﻿

Isicelo sobhaliso  yozalo 

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ubhaliso lozalo ngemuva kwesikhathi  kwenziwa lapho ubhaliso lwenziwa ngemuva konyaka ngemuva kokuba ingane izelwe.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu le-BI-24/1 lokuzalwa okubhaliswa ngemuva konyaka, kodwa kungakedluli iminyaka engu-15.
Gcwalisa ifomu le-BI-24/15 lokuzalwa ngemuva kweminyaka engu-15.
Gcwalisa isitatimende esifungelwe kwabezomthetho i-afidavithi ku-BI-288.
Fakela amadokhumende alandelayo:

Fakela ikhophi eqinisekisiwe yedokhumende kamazisi kamama, uma abazai bengashadile noma kanye nekababa yokuvuma ubuzali. Kanti uma ubaba emukela ubuzali, fakele amakhophi aqinisekisiwe abo bobabili abazali, amadokhumende kamazisi. Uma beshadene nomama wengane ngokuzalwa, amakhophi aqinisekisiwe abo bobabili abazali amadokhumende kamazisi kanye nesitifikedi somshado wabo siyadingeka noma
Fakela isitifikedi esivela esibhedlela noma semathenithi lapho ingane eyazalelwa khona. Isitifikedi kumele sisayinwe ngumuntu ophethe indawo  kanti kumele sibe negama elisemthethweni lesikhungo kanye nesitembu.
Fakela isiqiniso semininingwane yengane njengoba ikhonjiswe kurejista yesikole noma kwisitifikedi sesikole ingane eyaqala kuso, esisayinwe nguprinsipali . Isiqiniso kumele sibe nenombolo kaprinsipali kwi-letterhead enesitembu sesikole nosuku.
Fakela nesitifikedi sengane sokubhabhadiswa, uma sakhishwa eminyakeni emihlanu ingane izelwe.
Uma abazali bengekho, isitatimende esefungelwe kwabesemthethweni i-afidavithi yesihlobo esisondelene kakhulu naye, kodwa esineminyaka emidala enganeni okungenani ngeminyaka engu-10, kanti futhi isihlobo esazi kabanzi ngemininingwane yokuzalwa kwengane, okumele kuhambisane nobunjalo nesimo sengane.
Fakela isitatimende esivela kumuntu onalwazi ngabazali bomenzi wesicelo buqu. Lo muntu kuzomele ahambe nomenzi wesicelo ehhovisi lezaseKhaya lapho umenzi wesicelo kanye nalowo muntu bezophengululwa khona ngemibuzo emagumbini ehlukene .


Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Births and Deaths Registration Amendment Act, 1997  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Izicelo zingathatha izinyanga ezingu-3 ukuya kwezingu-6.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Qaphela: Amafomu awatholakali kulayini we-internethi. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lonyango.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


