14 abaqokwe nguMongameli abahlelwe ngendlela

elandelayo:

(a) Okhomishani abangu-5 abavunywe yiPhalamende ngokumaqondana nesigatshana (8) (a);

kanye

(b) UKhomishani oyedwa ngesifundazwe sisinye oqokwe nguNdunankulu wesiFundazwe

ngokumaqondana nesigatshana (8) (b)

(8) (a) UKhomishani oqokiwe ngokumaqondana nesigatshana (7)(a) kufanele –

(i) aphakanyiswe yikomidi lePhalamende elakheke ngamalungu alinganayo ezinhlangano

zonke ezimelwe ePhalamende; futhi

(ii) avunywe yiPhalamende ngesiphakamiso esithathwe ngokwesekwa ngamavoti eningi

lamalungu.

(b) UKhomishani oqokwe nguNdunankulu wesifundazwe kufanele –

(i) aphakanyiswe yikomidi lesishayamthetho sesifundazwe elakhiwe ngamalungu alinganayo

ezinhlangano zonke ezimelwe kwisishayamthetho; futhi

(ii) avunywe yiSishayamthetho ngesiphakamiso esithathwe ngokwesekwa ngamavoti eningi

lamalungu.

(9) Umthetho wePhalamende kufanele wakhe inqubo yokuqashwa koKhomishani.

(10) UKhomishani uqokelwa isikhathi esiyiminyaka engu-5, esivuselelwa kanye kuphela, kanti

kumele abe ngowesifazane noma owesilisa o –

(a) yisakhamuzi saseNingizimu Afrika; futhi

(b) umuntu ophilile futhi okulungele ukuqokwa onolwazi, noma ongumakadebona,

ekuphatheni, nokudidiyela umsebenzi womphakathi.

(11) UKhomishani angasuswa esikhundleni sakhe kuphela uma –

(a) ngokuziphatha kabi, ukungakwazi ukuphatha umsebenzi noma ububhimbi emsebenzini;

(b) ngesiphakamiso esimayelana nalokho sekomidi lePhalamende noma, uma kwenzeka

uKhomishani eqokwe nguNdunankulu wesifundazwe, yikomidi leSishayamthetho lesifundazwe;

futhi

(c) ukuvuma kwePhalamende noma iSishayamthetho sesifundazwe esithintekile,

ngesiphakamiso esesekwe ngamavoti eningi lamalungu aso efuna kususwe esikhundleni

uKhomishani.

(12) UMongameli kumele asuse esikhundleni uKhomishani phezu –

(a) ukuvuma kwePhalamende ngesiphakamiso esithi uKhomishani akasuswe esikhundleni;

noma

(b) isaziso esibhalwe phansi nguNdunankulu weSishayamthetho saleso sifundazwe esithathwe

ngesiphakamiso sokususwa kukaKhomishani.

(13) OKhomishani okuphawulwe ngawo kwisigatshana (7)(b) angasebenzisa igunya lamandla

akhe futhi enze imisebenzi kakhomishani kwizifundazwe zawo njengoba kubalulwe kumthetho

kazwelonke.

Abasebenzi bakaHulumeni

197. (1) Ngaphakathi kokuphathwa kombuso, kukhona abasebenzi bakaHulumeni

beRiphabhuliki, okufanele basebenze, bahlelwe, ngokulandela umthetho kazwelonke, futhi

okufanele zigcine imigomo ehambisana nomthetho kaHulumeni wangaleso sikhathi.

(2) Izimiso nemibandela yokuqashwa kumsebenzi womphakathi kufanele iphathwe

ngumthetho kaZwelonke Abasebenzi banelungelo lokuthola impesheni efanele, njengoba

ingahanjiswa kahle ngumthetho kazwelonke.

(3) Akukho msebenzi kaHulumeni okufanele avunwe noma ajivazwe ngenxa nje yokuthi lowo

muntu weseka iqembu noma inkolelo yepolitiki.

(4) Ohulumeni bezifundazwe babhekene nokufuna abasebenzi, ukuqasha, ukukhushulwa

ezikhundleni, ukushintshela kwenye indawo umsebenzi kanye nokuxosha amalungu abasebenzi

bakahulumeni emahhovisi okuphatha ngaphansi kombandela wamazinga afanayo kulokho

okumiselwe abasebenzi bakahulumeni.

Isahluko 11

Amaziko okuphepha

Imibutho ebusayo

198. Imigomo elandelayo iphathelene nokuphepha kukaZwelonke Riphabhuliki:

(a) Ukuphepha kukaZwelonke, kumele kuveze ukuzinikela kwabobonke abantu

baseNingizimu Afrika, umuntu ngamunye futhi nanjengesizwe, ukuphilisana njengabantu

abalinganayo, ngokuthula, nokuzwana, bangabi nokwesaba nokweswela futhi baphokophelele

impilo engcono.

(b) Ukuzinikela ekuphileni ngokuthula nangokuthula nangokuzwana kuvimbela wonke

oyisakhamuzi saseNingizimu Afrika ukuthi abambe iqhaza empini, ngaphakathi ezweni noma

namanye amazwe, ngaphandle uma kwenzeka njengokuhlinzeka koMthethosisekelo noma

umthetho kazwelonke.

(c) Ukuphepha kwezwe kumele kuqikelelwe ngendlela ehambisana nomthetho, kubandakanya

umthetho wamazwe ngamazwe.

(d) Ukuphepha kwezwe kulawulwa yiPhalamende nomkhandlu wokuphatha kazwelonke.

Ukumiswa, ukuhleleka nokuziphatha kwezikhungo zokuphepha

199. (1) Izikhungo zokuphepha zeRiphabhuliki zakhiwe ngumbutho wokuvikela owodwa,

iziko lamaphoyisa elilodwa kanye namaziko obunhloli amiswe njengokusho koMthethosisekelo

(2) Umbutho wokuvikela yiwona wodwa umbutho ohlomile osemthethweni eRephabhliki.

(3) Ngaphandle kwamaziko okuphepha amiswe njengokusho koMthethosisekelo, izinhlangano

noma amaziko ahlomile, zingamiswa njengokusho komthetho kazwelonke.

(4) Amaziko okuphepha kufanele akhiwe futhi aqhutshwe ngokomthetho kaZwelonke

(5) Amaziko okuphepha kumele enze, futhi afundise futhi aphoqelele amalungu awo ukuba

enze izinto njengendlela ehambisana nokushiwo nguMthethosisekelo nomthetho, kuhlanganisa

umthetho osungamasiko wamazwengamazwe ezibophezela iRephabhliki.

(6) Akukho lungu lanoma yiliphi iziko lokuphepha elivunyelwe ukulandela isiyalo

esiphambene nomthetho ngokusobala.

(7) Amaziko okuphepha kanye namalungu awo awavunyelwe ukwenza imisebenzi yawo

ngendlela –

(a) ekhinyabeza izinjongo zepolitiki ezizemthethweni ngokusho koMthethosisekelo; noma

(b) ngendlela eqhuba izinjongo zeqembu lepolitiki elithile, ngendlela evuna leloqembu.

(8) Ukuze kufezeke imigomo yokusebenzela obala nakuziphendulela kwamakomidi

asePhalamende akhiwe okumelwe kuwo amaqembu ahlukahlukene kumele aqaphe ukwenza

kwawo wonke amaziko okuphepha, ngendlela ebekwe ngumthetho kazwelonke noma

yimitheshwana noma izinqumo zePhalamende.

Ukuvikela

Umbutho wokuvikela

200. (1) Umbutho wokuvikela kumele uhleleke futhi uphathwe njengombutho ohlomile

onokuzithiba.

(2) Injongo ebalulekile yombutho wokuvikela nokukhusela iRephabhliki, ukuhlonishwa

kwemingcele yayo kanye nangemigomo yomthetho wamazwengamazwe olawula ukusetshenziswa

kwamandla.

Ukuphathwa ngabezepolitiki

201. (1) Ilungu leKhabinethe kumele libhekelele ukuvikela.

(2) Umongameli kuphela, njengehloko yoMkhandlu kaZwelonke, angagunyaza ukuqashwa

kweziko lokuvikela –

(a) ngokubambisana nombutho wamaphoyisa;

(b) ngenhloso yokuvikela uMphakathi; noma

(c) ukugcwalisa isibopho9 somthetho wamazwe ngamazwe.

(3) Uma iziko lezokuvikela liqashwa nganoma iyiphi inhloso eshiwo kwisigatshana (2),

uMongameli kumele azise iPhalamende ngokushesha futhi abike imininingwane efanele

maqondana nokulandelayo –

(a) izizathu zokusetshenziswa kombutho wokuvikela;

(b) izindawo lapho kusetshenziswa amandla khona;

(c) inani labantu elithintekayo; futhi

(d) isikhathi okulindelwe ukuthi umbutho uzosetshenziswa ngaso.

(4) Uma iPhalamende lingahlangani ezinsukwini eziyisikhombisa emva kokuqokwa kombutho

weZokuvikela njengoba kubhalwe kwisigatshana (2), uMongameli kumele anikeze ulwazi

oludingekile kwisigatshana (3) ekomidini elifanele.

Ukukhuzwa kombutho wokuvikela

202. (1) UMongameli, njengenhloko yokuphathwa kukaZwelonke unguMkhuzi oMkhulu

wombutho wokuvikela, futhi kumele aqokele esikhundleni abakhuzi bempi bombutho wokuvikela.

(2) UKukhuzwa kwombutho wokuvikela kumele kwenziwe ngendlela ehambisana nokuyalela

kwelungu leKhabinethe elibhekelele ukuvikela.

Isimo sokuvikela izwe

203. (1) UMongameli angakhipha isimemezelo sokuthi kunesimo sokuvikela izwe, futhi

kumele azise iPhalamende ngokushesha futhi anikeze imininingwane efanele mayelana –

(a) nezizathu zesimemezelo sesimo;

(b) namoma iyiphi indawo lapho kusetshenziswa khona amandla; futhi

(c) Inani labantu abathintekayo.

(2) Uma lingahleli iPhalamende, ngesikhathi kumenyezelwa isimo sokuvikela izwe,

uMongameli kumele abizele iPhalamende emhlanganweni oyisipesheli phakathi kwezinsuku

eziyisikhombisa senziwe isimemezelo.

(3) Isimemezelo sesimo sokuvikela izwe siyaphela ngaphandle uma ngabe samukelwe

yiPhalamende phakathi kwezinsuku eziyisikhombisa ezenziwe.

Abasebenzela ukuvikela umphakathi bengewona amalungu ombutho

204. Kufanele umthetho kazwelonke umise isakhiwo sabasebenzela ukuvikela bengewona

amalungu ombutho kodwa bengamalungu ajwayelekile omphakathi, esizosebenza ngokulayelwa

yilungu lekhabinethe elibhekelele ukuphepha.

Amaphoyisa

Isakhiwo samaphoyisa

205. (1) Isakhiwo samaphoyisa sikaZwelonke kumele sihleleke ngendlela yokuba sisebenze

emikhakheni kazwelonke, yezifundazwe neyezifundazwe neyezindawo.

(2) Umthetho kazwelonke kumele umise amandla nemisebenzi yesakhiwo samaphoyisa enze

umsebenzi wawo ngendlela enempumelelo, enaka isidingo zezifundazwe.

(3) Izinjongo zesakhiwo samaphoyisa wokuqonda ukuvimbela nokuphenya amacala, ukugcina

ukuthula emphakathini nokuvikela nokuphephisa abahlali baseRephabhliki nempahla yabo, kanye

nokuphakamisa nokuphoqelela umthetho.

Ukuphatha kwabezepolitiki

206. (1) Ilungu leKhabinethe kumele libhekelele umsebenzi wobuphoyisa, futhi kumele

liseke imigomo kazwelonke yomsebenzi wobuphoyisa emva kokubonisana noHulumeni bezifunda

nokuqaphela izidingo zokuphoyisa kanye nezidingongqangi zezifundazwe ngokwesinqumo

sesiGungu sesifundazwe.

(2) Inqubo yokuphoyisa kazwelonke ingahlinzekela izinqubo ezahlukene ngokwezifundazwe

ezahlukene emva kokuhlangabezana nezidingo zokuphoyisa kanye nezidingongqangi zalezo

zifundazwe.

(3) Isifunda ngasinye sinelungelo –

(a) lokuqapha ukuziphatha kwamaphoyisa;

(b) lokubaneso okumbandakanya ukunikezwa imibiko ngempumelelo yemisebenzi yawo kanye

nokwenziwa ngobuchwephesha komsebenzi wawo ;

(c) ukuthuthukisa ubudlelwane obuhle phakathi kwamaphoyisa nomphakathi;

(d) lokubhekisisa impumelelo yokwenza umsebenzi wamaphoyisa ngokusobala; futhi

(e) lokuxhumana nelungu leKhabhinethi elibhekele nomsebenzi wobuphoyisa futhi senze

izincomo maqondana nobugebengu kanye nokusebenza kwamaphoyisa kwisifundazwe

(4) IsiGungu sesifundazwe sibhekele imisebenzi yokuphoyisa –

(a) egunyazwe kulesi sahluko;

(b) egunyazwe ngokumaqondana nomthetho kazwelonke; futhi

(c) eyabelwe kuyona ngokwenqubo yokuphoyisa kazwelonke.

(5) Ukuze isifundazwe sikwazi ukwenza imisebenzi ebekwe kwisigatshana (3) –

(a) ingacubungula, noma iqoke ikhomishani yophenyo ngalolu daba, noma yisiphi isikhalo

sokungagculisi kwamaphoyisa noma ukunqamuka kobudlelwane phakathi kwamaphoyisa kanye

nomphakathi; futhi

(b) yenze izincomo elungwini leKhabhinethi elibhekele ukuphoyisa.

(6) Emva kokwamukela kwesikhalo esifakwe yisiGungu sesifundazwe, ithimba elizimele

lezikhalo zamaphoyisa elimiswe ngumthetho kazwelonke malicubungule noma yisiphi isenzo

sokungaziphathi kahle, noma icala elenziwe, yilungu labasebenzela amaphoyisa esifundazweni.

(7) Umthetho kazwelonke mawuhlinzekele indlela yokwakhiwa, amandla, imisebenzi kanye

nokulawulwa komsebenzi wamaphoyisa kamasipala.

(8) Ikomidi elakhiwe ngamalungu eKhabhinethi kanye namalungu oMkhandlu soMkhandlu

obhekele umsebenzi wamaphoyisa kumele sakhiwe ukuze siqikelele ukusebenzisana ngendlela

efanele phakathi kwamaphoyisa neminye imikhakha kahulumeni.

(9) ISishayamthetho sesifundazwe singadinga uKhomishane wesifunda ukuba avele ngaphambi

kwaso noma yinoma yiliphi elinye lamakomidi akhe ukuphendula imibuzo.

Ukulawulwa kwesakhiwo samaphoyisa

207. (1) UMongameli njengenhloko WoMkhandlu sikazwelonke kufanele aqokele

esikhundleni umuntu wesifazane noma wesilisa njengoKhomishana kaZwelonke wamaphoyisa,

ukuze alawule futhi aphathe amaphoyisa.

(2) UKhomishana kaZwelonke kufanele alawule futhi aphathe amaphoyisa ngendlela

ehambisana nemigomo kazwelonke yokwenza umsebenzi wamaphoyisa kanye neziyalelo zelungu

leKhabinethe elebhekele umsebenzi wobuphoyisa.

(3) UKhomishana kaZwelonke, ngokuvumelana noMkhandlu wesifundazwe, kufanele aqokele

esikhundleni umuntu wesifazane noma wesilisa njengokhomishana waleso sifundazwe, kodwa uma

uKhomishani kazwelonke kanye noweMkhandlu wesifundazwe behluleka ukuvumelana

ngokuqoka lowo muntu, ilungu leKhabhinethi elibhekele umsebenzi wamaphoyisa kumele

libonisane namaqembu ezombungazwe.

(4) OKhomishani besifundazwe babhekele ubuphoyisa ezifundazweni zabo –

(a) njengoba kubekwe ngumthetho kazwelonke; futhi

(b) ngokuhlonipha amandla kaKhomishana kaZwelonke okulawula nokuphatha umsebenzi

wamaphoyisa njengokusho kwesigatshana (2).

(5) UKhomishani wesifundazwe kumele abike kwiSishayamthetho sesifundazwe minyaka

yonke ngomsebenzi wobuphoyisa esifundazweni, futhi kumele athumele ikhophi yombiko

kuKhomishani kazwelonke.

(6) Uma uKhomishane wesifundazwe engawesethembi uMkhandlu wesifundazwe, lowo

uMkhandlu singamisa umthetho ofanele wokususa noma ukushintshwa, noma ukuthathela

izinyathelo zomthetho lowo Khomishani, ngokumaqondana nomthetho kazwelonke.

Abasebenzela amaphoyisa bengamalungu ajwayelekile omphakathi

208. Kumele kumiswe isakhiwo sabasebenzela amaphoyisa abangewona amaphoyisa,

bengamalungu ajwayelekile omphakathi, ngomthetho kazwelonke abasebenza ngokuyalelwa

yilungu leKhabhinethe elibhekele umsebenzi wobuphoyisa.

Ubunhloli

Ukumiswa nokulawulwa kwemisebenzi yobunhloli

209. (1) Noma yimiphi imisebenzi yobunhloli, ngaphandle kwengxenye yobunhloli

engaphansi lombutho wokuvikela nguMongameli njengenhloko yokuphatha kazwelonke, futhi

kuphela njengokusho komthetho kazwelonke.

(2) Umongameli njengenhloko yokuphatha kaZwelonke kufanele aqokele esikhundleni umuntu

wesifazane noma wesilisa njengenhloko yomsebenze yobunhloli ngamunye, omiswe njengokusho

kwesigatshana (1), futhi kumele aphendule kwezopolitiki maqondana nokulawulwa nokuyalelwa

kwanoma yimiphi yalemisebenzi noma aqoke ilungu leKhabinethi okuyilona elizophendula.

Amandla, imisebenzi kanye nokuqapha

210. Umthetho kazwelonke kufanele uhlele izinjongo, amandla kanye nemisebenzi yobunhloli,

kuhlanganisa noma iyiphi ingxenye yobunhloli, kuhlanganisa noma iyiphi ingxenye yobunhloli,

yombutho wokuvikela noma yamaphoyisa futhi kufanele uhlinzekele okulandelayo –

(a) ukudidiyelwa kwayo yonke imisebenzi yobunhloli; kanye

(b) nokugadwa kwezenzo zaleyo misebenzi yobunhloli nomhloli ongelona ilungu lombutho

yokuphepha oqokelwe esikhundleni nguMongameli njengenhloko yokuphatha kazwelonke, futhi

owamukelwe ngesinqumo esesekwe okungenani amalungu oMkhandlu kaZwelonke amabili

kwamathathu.

Isahluko 12

Abaholi bendabuko

Ukuvunywa ngokomthetho

211. (1) Uhlelo, izinga kanye nendawo edlalwa ngubuholi bendabuko, nje ngoba kubekwa

ngumthetho wamasiko, kuyabonnwa ngokomthetho kodwa kuphela uma kuhambisana

noMthethosisekelo.

(2) Umbuso wendabuko olandela uhlelo lomthetho wamasiko ungasebenza kuphela

ngokuhambisana nomthetho noma yimuphi kanye namasiko, kanye nanoma yiluphi ushintsho

noma ukucishwa kwalomthetho noma amasiko.

(3) Izinkantolo kufanele zisebenzise imithetho yamasiko uma lowo mthetho kuyiwona

okufanele usebenze kodwa kuphela uma kuhambisana noMthethosisekelo kanye nanoma yimuphi

umthetho ophathelene ngqo nomthetho wamasiko.

Indawo engadlalwa ngabaholi bendabuko

212. (1) Umthetho kazwelonke ungahlinzekela ukuthi ubuholi bendabuko, njengohlelo

lokuphatha emkhakheni wezindawo, njengohlelo lokuphatha emkhakheni wezindawo, bube

nesandla maqondana nezindaba ezithinta imiphakathi yezindawo.

(2) Ukuze ubhekelele izindaba eziphathelene nobuholi bendabuko, iqhaza abaholi bendabuko

abangabanalo, umthetho wamasiko kanye namasiko emiphakathi elandela uhlelo lomthetho

wamasiko –

(a) Umthetho kazwelonke noma wesifundazwe ungahlinzekela ukumiswa kwezindlu zabaholi

bendabuko; futhi

(b) Umthetho kazwelonke ungamisa uMkhandlu sabaholi bendabuko.

Isahluko 13

Izimali

Okuphathene nezimali jikelele

Isikhwama semali sikazwelonke

213. (1) Kunesikhwama semali sikazwelonke okufakwa kusona yonke imali kanye nemali

etholwe nguhulumeni kazwelonke, okufanele ikhokhwe, ngaphandle kwemali ekhishelwe

ngaphandle komthetho wePhalamende.

(2) Imali ingakhishwa esikhwameni semali sikazwelonke kuphela –

(a) Njengokusho komthetho wePhalamende okuphathelene nokusetshenziswa kwemali; noma

(b) njengokuhlinzeka koMthethosisekelo noma umthetho wePhalamende, omisa ukuthi imali

ethile ibekelwe umsebenzi othile.

(3) Ingxenye yemali kazwelonke eya kwizifundazwe evela ezimalini zikazwelonke

ingakhishwa ngqo esikhwameni semali kazwelonke.

Izingxenye ezigculisayo zemali kanye nokwabiwa kwezimali

214. (1) Umthetho wePhalamende kufanele uhlinzekele –

(a) ukwehlukaniswa ngendlela egculisayo kwezimali eziqoqelwe esikhwameni sikazwelonke,

zehlukaniselwa imikhakha kahulumeni kazwelonke, yezifundazwe neyezindawo;

(b) indlela egculisayo yokunquma ubungako bengxenye yemali etholwa yisifunda ngasinye;

(c) noma yikuphi okunye ukwabiwa kwezimali okuya kohulumeni bezifundazwe

nokamasipala, kuvela esabelweni semali sikazwelonke kanye nemibandela engabekelwa

lokukwaba.

(2) UMthetho oshiwo kwisigatshana (1) ungashaywa kuphela emva kokubonisana nohulumeni

besifundazwe, ohulumeni bendawo abahlelekile kanye neKhomishana yezimali nokusetshenziswa

kwezimali zikahulumeni, futhi kwabekelwa noma yisiphi isincomo sekhomishani; futhi ubhekele

–

(a) izidingo zezwe;

(b) noma yiziphi izimiso okufanele zenziwe maqondana nesikweletu sezwe kanye neminye

imibandela kazwelonke;

(c) izidingo nezinto ezibalulekile kuhulumeni kazwelonke, ezinqunyelwe emuva

kokubhekelwa kwayo yonke imicabango efanele;

(d) isidingo sokuqinisekisa ukuthi omasipala banamandla okufeza izidingo ezisemqoka

zabantu okulindelwe ukuthi zifezwe ngumasipala futhi benze imisebenzi eyabelwe kubona;

(e) amandla ezezimali kanye nokusebenza ngobunyoninco kwezifundazwe nawo masipala;

(f) izidingo zokuthuthukiswa nezinye izidingo zezifundazwe, zohulumeni bendawo kanye

nawomasipala;

(g) ukwehluka kwezimo zomnotho phakathi kwesifundazwe ngasinye naphakathi

kwezifundazwe ezahlukahlukile;

(h) izibopho zezifundazwe nawomasipala njengokubeka komthetho kazwelonke;

(i) ukudingeka kwezabelo zemali ezingaguqulwa kalula futhi ezilindelekile; kanye

(j) nesidingo sokungaqinisi izintamo uma kubhekwana nezimo ezibucayi ezivelayo noma

ezinye izidingo zesikhashana, kanye nezinye izimo ezinesisekela esifanayo.

Ukuhlelwa kokusetshenziswa kwemali emkhakheni kazwelonke, wesifundazwe kanye nowendawo

215. (1) Ukuhlelwa kokusetshenziswa kwemali emkhakheni kazwelonke, wesifundazwe

nowendawo kanye nako konke okuphathelene nokuhlela ukusetshenziswa kwezimali kufanele

kugqugquzelele ukusebenzela obala, ukuphenduleka, kanye nokuphathwa kwezimali

okunempumelelo emnothweni, nokuphathwa okunempumelelo kwesikweletu kanye nemisebenzi

yomphakathi.

(2) Umthetho kazwelonke kufanele umise ukuthi –

(a) uhlelo lwezimali lukazwelonke, lwezifunda nolwezindawo lufanele lubenjani.

(b) izinhlelo zokusetshenziswa kwezimali zikazwelonke zezifundazwe noma zendawo kufanele

zethulwe nini; futhi

(c) izinhlelo zokusetshenziswa kwezimali kuyo yonke imikhakha kahulumeni kufanele ibonise

ukuthi izimali zivelaphi nokuthi izimali okuhlongozwa ukuthi zisetshenziswe zizohambisana

ngayiphi indlela nomthetho kazwelonke.

(3) Izinhlelo zokusetshenziswa kwezimali emkhakheni kahulumeni ngamunye kufanele

zibonise –

(a) izilinganiso zezimali ezizotholwa kanye nezizosetshenziswa ezehlukanisa phakathi

kwezindleko zesikhathi eside nezindleko zesikhashana;

(b) iziphakamiso zokuthi izikweletu ezilindelekile zizokhokhwa kanjani kuleso sikhathi salolo

hlelo; kanye

(c) nokuthi kuhlongozweni maqondana nokubolekwa kwemali nezinye izinhlobo zesikweletu

ezizokwandisa izikweletu zomphakathi onyakeni olandelayo.

Ukulawulwa kokugcinwa kwezimali

216. (1) Umthetho kazwelonke kufanele umise ihhovisi likazwelonke futhi abeke izindlela

zokuqinisekisa ukusebenza ngendlela esobala kanye nokulawulwa kokusetshenziswa kwezimali

emkhakheni ngamunye kahulumeni, ngokuthi ethule –

(a) izinkambiso ezamukelwa njengezijwayelekile zokubika ngezimali;

(b) izigaba imali esetshenziselwa zona ezisetshenziswa ngokufana ezincwadini zezimali

zombuso;

(c) izindlela ezifanayo zokuphathwa kwemali.

(2) Ihhovisi likazwelonke lokuphathwa kwemali, ngokuvunyelwa njengelungu leKhabinethe

elibhekele izindaba zezimali zikazwelonke, lingamisa ukudluliselwa kwemali engxenyeni

kahulumeni kuphela ngesizathu sokuthi imigomo nezimiso ezibekwe kwisigatshana (1) ngenhla

zephulwe kabi kakhulu noma ngokuphindaphindwa.

(3) Isinqumo sokumisa ukudluliselwa kwemali esifundazweni singathathwa kuphela

njengokusho kwesigatshana (2), ngenhla, futhi –

(a) asivunyelwe ukumisa ukudluliswa kwemali isikhathi esingaphezulu kwezinsuku

ezingu-120; futhi

(b) singaphoqelelwa khona kanjalo kodwa singasuswa kusekela esikhathini esedlule

ngaphandle uma iPhalamende lisamukela lesi sinqumo emuva kokulandela uhlelo olusondelene

nalolo olumiswe kwisigaba 76(1) futhi lwamiswa yimitheshwana nezibopho zePhalamende. Lolu

hlelo kufanele lwenziwe luqedwe phakathi kwezinsuku ezingu 30 senziwe isinqumo sehhovisi

likazwelonke lokuphatha izimali.

(4) IPhalamende lingasivuselela isinqumo sokumisa ukudluliselwa kwemali isikhathi esingeqile

ezinsukwini ezingu-120 ngesikhathi, emva kokulandela uhlelo olubekwe njengokusho

kwesigatshana (3).

(5) Ngaphambi kokuthi iPhalamende lamukele noma livuselele isinqumo sokumisa

ukudluliselwa kwezimali esifundazweni –

(a) UMcubunguli omkhulu wamabhuku ezimali zikahulumeni kufanele anikeze iPhalamende

umbiko; futhi

(b) isifundazwe kufanele sinikwe ithuba lokuziphendulela kuloko esithweswe icala ngako

sibeke udaba lwaso phambi kwekomidi.

Impahla nemisebenzi ekhokhelwa ngezimali zikahulumeni

217. (1) Uma izingxenye zikahulumeni zifuna ukuthenga impahla noma ubuciko bokwenza

imisebenzi ethile, kufanele zikwenze lokhu ngendlela ehambisana nemithetho kazwelonke noma

yesifundazwe emisa uhlelo olugculisayo, olulungile, olusobala, oluvumela ukuqhudelana futhi

olusebenzisa imali ngendlela efanele.

(2) Isigatshana (1) asivimbeli ukusetshenziswa kwezimiso zokuthengwa kwempahla nobuciko

bokwenza imisebenzi ezibekwe yingxenye kahulumeni ezihlinzekela okulandelayo:

(a) Izigaba ezinconywayo ekwabiweni kwezivumelwano zokuthengwa kwempahla noma

ubuciko bokwenza imisebenzi; futhi

(b) ukuvikelwa noma ukuthuthukiswa kwabantu noma izigaba zabantu abuyisele emuva

ubandlululo olungalungile.

(3) Umthetho kazwelonke kufanele uhlinzekele uhlaka lokusetshenziswa kwezimiso ezishiwo

kwisigatshana (2) ngenhla.

Iziqinisekiso zikahulumeni

218. (1) Uhulumeni kazwelonke, wesifundazwe noma umasipala angaqinisekisa

ukukhokhwa kwesikweletu kuphela uma isiqinisekiso sihambisana nemibandela ebekwe

emthethweni kazwelonke.

(2) Umthetho kazwelonke oshiwo kwisigatshana (1) ungashaywa kuphela emuva kokuthi

kubhekelelwe noma yiziphi izincomo zeKhomishana yezimali nokusetshenziswa kwezimali.

(3) Minyaka yonke uhulumeni ngamunye kufanele ashicilele umbiko ngeziqinisekiso azinikile.

Ukukhokhelwa kwabantu abasezikhundleni zikahulumeni

219. (1) Umthetho wePhalamende kufanele umise uhlaka lokufinyelela ezinqumweni

ngokulandelayo –

(a) amaholo, izibonelelo nezinzuzo zamalungu omkhandlu kazwelonke, izithunywa ezimile

zesiGungu sikazwelonke sezifundazwe, zamalungu eKhabinethe, zosekela bongqongqoshe,

zabaholi bendabuko kanye namalungu anoma yiziphi izigungu zabaholi bendabuko; kanye

(b) nezinga elingeke leqiwe lamaholo, izibonelelo nezinzuzo zamalungu ezishayamthetho

zezifundazwe, amalungu eziGungu zokuphatha zomasipala zezigaba ezahlukene.

(2) Umthetho kazwelonke kufanele umise ikhomishani ezimele yokwenza izincomo

maqondana namaholo, izibonelelo kanye nezinzuzo ezishiwo kwisigatshana (1).

(3) IPhalamende lingemukela umthetho oshiwo kwisigatshana (1) kuphela emuva

kokubhekelela noma yiziphi izincomo ezenziwe yikhomishana emiswe njengoba kushiwo

kwisigatshana (2), ngenhla.

(4) UMkhandlu sokuphatha sikazwelonke, sesifundazwe, umasipala noma yisiphi esinye

isiphathimandla singaphoqelela umthetho kazwelonke oshiwo esigatshaneni (1), ngenhla, kuphela

emuva kokubhekelela noma yisiphi isincomo esenziwe yiKhomishana emiswe njengoba kushiwo

kwisigatshana (2), ngenhla.

(5) Umthetho kazwelonke kufanele umise izinhlaka zokunquma amaholo, izibonelelo

nezinzuzo zamajaji, zoMvikeli woMphakathi, zoMcubunguli omkhulu wamabhuku ezimali

zikahulumeni kanye namalungu anoma iyiphi ikhomishana ehlinzekelwe kuMthethosisekelo,

kubandakanya isiphathimandla sokusakaza esishiwo esigabeni 192.

Ikhomishana yezimali nokusetshenziswa kwezimali

Ukumiswa nokusebenza kwayo

220. (1) KuneKhomishana yezimali nokusetshenziswa kwezimali yeRephabhliki eyenza

izincomo ezilindelwe kulesi sahluko, noma emthethweni kazwelonke, izethule kwiPhalamende,

kwizishayamthetho zezifundazwe kanye nakunoma ngumthetho kazwelonke.

(2) IKhomishana izimele futhi ilawulwa kuphela nguMthethosisekelo kanye nomthetho futhi

kumele ingavuni muntu.

(3) IKhomishana kufanele isebenze njengoba kushiwo ngumthetho wePhalamende futhi,

ekwenzeni umsebenzi wayo kufanele ibhekelele zonke izinto ezithintekayo kubandakanya lezo

ezibalwe ohleni olusesigabeni 214 (2).

Ukuqokelwa esikhundleni nesikhathi sesikhundla samalungu

221. (1) IKhomishana yakhiwe yilaba bantu besifazana nabesilisa abalandelayo abaqokelwe

esikhundleni nguMongameli, njengenhloko yokuphatha kazwelonke:

(a) USihlalo kanye nesekela likasihlalo abangamalungu aphelele;

(b) abantu abayisishiyagalolunye, umuntu ngamunye ophakanyiswe uMkhandlu sokuphatha

sesifundazwe, isifundazwe ngasinye sinelungelo lokuphakamisa umuntu oyedwa;

(c) abantu ababili abaphakamiswe ohulumeni bendawo abahleleke njengoba kushiwo esigabeni

163; kanye

(d) nabantu abayisishiyagalolunye abanye.

(2) Amalungu eKhomishana kufanele abenobuciko obufanele.

(3) Amalungu asebenza kulezozikhundla njengoba kusho umthetho kazwelonke uMongameli

ongalisusa ilungu esikhundleni ngezizathu zokungaziphathi kahle, zokungakwazi ukuwenza

umsebenzi ngenxa yesimo esithile noma zokungawazi umsebenzi.

Imibiko

222. IKhomishana kufanele inikeze imibiko izikhathi ezijwayelekile ePhalamende

nakwezishayamthetho zezifundazwe.

Ibhange elikhulu lesizwe

Ukumiswa

223. IBhange lesizwe laseNingizimu Afrika liyibhange elikhulu laseRephabhliki futhi lilawula

njengokusho komthetho wePhalamende.

Inhlobo ebalulekile

224. (1) Uhlobo olubalulekile lweBhange lesizwe laseNingizimu Afrika ukuvikela intengo

yemali ukuze kuqinisekiswe ukukhula komnotho okungantengantengi nokuqhubeka njalo

eRephabhliki.

(2) IBhange lesizwe laseNingizimu Afrika, ngenhloso yokufeza izinjongo zayo, kufanele yenze

imisebenzi yayo ngokuzimela kanye nokungabi nokwesaba, ukukhetha noma ukujivaza; kodwa

kufanele kube nokubonisana phakathi kweBhange nelungu leKhabhinethe ebhekelele izindaba

zezimali zikazwelonke.

Amandla nokusebenza kwawo

225. Amandla nemisebenzi yeBhange lesizwe laseNingizimu Afrika yileyo ejwayelekile

kumabhange amakhulu, futhi okufanele imiswe emthethweni wePhalamende futhi kufanele

asetshenziswe noma enziwe ngokulawulwa yimibandela ebekwe njengoba kusho lowo mthetho.

Izindaba eziphathelene nezimali zesifundazwe nezendawo

Isikhwama sezimali zesifundazwe

226. (1) Kunesikhwama sezimali zesifundazwe sesifundazwe ngasinye okufanele kufakwe

kuso zonke izimali ezitholwe nguhulumeni wesifundazwe.

(2) Imali ingakhishwa esikhwameni semali sesifundazwe kuphela –

(a) njengoba kushiwo ngumthetho wesifundazwe; noma

(b) njengesikweletu esiqonde ngqo esikhwameni uma lokho kuhlinzekelwe

ngumthethosisekelo noma umthetho wesifundazwe.

(3) Izimali ezabiwe ngesifundazwe ziya kuhulumeni wendawo kuleso sifundazwe, njengoba

kusho isigaba 214(1), ziyisikweletu esiqonde ngqo esikhwameni semali yesifundazwe.

Imithombo kazwelonke yezimali zesifundazwe nezikahulumeni wendawo

227. (1) Uhulumeni wendawo nesifundazwe ngasinye –

(a) unelungelo lokuthola ingxenye egculisayo yemali eqoqwe ngokukazwelonke ukuze akwazi

ukuhlinzekela izidingo zomphakathi nokwenza imisebenzi enikezelwe kuwona; futhi

(b) ungathola ezinye izabelo zemali zikahulumeni kazwelonke ezinemibandela noma

ezingenamibandela.

(2) Izimali ezingaphezulu eziqokwe yizifundazwe noma ngomasipala akufanele zisuswe

engxenyeni yazo yemali eqoqwe ngokukazwelonke noma kwezinye izabelo ezenzelwe kubona

ezivela ezimalini zikahulumeni kazwelonke ngokulinganayo, uhulumeni kazwelonke akaphoqwe

yilutho ukuba anxephezelise izifundazwe noma omasipala abangaqoqi izimali ezilingana nezimali

ezingaqoqwa noma izintela ezingakhokhwa.

(3) Ingxenye yemali egculisayo yesifundazwe eqoqwe ngokukazwelonke kufanele idluliselwe

kwisifundazwe ngokushesha futhi kungazange kubanjwe zimali kuyo, ngaphandle uma

ukudluliswa kumiswe njengoba kusho isahluko 216.

(4) Isifundazwe kufanele sizihlinzekele sona loko esikudingayo, njengoba kusho izimiso

zomthethosisekelo waleso sifundazwe, ezingaphezulu kwezidingo ezilindelekile

kumthethosisekelo.

Izintela zesifundazwe

228. (1) Isishayamthetho sesifundazwe singabeka –

(a) izintela, amalevi noma ezinye izintelo ngaphandle kwentela yeholo, intela yempahla noma

imisebenzi ekhokhelwayo, intelo yentengo, intela yomhlaba nezakhiwo noma intela yemikhiqizo

yakwamanye amazwe; futhi

(b) izintela ezingaquki ezibalwe ngokulinganisa intela engaqoqwa kunoma yisiphi isigaba

sentela, samalevi noma sezinhlobonhlobo zentela ebekwe ngumthetho kazwelonke ngaphandle

kwezimali zezintela ezivela ezinzuzweni zohwebo, kwintela yohwebo, intela yomhlaba nezakhiwo,

noma izintela zemikhiqizo evela kwamanye amazwe.

(2) Amandla esifundazwe okubeka izintela, amalevi ezinye izimali ezingena esikhwameni

semali sikahulumeni ngezinkokhelo ezahlukile, noma ngezimali ezikhokhelwa izidingo

zomphakathi –

(a) angesetshenziswa ngendlela engakhinyabeza kakhulu futhi ngendlela engafanele imigomo

kazwelonke yezomnotho, izinyathelo eziphathelene nomnotho ezeqe imingcele yezifundazwe

noma ukuhwebelana ngokukazwelonke ngempahla, amasevisi, izimali noma imisebenzi; futhi

(b) kufanele alawulwe ngumthetho wePhalamende, ongashaywa kuphela emuva

kokubhekelelwa kwezincomo yiKhomishana yezimali nokusetshenziswa kwezimali zikahulumeni.

Izintela nezintela zobunikazi bomhlaba nezakhiwo komasipala

229. (1) Ngokumaqondana nesigatshana (2),(3) kanye no(4), umasipala angahlawulisa –

(a) Umasipala angabeka intela yempahla umuntu anayo, kanye nezintela zokukhiqiza,

ngomsebenzi owenziwe egameni likamasipala; futhi

(b) ngokugunyazwa ngumthetho kazwelonke, angabeka ezinye izintela, amalevi noma ezinye

izimali ezingena esikhwameni semali sikahulumeni ngezinkokhelo ezahlukahlukene, kodwa

umasipala akavunyelwe ukubeka intela yeholo, intela yokuhweba, intela yentengo ejwayelekile,

intela yokusebenzisa izidingo zomphakathi noma izintela zemikhiqizo evela kwamanye amazwe.

(2) Amandla kamasipala okuhlawulisa izintela empahleni yabantu, nezinye izintela zokukhiqiza

nezemisebenzi eyenziwe noma egameni likamasipala, noma ezinye izintela, amalevi noma izintela

zemikhiqizo evela kwamanye amazwe –

(a) angeke yenziwa ngendlela engalungile yokubandlulula inqubo yezomnotho kazwelonke,

imisebenzi yezomnotho ngaphandle kokulandela imingcele kamasipala, noma ukuhanjiswa

kwempahla kukazwelonke, imisebenzi, imali yebhizinisi noma yokusebenza; futhi

(b) ingalawulwa ngokomthetho kazwelonke.

(3) Uma omasipala ababili benamandla afanayo ngokwesikhwama sombuso kanye nemisebenzi

emaqondana nendawo efanayo, ukwabiwa ngendlela efanele kwalawo mandla kanye nemisebenzi

kumele kwenziwe ngokulandela umthetho kazwelonke. Ukwabiwa kungenziwa kuphela emva

kokuqashelwa kwale ndlela elandelayo:

(a) isidingo sokuhlangabezan a nemigomongqangi ezwakalayo yokukhishwa kwentela;

(b) amandla kanye nemisebenzi eyenziwa ngumasipala ngamunye;

(c) ubungako besikhwama sombuso sikamasipala ngamunye;

(d) indlela efanele nenomphumela omuhle wokuhlawulisa izintela, amalevi kanye nemali

ekhokhela imikhiqizo evela kwamanye amazwe angaphandle; futhi

(e) ukulingana.

(4) Akukho lutho kulesi sigaba okuvimbela ukwabelana ngemali engenile yombuso

ngokumaqondana nalesi sigaba phakathi komasipala labo abanamandla phezu kwesikhwama

sombuso kanye nemisebenzi kuleyo ndawo.

(5) Umthetho kazwelonke ovezwe kulesi sigaba ungamiswa kuphela emva kokuthintana

nohulumeni wendawo kanye nabeZimali neKhomishani yesikhwama sombuso, futhi uma

sekucutshungulwe noma yisiphi isincomo sikaKhomishani.

Imali ebolekwe yisifundazwe noma ngumasipala

230. (1) Isifundazwe noma umasipala angaboleka izimali zokuhlangabezana ndleko

ezingaveli njalo, zezinto ezizokwenza ukuthi umasipala akwazi ukuqhuba umsebenzi lowo noma

zokuhlangabezana nezindleko ezijwayelekile ezisheshe zedlule ngokulandela imibandela efanele

emiswe ngumthetho kazwelonke, kodwa izimali ezibolekelwa izindleko ezijwayelekile ezisheshe

zedlule –

(a) zingabolekwa kuphela uma kunesidingo sokuvala isikhala esikhathini sonyaka wezimali;

futhi

(b) kufanele zibuyiselwe phakathi kwesikhathi esingangezinyanga eziyishumi nambili.

(2) Umthetho kazwelonke oshiwo esigatshaneni (1) ngenhla, ungashiywa kuphela emuva

kokuba izincomo zeKhomishana yezimali nokusetshenziswa kwezimali zikahulumeni

zibhekelelwe.

Isahluko 14

Izimiso ezixubile

Umthetho wamazwengamazwe

Izivumelwano zamazwe ngamazwe

231. (1) Ukuxoxiswana nokusayinwa kwezivumelwano zamazwe ngamazwe

kungumsebenzi wesigungu sokuphatha sikazwelonke.

(2) Isivumelwano samazwe ngamazwe sibophelela iRephabhliki kuphela uma samukelwe

ngesinqumo esithathwe nguMkhandlu kaZwelonke kanye noMkhandlu kaZwelonke sezifundazwe,

ngaphandle uma siyisivumelwano esishiwo kwisigatshana (3).

(3) Isivumelwano samazwe ngamazwe sohlobo oluphathelene nezinto zobuciko obuthile,

zokuhambisa kahle imisebenzi noma zokuphatha, noma isivumelwano esingadingi ukwemukelwa

noma ukwesekwa, esenziwe yisigungu sikazwelonke sokuphatha, sibophelela iRephabhliki

ngaphandle kokwamukelwa nguMkhandlu kazwelonke noma uMkhandlu kaZwelonke

sesifundazwe, kodwa kufanele sethulwe phambi komkhandlu kazwelonke kanye noMkhandlu

kaZwelonke weziFundazwe ngesikhathi esifanele.

(4) Noma yisiphi isivumelwano samazwe ngamazwe siba yimithetho kwiRephabhliki uma

singeniswe emthethweni ngokushaywa komthetho kazwelonke; kodwa isimiso sesivumelwano

esizisebenzayo ngokwaso futhi esamukelwe yiPhalamende sibangumthetho eRephabhliki

ngaphandle uma siphambene noMthethosisekelo noma umthetho wePhalamende.

(5) IRephabhliki ibophelelwa yizivumelwano zamazwengamazwe ezazibophelela iRephabhliki

ngesikhathi soMthethosisekelo uqala ukusebenza.

Umthetho wamazwe ngamazwe osuyisiko

232. Umthetho wamazwe ngamazwe osuyisiko ngumthetho kwiRephabhliki ngaphandle uma

ungahambisani noMthethosisekelo noma umthetho wePhalamende.

Ukusetshenziswa komthetho wamazwe ngamazwe

233. Uma kuhunyushwa noma yimuphi umthetho, yonke inkantolo kufanele incamele noma

yikuphi ukuhumusha okufanele okuhambisana nomthetho wamazwe ngamazwe kunokunye

ukuhumusha okungahambisani nomthetho wamazwe ngamazwe.

Ezinye izindaba

Imiqulu yamaLungelo

234. Ukuze kujuliswe isiko lenqubo yentando yeningi elimiswe ngumthethosisekelo,

iPhalamende kufanele lamukele imiqulu yamalungelo ehambisana noMthethosisekelo.

Ukuzimela

235. ILungelo labantu baseNingizimu Afrika ngobuningi babo ukuba bazimele njengoba

kukhonjisiwe kulo Mthethosisekelo, alikuvimbeli, phakathi kohlaka kwale lilungelo, ukwaziswa

kwelungelo lokuba noma yimuphi umphakathi onamasiko nolimi olufanayo uzimele endaweni

ethile yeRephabhliki noma ngayiphi enye indlela ebekwe ngumthetho kazwelonke.

Ukwesekwa ngezimali kwamaqembu ezombusazwe

236. Ukuthuthukisa inqubo yentando yeningi evumela amaqembu ahlukahlukene ezombusazwe

ukuba abambe iqhaza, imithetho kazwelonke kufanele ihlinzekele ukwesekwa ngezimali

kwamaqembu epolitiki ameleleke ngokukazwelonke nakwizishayamthetho zesifundazwe indlela

egculisayo nelandela ukumeleleka kwamaqembu.

Ukwenziwa kwemisebenzi ngokukhuthala

237. Yonke imisebenzi ebekwe ngokomthethosisekelo kufanele yenziwe ngokukhuthala futhi

ngokungachithi sikhathi.

Ukwenzelwa imisebenzi nokudluliswa kwamandla okwenza imisebenzi

238. Ingxenye kahulumeni ehlangene nokuphatha kunoma yimuphi umkhakha kahulumeni

ingenza okulandelayo –

(a) ingadlulisa amandla noma okwenza noma yimuphi umsebenzi okufanele wenziwe

ngokusho komthetho, kwenye ingxenye kahulumeni ehlangene nokuphatha; noma

(b) isebenzise amandla noma yenze imisebenzi yenzela enye ingxenye kahulumeni ehlangene

nokuphatha njengomele leyongxenye kahulumeni noma ngokuthatha amandla ayo.

Izincazelo

239. Kulo mthethosisekelo ngaphandle uma kuhlongozwe okwehlukile

“umthetho kazwelonke” kuchaza okulandelayo –

(a) umthetho ongaphansi komunye owenziwe maqondana nomthetho wePhalamende; futhi

(b) umthetho owawusetshenziswa ngesikhathi umthethosisekelo uqala ukusebenza futhi

olawulwa nguhulumeni kazwelonke;

“izingxenye zombuso” kusho –

(a) noma yimuphi umnyango kahulumeni wokuphatha kukazwelonke, kwesifundazwe noma

uhulumeni wendawo; noma

(b) noma yisiphi isikhungo sokusebenza –

(i) sisebenzisa amandla noma ukwenza umsebenzi omayelana nomthethosisekelo noma

umthethosisekelo wesifundazwe; noma

(ii) sisebenzisa amandla okusebenza emphakathini noma kwenziwa umsebenzi womphakathi

mayelana nanoma yimuphi umthetho, kodwa kungafaki inkantolo noma isikhulu esibhekele

umthetho;

“umthetho wesifundazwe” ubandakanya –

(a) umthetho ongaphansi komunye owenziwe kulandelwa umthetho wesifundazwe; futhi

(b) umthetho owawusetshenziswa ngesikhathi umthethosisekelo uqala futhi owawubhekelwe

nguhulumeni wesifundazwe.

Ukungahambisani kokushiwo emibhalweni eyahlukene yomthethosisekelo

240. Uma kukhona ukungahambisani phakathi kwemibhalo eyahlukahlukene

yomthethosisekelo, umbhalo weSingisi yiwona obusayo.

Umthetho wobudlelwane phakathi kwabasebenzi nabaqashi, ka 1995

241. ISheduli 6 uhambelana nenguquko yohlelo yomthethosisekelo omusha osungulwe yilo

mthethosisekelo, futhi nanoma yiluphi udaba olungavela mayelana naleyo nguquko.

Ukususwa kwemithetho

242. Imithetho eshiwo kwiSheduli 7 isusiwe, kodwa loku kulawulwa yisigaba 243 kanye

noSheduli 6.

Isihloko esifushane kanye nokuqala ukusebenza

243. (1) Lo mthetho ubizwa ngokuthi umthethosisekelo weRephabhliki yaseNingizimu

Afrika, 1996, futhi uzoqala ukusebenza ngelanga elibekwe nguMongameli ngokwesimemezelo,

ngaphambi kokuba kushaye umhlaka 1 Julayi 1997.

(2) UMongameli angabeka izinsuku ezahlukene ngaphambi kwelanga elishiwo kwisigatshana

(1), mayelana nokuhlinzekela ukusebenza kwezimiso ezehlukene ezishowo uMthethosisekelo.

(3) Ngaphandle uma kuhloswe ukuthi kwehluke, isimiso sikhuluma ngesikhathi sokuqala

kokusebenza komthethosisekelo kusuke kushiwo isikhathi sokuqala ukusebenza kwaleso simiso.

(4) Uma isimiso sibekelwe ilanga elitheli elahlukile kulelo elishiwo kwisigatshana (2), ngenhla,

isimiso esifana naleso esikuMthethosisekelo waseNingizimu Afrika ka 1993 (Umthetho 200 ka

1993) esishiwo esimemezelweni sisuswa kusukela ngelanga elifanayo.

(5) Izigaba 213, 214, 215, 216, 218, 226, 227, 228, 229, 230 zizoqala ukusetshenziswa

ngomhlaka l ku Januwari 1998, kodwa lokhu akushiyi ngaphandle ukuniswa mayelana nalo

mthethosisekelo womthetho obhekelekile kunoma yikuphi okuhlinzekelwe ngaphambi kwalolo

suku. Ngaphambi kwalolo suku noma yikuphi okuhambisanayo futhi ukuhlinzekela

obekungabhekekile kumthethosisekelo weRephabliki yaseNingizimu Afrika, 1993, uzoqhubeka

usetshenziswe.

ISheduli 1

IFulegi likaZwelonke

(1) Ifulegi likaZwelonke linamacala amane; ubude balo buyingxenye nanye ngaphezulu

kobubanzi.

(2) Linombala omnyama, osagolide, oluhlaza okotshani, nomhlophe, obomvu okukapelepele

kanye noluhlaza okwesibhakabhaka.

(3) Inendawo eluhlaza okotshani eyakheke njengombhalo u enobubanzi obungangengxenye

eyodwa kwezinhlanu nanye yefulegi. Imigqa ephakathi nendawo yale ndawo eluhlaza okotshani

iqala ekhoneni elingenhla nelingezansi eduze kwesigxobo sefulegi, iyasondelana maphakathi

nefulegi iqhubeke, owodwa eduze komunye ize iphelele phakathi nendawo kwicala elibhekene

nalelo imigqa eqale kulona.

(4) Lendawo eluhlaza okotshani ikakwe ngumbala omhlophe ngenhla nangezansi kuthi

ngasesigxotsheni sefulegi ikakwe ngumbala osagolide Umbala okake indawo eluhlaza okotshani,

ngayinye iwububanzi obuyingxenye yokukodwa kokuhlanu yobubanzi befulegi.

(5) Unxantathu oseduze kwesigxobo sefulegi umnyama.

(6) Indawo elele engenhla inombala obomvu kuthi indawo elele engezansi ibeluhlaza

okwesibhakabhaka Lezi zindawo ziwububanzi obungangengxenye eyodwa kwezintathu zobubanzi

befulegi.

ISheduli 2

Izifungo neziqinisekiso

Isifungo noma isiqinisekiso sikaMongameli kanye nebamba likaMongameli

1. UMongameli noma ibamba likaMongameli, kufanele afunge noma aqinisekise phambi

kukaMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo ngendlela elandelayo:

Phambi kwabo bonke abantu ababuthene lapha, futhi ngicacelwa kahle wukubaluleka

kwesikhundla engibizelwe kuso njengoMongameli weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, mina,

A B ngiyafunga / ngiyaqinisekisa ukuthi ngizokwethembeka kwiRiphabhuliki yaseNingizimu

Afrika, futhi ngizothobela ngilandele, ngiphakamise futhi ngigcine uMthethosiseklo kanye nayo

yonke eminye imithetho yaseRiphabhuliki; futhi ngokuqinisekileyo nangokuzinikela ngiyethembisa

ukuthi ngiyohlala njalo –

s ngiqhubela phambili lokho okuzothuthukisa futhi ngiphikisa konke okungakhinyabeza,

iRiphabhuliki;

s ngivikela futhi ngiqhubela phambili amalungelo abo bonke abantu baseNingizimu Afrika;

s ngenza imisebenzi yami ngawo wonke amandla ami namakhono enginawo futhi ngilandela

iziyalo zikanembeza wami;

s Ngenza ubulungiswa kubo bonke; futhi

s ngizinikezela kwinhlalakahle yeRiphabhuliki nabo bonke abantu bayo.

(Uma kuthathwa isifungo: INkosi ingisize).

Isifungo noma isiqinisekiso sesekela likaMongameli

2. Isekela likaMongameli, kufanele lifunge noma liqinisekise phambi kukaMongameli

weNkantolo yoMthethosisekelo ngendlela elandelayo:

Phambi kwabo bonke abantu ababuthene lapha, futhi ngicacelwa kahle ukubaluleka

kwesikhundla engibizelwe kuso njengesekela likaMongameli eRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika,

mina, A B, ngiyafunga /ngiyaqinisekisa ukuthi ngizokwethembeka kwiRiphabhuliki yaseNingizimu

Afrika, futhi ngizothobela, ngilandele, ngiphakamise futhi ngigcine uMthethosisekelo nayo yonke

eminye imithetho yaseRiphabhuliki; futhi ngokuqinisekileyo nangokuzinikela ngiyethembisa ukuthi

ngiyohlala njalo –

s ngiqhubela phambili lokho okuzothuthukisa, futhi ngiphikisa konke okungakhinyabeza,

iRiphabhuliki;

s ngingumeluleki weqiniso nowethembekile;

s ngenza imisebenzi yami ngawo wonke amandla ami namakhono enginawo futhi ngilandela

iziyalo zikanembeza wami;

s ngenza ubulungiswa kubo bonke; futhi

s ngizinikezela kwinhlalakahle yeRiphabhuliki nabo bonke abantu bayo.

(Uma kuthathwa isifungo: INkosi ingisize).

Isifungo noma isiqinisekiso soNgqongqoshe kanye namasekela oNgqongqoshe

3. UNgqongqoshe ngamunye kufanele afunge aqinisekise, phambi kukaMongameli

weNkantolo yoMthethosisekelo noma elinye ijaji elijutshwe nguMongameli weNkantolo

yoMthethosisekelo, ngendlela elandelayo:

Mina, A B ngiyafunga/ ngiyaqinisekisa ukuthi ngizokwethembeka kwiRiphabhuliki

yaseNingizimu Afrika futhi ngizothobela ngihloniphe futhi ngiphakamise uMthethosisekelo nayo

yonke imithetho yaseRiphabhuliki; futhi ngethembisa ukuphatha isikhundla sami

njengoNgqongqoshe / njengeSekela likaNgqongqoshe ngokuhlonipheka nangesithunzi;

ukungadlulisi ngendlela eqondile noma ecashile noma yiluphi udaba oluyimfihlo engethenjwe

ngalo; kanye nokwenza imisebenzi yesikhundla sami ngokuzinikela kanye nangawo wonke

amandla enginawo.

(Uma kuyisifungo: INkosi ingisize).

Isifungo noma isiqinisekiso samalungu oMkhandlu kaZwelonke, izithunywa ezimile zesiGungu

kaZwelonke weziFundazwe kanye namalungu esishayamthetho zezifundazwe

4. (1) Amalungu oMkhandlu kaZwelonke, izithunywa ezimile zesiGungu kaZwelonke

sezifundazwe kufanele afunge noma aqinisekise, phambi kukaMongameli weNkantolo

yoMthethosisekelo, noma elinye ijaji elijutshwe nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo,

ngendlela elandelayo:

Mina, AB ngiyafunga/ ngiyaqinisekisa ukuthi ngizokwethembeka kwiRiphabhuliki

yeNingizimu Afrika futhi ngizothobela, ngihloniphe futhi ngiphakamise uMthethosisekelo kanye

nayo yonke eminye imithetho yaseRiphabhuliki, futhi ngethembisa ngokuqinisekile ukuthi

ngizokwenza imisebenzi yami njengelungu loMkhandlu kaZwelonke / njengesithunywa esimile

kuMkhandlu kaZwelonke sezifundazwe /amalungu esishayamthetho sesifundazwe sase CD ngawo

wonke amandla enginawo.

(Uma kuyisifungo: INkosi ingisize).

(2) Abantu abagcwalisa isikhundla kuMkhandlu kaZwelonke, sesithunywa esigcwele

sesiGungu kaZwelonke weziFundazwe noma izishayamthetho zezifundazwe bangafunga noma

baqinisekise, njengoba kushiwo ku(1), ngenhla, phambi komphakathi wohlelo loMkhandlu,

woMkhandlu noma wesishayamthetho, kuya ngokuthi kugcwaliswa siphi isikhundla.

Izifungo neziqinisekiso zoNdunankulu kanye namalungu eziGungu zokuphatha zesifundazwe,

5. UNdunankulu wesifundazwe, kanye nelungu ngalinye loMkhandlu sokuPhatha

kwisiFundazwe, kufanele afunge/ aqinisekise phambi kukaMongameli weNkantolo

yoMthethosisekelo noma ijaji elijutshwe nguMongameli wenkantolo yoMthethosisekelo, ngendlela

elandelayo:

Mina, AB ngiyafunga / ngiqinisekisa ukuthi ngizokwethembeka kwiRiphabhuliki

yeNingizimu Afrika futhi ngizothobela, ngihloniphe futhi ngiphakamise uMthethosisekelo kanye

nayo yonke eminye imithetho yeRiphabhuliki; futhi ngiyethembisa ukuphatha isikhundla sami

njengoNdunankulu/ njengelungu loMkhandlu wokuPhatha wesiFundazwe sase CD

ngokuhlonipheka nangesithunzi; ukuba ngumeluleki weqiniso nowethembekile; ukuba ngumeluleki

weqiniso nowethembekile; ukungadlulisi ngokusobala noma ngendlela ecashile noma yiluphi

udaba oluyimfihlo engethenjwe ngalo; futhi ukwenza imisebenzi yesikhundla sami

ngokwethembeka nangawo wonke amandla enginawo.

(Uma kuyisifungo: INkosi ingisize).

6. (1) Ijaji ngalinye noma ibamba lejaji, kufanele lifunge noma liqinisekise phambi kweJaji

elikhulu leNkantolo enkulu yokudluliselwa kwamacala noma elinye ijaji elijutshwe yiJaji elikhulu,

ngendlela elandelayo:

Mina, AB ngiyafunga/ ngiyaqinisekisa ukuthi, njengejaji leNkantolo yoMthethosisekelo

/lenkantolo eNkulu yokudluliselwa kwamacala / leNkantolo ePhakeme yase EF / leNkantolo yase

GH ngizokwethembeka kwiRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, ngizophakamisa futhi ngivikele

uMthethosisekelo; futhi ngizokwabela ubulungiswa kubo bonke abantu ngokufana ngaphandle

kokwesaba, kokuvuna noma ukukhinyabeza ngokulandela uMthethosisekelo kanye nomthetho.

(Uma kuyisifungo: INkosi ingisize).

(2) Umuntu oqokelwe esikhundleni sokuba yiJaji elikhulu leNkantolo eNkulu yokudluliselwa

kwamacala engelona ijaji ngaleso sikhathi sokuqokelwa esikhundleni, kufanele afunge noma

aqinisekise ngaphambi kukaMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo.

(3) Abehluleli basezinkantolo zomthetho kanye namabamba abehluleli bezinkantolo zomthetho

ngaphandle kwamajaji kufanele bafunge/ baqinisekise njengoba kusho umthetho kazwelonke.

ISheduli 3

Inqubo yokhetho

Ingxenye A

Inqubo yokhetho lwabaphathi bezikhundla abahlinzekelwe nguMthethosisekelo

Ukusetshenziswa

1. Inqubo ebekwe kule Sheduli isetshenziswa njalo uma –

(a) UMkhandlu kaZwelonke uhlangana ukuze ukhethe uMongameli, noma uSomlomo noma

iSekela likaSomlomo loMkhandlu;

(b) UMkhandlu kaZwelonke sezifundazwe siyahlangana ukuze sikhethe usihlalo noma iSekela

likaSihlalo; noma

(c) isishayamthetho sesifundazwe siyahlangana ukuze sikhethe uNdunankulu wesifundazwe

noma uSomlomo noma iSekela likaSomlomo lesishayamthetho.

Iziphakamiso

2. Umuntu ongusihlalo emhlanganweni okusebenza kuwo leSheduli kufanele abize ukuba

kuphakanyiswe emhlanganweni abantu abazomela ukhetho.

Izidingo

3. (1) Isiphakamiso kufanele senziwe kwifomu elibekwe yimitheshwana eshiwo ku 9,

ngezansi.

(2) Ifomu okwenziwe kulo lezi ziphakamiso kumele lisayinwe –

(a) ngamalungu amabili oMkhandlu kaZwelonke, uma kuzokhethwa uMongameli noma

uSomlomo noma iSekela likaSomlomo;

(b) ngesandla sezithunywa ezimbili sezifundazwe, uma kuzokhethwa uSihlalo noma iSekela

likaSihlalo loMkhandlu kaZwelonke kwisifundazwe; noma

(c) ngamalungu amabili esishayamthetho sesifundazwe esithintekile uma kozokhetha

uNdunankulu wesifundazwe noma uSomlomo noma iSekela likaSomlomo wesishayamthetho.

(3) Umuntu ophakanyisiwe kufanele abonise ukusamukela isiphakamiso ngokuthi asayine

ifomu lesiphakamiso noma ngayiphi enye indlela yokubonisa ukwamukela isiphakamiso

esibhaliwe.

Ukumenyezelwa kwamagama abamele ukhetho

4. Emhlanganweni okusebenza kuwo leSheduli, umuntu owengamele kufanele amemezele

amagama alabo bantu abaphakamisiwe njengabamele ukhetho, kodwa angayivumeli

inkulumompikiswano.

Omele ukhetho eyedwa

5. Uma kuphakanyiswe umuntu oyedwa, umuntu owengamele umhlangano kufanele

amemezele ukuthi ukhethelwe esikhundleni.

Inqubo yokhetho

6. Uma kuphakanyiswe ngaphezulu komuntu oyedwa -

(a) kufanele kuvotwe emhlanganweni ngevoti langasese;

(b) ilungu ngalinye elikhona, noma uma kungumhlangano woMkhandlu kaZwelonke

weziFundazwe, isifundazwe ngasinye esimelwe, emhlanganweni singavota ngevoti elilodwa; futhi

(c) umuntu owengamele kufanele amemezele ukuthi bakhethiwe labo abathole iningi lamavoti.

Inqubo yokuchitha abanye

7. (1) Uma kungekho othola iningi lamavoti, lowo othole amavoti amancane

kunabobonke kufanele achithwe okhethweni bese kuvotwa futhi kuvotelwa labo abasele njengoba

kushiwo ku 6 ngenhla. Lenqubo kufanele iphindwe kuze kubenothola iningi lamavoti.

(2) Uma kusetshenziswa u(1), ngenhla, uma kunababili noma abangaphezulu kwababili

abanamavoti alinganayo amancane kunabobonke, kufanele kuvotwe ngokwehlukana kuvotelwa

laba bantu, futhi kuphindwe lokuvota uma kunesidingo kuze kucace ukuthi kuchithwa bani.

Eminye imihlangano

8. (1) Uma kuphakanyiswe abantu ababili kuphela, noma uma kusele ababili kuphela

emva kwenqubo yokuchitha isetshenzisiwe, labo ababili benamavoti alingangayo, kufanele

kubanjwe omunye umhlangano phakathi kwezinsuku eziyisikhombisa, ngesikhathi esishiwo

ngumuntu owengamele.

(2) Uma kubanjwe omunye umhlangano njengokusho kuka (1), ngenhla, inqubo ebekwe kule

Sheduli kufanele isetshenziswe kulowo mhlangano sengathi umhlangano wokuqala walolo khetho.

Imitheshwana

9. (1) UMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kufanele enze imitheshwana ebeka

–

(a) inqubo emihlanganweni okusebenza kuyo leSheduli;

(b) imisebenzi yomuntu owengamele kulowo mhlangano, neyanoma yimuphi umuntu

omsizayo;

(c) ifomu okwenziwa iziphakamiso kulo; futhi

(d) indlela okufanele kuvotwe ngayo.

(2) Le mitheshwana kufanele yaziswe ngendlela uMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo

abeka ngayo.

Ingxenye B

Indlela yokunquma ukuthi amaqembu alibamba kanjani iqhaza kwizithunywa zezifundazwe eziya

eMkhandlwini kaZwelonke weziFundazwe

1. Inani lezithunywa eliya kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe iqembu ngalinye

elinelungelo lazo kufanele libalwe ngokuthi kuphindaphindwe inani lezihlalo iqembu elinazo

kwisishayamthetho sesifundazwe, ngeshumi bese umphumela wehlukaniswa ngenani lezihlalo

zalelo qembu kwisishayamthetho lihlanganiswe nesihlalo esisodwa.

2. Uma isibalo esiku 1, ngenhla, sinika insalela engabalelwa kwizithunywa ezinikezwa iqembu

elithile njengokusho kuka 1, leyonsalela kufanele iqhathaniswe nezinsalela zamanye amaqembu,

futhi noma yiziphi izithunywa ezingekabiwa kulelo qembu lezithunywa zabelwe lelo qembu noma

lawo maqembu ngobuningi bezinsalela lezo.

ISheduli 4

Izindawo zemisebenzi uhulumeni

kaZwelonke nabezifundazwe

abanamandla okushaya imithetho kuzo

Ingxenye A

Ukulawulwa kwamahlathi emvelo

Ezolimo

Izikhungo zezindiza ezibandakanya ezamazwe ngamazwe nezikazwelonke

Ukulawulwa kwezilwane nezifo

Amakhasino, imijaho, ukugembula, nokubheja, ngaphandle kwamalotho namalotho emidlalo

Ukuvikelwa kwabathengi

Ukulawulwa kwezinhlekelele

Imfundo kuyo yonke imikhakha, ngaphandle kwemfundo ephakeme

Imvelo

Ezempilo

Izindlu

Umthetho wendabuko kanye nomthetho wamasiko kodwa uma kuhambisana neSahluko 12

soMthethosisekelo

Ukuthuthukiswa kwezimboni

Izimiso ngezilimi kanye nokulawulwa kwezilimi ngokomthetho kangangoba izimiso zesigaba 6

kuMthethosisekelo zinika ngokucacile isishayamthetho sesifundazwe amandla okushaya imithetho

maqondana nalokhu

Ukuvikelwa kwemvelo, ngaphandle kwamapaki kazwelonke,

Izingadi zezitshalo zikazwelonke kanye nengcebo yasolwandle

Ezokusakaza ezilawulwa ngqo nguhulumeni wesifundazwe kodwa kuphela uma kuhambisana

nesigaba 192

Amaphoyisa kangangoba isahluko 11 soMthethosisekelo sinikeza isishayamthetho sesifundazwe

amandla okushaya imithetho maqondana nalokhu

Izimali zokudlulisa ubunikazi bempahla

Izinkampani noma imisebenzi kahulumeni wesifundazwe mayelana nezindawo zemisebenzi ezikule

Sheduli nakuSheduli 5

Izindaba zamasiko zesifundazwe

Izinto zokuhamba zomphakathi

Imisebenzi yomphakathi kuphela maqondana nezidingo

Zeminyango kahulumeni wesifundazwe, ekwenzeni imisebenzi yayo yokulawula imisebenzi

enikezelwe kuyona ngokusho koMthethosisekelo nanoma yimuphi omunye umthetho

Ukuhlelwa kwesifundazwe nokuthuthukiswa

Ukulawulwa kwezinto zokuhamba emigwaqweni

Ukuvikelwa kwesihlabathi

Ezokuvakasha

Uhwebo

Ubuholi bendabuko kuphela uma kuhambisana neSahluko 12 saloMthethosisekelo

Ukuthuthukiswa kwamadolobha nezindawo zasemakhaya

Ukuthelelwa kwezinqola zokuhamba

Ezenhlalakahle

Ingxenye B

Izindaba zikahulumeni wendawo ezilandelayo kangangoba kubekwe kwisigaba 155(6) no (7);

Ukudungeka komoya

Imitheshwana elawula ukwakha

Izindawo zokunakekela izingane

Ukudonswa kukagesi kanye negesi

Abacishi bemililo

Ezokuvakasha zendawo

Izikhungo zezindiza zendawo

Ukuhlelwa kukamasipala

Izinto zokuhamba zomphakathi zikamasipala

Imisebenzi yomphakathi yakumasipala kuphela mayelana nezidingo umasipala ahlangabezana nazo

ekwenzeni umsebenzi wokulawula imisebenzi enikezelwe ngqo kuwona ngaphansi kwalo

Mthethosisekelo noma ngamuphi omunye umthetho

Izinto zokuhamba zaselwandle

izindawo ezakhiwe zangenela olwandle kanye nasemitateni ngaphandle kokulawulwa kwezindaba

zolwandle zamazwe ngamazwe ngamandla noma zikazwelonke nezinto ezincikene nazo

Ukulawulwa kwamanzi ezikhukhula ezindaweni okwakhiwe kuzo

Imitheshwana elawula uhwebo

UKunikezwa kwamanzi nokuqoqwa kwendlela

Okuphathelene nohlelo lwamanzi endawo kuphela kanye nokuqoqwa kwamanzi angcolile

ngendlela yasekhaya

Isheduli 5

Izindawo zemisebenzi

ezingashayelwa imithetho

yisiFundazwe kuphela

Ingxenye A

Amadele

Ama-ambulense

Izikhungo zokugcina wonke amadokodo kahulumeni ngaphandle kwezikhungo zikazwelonke

Imithombo yolwazi ngaphandle kwekaZwelonke

Amalayisense otshwala

Izindawo ezilondoloze futhi ezibukisa ngomlando ngaphandle kwezikazwelonke

Ukuhlelwa kwesifundazwe

Izindaba zesifundazwe eziphathelene namasiko

Ukungcebeleka kanye nezindawo zalokhu zesifundazwe

Imidlalo yesifundazwe

Imigwaqo yesifundazwe nokusetshenziswa kwayo

Ukwelashwa kwezilwane ngaphandle kokulawulwa kwalowo msebenzi

Ingxenye B

Izindaba ezilandelayo zikahulumeni wendawo njengangoba zibekwe esigabeni 155(6) no (7)

Amabhishi kanye nezinto zokungcebeleka

Imithetho ebhalwe ezingqwembeni kanye nezimemezelo ezindaweni zomphakathi

Amathuna, amakhaza nezindawo zokushisa izidumbu

Ukuhlanza

Ukulawula uthikamezo lomphakathi

Ukulawulwa kwemisebenzi ethengisela umphakathi utshwala

Izindawo zokugcina, zokunakekela kanye nokungcwaba izilwane

Ukubiyela kanye nezinto zokubiyela

Ukuthelelwa kwezinja

Ukuthelelwa kanye nokulawulwa kwemisebenzi edayisela umphakathi ukudla

Ukulawulwa kwemisebenzi edayisela umphakathi utshwala

Izikhungo zomphakathi zendawo

Izikhungo zemidlalo zendawo

Izimakethe

Amadele kamasipala

Amapaki nezokungcebeleka zikamasipala

Imigwaqo kamasipala

Ukubanga umsindo

Ukugcinwa kwezinto ezisuswe emphakathini

Izindawo zomphakathi

Ukususwa, ukulahla kukadoti kanye nokuqoqwa kwendle

Uhwebo lwasemigwaqeni

Ukukhanyiswa kwemigwaqo

Ukusetshenziswa kwemigwaqo nokupakwa kwezinto zokuhamba

Isheduli 6

Amalungiselelo esikhashana

Izincazelo

1. KuleSheduli ngaphandle uma kungahambisani nalokho okuhlongozwe kuleso simiso –

“isabelo “ kusho indawo yeRiphabhuliki eyayithathwa njengendawo ezimele noma ezibusayo

ngomthetho waseNingizimu Afrika ngaphambi kokuthi uMthethosisekelo ongaphambi kwalona

uqale ukusebenza;

“uMthethosisekelo omusha” kusho uMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika,

1996;

“imithetho yohlelo oludala” kusho imithetho eyashaywa ngaphambi kokuba uMthethosisekelo

ongaphambi kwalo uqale ukusebenza;

“UMthethosisekelo ongaphambi kwalona” kusho uMthethosisekelo weRiphabhuliki

yaseNingizimu Afrika, 1993, (Umthetho 200 ka 1993).

Ukuqhubeka kwemithetho esikhona

2. (1) Wonke umthetho owawusebenza uma uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza

uyaqhubeka nokusebenza kodwa kuya ngokuthi –

(a) ushintshiwe noma ususiwe yini, futhi

(b) uyahambisana yini noMthethosisekelo omusha.

(2) Umthetho wohlelo oludala ohambisana nokushiwo kwisigatshana (1) ngenhla, –

(a) awusebenzi kabanzi ngokwendawo nangayiphi enye indlela kunangesikhathi esingaphambi

kokuthi uMthethosisekelo ongaphambi kwalona uqale ukusebenza ngaphandle uma ushintshiwe

ukuze usebenze kabanzi; futhi

(b) Uyaqhubeka nokuphethwa yileso siphathimandla esasiwuphethe ngesikhathi

uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza ngendlela eshiwo nguMthethosisekelo omusha.

Ukuhunyushwa komthetho okhona

3. (1) Ngaphandle uma kungahambisani nalokho okuqonde ukushiwo noma ngokucacile

kungafanele, uma umthetho owawukhona ngaphambi kokuthi uMthethosisekelo omusha uqale

ukusebenza –

(a) eRephabhliki yaseNingizimu Afrika noma isabelo (ngaphandle uma ukhuluma ngomhlaba

uqobo), kufanele uthathwe ngokuthi ukhuluma ngeRephabhliki yaseNingizimu Afrika ngaphansi

koMthethosisekelo omusha;

(b) ePhalamende, uMkhandlu kaZwelonke noma uMkhandlu weziGele kufanele uthathwe

ngokuthi usho iPhalamende, uMkhandlu kaZwelonke noma uMkhandlu kaZwelonke

weziFundazwe ngaphansi koMthethosisekelo omusha;

(c) kuMongameli, iSekela likaMongameli, uNgqongqoshe, iSekela likaNgqongqoshe noma

iKhabhinethi, kufanele ithathwe ngokuthi ikhuluma ngoMongameli, iSekela likaMongameli,

uNgqongqoshe, iSekela likaNgqongqoshe noma iKhabhinethi ngaphansi koMthethosisekelo

omusha njengoba kushiwo ku 9 wale Sheduli;

(d) kuMongameli woMkandlu wezigele, kufanele kuthathwe ngokuthi kukhulunywa

ngosihlalo woMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe;

(e) ngesishayamthetho sesifundazwe, uNdunankulu, uMkhandlu noma ilungu loMkhandlu

esiphethe lesifundazwe kufanele kuthathwe ngokuthi kukhulunywa ngesishayamthetho

sesifundazwe, uNdunankulu, uMkhandlu sokuphatha noma ilungu loMkhandlu sokuphatha

ngaphansi koMthethosisekelo omusha, njengoba sokuphathwa ngaphansi koMthethosisekelo

omusha, njengoba kushiwo ku 12, waleSheduli; noma

(f) ngolimi noma izilimi ezisemthethweni, kufanele kuthathwe ngokuthi kukhulunywa

nganoma yiluphi ulimi olusemthethweni ngaphansi koMthethosisekelo omusha.

(2) Ngaphandle uma kungahambisani nokuhlosiwe noma kungafanele ngokucacileyo, uma

umthetho wohlelo lwakudala –

(a) ePhalamende, ngeNdlu yePhalamende noma umkhandlu wokushaya imithetho, noma

isakhiwo seRephabhliki noma sesabelo, kufanele kuthathwe ngokuthi kukhulunwa –

(i) ngePhalamende ngaphansi koMthethosisekelo omusha, uma ukuphathwa kwalowo

mthetho kwabelwe noma kunikezelwe njengokusho koMthethosisekelo ongaphambi kwalona

noma leSheduli kuMkhandlu sokuphatha sikazwelonke; noma

(ii) isishayamthetho sesifundazwe, uma ukuphathwa kwalowo mthetho kwabelwe noma

kunikezelwe, njengokusho koMthethosisekelo ongaphambi kwalona noma kwale Sheduli

kuMkhandlu sokuphatha sesifundazwe; noma

(b) kuMongameli weZwe, uNgqongqoshe oMkhulu, uMphathi noma omunye umphathi

omkhulu, iKhabhinethi, uMkhandlu soNgqongqoshe noma uMkhandlu sokuphatha seRephabhliki

noma sesabelo, kufanele kuthathwe ngokuthi kukhulunywa –

(i) ngoMongameli ngaphansi komthethosisekelo omusha, uma ukuphathwa kwalo mthetho

kwabelwe noma kunikezelwe ngokusho koMthethosisekelo ongaphambi kwalona noma kwale

Sheduli esigungwini sokuphatha kaZwelonke; noma

(ii) uNdunankulu wesifundazwe ngaphansi koMthethosisekelo omusha, uma ukuphathwa

kwalowo mthetho kwabelwe noma kunikezelwe ngokusho koMthethosisekelo ongaphambi

kwalona noma leSheduli esigungwini sokuphatha sesifundazwe.

UMkhandlu kaZwelonke

4. (1) Noma yimuphi umuntu owayeyilungu loMkhandlu kaZwelonke uma

uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uba yilungu noma isiphathi sikhundla soMkhandlu

kaZwelonke ngaphansi koMthethosisekelo omusha, futhi uphatha isikhundla njengelungu noma

umphathi sikhundla njengoba kushiwo nguMthethosisekelo omusha.

(2) UMkhandlu kaZwelonke njengoba wakhiwe ngokusho kuka (1), ngenhla, kufanele

uthathwe ngokuthi ukhethwe ngaphansi koMthethosisekelo omusha ukhethelwa isikhathi esiphela

ngomhlaka 30 Epreli 1999.

(3) UMkhandlu kaZwelonke wakhiwe ngamalungu angu-400 esikhathini esiphela ngo 30

Epreli 1999, kodwa lokhu kulawulwa okushiwo kwisigaba 49(4) soMthethosisekelo omusha.

(4) Imitheshwana nezinqumo zoMkhandlu kaZwelonke ezisebenzayo ngesikhathi

uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uyaqhubeka nokusebenza, kodwa kunakekelwe

ushintsho olwenziwe noma loko okususiwe.

Umsebenzi ongaqedwanga ophambi kwePhalamende

5. (1) Noma yimuphi umsebenzi ongaphelile phambi kwePhalamende kufanele

kuqhutshekwe nawo njengokusho koMthethosisekelo omusha.

(2) Noma yimuphi umsebenzi ongaphelile phambi komkhandlu weziGele uma

uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza kufanele uyiswe kuMkhandlu kaZwelonke

weziFundazwe, futhi uMkhandlu kufanele siqhubeke nalowo msebenzi ngokusho

koMthethosisekelo omusha.

Ukukhethwa koMkhandlu kaZwelonke

6. (1) Kungebanjwe ukhetho loMkhandlu kaZwelonke ngaphambi komhlaka 30 Epreli

1999 ngaphandle uma uMkhandlu uhlakazwa njengokubeka kwesigaba 50(2) emva kokuthathwa

kwesinqumo sokungamethembi uMongameli njengokwesigaba 102(2) soMthethosisekelo omusha.

(2) Isigaba 50(1) soMthethosisekelo omusha siyalengiswa kuze kube ngumhlaka 30 Epreli

1999.

(3) Nangaphandle kokususwa koMthethosisekelo ongaphambi kwalona emabhukwini

omthetho, iSheduli 2 yalowo Mthethosisekelo njengoba itshintshwe yisijobelelo A sale Sheduli

iyasebenza –

(a) okhethweni lokuqala loMkhandlu kaZwelonke ngaphansi koMthethosisekelo omusha;

(b) ubulungu boMkhandlu buphela esimweni esingahlinzekelwe esigabeni 47(3)

soMthethosisekelo omusha; futhi

(c) ekugcwaliseni izikhala kuMkhandlu, nokugcwaliselwa, ukuhlolwa kabusha,

nokusetshenziswa koluhla lweqembu ukuze ligcwalise isikhala, kuze kufike ukhetho lwesibili

loMkhandlu ngaphambi koMthethosisekelo omusha.

(4) Isigaba 47(4) soMthethosisekelo omusha siyalengiswa kuze kube wukhetho lwesibili

loMkhandlu kaZwelonke ngaphansi koMthethosisekelo omusha.

UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe

7. (1) Esikhathini esiphela ngaphambi kokuhlala komhlangano wokuqala

wesishayamthetho sesifundazwe obanjwe emva kokhetho lawo lokuqala ngaphansi

koMthethosisekelo omusha –

(a) ukumeleleka kwezithunywa ezimele amaqembu eqenjini lezithunywa lesifundazwe eliya

kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe kufanele kufane nokumeleleka kwezigele eziyishumi

zesifunda ezaziphakanyiswe ngokusho kwesigaba 48 soMthethosisekelo ongaphambi kwalona;

futhi

(b) ukwabela kwezithunywa ezimile kanye nezithunywa ezikhethiwe emaqenjini amelwe

kwisishayamthetho sesifundazwe sinjengalokhu okulandelayo:

Isifundazwe Izithunywa Ezimile Izithunywa

Eziyisipesheli

1. Impumalanga Kapa ANC 5 ANC 4

NP 1

2. IFleyistata. ANC 4 ANC 4

FF 1

NP 1

3. EGauteng. ANC 3 ANC 3

DP 1

FF 1

NP 1 NP 1

4. KwaZulu\Natal. ANC 1 ANC 2

DP 1

IFP 3 IFP 2

NP 1

5. EMpumalanga. ANC 4 ANC 4

FF 1

NP 1

6. INyakatho Kapa. ANC 3 ANC 2

FF 1

NP 2 NP 2

7. Isifundazwe ANC 6 ANC 4

8. INyakatho yase- ANC 4 ANC 4

Ntshonalanga FF 1

NP 1

9. INtshonalanga ANC 2 ANC 1

Kapa DP 1

NP 3 NP 3

(2) Iqembu elimelwe kwisishayamthetho sesifundazwe –

(a) kufanele liphakamise izithunywa zalo esingasuswa phakathi kwabantu ababengamalungu

omkhandlu wezigele uma uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza futhi abangabakhona ukuze

basebenze njengezithunywa ezimile; futhi

(b) ingaphakamisa abanye abantu njengezithunywa esingasuswa kuphela uma kungekho noma

lingenele inani lababengamalungu omkhandlu wezigele angabakhona ukuze asebenze

njengezithunywa ezimile.

(3) Isishayamthetho sesifundazwe kufanele siqokele esikhundleni izithunywa zaso esingasuswa

ngokuhambisana neziphakamiso zamaqembu.

(4) U (2) no (3), ngenhla, basebenza kuphela ekuqokweni kokuqala kwezithunywa zesiGungu

kaZwelonke.

(5) Isigaba 62(1) soMthethosisekelo omusha asisebenzi ekuphakamisweni nasekuqokelweni

esikhundleni kwababengamalungu omkhandlu wezigele, njengezithunywa esingasuswa

njengokusho kwalesi simiso.

(6) Imithethwana nezinqumo zomkhandlu wezigele obusebenza ngesikhathi uMthethosisekelo

omusha uqala ukusebenza, kufanele isetshenziswe mayelana nemisebenzi yoMkhandlu

kaZwelonke kangangoba ingasetshenziswa kunakekelwe lokho okushintshiwe nokususiwe.

Ababengamalungu omkhandlu wezigele

8. (1) Owayeyilungu lomkhandlu wezigele ongaqokelwanga esikhundleni sesithunywa

esimile sesiGungu kaZwelonke sesifundazwe unelungelo lokuba yilungu eliphelele elingavota

lesishayamthetho sesifundazwe leso ayephakanyiswe kuso njengelunga loMkhandlu wezigele

njengokusho kwesigaba 48 somthethosisekelo omdala.

(2) Uma owayeyilungu lomkhandlu wezigele ekhetha ukungabi yilungu lesishayamthetho

sesifundazwe lowo muntu uthathwa ngokuthi usishiye isikhundla sokubayilungu lomkhandlu

weziGele ngelanga elandulela ilanga uMthethosisekelo omusha oqale ngalo ukusebenza.

(3) Iholo, izibonelelo, kanye nezinzuzo zowayeyilungu lendlu yezigele oqokelwe esikhundleni

sokuba yisithunywa esimile noma njengelungu lesishayamthetho sesifundazwe alingeke lincishiswe

ngenxa nje yokuthatha leso sikhundla.

Isigungu esikhulu

9. (1) Noma yimuphi umuntu owayenguMongameli, iSekela likaMongameli,

uNgqongqoshe noma iSekela likaNgqongqoshe ngaphansi koMthethosisekelo owendulela lona,

ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uyaqhubeka kuleso sikhundla njengoba

kusho uMthethosisekelo omusha, kodwa ngokulandela okushiwo ku(2), ngenhla.

(2) Kuze kube ngumhlaka 30 Epreli 1999, izigatshana 84, 89, 90, 91, 93, no 96

zoMthethosisekelo omusha kufanele zifundwe sengathi zibhalwe njengesiJobelelo B sale Sheduli.

(3) U (2), ngenhla, akamuvimbeli uNgqongqoshe owayeyilungu lendlu yezigele ngesikhathi

uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, ekubeni aqhubeke njengoNgqongqoshe oshiwo

esigabeni 91(1)(a) soMthethosisekelo omusha, njengoba leso sigaba sibhaliwe kwisiJobelelo B.

Izishayamthetho zezifundazwe

10. (1) Noma ngubani owayeyilungu noma ebambe isikhundla sesishayamthetho

sesifundazwe ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uba yilungu noma

umphathi sikhundla wesishayamthetho saleso sifundazwe ngaphansi koMthethosisekelo omusha

kanye nanoma yimuphi umthethosisekelo wesifundazwe ongabakhona.

(2) Isishayamthetho sesifundazwe njengokusho kuka (1) ngenhla, kufanele sithathwe ngokuthi

sakhethwa ngaphansi koMthethosisekelo omusha sikhethelwa isikhathi esiphela ngomhlaka 30

Epreli 1999.

(3) Kuze kube ngukuphela kwesikhathi sesishayamthetho wesifundazwe ngomhlaka 30 Epreli

1999, kodwa kunakekelwe okushiwo esigabeni 108(4), isishayamthetho sakhiwa yinani lamalungu

elinqunyelwe leso sishayamthetho ngaphansi koMthethosisekelo owendulela lona kanye nenani

lababengamalungu endlu yezigele ababangamalungu esishayamthetho njengokusho kuka 8 wale

Sheduli.

(4) Imitheshwana nezibopho zesishayamthetho sesifundazwe ebezisebenza ngesikhathi

uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza ziyaqhubeka nokusebenza, kodwa kunakekelwe

lokho okushintshiwe nokususiwe.

Ukhetho lwezishayamthetho zezifundazwe

11. (1) Yize ususiwe emabhukwini emithetho uMthethosisekelo owendulela lona, iSheduli

2 yalowo Mthethosisekelo, njengoba ushintshwe yisiJobelelo A saleyo Sheduli, iyasebenza –

(a) okhethweni lokuqala lesishayamthetho sesifundazwe ngaphansi soMthethosisekelo

omusha;

(b) ekulahlekelweni ngubulungu besishayamthetho ezimweni ezingahlinzekelwanga yisigaba

106(3) soMthethosisekelo omusha; futhi

(c) ekugcwaliseni izikhala kwisishayamthetho, kanye nokugcwalisa, ukubheka kabusha,

nokusetshenziswa kwezinhla zamaqembu ukuze kugcwaliswe izikhala, kuze kube yisikhathi

sokhetho lwesibili lwesishayamthetho ngaphansi koMthethosisekelo omusha.

(2) Isigaba 106(4) soMthethosisekelo omusha siyalengiswa maqondana nesishayamthetho

sesifundazwe kuze kube ukhetho lwesibili lwesishayamthetho ngaphansi koMthethosisekelo

omusha.

Isigungu sokuphatha sesifundazwe

12. (1) Noma yimuphi umuntu owayenguNdunankulu noma ilungu loMkhandlu

sokuphatha sesifundazwe ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uyaqhubeka

kuleso sikhundla futhi aphathe leso sikhundla ngokusho koMthethosisekelo omusha kanye

nomthethosisekelo wesifundazwe ongabakhona, kodwa ngokuhambisana no (2), ngenzansi.

(2) Aze athathe isikhundla ngaphansi koMthethosisekelo omusha uNdunankulu okhethwe

emva kokhetho lokuqala lwesifundazwe, noma isifundazwe size sizishayele umthethosisekelo

wesifundazwe, lokho okwenzeka kuqala kunokunye, izigaba 132 no 136 zoMthethosisekelo

omusha kufanele zithathwe ngokuthi zibhalwe njengoba kushiwo kwisiJobelelo C sale Sheduli.

Imithethosisekelo yesifundazwe

13. Umthethosisekelo owamukelwe ngaphambi kokuthi uMthethosisekelo omusha uqale

ukusebenza kufanele uhambisane nesigaba 143 soMthethosisekelo omusha.

Ukunikezelwa kwemithetho kwisifundazwe

14. (1) Imithetho ephathelene nodaba oluphakathi kwemisebenzi ebalwe kuluhlu

lukaSheduli 4 noma 5 lo Mthethosisekelo omusha futhi eyayiphethwe yisiphathimandla phakathi

kwesigungu sokuphatha kaZwelonke, ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza,

unganikezelwa nguMongameli, ngesimemezelo ephephandabeni lomthetho kahulumeni,

kwisiphathimandla esiphakathi kwesifundazwe esiqokwe uMkhandlu sokuphatha sesifundazwe.

(2) Uma kunesidingo sokunikezelwa komthetho njengoba kushiwo ku (1) ngenhla,

uMongameli, ngesimemezelo ephephandabeni likahulumeni elisemthethweni, angenza

okulandelayo –

(a) angashintsha noma aguqule umthetho ukuze alawule ukuhumushwa noma ukusebenza

kwawo;

(b) uma ukunikezelwa komthetho kuthinta ingxenye yalowomthetho kuphela, angawususa

bese eshaya kabusha, ashintshe nezinguquko ezishiwo ku (a), ngenhla, noma ngaphandle kwazo,

lezi zimiso ezithinteke nokunikezelwa; noma

(c) angalawula noma yiluphi olunye udaba okunesidingo sokuthi lulawulwe ngenxa yaloku

kunikezela, kubandakanya ukudluliswa noma ukwetshelekisa ngabasebenzi, noma ukwedluliselwa

kwempahla, izikweletu, amalungelo, kanye nezibopho eziya noma ezivela kwisigungu sokuphatha

sikazwelonke noma sesifundazwe noma kumnyango kahulumeni, umsebenzi kahulumeni,

izikhungo zokuphepha noma yisiphi esinye isakhiwo.

(3) (a) Ikhophi ngesimemezelo ngasinye esikhishwe njengokubeka kuka (1) noma (2),

ngenhla, kufanele inikezwe uMkhandlu kaZwelonke kanye noMkhandlu kaZwelonke

weziFundazwe phakathi kwezinsuku ezingu-10 kushicilelwe isimemezelo.

(b) Uma uMkhandlu kaZwelonke kanye noMkhandlu kaZwelonke ngesinqumo abasivumeli

isimemezelo noma yisiphi isimiso saso isimemezelo noma isimiso kuyaphelelwa isikhathi, kodwa

akuthikamezi okulandelayo –

(i) ukubasemthethweni kwanoma yiziphi izenzo ezenziwe leso simemezelo noma isimiso

singakaphelelwa isikhathi; noma

(ii) ilungelo noma isibonelelo esitholwe noma isibopho noma isikweletu esakhiwe ngaphambi

kokuba siphelelwe isikhathi.

(4) Uma umthetho unikezelwe ngokusho kuka (1), ngenhla, uma ukukhulunywa

ngesiphathimandla esiphethe lowo mthetho kufanele kuthathwe ngokuthi kubhekiswe

kwisiphathimandla esinikezelwe ngokomthetho.

(5) Noma yikuphi ukunikezelwa komthetho ngaphansi kwesigaba 235(8) soMthethosisekelo

owandulela lona kubandakanya noma yiluphi ushintsho, inguquko noma ukususwa kanye

nokushaywa kabusha kwanoma yimuphi umthetho kanye nanoma yisiphi esinye isinyathelo

esithathwe ngaphansi kwalesi sigaba, kuthathwa ngokuthi kwenziwe ngaphansi kwalesi sigaba.

Imithetho esekhona engaphandle kwamandla eSishayamthetho sasePhalamende

15. (1) Isiphathimandla phakathi kwesigungu sokuphatha sikazwelonke esengamele noma

yimuphi umthetho owela ngaphandle kwamandla ePhalamende okushaya imithetho ngesikhathi

uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, sihlala sinamandla okwengamela lowo mthetho uze

unikezelwe kwisiphathimandla esiphakathi kwesigungu sokuphatha sesifundazwe ngokubeka kuka

14 wale Sheduli.

(2) U(1), ngenhla akasebenzi emva kweminyaka emibili uMthethosisekelo omusha waqala

ukusebenza.

Izinkantolo

16. (1) Zonke izinkantolo, kumbandakanya nezinkantolo zabaholi bendabuko, ezazikhona

ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, ziyaqhubeka nokusebenza nokuba

namandla eziwanikwa yimithetho ezithintayo, futhi umuntu ophethe isikhundla njengomehluleli

wenkantolo uyaqhubeka esiphethe leso sikhundla njengoba kusho umthetho osebenzayo kuleso

sikhundla, kube kunakekelwe –

(a) lokho okushintshiwe noma okususiwe kulowo mthetho; kanye

(b) nokuhambisana noMthethosisekelo omusha.

(2) (a) Inkantolo yoMthethosisekelo emiswe nguMthethosisekelo owandulela lona iba

yiNkantolo yoMthethosisekelo ngaphansi koMthethosisekelo omusha.

(b) Noma ngubani ophethe isikhundla sokuba nguMongameli, iSekela likaMongameli noma

iJaji leNkantolo yoMthethosisekelo ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza,

ubanguMongameli, yiSekela likaMongameli noma iJaji leNkantolo yoMthethosisekelo ngaphansi

koMthethosisekelo omusha, futhi aqhubeke esesikhundleni isikhathi esisasele esikhathini esibekwe

ngokwesigaba 176(1) soMthethosisekelo omusha.

(3) (a) Inkantolo enkulu yamajaji yaseNingizimu Afrika yamacala adlulisiwe iba yinkantolo

enkulu yokudlulisela amacala ngaphansi koMthethosisekelo omusha.

(b) Noma yimuphi umuntu ophethe isikhundla njengeJaji elikhulu, iSekela leJaji eliKhulu,

noma iJaji lenkantolo yamacala adlulisiwe ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala

ukusebenza uba yiJaji eliKhulu, iSekela leJaji eliKhulu noma iJaji lenkantolo enkulu

yokudluliselwa kwamacala ngaphansi koMthethosisekelo omusha.

(4) (a) Inkantolo eNkulu yaseNingizimu Afrika yesifundazwe noma yendawo noma

inkantolo enkulu yesabelo noma ingxenye eyejwayelekile yaleyo nkantolo, iba yiNkantolo

ePhakeme ngaphansi koMthethosisekelo omusha kungazange kushintshwe lutho mayelana

namandla ayo, kodwa kunakekelwe ukudidiyelwa okulindelwe ku (6), ngezansi

(b) Noma yimuphi umuntu ophethe isikhundla njengeJaji elengamele kwisifundazwe noma

iSekela leJaji elengamele kwisifundazwe noma iJaji lenkantolo okukhulunywe ngalo ku(a),

ngenhla, uma uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uba yiJaji elengamele isifundazwe

noma yijaji laleyo nkantolo ngaphansi koMthethosisekelo omusha, kodwa kube kunakekelwe

ukudidiyelwa okulindelwe ku(6), ngezansi.

(5) Ngaphandle uma kungahambisani nalokho okuhlosiwe noma ngokucacile kungafanele,

uma umthetho noma uhlelo lukhuluma ngokulandelayo –

(a) iNkantolo yoMthethosisekelo ngaphansi koMthethosisekelo owandulela lona, kufanele

kuthathwe njengeNkantolo yoMthethosisekelo phansi koMthethosiselo omusha;

(b) iNkantolo eNkulu yaseNingizimu Afrika yamacala adlulisiwe, kufanele ithathwe

njengeNkantolo eNkulu yokudluliselwa kwamacala;

(c) iNkantolo eNkulu yaseNingizimu Afrika yesifundazwe noma yendawo noma inkantolo

enkulu yesabelo noma ingxenye eyejwayelekile yaleyo nkantolo, kufanele ithathwe

njengeNkantolo ePhakeme.

(6) (a) Ngokushesha okungase kwenzeke emuva kokuthi uMthethosisekelo omusha

uqalile ukusebenza, zonke izinkantolo, kumbandakanya ukwakheka kwazo, ukumeleleka,

ukusebenza kanye namandla azo futhi nayo yonke imithetho ethintekayo, kufanele ididiyelwe

ngenhloso yokumisa uhlelo lwezinkantolo oluhambisana nezimiso zoMthethosisekelo omusha.

(b) Ilungu leKhabinethe elibhekele ukwenganyelwa kwezobulungiswa, emva kokubonisana

neKhomishana yezemisebenzi yezinkantolo, kufanele athathe izinyathelo zokuphatha loku

kudidiyela okushiwo ku(a), ngenhla.

Amacala asengaphambi kwezinkantolo

17. Onke amacala ayesengaphambi kwenkantolo ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala

ukusebenza, kufanele abhekelwe sengathi uMthethosisekelo omusha awukho, ngaphandle uma

izidingo zobulungiswa zimisa ukuthi kungabinjalo.

Isiphathi mandla sokushushisa

18. (1) Isigaba 108 soMthethosisekelo owandulela lona siyaqhubeka sisebenza kuze

kuqale ukusebenza umthetho wePhalamende obhekwe yisigaba 179 soMthethosisekelo omusha

Lesi sigaba asithikamezi ukuqokelwa esikhundleni koMqondisi kaZwelonke wokuShushisa

koMphakathi njengokusho kwesigaba 179.

(2) Umshushisi omkhulu ophethe isikhundla ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala

ukusebenza, uyaqhubeka nokusebenza njengokusho komthetho othinta leso sikhundla, kodwa

kube kubhekelelwe okushiwo ngu (1), ngehla.

Izifungo neziqinisekiso

19. Umuntu oqhubekayo esesikhundleni ngokubeka kwale Sheduli futhi othathe isifungo noma

owenze isiqinisekiso uma ethatha isikhundla, ngaphansi koMthethosisekelo owendulela lona,

akaphoqelekile ukuthi aphinde athathe isifungo sesikhundla noma isiqinisekiso ngaphansi

koMthethosisekelo omusha.

Ezinye izakhiwo zomthethosisekelo

20. (1) Kulesi sigaba uma kuthiwa “izakhiwo zomthethosisekelo” kusho –

(a) uMvikeli woMphakathi;

(b) iKhomishana yaMalungelo Abantu;

(c) Ikhomishana yokuLingana ngoBulili;

(d) uMcubunguli oMkhulu wamabhuku ezimali zikahulumeni;

(e) iBange iRizevu yaseNingizimu Afrika;

(f) iKhomishana yezimali nokusetshenziswa kwezimali zikahulumeni;

(g) iKhomishana yemisebenzi yezomthetho; noma

(h) iBhodi yezilimi zonke zaseNingizimu Afrika.

(2) Isakhiwo soMthethosisekelo esimiswe ngokubeka koMthethosisekelo owandulela lona

siyaqhubeka nokusebenza njengokusho komthetho obhekene naso, futhi umuntu ophethe

isikhundla njengelungu lekhomishana, ilungu lebhodi yeBhange iRizevu noma iBhodi yazo zonke

izilimi zaseNingizimu Afrika, uMvikeli woMphakathi noma uMcubunguli oMkhulu wamabhuku

ezimali zikaHulumeni ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uyaqhubeka

kuleso sikhundla njengokusho komthetho othinta leso sikhundla, kodwa kube kunakekelwe –

(a) lokho okushintshiwe noma okususiwe kulowo mthetho; futhi

(b) ukuhambisana noMthethosisekelo omusha.

(3) Izigigaba 199(1), 200(1), (3) kanye no(5) kuya ku(11) kanye no 201 kuya ku206

zoMthethosisekelo owandulela lona ziyaqhubeka zisebenza zize zisuswe yinoma yimuphi

uMthetho wePhalamende owamukelwe njengokusho kwesigaba 75 soMthethosisekelo omusha.

(4) Amalungu eKhomishana yemisebenzi yezemithetho ashiwo kwisigaba 105(1)(h)

soMthethosisekelo owendulela lona, ayayeka ukuba ngamalungu eKhomishana uma sekuqokelwe

ezikhundleni amalungu ashiwo kwisigaba 178(1)(i) soMthethosisekelo omusha.

(5) (a) UMkhandlu esibhekene nodaba lokuzimela kwamaBhunu esimiswe ngokusho

koMthethosisekelo owandulela lona iyaqhubeka nokusebenza njengokusho komthetho obhekene

naso, futhi noma yimuphi umuntu ophethe isikhundla njengelungu loMkhandlu ngesikhathi

uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza uyaqhubeka esikhundleni njengokubeka komthetho

obhekene naleso sikhundla, kodwa kube kunakekelwe –

(i) lokho okushintshiwe nokususiwe kulowo mthetho; futhi

(ii) ukuhambisana noMthethosisekelo omusha.

(b) Izigaba 184A no 184B (1)(a), (b) no (d) zoMthethosisekelo owandulela lona ziyaqhubeka

zisebenza zize zisuswe ngumthetho wePhalamende owamukelwa njengokubeka kwesigaba 75

soMthethosisekelo omusha.

Ukushaywa komthetho odingwa nguMthethosisekelo omusha

21. (1) Uma uMthethosisekelo omusha udinga ukuthi kushaywe umthetho kazwelonke

noma wesifundazwe lowo mthetho kufanele ushaywe yisiphathimandla esifanele phakathi

kwesikhathi esamukelekile emuva kwelanga uMthethosisekelo owaqala ukusebenza ngalo.

(2) Isigaba 198(b) soMthethosisekelo omusha angeke siphoqelelwe kuze kushaywe umthetho

olindelekile kuleso sigaba.

(3) Isigaba 199(3)(a) soMthethosisekelo omusha angeke siphoqelelwe ngaphambi kokudlula

kwezinyanga ezintathu emva kokushaywa komthetho elindelekile kulesi sigaba.

(4) UMthetho kazwelonke olindeleke kwisigaba 217(3) soMthethosisekelo omusha kufanele

ushaywe phakathi kweminyaka emithathu kusukela ngelanga uMthethosisekelo omusha owaqala

ngalo ukusebenza, kodwa ukungabikho kwalo mthetho ngalesi sikhathi akuvimbeli ukuthi

kuphoqelelwe izimiso ezishiwo kwisigaba 217(2).

(5) Ngaphambi kokumiswa komthetho wePhalamende okuphawulwe ngawo esigabeni 65(2)

womthethosisekelo omusha onqunywe yiSishayamthetho sesifundazwe ngasinye ngokwenqubo

yaleso sifundazwe ngokulandela igunya eligunyaze izithunywa zaso okuvota egameni loMkhandlu

sezifundazwe sikazwelonke.

(6) Ngaphambi kokumiswa komthetho ovezwe esigabeni 229(1)(b) somthethosisekelo

omusha, umasipala uzohlala enamandla okuhlawulisa noma iyiphi intela, ilevi noma imali

ekhokhela umkhiqizo ovela kwamanye amazwe ogunyazwe ukuhlawulisa uma uMthethosisekelo

usuqale ukusebenza.

Ubumbano lwezwe nokubuyisana

22. Ngaphandle kwalokho okushiwo kunoma yisiphi esinye isimiso soMthethosisekelo omusha

nangaphandle kokususwa koMthethosisekelo owandulela lona, zonke izimiso eziphathelene

nokuxolelwa kwamacala ezitholakala kuMthethosisekelo owandulela lona ngaphansi kwesihloko,

“Ubumbano lwezwe nokubuyisana” zithathwa ngokuthi ziyingxenye yoMthethosisekelo omusha

ngenhloso yokuGqugquzelela umthetho woBumbano lweSizwe nokuBuyisana wango 1995,

(umthetho 34 ka 1995), njengoba uguquliwe, kubandankanya nenhloso yokumiswa kwawo.

UMqulu wamaLungelo

23. (1) Umthetho kaZwelonke olindeleke kwizigaba 9(4), 32(2), no 33(3)

zoMthethosisekelo omusha kufanele zishaywe phakathi kwesikhathi seminyaka emithathu

kusukela ngelanga uMthethosisekelo omusha owaqala ngaso ukusebenza.

(2) Ngaphambi kokuba umthetho olindeleke kwizigaba 32(2) no 33(3) zoMthethosisekelo,

ushaywe –

(a) isigaba 32(1) kufanele sithathwe ngokuthi sibhalwe ngendlela elandelayo:

“(i) wonke umuntu unelungelo lokuthola lonke ulwazi olusezandleni zombuso noma yiyiphi

yezingxenye zawo kunoma yimuphi umkhakha kahulumeni, uma lolo lwazi ludingeka ukuze

kusetshenziswe noma kuvikelwe noma yiliphi ilungelo”; futhi

(b) Izigaba 33(1) no (2) kufanele zithathwe ngokuthi zibhalwe ngendlela elandelayo:

“Wonke umuntu unelungelo –

(a) lokuthathelwa izinyathelo ezisemthethweni ngabasebenzela umbuso uma amalungelo akhe

noma izidingo zakhe zithinteka noma ezihanjiswe ngenkambiso zesatshiswa;

(b) lezinyathelo elungile lapho amalungelo omuntu noma amathemba afanele ethinteka noma

esatshiswa;

(c) lokunikezwa izizathu ezibhaliwe zezinyathelo ezithathwe ngabasezinkhundleni zombuso

ezithinta noma yimaphi amalungelo noma izidingo ngaphandle uma lezo zizathu zimenyezelwe;

futhi

(d) lokuthola izinyathelo ezifanele uma kuqhathaniswa nezizathu ezinikiwe zalezo zinyathelo

uma amalungelo ethinteka noma esatshiswa”.

(3) Izigaba 32(2) no 33(3) zoMthethosisekelo omusha ziphelelwa isikhathi uma umthetho

olindelekile kulezi zigaba ngokulandelana kwazo, ungashaywa phakathi kweminyaka emithathu

kusukela ngelanga lapho uMthethosisekelo omusha uqale ukusebenza.

Ukuphathwa kwemisebenzi yombuso nezikhungo zokuphepha

24. (1) Izigaba 82(4)(b), 215, 218(1), 219(1), 224 kuya ku 228, 236(1), (2), (3), (6),

(7)(b) no (8), 237(1) no(2)(a) no 239(4) no (5) zoMthethosisekelo omusha ziqhubeka

zisemthethweni sengathi uMthethosisekelo owandulela lona awususiwe, kodwa kuncike ku –

(a) lokho okushintshiwe kulezo zigaba ezibekwe kwisiJobelelo. D;

(b) noma yiluphi olunye ushintsho noma ukususwa kwalezozigaba nguMthetho wePhalamende

owamukelwe njengoba kushiwo esigabeni 75 soMthethosisekelo omusha; futhi

(c) ukuhambisana noMthethosisekelo omusha.

(2) IKhomishana yemisebenzi yombuso kanye namakhomishana emisebenzi yombuso

ezifundazwe ashiwo esahlukweni 13 soMthethosisekelo owandulela lona, aqhubeka nokusebenza

njengoba kusho leso sahluko kanye nomthetho osebenza kuleso sahluko sengathi iSahluko

asisusiwe, kuza kususwe iKhomishana namaKhomishana ezifundazwe ngomthetho wePhalamende

owamukelwe ngendlela ebekwe kwisigaba 75 soMthethosisekelo omusha.

(3) Ukususwa koMthethosisekelo owandulela lona akuthikamezi izimemezelo ezikhishwe

ngaphansi kwesigaba 237(3), soMthethosisekelo owandulela lona futhi lezo zimemezelo

ziqhubeka nokusebenza, kodwa kube kunakwe –

(a) lokho okushintshiwe noma okususiwe; futhi

(b) ukuhambisana noMthethosisekelo omusha.

Izizathu ezinezezelwe zokungavunyelwa ukuba yilungu lesishayamthetho

25. (1) Noma yimuphi umuntu owayedonsa isigwebo sasejele eRiphabhuliki esingaphezulu

kwezinyanga ezingu-12 ngaphandle kwefayini ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala

ukusebenza akavunyelwe ukuba yilungu loMkhandlu kaZwelonke noma lesishayamthetho

sesifundazwe.

(2) lokhu kuvinjelwa komuntu okuku(1) –

(a) kuyaphela uma isigwebo sibekwa eceleni emva kokudluliswa kwecala, noma isigwebo

sehlisiwe, emva kokudluliswa kwecala saba yisigwebo esingavimbeli umuntu; futhi

(b) kuyaphela eminyakeni emihlanu emuva kokuqeda isigwebo.

Uhulumeni weNdawo(WaseKhaya)

26. (1) kwala ukuhlinzekelwa kwesigaba 151,155,156,kanye no157 womthethosisekelo

omusha –

(a) ukuhlinzekelwa komthetho Wesikhashana kaHulumeni Wendawo ka 1993 (umthetho 209

ka 1993), njengoba ungaguqulwa noma nini ngumthetho kazwelonke ohambisana

noMthethosisekelo omusha, kuzohlala kusebenza kuze kube ngumhlaka 30 ku Apreli 1999 noma

uze ususwe, noma yikuphi okungenzeka kuqala kunokunye; futhi

(b) uMholi Wendabuko womphakathi obhekele indlela yomthetho wendabuko kanye nohlala

ngaphansi komhlaba osendaweni yoMkhandlu sesikhashana sendawo, uMkhandlu

esisemaphandleni noma omele leso uMkhandlu, esishiwo kumthetho kaHulumeni weNdawo ka

1993, futhi okhonjiswe esigabeni 182 somthethosisekelo omdala, unamandla ngokwesikhundla

(ex officio) agunyazwe ukuba yilungu loMkhandlu kuze kube ngumhlaka 30 ku Apreli 1999 noma

kuze kube umthetho wePhalamende usho okwahlukile kunalokhu.

(2) Isigaba 245(4) soMthethosisekelo owandulela lona siyaqhubeka nokusebenza kuze

kuphelelwe ukusebenza kwalesi sigaba. Isigaba 16(5) no (6) somthetho kaHulumeni

Wesikhashana weNdawo, ka 1993, angeke ususwe ngaphambi komhlaka 30 Epreli 1999.

Ukugcinwa ngokuphepha kwemithetho yePhalamende neyezifundazwe

27. Izigaba 82 no 124 zoMthethosisekelo omusha azithikamezi ukugcinwa ngokuphepha

kwemithetho yePhalamende noma yesifundazwe eyamukelwe ngaphambi kokuthi

uMthethosisekelo omusha uqale ukusebenza.

Ukubhaliswa kwempahla engagudluki yoMbuso

28. (1) Ekwakhiweni kwesitifiketi ngabasemagunyeni sokuthi impahla engagudluki

yoMbuso imisiwe ngokomthetho kahulumeni kulandelwa isigaba 239 somthethosisekelo omdala,

Unobhala wamafa kufanele abhale lokhu kushintshana noma izivumelwano noma amanye

amaphepha okubhalisa impahla yoMbuso engagudluki egameni lalowo hulumeni.

(2) Akukho nhlawulo, imali ekhokhwayo noma ezinye izindleko ezikhokhwayo mayelana

nokubhaliswa okubekwe kwingxenyana (1).

Okujotshelelwe A

Ushintsho kwiSheduli 2 yoMthethosisekelo owandulela lona

1. Ukufakwa esikhundleni sika (1) loku okulandelayo:

“1. Amaqembu abhalise ngokusho komthetho kazwelonke futhi emela ukhetho loMkhandlu

kaZwelonke, kufanele aphakamise abamele ukhetho kuluhlu lwabamele ukhetho olwenziwe

ngokulandela izimiso zale Sheduli nomthetho kazwelonke.”.

2. Ukufakwa esikhundleni sika (2) loku okulandelayo:

“2. Izihlalo eMkhandlwini kaZwelonke njengoba kunqunyiwe kwisigaba 46 soMthethosisekelo

omusha, zizogcwaliswa ngalendlela:

(a) Ingxenye yezihlalo evela kuluhlu lwezifundazwe lweqembu ngalinye, kube kunenani elimile

lezihlalo elibekelwe isifundazwe ngasinye njengoba kunqunywe yiKhomishana inqumela ukhetho

oluzayo loMkhandlu, ibhekelele ulwazi olukhona maqondana nabavoti kanye neziphakamiso

ezivela ebantwini.

(b) Ingxenye yesibili yezihlalo ezivela kuluhlu lukazwelonke olufakwe yiqembu ngalinye, noma

uluhlu lwesifunda uma uluhlu lukaZwelonke lungangeniswanga.”

3. Ukufakwa esikhundleni sika (3) loku kulandelayo:

“3. Uluhlu lwabamele ukhetho olungeniswa yiqembu, kufanele libenesamba samagama

esingeqile enanini lezihlalo ezikhona eMkhandlwini kaZwelonke, futhi uluhlu ngalunye luhlela

amagama ngendlela efiswa yiqembu elifake lolo luhlu.”.

4. Ukushintshwa kuka (5) ngokufakelwa kwamagama alandelayo esikhundleni salawo

angaphambi kwesigaba (a);.

“5. Izihlalo okukhulunywa ngazo ku 2(a) kufanele zabelwe amaqembu amele ukhetho

ngokwezifundazwe, ngale ndlela elandelayo.”.

5. Ukushintshwa kuka 6 –

(a) ngokufaka esikhundleni amagama angaphambi kwesigaba (a) lamagama alandelayo:

“6. Izihlalo okukhulunywa ngazo ku 2(b) zizokwabelwa amaqembu amele ukhetho ngendlela

elandelayo:” ; futhi

(b) ngokufaka esikhundleni sesigaba (a) okulandelayo:

“(a) Isabelo samavoti sesihlalo ngasinye sizobalwa ngokwehlukanisa isamba samavothi afakwe

ngokukazwelonke ngenani lezihlalo ezikuMkhandlu kaZwelonke, kuhlanganiswe nesisodwa, bese

umphumela uhlanganiswe nokukodwa, kuzitshwe insalela engaphelele, kuzoba yisona isabelo

samavoti aya eshihlalweni ngasinye.”.

6. Ukushintshwa kuka 7(3) ngokufaka esikhundleni sesigaba (b) okulandelayo:

“(b) Isabelo samavoti esihlalweni ngasinye esishintshiwe sizobalwa ngokwehlukanisa isamba

samavoti afakwe ngokukazwelonke, kususwe isamba samavoti afakelwe iqembu okukhulunywa

ngalo esigabeni (a) ngokukazwelonke, ngenani lezihlalo kuMkhandlu, kuhlanganiswe nesisodwa,

bese kususwa inani lezihlalo eligcine labelwe iqembu elishiwo njengokusho kwesigaba (a).”.

7. Ukufakwa esikhundleni sika 10 kwaloku okulandelayo:

“10. Inani lezihlalo kwisishayamthetho sesifundazwe ngasinye lizoba njengoba kunqunyiwe

ngokusho kwesigaba 105 soMthethosisekelo omusha.”.

8. Ukufakwa esikhundleni sika 11 kwalokhu okulandelayo”

“11. Amaqembu abhaliswe ngokusho komthetho kazwelonke futhi emele ukhetho

lwesishayamthetho sesifundazwe, kufanele aphakamise abamele ukhetho lwaleso sishayamthetho

sesifundazwe kuluhlu lwesifundazwe oluhlelwe ngokuhambisana nale Sheduli kanye nomthetho

kaZwelonke.”.

9. Ukufakwa esikhundleni sika 16 kwalokhu okulandelayo:

“Ukubekwa kwabameleli

16. (1) Emva kokubalwa kwamavoti, inani labameleli bamaqembu ahlukahlukile

selitholakele nomphumela wokhetho usumenyezelwe njengokusho kwesigaba 190

soMthethosisekelo omusha, iKhomishana phakathi kwezinsuku ezimbili emuva kokumemezela

kufanele ibeke abameleli ithatha kuluhlu lweqembu ngalinye, ishicilele njengoba kusho umthetho

kaZwelonke.

(2) Emva kokubekwa kwabameleli uma ngabe igama lalowo obemele ukhetho luvela

ngaphezulu koluhlu olulodwa loMkhandlu kaZwelonke noma kuluhlu loMkhandlu kanye

nolwesishayamthetho sesifundazwe (uma lolu khetho lubanjwa ngesikhathi esifanayo), futhi

obemele ukhetho angabekwa njengommeleli ezikhundleni ezingaphezulu kwesisodwa, iqembu

elimphakamisile kufanele, phakathi kwezinsuku ezimbili lisho ukuthi lowo muntu kufanele abekwe

ngaluphi uluhlu noma ukuthi uzosebenza kusiphi isishayamthetho, emva kwalokho igama lalowo

muntu lizosuswa kolunye uluhlu.

(3) IKhomishana emva kwalokhu izoshicilela uluhlu lwamagama abameleli kwisishayamthetho

noma kwizishayamthetho.”.

10. Ukushintshwa kuka 18 ngokufakwa esikhundleni sengaba (b) lengaba elandelayo

“(b) ummeleli uqokelwa ukuba yisithunywa esimile eMkhandlwini kaZwelonke

weziFundazwe;”.

11. Ukufakwa esikhundleni sika 19 kwaloku okulandelayo:

“19. Izinhla zabamele ukhetho beqembu elishiwo ku 16(1) zinganezelwa kube kanye kuphele

noma ngasiphi isikhathi phakathi kwezinyanga zokuqala ezingu 12 emuva kokuthi ukuqokwa

kwabameleli njengokusho kuka 16 kuqediwe, ukuze kugcwaliswe izikhala ezivela zingalindelwe:

Kodwa lokho kunezezelwa kufanele kwenziwe ekugcineni koluhlu.”.

12. Ukufakwa esikhundleni sika 23 kwalokhu okulandelayo:

“Izikhala

23. (1) Uma kwenzeka kuba nesikhala kwisishayamthetho esithintwa yile Sheduli, iqembu

elaphakamisa ilungu elishiyayo lizogcwalisa isikhala ngokuphakamisa omunye umuntu –

(a) ogama lakhe likhona kuluhlu lwabamele ukhetho lolo ayephakanyiswe kulo lowo oshiyayo;

futhi

(b) ongolandelayo kuluhlu ovunyelwe futhi okhona ukuze agcwalise isikhala.

(2) Isiphakamiso sokugcwalisa isikhala kufanele sinekezwe uSomlomo sibhalwe phansi.

(3) Uma iqembu elimelwe kwisishayamthetho lishabalala noma liyeka ukuba khona

njengeqembu futhi amalungu alelo qembu eshiya izihlalo zawo ngenxa ka 23A(1) izihlalo lezo

kufanele zabelwe amaqembu asele njengokuvuma kwezimo, sengathi lezozihlalo zishiywe

njengokuvuma kwesimo, sengathi lezozihlalo zishiywe njengoba kushiwo ku 7 noma 14, kuya

ngesimo esivelile.”.

13. Ukufakelwa kwalokhu okulandelayo emuva kuka 23:

“Izizathu ezinezezelwe zokulahlekelwa ngubulungu besishayamthetho

23A. (1) Umuntu ulahlekelwa ngubulungu besishayamthetho esithintwa yile Sheduli uma

lowo muntu eyeka ukuba yilungu leqembu elaphakamisa lowo muntu njengelungu laleso

sishayamthetho.

(2) Nangaphandle kokushiwo ku (1) ngenhla, noma yiliphi iqembu lepolitiki elikhona

lingalishintsha igama lalo noma ngasiphi isikhathi.

(3) Umthetho we Phalamende ungashaywa phakathi kwesikhathi esamukelekile emuva

kokuthi umthethosisekelo omusha uqale ukusebenza, ngokuhambisana nesigaba 76(1)

soMthethosisekelo omusha ukuze ushintshe okuqukethwe ku 23 ukuhlinzekela indlela engenza

ukuthi ilungu lesishayamthetho eliyeka ukuba yilungu leqembu elaliphakamise lelolungu likwazi

ukuqhubeka nobulungu balesosishayamthetho.

(4) Umthetho wePhalamende oshiwo ku (3) ngenhla ungahlinzekela nokuthi –

(a) noma yiliphi iqembu elikhona lihlangane nelinye iqembu kube yiqembu elilodwa; noma

(b) yiliphi iqembu lehlukane libe ngamaqembu angaphezulu kwelilodwa.”.

14. Ukucinywa kuka 24

15. Ukushintshwa kuka 25 –

(a) ngokufakwa esikhundleni sencazelo ka “Khomishana” kwale ncazelo elandelayo:

“iKhomishana” ichaza iKhomishana yoKhetho eshiwo esigabeni 190 soMthethosisekelo omusha;”;

futhi

(b) ngokufaka incazelo elandelayo emuva kwencazelo ka “uluhlu lukazwelonke:”

“‘uMthethosisekelo omusha’ uchaza uMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika,

1996;”.

16. Ukucinywa kuka 26.

Okujotshelelwe B

uHulumeni woBumbano: Umkhakha kazwelonke

1. Isigaba 84 soMthethosisekelo omusha sithathwa ngokuthi siqukethe lezi zigatshana

ezilandelayo ukwenezezela kwesikhona:

“(3) uMongameli kufanele abonisane namaSekela kaMongameli –

(a) ekuthuthukiseni nasekuphoqeleleni imigomo kahulumeni kazwelonke;

(b) kuzo zonke izindaba eziphathelene nokuphathwa kweKhabhinethi nokwenziwa

komsebenzi weKhabhinethi;

(c) ekwabeni kwemisebenzi kumaSekela kaMongameli;

(d) ngaphambi kokuqokela ezikhundleni ngaphansi koMthethosisekelo noma komthetho noma

yimuphi, kubandakanya ukuqokwa komele izwe kwamanye amazwe;

(e) ngaphambi kokuqoka amakhomishana ophenyo;

(f) ngaphambi kokubiza inhlolovo; futhi

(g) ngaphambi kokuxolela noma ukukhululwa kwalabo abangwetshiwe.”.

2. Isigaba 89 soMthethosisekelo omusha sithathwa ngokuthi siqukethe lezi zigatshana

ngaphezu kwalezo ezikhona:

“(3) Izigatshana (1) no (2) ziyasebenza nakwiSekela likaMongameli.”.

3. Isigaba (a) sesigaba 90(1) soMthethosisekelo omusha sithathwa ngokuthi sifundeka

ngendlela elandelayo:

“(a) iSekela likaMongameli eliqokwe ngu Mongameli;”.

4. Isigaba 91 soMthethosisekelo omusha sithathwa ngokuthi sifundeka ngalendlela:

“iKhabhinethi

91. (1) IKhabhinethi yakhiwe nguMongameli, ngamaSekela kaMongameli kanye –

(a) noNgqongqoshe abangeqile ku 27 abangamalungu oMkhandlu kaZwelonke futhi beqokwe

njengokusho kwezigatshana (8) kuya ku (12); kanye

(b) noNgqongqoshe ongeqile koyedwa ongelona ilungu loMkhandlu ka Zwelonke oqokwe

njengokusho kwesigatshana (13), kodwa nguMongameli,ebonisana neSekela likaMongameli

nabaholi bamaqembu abambe iqhaza, ngokubona kufanele ukuqokwa kwalowo Ngqongqoshe.

(2) Iqembu ngalinye elinezihlalo okungenani ezingu 80 emkhandlwini kaZwelonke linelungelo

lokuqoka isekela likaMongameli phakathi kwamalungu oMkhandlu.

(3) uma lingekho iqembu elinezihlalo ezingu 80 noma ezingaphezulu eMkhandlwini, iqembu

elinezihlalo eziningi kunawo wonke neqembu elinenani elilandelayo lezihlalo ngalinye linelungelo

lokuqoka iSekela likaMongameli elilodwa phakathi kwamalungu oMkhandlu.

(4) Uma seliqokiwe iSekela likaMongameli lingakhetha ukuhlala liyilungu loMkhandlu

noma ukuyeka ubulungu.

(5) ISekela lika Mongameli lingasebenzisa amandla futhi lenze imisebenze abekelwe isikhundla

seSekela likaMongameli nguMthethosisekelo noma abelwe leso sikhundla nguMongameli.

(6) ISekela likaMongameli liba sesikhundleni –

(a) kuze kube ngumhlaka 30 Epreli 1999 ngaphandle uma kufakwe omunye esikhundleni

sakhe noma ebuyiselwe emuva yiqembu elinelungelo lokwenza isiphakamiso njengokusho

kwesigatshana (2) noma (3); noma

(b) kuze kubeyisikhathi lapho umuntu okhethelwe ukuba nguMongameli emuva kokhetho

loMkhandlu kaZwelonke olubanjwe ngaphambi komhlaka 30 Epreli 1996, ethatha esikhundla.

(7) Isikhala esikhundleni seSekela likaMongameli singagcwaliswa yiqembu eliphakamise

lelo Sekela likaMongameli.

(8) Iqembu elinezihlalo ekungenani ezingu 20 eMkhandlwini kaZwelonke futhi elinqume

ukubamba iqhaza kuhulumeni wobumbano, linelungelo lokwabelwa isikhundla esisodwa noma

ngaphezulu seKhabhinethe, esiqokelwa oNgqongqoshe abashiwo kwisigatshana (1)(a), ngendlela

ehambisanayo nenani lezihlalo zalelo qembu eMkahandlwini kaZwelonke uma kuqhathaniswa

nenani lezihlalo zamanye amaqembu abamba iqhaza.

(9) Izikhundla zeKhabhinethe kufanele zabelwe iqembu ngalinye elibambe iqhaza

ngokulandela uhlelo lokubala olulandelayo:

(a) Isabelo sezihlalo esiqondene nesikhundla ngasinye kufanele sibalwe ngokwehlukanisa inani

eliphelele lezihlalo kuMkhandlu kaZwelonke elibanjwe yiwowonke amaqembu abambe iqhaza

ngenani lezikhundla ezizoqokelwa oNgqongqoshe abashiwo esigatshaneni (1) (a) bese

kuhlanganiswa noyedwa.

(b) Umphumela, kunganakwa izingxenye kusukela enombolweni yesithathu nezilandelayo,

uma zikhona izabelo zezihlalo zesikhundla ngasinye.

(c) Inani lezikhundla ezizokwabelwa iqembu elibamba iqhaza ngalinye linqunywa

ngokwehlukanisa inani eliphelele lezihlalo zaleloqembu kuMkhandlu kaZwelonke ngesabelo

esishiwo kwisigaba (b).

(d) Umphumela, ngaphandle kokushiwo kwingaba (e), ukhomba inani lezikhundla okufanele

zabelwe leloqembu.

(e) Uma ukusetshenziswa kohlelo lokubala olungenhla kugcina kunensalela engathathwanga

yinani lezikhundla ezabelwe iqembu, leyonsalela iqhudelana nezinye izinsalela ezifana nayo zelinye

iqembu noma zamanye amaqembu, futhi izikhundla noma yiziphi, ezisele zingabiwanga kufanele

zabelwe iqembu noma amaqembu athintekile ngokulandela insalela enkulu kunazo zonke.

(10) UMongameli emuva kokubonisana namaSekela kaMongameli kanye nabaholi bamaqembu

abamba iqhaza kufanele –

(a) anqume ngezikhundla ezizokwabelwa iqembu elibamba iqhaza ngalinye ngokulandela inani

lezikhundla eza belwe amaqembu ngokusho kwesigatshana (9);

(b) aqoke maqondana naleso sikhundla ngasinye ilungu lo Mkhandlu kaZwelonke eliyilungu

leqembu elabelwe leso sikhundla ngaphansi kwesigaba (a), njengoNgqongqoshe obhekelele leso

sikhundla;

(c) uma kubanesidingo ngezizathu zoMthethosisekelo noma ngenxa yokubusa kahle

kukahulumeni, ashintshe noma yisiphi isinqumo ngaphansi kwesigaba (a), ngaphandle kokushiwo

esigatshaneni (9);

(d) aqede noma yikuphi ukuqokwa ngaphansi kwesigaba (b) –

(i) uma uMongameli ecelwe ukuthi enze kanjalo ngumholi weqembu, lowo Ngqongqoshe

ayilungu lalo

(ii) uma kunesidingo ngezizathu zoMthethosisekelo noma ngenxa yokubusa kahle

kukahulumeni; noma

(e) agcwalise isikhala esikhundleni sikaNgqongqoshe, uma kunesidingo, ngaphandle

kokushiwo kwisigaba (b).

(11) Isigatshana (10) kufanele siphoqelelwe ngomoya oqukethwe kumqondo wohlobo

lukahulumeni olunguhulumeni wobumbano futhi uMongameli kanye nabanye abawusebenzelayo

abathintekile, kufanele uma bephoqelela leso sigatshana bazame ukuthola ukuvumelana:

kungatholakali maqondana –

(a) nokusetshenziswa kwamandla ashiwo kwisigaba (a), noma (d) (ii) kuleso sigatshana,

isinqumo sikaMongameli siyabusa;

(b) ukusetshenziswa kwamandla ashiwo kwisigaba (b), (d) (i) noma (e) kuleso sigatshana

athinta umuntu ongesilo ilungu leqembu likaMongameli, isinqumo somholi weqembu lowo muntu

ayilungu lalo siyabusa, futhi

(c) ukusetshenziswa kwamandla ashiwo kwingaba (b) noma (e) kulesosigatshana athinta

umuntu oyilungu leqembu lika Mongameli, isinqumo sikaMongameli siyabusa.

(12) Uma isinqumo ngokwabiwa kwezikhundla sishintshwa ngaphansi kwesigatshana (10)(c),

oNgqongqoshe abathintekile kufanele bashiye izikhundla zabo kodwa bavunyelwe, uma

kungenzeka ukuthi baqokwe kabusha, kwezinye izikhundla ezabelwe amaqembu abo ngalinye

ngokusho kwesinqumo esishintshiwe.

(13) UMongameli –

(a) ebonisana namaSekela kaMongameli kanye nabaholi bamaqembu abamba iqhaza, kufanele

(i) anqume ukuthi uNgqongqoshe oshiwo kwisigatshana (1) (b) uzophatha isikhundla siphi

uma kunesidingo emuva kwesinqumo sikaMongameli ngaphansi kwale so sigatshana;

(ii) aqoke maqondana naleso sikhundla umuntu ongelona ilungu loMkhandlu kaZwelonke,

njengoNgqongqoshe obhekelele leso sikhundla;

(iii) agcwalise, uma kunesidingo, isikahala esiqondene naleso sikhundla, noma

(b) emuva kokubonisana namaSekela kaMongameli kanye nabaholi bamaqembu abambe

iqhaza, kufanele afinyelele esinqunyweni nganoma yikuphi ukuqoka okungaphansi kwesigaba (a)

uma kubanesidingo ngezizathu zoMthethosisekelo noma zokubusa kahle kukahulumeni.

(14) Imihlangano yeKhabhinethe kufanele yenganyelwe nguMongameli, noma, uma

uMongameli esho kanjalo, kube yisekela likaMongameli: Kodwa amaSekela kaMongameli

ayashintshisana ngokwengamela imihlangano yeKhabhinethe ngaphandle uma ukuphuthuma

kwezidingo zikahulumeni kanye nomoya oqukethwe ngumqondo wohlobo likahulumeni

olunguhulumeni wobumbano, kudinga ukuthi kwenzeke ngenye indlela.

(15) Ikhabhinethi kumele lisebenze ngendlela ecabangela ukutholakala komoya kokuvumelana

ngokwesimiso sikahulumeni wobumbano futhi njengokwesidingo sokuba nohulumeni osebenza

ngendlela efanele.”.

5. Isigaba 93 soMthethosisekelo omusha sithathwa ngokuthi sifundeka ngalendlela

elandelayo:

“Ukuqokwa kwamaSekela oNgqongqoshe

93. (1) UMongameli, emuva kokubonisana namaSekela oMongameli kanye nabaholi

bamaqembu abamba iqhaza kwiKhabhinethi, angamisa izikhundla zobusekela bukangqongqoshe.

(2) Iqembu linelungelo lokwabelwa isikhundla esisodwa noma ezingaphezulu zobusekela

bukangqongqoshe ngamanani alinganayo kanye nangendlela efana naleyo esentshenziselwe

ukwabiwa.kwezikhundla zeKhabhinethe.

(3) Izimiso zezigaba 91 (10) kuya (12) zisebenza noshintsho olufanele maqondana

namaSekela oNgqongqoshe, futhi kulokho kusetshenziswa uma kuleso sigaba kukhulunywa

ngoNgqongqoshe noma isikhundla sikaNgqongqoshe noma isikhundla seSekela likaNgqonqoshe,

ngokuqondana.

(4) Uma umuntu eqokwe njengeSekela likaNgqongqoshe lanomayisiphi isikhundla esinikezwe

uNgqongqoshe –

(a) lelo Sekela likaNgqongqoshe kufanele ngegama lalowo Ngqongqoshe, lisebenzise futhi

lenze noma yimaphi amandla noma imisebenzi eyabelwe lowo Ngqongqoshe ngokusho konthetho

noma yimuphi noma ngenye indlela uNgqongqoshe angabela ngayo iSekela likaNgqongqoshe

ngokuhambisana nemiyalelo kaMongameli; futhi

(b) noma yimuphi umthetho okhuluma ngalowo Ngqongqoshe kufanele uhunyushwe ngokuthi

ubandakanye iSekela lika Ngqongqoshe elibambe ngokusho kwesabelo ngaphansi kwesigaba (a)

sikaNgqongqoshe obanjelwe yilelo Sekela likaNgqongqoshe.

(5) Uma iSekela likaNgqongqoshe lingekho noma ngesizathu esithile lingakwazi

ukusenbenzisa noma ukwenza noma yimaphi amandla noma imisebenzi yesikhundla, uMongameli

angaqoka noma yiliphi elinye iSekela likaNgqongqoshe noma omunye umuntu noma yimuphi

ukuba abambe isikhundla saleloSekela likaNgqongqoshe sonke, ngokujwayelekile noma

maqondana nokusetshenziswa noma ukwenziwa kwanoma yimaphi amandla noma imisebenzi

ebaluliwe.”.

6. Isigaba 96 soMthethosisekelo omusha sithathwa ngokuthi siqukethe lezi zigatshana

ezilandelayo ezinezezelwe:

“(3) ONgqogqoshe baphendula ngamunye kuMongameli futhi naku Mkhandlu kaZwelonke

maqondana nokuphathwa kwezikhundla zabo, futhi wonke amalungu eKhabhinethe aphendula

njengembumba maqondana nokwenziwa kwemisebenzi kahulumeni kazwelonke kanye

nangemigomo yawo.

(4) ONgqongqoshe kufanele baphathe izikhundla zabo ngokulandela imigomo enqunywe

yiKhabhinethi.

(5) Uma uNgqongqoshe ehluleka ukuphatha isikhundla ngokuhambisana nomgomo

weKhabhinethe, uMongameli angafuna ukuthi uNgqongqoshe othintekile aqondise ukuphathwa

kwaleso sikhundla ukuze kuhambisane nalowo mgomo.

(6) Uma uNgqongqoshe othintekile ehluleka ukuhlangabezana nezidingo zikaMongameli

ngaphansi kwesigatshana (5), uMongameli angamususa uNgqongqoshe esikhundleni –

(a) uma kunguNgqongqoshe oshiwo esigabeni 91(1)(a), emuva kokubonisana

noNgqongqoshe futhi, uma uNgqongqoshe engelona ilungu leqembu likaMongameli noma

engeyena umholi weqembu elibamba iqhaza, futhi emuva kokubonisana nomholi weqembu lalowo

Ngqongqoshe; noma

(b) uma kunguNgqongqoshe oshiwo esigabeni 91(1)(b), emuva kokubonisana namasekela

kaMongameli nabaholi bamaqembu abamba iqhaza.”.

Okujotshelelwe C

UHulumeni woBumbano Umkhakha Wesifundazwe

1. Isigaba 132 soMthethosisekelo omusha sithathwa ngokuthi sifundeka ngendlela

elandelayo:

“IsiGungu esikhulu sesifundazwe

132. (1) Isigungu esikhulu sesifundazwe sakhiwe nguNdunankulu kanye namalungu

angevile kwayishumi aqokwe nguNdunankulu ngokumayelana nalesi sigaba.

(2) Inhlangano enezihlalo okungenani ezingamaphesenti ayishumi kwisishayamthetho

sesifundazwe abanqume ukuzibandakanya nohulumeni wobumbano, banegunya lokunikwa

isikhundla esisodwa noma ngaphezulu kuMkhandlu esikhulu ngokulingana nenani lezihlalo

zenhlangano kwisishayamthetho okuncike enanini lezihlalo zezinye izinhlangano ezibambe iqhaza

kwisishayamthetho.

(3) Izikhundla kwiSigungu Esikhulu kumele zabiwe kwizinhlangano ezibambe iqhaza

njengoba kushiwo esigabeni 91 (9), futhi uma kusetshenziswa lowo mthetho oshiwo kuleso

sigaba: –

(a) somkhandlu kaHulumeni, kufanele ifundwe ngokubheka kuMkhandlu eSikhulu;

(b) sikaNgqongqoshe, kufanele ifundwe ngokubheka ilungu lesiGundu eSikhulu; futhi

(c) somkhandlu ka Zwelonke, kufanele ufundwe ngokubheka kwisishayamthetho

sesifundazwe.

(4) UNdunankulu Wesifundazwe kufanele, emva kokuxhumana nabaholi bezinhlangano

ezibamba iqhaza, enze lokhu –

(a) anqume izikhundla eziqondene ngqo nokufunekayo azozinika izinhlangano ezibambe

iqhaza ngendlela eshiwo yisigatshana (3);

(b) aqoke ngokwesikhundla ngasinye, ilungu lesishayamthetho elimele inhlangano

okungukuthi leso sikhundla sikhishwe ngokwesigaba (a), leli lungu lizoba njengelungu

loMkhandlu eSikhulu eliqokelwe leso sikhundla;

(c) uma kuba khona isidingo ngenxa yomthethosisekelo noma ngenxa kahulumeni olungile,

ahlukanise noma yikuphi ukuqoka okungaphansi kwesigaba (a); okuncike kwisigatshana (3);

(d) aphelelise ukuqoka okushiwo kwisigaba (b) –

(i) uma uNdunankulu eceliwe ukwenzenjalo ngumholi wenhlangano okungukuthi lelo lungu

okukhulunywa ngalo liyilungu loMkhandlu eSikhulu; noma

(ii) uma kuba nesidingo ngenxa yomthethosisekelo noma ngenxa kahulumeni omuhle; noma

(e) agcwalise, uma kunesidingo, okungukuthi kuncike kwisigaba (b); isikhundla ehhovisi

lelungu loMkhandlu eSikhulu.

(5) Isigatshana (4) kufanele sisetshenziswe ngomoya ongaphakathi kuHulumeni woBumbano,

kanti futhi uNdunankulu nabanye asebenza nabo abathintekile kufanele ekusebenziseni

kwesigatshana, azuze ukuvumelana kwabo bonke zikhathi zonke: Ngaphandle uma ukuvumelana

kungeke kwazuzeka ngenxa yalokhu –

(a) ukusebenzisa amandla ashiwo kusiqephu (a), (c) noma (d) (ii) saleso sigatshana isinqumo

sikaNdunankulu singumnqamulajuqu;

(b) ukusebenzisa amandla ashiwo kusiqephu (b), (d) (i) noma (e) sesigatshana esithinta

umuntu ongelona ilungu lenhlangano kaNdunankulu, isinqumo soMholi wenhlangano nesalowo

muntu othintekile, singumnqamulajuqu; futhi

(c) ukusebenzisa amandla ashiwo kusiqephu (b) noma (e) saleso sigatshana esithinta umuntu

oyilungu lenhlangano kaNdunankulu, isinqumo sikaNdunankulu singumnqamulajuqu.

(6) Uma ukunqunywa kokunikeza isikhundla kuhlukaniswa ngokwesigatshana 4 (c), amalungu

athintekayo kufanele ashiye izikhundla zawo kodwa avumelekile lapho kunesidingo khona ukuba

aqokwe kabusha kwezinye izikhundla ezinikezwe izinhlangano zabo ngokwehluka kwezinqumo.

(7) Imihlangano yoMkhandlu eSikhulu kufanele yenganyelwe nguNdunankulu wesiFunda.

(8) UMkhandlu eSikhulu kufanele sisebenze ngendlela enomoya wokuzuza ukuvumelana

okhona kuHulumeni woBumbano, nangokwesidingo soHulumeni osebenza ngokuzikhandla.”.

2. Isigaba 136 soMthethosisekelo omusha sithathwa njengokuthi sinalezi zigatshana

ezongeziwe:

“(3) Amalungu oMkhandlu eSikhulu ayazibikela ilungu ngalinye kuNdunankulu

nakuSishayamthetho sesiFundazwe ngokuphathwa kwezikhundla zawo, kanti futhi wonke

amalungu oMkhandlu eSikhulu ngendlela efanayo, ayazibikela esehlangene wonke ngomsebenzi

awenzayo kuHulumeni wesiFunda, nangemigomo yawo.

(4) Amalungu oMkhandlu eSikhulu kufanele engamele izikhundla zawo ngokumayelana

nenqubo ekhishwe uMkhandlu.

(5) Uma ilungu loMkhandlu eSikhulu lehluleka ukuphatha isikhundla salo ngokumayelana

nenqubo yoMkhandlu, uNdunankulu angaba nesidingo sokuba acele ilungu elithintekile ukuba

liphathe isikhundla salo ngokuhambisana nenqubo yoMkhandlu.

(6) Uma ilungu elithintekile lehluleka ukuhambisana nesidingo sikaNdunankulu esibekwe

ngaphansi kwesigatshana (5), uNdunankulu angalisusa lelo lungu ehhovisi emva kokuxoxisana

nalo, kanti uma ilungu lingelona elenhlangano kaNdunankulu noma lingeyena umholi weqembu

elibambe iqhaza, futhi emva kokuxoxisana nomholi weqembu lelungu.”.

Okujotshelelwe D

Izidingo zokuphathwa kanye nezokhuphepha zomphakathi:

Izichibiyelo kwizigaba zomthethosisekelo owedlule

1. Ukuchibiyelwa kwesigaba 218 kumthetho-sisekelo owedlule –

(a) ukufaka esikhundleni sesigatshana (1) amagama andulela upharagrafu (a) ngamagama

alandelayo:

“ (1) Ngokumayelana nezinkomba zikaNgqongqoshe WezoKuphepha nokuVikela, uKhomishani

kaZwelonke uzoba nalo mthwalo –”;

(b) ukufaka esikhundleni sepharagrafu (b) sesigatshana (1) ipharagrafu elandelandelayo:

“(b) ukuqokwa koKhomishani beZifundazwe;”;

(c) ukufaka esikhundleni sepharagrafu (d) sesigatshana (1) ipharagrafu elandelayo:

“(d) ukuphenya kanye nokuvimbela ubugebengu obuhleliwe noma ubugebengu obudinga

uphenyo kanye nokuvimbela ubugebengu kukaZwelonke noma amakhono aphezulu;”; kanye

(d) ukufaka upharagrafu (k) wesigatshana (l) ipharagrafu elandelayo:

“(k) ukwakhiwa kanye nokubhasojwa kophiko lwenqubo kaZwelonke ukuba iphakwe ukuze

yeseke futhi ngokwesicelo sikaKhomishani wesiFundazwe;”.

2. Ukuchibiyelwa kwesigaba 219 kumthetho-sisekelo owedlule ngokufaka amagama

alandelayo andulela upharagrafu (a) kwisigatshana (1):

“(1) Maqondana nesigaba 218(1), Ukhomishani wesiFunda uzobhekela lokhu –”.

3. Ukuchibiyelwa kwesigaba 224 kumthetho-sisekelo owedlule ngokufaka umbandela

kwisigatshana (2) ngalo mbandela olandelayo:

“Inqobo uma lesi sigatshana sizobuye sisebenze kumalungu ombutho wamaphoyisa anoma

yiluphi uhlobo adlulisele uhlu lwabasebenzi bawo emva kokuqala ukusebenza komthetho-sisekelo

waseNingizimu Afrika, ngo 1993 (umthetho ongunombolo 200 ka 1993), kodwa ngaphambi

kokuvunywa komqulu womthetho-sisekelo omusha njengoba kuvezwe kwisigaba 73 salowo

mthethosi-sekelo, uma inhlangano yezepolitiki igxile ngaphansi kwegunya nokulawulwa noma

inhlangano inokuxhumana futhi igqugquzela izinhloso ibuye yabamba iqhaza eMkhandlwini

eSikhulu Senguquko yabuye yabamba iqhaza okhethweni lokuqala Lwesishayamthetho

kaZwelonke neseziFundazwe ngaphansi komthetho-sisekelo oshiwo ngenhla.”.

4. Ukuchibiyelwa kwesigaba 227 kumthetho-sisekelo owedlule ngokufaka isigatshana

esilandelayo esikhundleni sesigatshana (2):

“(2) Umbutho Wezokuvikela KaZwelonke uzoba namandla futhi uzokwenza umsebenzi wawo

ngokwenza lokho okuzozuza umphakathi kaZwelonke kuphela ngokumaqondana nesahluko 11

somthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika, 1996.”.

5. Ukuchibiyelwa kwesigaba 236 kumthetho-sisekelo owedlule –

(a) ngokufaka lesi sigatshana esilandelaya esikhundleni sesigatshana (1):

“(1) Uhulumeni, umnyango kahulumeni, ukuphathwa kukahulumeni noma eZokuphepha

okwathi masinyane ngaphambi kokuqaliswa komthethosisekelo waseNingizimu Afrika, ngo 1996

(okuthiwa lapha “umthetho-sisekelo omusha”), wenza umsebenzi kahulumeni, waqhubeka

nokwenza umsebenzi ngokumayelana nomthetho ohambisana nalowo msebenzi kuze kushaye

isikhathi lapho uqedwa khona noma ufakwa noma uba mdibi kunoma iyiphi inhlangano efanele

noma ezwakalayo noma egxile kunoma iyiphi inhlangano.”.

(b) ngokufaka lesi sigatshana esilandelayo esikhundleni sesigatshana (6):

“(6) (a) UMongameli angaqoka ikhomishani ezobuka kabusha isiphetho noma isichibiyelo

sesivumelwano, ukuqashwa noma ukukhushulelwa esikhundleni esiphakeme, noma ukuklomelisa

kwesikhathi esimisiwe noma isimo sokusebenza noma ezinye izinzuzo, okwenzeka phakathi

komhlaka 27 Apreli 1993 no 30 Septemba 1994 kunoma ubani okuphawulwe ngaye

kwisigatshana (2) noma yiliphi izinga labantu abanjalo.

(b) Ikhomishani ingaguqula noma ichibiyele isivumelwano, ukuqashwa, ukukhushulelwa

esikhundleni esiphakeme noma umklomelo uma kungalungile noma kwamukelekile esimweni

salolo daba”; futhi

(c) ngokususa amagama athi, “lo Mthetho-sisekelo”, noma yikuphi lapho kuvela khona

kwisigaba 236, kufakwe ukuthi, “Umthetho-sisekelo omusha”.

6. Ukuchibiyelwa kwesigaba 237 kumthetho owedlule –

(a) ngokufaka ipharagrafu elandelayo esikhundleni sika pharagrafu (a) kwisigatshana (1):

“(a) Ukwenza zonke izinhlangano zibe ngezizwakalayo kulezo ezishiwo kwisigaba 236(1),

ngaphandle kwemibutho yamasotsha eshiwo kwisigaba 224(2), kuzothi emva kokuqala

ukusebenza koMthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika wango 1996, ziqhubeke, zinombono

wokwakha –

(i) ukuphatha okunqala kwezindaba eziphathelene nombuso wakuleli; futhi

(ii) ukuphatha okunqala kwesiFundazwe ngasinye ukuze kubhekelwe izindaba ezingaphansi

kwesiFundazwe ngasinye.”; futhi

(b) ngokufaka ipharagrafu elandelayo esikhundleni sika pharagrafu (i) wesigatshana (2)(a):

“(i) izinhlangano ezishiwo kwisigaba 236(1), ngaphandle kwemibutho yamasotsha, zizoba

ngaphansi kukahulumeni kaZwelonke, ozobusa ehlanganyele nohulumeni beziFundazwe,”.

7. Ukuchibiyelwa kwesigaba 239 kumthetho owedlule ngokufaka lesi sigatshana esilandelayo

esikhundleni sesigatshana (4):

“(4) Maqondana futhi nokumayelana nanoma yimuphi umthetho, impahla, amalungelo,

imisebenzi kanye nezindleko zayo yonke imibutho eshiwo kwisigaba 224(2) zizokwehlela phezu

Kombutho Wezokuvikela kaZwelonke ngokumayelana nokulawulwa nguNgqongqoshe

weZokuvikela.”.

ISHEDULI 7

IMITHETHO ECHITHIWE

INOMBOLO KANYE ISIHLOKO SOMTHETHO

NONYAKA YOMTHETHO

Umthetho 200 ka 1993. Umthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika,1993

Umthetho 2 ka 1994. Umthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika,. Umthetho Ochibiyelwe, 1994

Umthetho 3 ka 1994. Umthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika,. Ochibiyelwe okwesibili, 1994

Umthetho 13 ka 1994.Umthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika,. Ochibiyelwe okwesithathu,

1994

Umthetho 14 ka 1994.Umthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika,. Ochibiyelwe okwesine, 1994

Umthetho 24 ka 1994.Umthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika,. Ochibiyelwe okwesithupha,

1994

Umthetho 29 ka 1994.Umthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika,. Ochibiyelwe okwesihlanu,

1994

Umthetho 20 ka 1995.Umthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika,. Ochibiyelwe ngo 1995

Umthetho 44 ka 1995.Umthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika,. Ochibiyelwe okwesibili ngo

1995

Umthetho 7 ka 1996. Umthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika,. Ochibiyelwe ngo 1996

Umthetho 26 ka 1996.Umthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika,. Ochibiyelwe okwesithathu

ngo 1996

UMHLAHLANDLELA

(Sicela uqaphele lokhu: Izinombolo emva kwezihloko zimele izinombolo zezigaba)

Iculo leSizwe, 4

Umhlaziyizimali-Jikelele, 181,188

Amalungelo Abantu -

Ukuvunyelwa ukungena ezinkantolo, 34

Ukuvunyelwa ukuthola ulwazi, 32

Ukusebenza koMqulu, 8

Abantu ababoshiwe, abagqunywe ejele kanye nababekwe amacala, 35

Iphalamende, ukubhikisha, onogada kanye nezikhalo, 17

Abantwana, 28

Ubuzwe, 20

Amasiko, inkolo kanye nezilimi zomphakathi, 31

Imfundo, 29

Ukuqiniswa kwamalungelo, 38

Indawo okuphilwa kuyo, 24

Ukulingana, 9

Isithunzi sabantu, 10

Ukukhululeka kanye nokuphepha komuntu, 12

Ukuvesa imibona ngokukhululeka

Ukukhululeka ukuxhumana nabanye abantu, 18

Ukukhululeka kokuya nomaphi kanye nokuhlala noma kuphi, 21

Ukukhululeka ngokwezenkolo, inkolelo kanye nombono, 15

Ukukhululeka ngakwezokuhweba, isikhundla somsebenzi kanye nomsebenzi ofundelwe, 22

Ukunakekelwa ngakwezempilo, ukudla, amanzi kanye nokuphepha komphakathi, 27

Ezezindlu, 26

Ukuhumusha, 39

Umthetho wabasebenzi, 23

Ulimi kanye namasiko, 30

Impilo, 11

Imigomo yamalungelo abantu, 36

Amalungelo ezepolitiki, 19

Ilungelo lokubawedwa, 14

Impahla, 25

Ukuphatha umsebenzi ngendlela efanele, 33

Ukugqilazwa, ubugqila kanye nokusetshenziswa ngempoqo, 13

Isimo esibucayi, 37

Ezokusakaza izindaba, Umgwamanda ozimele wokudlulisa izindaba, 181,192

Ibhajethi, 215

Amabhange, 223 - 225

Uhulumeni wobambiswano, 41

Ubuzwe, 3

Ikhabhinethi, 91 - 99, 101, 102

Ikhomishani yokulingana ngokobulili, 181, 187

Ikhomishani yokugqugquzela kanye nokuvikela amalungelo amasiko, inkolo kanye nolimi

lwabantu, 18l, 185, 186

Imithetho enggubuzanayo, 146 - 150

Izinkantolo -

Inkantolo yomthethosisekelo, 167

Izinkantolo eziphakeme, 169

Izinkantolo zeziMantshi kanye nezinye, 170

Amandla ezindaba zomthethosisekelo, 172

Inkantolo enkulu yamaJaji, 168

Umbutho wezokuvikela, 200 - 204

Ikhomishani yokhetho, 181, 190, 191

Inqubo yokhetho lwezikhundla zabasingethe umthethosisekelo, okuSheduli 3, Ingxenye A

Isigungu esiphakeme -

seziFundazwe, 125

seRiphabliki, 85

Umkhandlu Ophakeme, Wesifundazwe, 132 - 141

Ezezimali, Izwelonke, 213, 214, 216, 217

Ezezimali, IsiFundazwe kanye nohulumeni wendawo, 226 -230

Ikhomishani yezimali kanye nezimali zombuso, 220 - 222

Ifulegi, 5

Ukukhokhelwa kwamaqembu ezombusazwe, 236

Ikhomishani yamalungelo abantu, 181, 184

Umkhandlu ozimele wokulawula ukusakazwa kwezindaba, 192

Abaphenyi bezindaba, 209, 210

Umthetho wamazwe ngamazwe, 231 - 233

Umkhandlu wamaJaji, 165

Abasebenzi bomkhandlu wamaJaji, 174 - 177

Ikhomishani lomsebenzi wamaJaji, 178

Indlela yokusebenza kwamaJaji, 166

Izilimi, 6

Ukushaywa komthetho, 73 - 82

IsiShayamthetho, 43, 44

Uhulumeni wendawo/wasekhaya, 152, 163

Omasipala, 151 -164

Iphalamende -

Ukwakheka kwalo kanye nokhetho, 46

Ukuthatha izinqumo, 53

Ubufakazi noma ulwazi ngaphambi kwePhalamende likazwelonke, 56

Amandla, 55

Ukuvunyelwa komphakathi, 59

UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe -

Ukwabiwa kwezithunywa, 61

Ukwakheka, 60

Ukuthatha izinqumo, 65

Ubufakazi noma ulwazi ngaphambi kwesiGungu sikazwelonke, 69

Ukubanjwa kweqhaza yizithunywa zezinhlangano zepolitiki esiFundazweni, uSheduli 3, Ingxenye

B

Ukubanjwa kweqhaza ngabamele ohulumeni bendawo/basekhaya, 67

Izithunywa eziqokwe ngokugcwele, 62

Amandla, 68

Ukuvunyelwa ukungena komphakathi, 72

Iphalamende, 42

Amaphoyisa, 205 - 208

Ondunankulu beziFundazwe, 127 - 130

UMongameli, 83 -89

Amandla okugweba, 179

Izifundazwe, 103

Umthethosisekelo weziFundazwe, 142 - 145

Izishayamthetho zesifundazwe, 104 - 121

Ukusebenza kwamalungu enkantolo yomthethosisekelo, 122

Amalungelo ezithunywa eziqokwe ngokugcwele, 113

Ukuvunyelwa ukungena komphakathi, 118

Ukuphathwa komsebenzi womphakathi, 195

Ikhomishani yokuphathwa komsebenzi womphakathi, 196

Umsebenzi womphakathi, 197

Umvikeli womphakathi, 181, 182

Ezokuphepha, 198, 199

Ukuzimisela, 235

Ubukhulu begunya lomthethosisekelo, 2

Abaholi bendabuko, 211, 212

uMthethosisekelo

weRiphabhuliki YaseNingizimu Afrika ka 1996

Njengoba Wamukelwe Wumkhandlu Odweba uMthethosisekelo Ngomhlaka 8 ku Meyi 1996

Ngokwesichibiyelo Sangomhlaka 11 ku Okuthoba 1996

Umthetho Owodwa weSizwe Esisodwa

OKUQUKETHWE

Isingeniso 1

Isahluko 1 3

Ukusekwa koMthethosisekelo

Isahluko 2 6

UMqulu wamaLungelo

Isahluko 3 27

Uhulumeni wobumbano

Isahluko 4 29

IPhalamende

Isahluko 5 57

UMongameli noMkhandlu kaZwelonke

Isahluko 6 65

Izifundazwe

Isahluko 7 88

Uhulumeni wendawo

Isahluko 8 97

Izinkantolo nokuphathwa kwezobulungiswa

Isahluko 9 108

Izikhungo Zombuso Ezeseka Umbuso Wentando Yeningi

Isahluko 10 116

Ukuphathwa kwemisebenzi yombuso

Isahluko 11 122

Amaziko okuphepha

Isahluko 12 129

Abaholi bendabuko

Isahluko 13 130

Izimali

Isahluko 14 141

Izimiso ezixubile

ISheduli 1 146

IFulegi likaZwelonke

ISheduli 2 148

Izifungo neziqinisekiso

ISheduli 3 152

Inqubo yokhetho

ISheduli 4 156

Izindawo zemisebenzi uhulumeni kaZwelonke nabezifundazwe abanamandla okushaya imithetho

kuzo

Isheduli 5 159

Izindawo zemisebenzi ezingashayelwa imithetho

yisiFundazwe kuphela

Isheduli 6 161

Amalungiselelo esikhashana

Isheduli 7 198

Imithetho echithiwe

Umhlahlandlela 199

Contents 206

