﻿

Isicelo sokubhalisa idizayini

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Empeleni i-"design" imaqondana nomumo  kanye nendlela into ebonakala iyiyo  okukhanga iso. Amanye amadizayini abangelwa ngumsebenzi wento kanye amanye ngawobuhle bokuhlobisa.

Ngokhoke idizayini ingomumo , inhlobo, ukubukeka, iphatheni, umhlobiso, kanye nokuhleleka kwezingxenye ezehlukene  kwe-product noma i-article. Isibonelo, isibonelo idizayini yeringi  ivamise ukubonelela ubuhle bendlela ebukeka ngayo .

Kukhona izinhlobo ezimbili zamadizayini ezingabhaliswa , kodwa uma zihlangabezane nezidingo ezifakelwe lapha ngezansi:

Idizayini enhle ngendlela ebukeka ngayo 

kumele ibe ngentsha neqanjwe kabusha 
ibe nobuhle ngesheyiphu  wayo, ukuhleleka kahle kwezingxenye ezehlukene ; noma umhlobiso ; kanti futhi
kumele kwazeke ukuthi ikhiqizwe ngenqubo yezimboni .
Ibe yidizayini enomsebenzi ewenzayo 
kumele ibe ngentsha nengavamile;
kumele ibe nesheyiphu  noma ukuhleleka kwezingxenye  okubangelwa wumsebenzi wayo; kanti futhi
kumele kwazeke ukuthi ikhiqizwe ngenqubo yezimboni .

Ukuvikelwa kobuhle bendlela idizayini ebukeka ngayo  ngobeminyaka engu-15 kanti ukusebenza kwedizayini ngokweminyaka engu-10.

Ngisho noma kungaphoqelekile ukuthi kwenziwe ucwaningo lokuhlola ubusha nokuba ngeyokuqala idizayini, noma ukuqinisekisa ukuthi akukabi nenye idizayini efanayo noma ecishe ifane, ebhalisiwe ngaphambili, kungcono ukwenza kanjalo ngaphambi kokwenza isiceo sobhaliso . Ukufunisisa ngedizayini kungenziwa ehhovisi le-Design Registry ePitoli. Kumele kwenziwe ngumuntu qobo noma i-agent, efane nommeli wama-patent.

Uma idizayini isiyamukelwe njengentsha yabhaliswa , uzonikezwa isitifikedi sedizayini.

Amadizayini avuselelwa njalo eminyakeni emithathu.

Ukuze uthole ulwazi olunabile, bheka kwi-website yo Companies and Intellectual Property Registration Office.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Xhumana nabe-Department of Trade and Industry 
Gcwalisa ifomu lesicelo sedizayini elitholakala kwabe-Department of Trade and Industry .
Nikeza ngekhophi yesitifikedi esiqinisekisiwe sikaMazisi wakho  yakho.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Amadokhumende atholakala nge PDF. Ukuvula amadokhumende e-PDF udinga uhlelo lwe-Adobe Acrobat Reader 4, noma yezinga eliphezulu kwikhompyutha yakho. Luzokwenza ukuthi ukwazi ukuvula amadokhumende ngokuqonde ngqo kwi-browser yakho.

The Designs Act, 1993  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Ngemuva kwesikhathi sezinyanga eziyisithupha, kwenziwa uhlolo losiko , ebese kunikezwa ubhaliso  yedizayini ngenyanga yesikhombisa.

Phezulu

Izindleko

Ngu-R231

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Amadokhumende atholakala nge PDF. Ukuvula amadokhumende e-PDF udinga uhlelo lwe-Adobe Acrobat Reader 4, noma yezinga eliphezulu kwikhompyutha yakho. Luzokwenza ukuthi ukwazi ukuvula amadokhumende ngokuqonde ngqo kwi-browser yakho.

Form D1 Application and Acknowledgement 
Form D2 Register of Designs 
Form D3 Power of Attorney 
Form D6 Definitive Statement and Explanatory Statement 
Form D8 Publication Particulars (Ifomu D8 loshicilelo lwemininingwaneFormsToCompleteText

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


