﻿

Isicelo sokubhalisa ilungelo lobunikazi 

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ilungelo lobunikazi, yilungelo lokuvikela umsebenzi wakho okungenzeka kube yimibhalo nezincwadi, izinhlelo zamakhompyutha , imisebenzi yobuciko, imetheriyali yokusakaza, umculo, amafilimu noma amavidiyo.

"Ukuvikela" kusho ukuvimbela abanye ekukopeni, noma ekukhiqizeni futhi lowo msebenzi noma imetheriyali, kanye nokuyisebenzisa  ukuqhubela phambili inzuzo yabo kwezezimali. Umthetho wezamalungelo obunikazi i-Copyright Act, 1978, ubeka ilungelo lobunikazi.

Uma unombono owuqalile , ngeke wakwazi ukuba nelungelo kuwo Kumele uqale ufake lowo mbono ngendlela ebambekayo  efana nebhuku , ikhadi, i-CD, isithombe esipendiwe , umdlalo odlala kwisikrini  noma ifilimu.

Ivamisa yabantu ababhalile, abaprintile, abashicilele, abadlale oshashalazini  abenze umfanekiso obaziwe noma obunjiwe , abapendile, abenze ifilimu noma abarekhode umsebenzi, yibona abavele babenelungelo lobunikazi kulowo msebenzi. Kodwa-ke ngezinye izikhathi, lapho umuntu ebenikezwe ubuthunywa balowo msebenzi  nakhona bekhokhelwe ukwenza leyo ngxenye yomsebenzi, ilungelo ngelomqashi obathumele ukwenza lowo msebenzi.

Kwimisebenzi eminingi  asikho isidingo sokwenza isicelo selungelo lobunikazi.

Ilungelo lobunikazi lenziwe ngokufakela amagama athi: "copyright", noma "copyright reserved", noma: "copyright Smith 2002 , noma uphawu lwe-copyright, igama kanye nonyaka, isibonelo, .

Ungathola ilungelo lobunikazi eNingizimu Afrika, uma uyisakhamuzi saseNingizimu Afrika, noma uma umsebenzi wakho wakhiqizwa eNingizimu Afrika. Uma ungesona isakhamuzi saseNingizimu Afrika, ungathola ilungelo lobunikazi, kodwa uma ngabe elinye izwe, liyingxenye yesivumelwano se-Berne Convention. I-Berne Convention yisivumelwano samazwe omhlaba ngamalungelo obunikazi, kanti amazwe angamalunga okusayina lesi sivumelwano, anikezana ukuvikelana ngamalungelo obunikazi.

Amalungelo obunikazi bamafilimu, noma amavidiyo enzelwe inzuzo kwezezimali, kumele kwenziwe isicelo ngokubhala, ngokufakela amadokhumende alandelayo, atholakala mahhala ehhovisi lamalungelo obunikazi e-Copyright IHhovisi:

Ukuba ne-copyright kunikeza ilungelo "lobunikazi" kuleyo metheriyali kanye nolawulo lokusetshenziswa kwayo ngenhloso yokuzuza izimali. Uphawu lwe-copyright oluvamise ukubonwa kakhulu yilolu olunjena: ©.

Ukuze uthole ulwazi olunabile, bheka kwi-website yo Companies and Intellectual Property Registration Office.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Xhumana nabe-Department of Trade and Industry 
Gcwalisa amafomu alandelayo:

Form RF1, submitted in duplicate 
Form RF2, submitted in duplicate 
Form RF3, submitted in duplicate )
Form RF9 together with the "Statement of Case" 
Power of Attorney letter, if services of an attorney are used 


Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Companies Act, 1978  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Ngemuva kwesikhathi sezinyanga eziyisithupha, kwenziwa uhlolo losiko , ebese kunikezwa ilungelo lobunikazi ngenyanga yesikhombisa.

Phezulu

Izindleko

Ngu-R231

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu atholakala nge PDF. Ukuvula amadokhumende e-PDF udinga uhlelo lwe-Adobe Acrobat Reader 4, noma yezinga eliphezulu kwikhompyutha yakho. Luzokwenza ukuthi ukwazi ukuvula amadokhumende ngokuqonde ngqo kwi-browser yakho.

Form RF1, submitted in duplicate 
Form RF2, submitted in duplicate 
Form RF3, submitted in duplicate )
Form RF9 together with the  Statement of Case  
Power of Attorney letter, if services of an attorney are used 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


