﻿

Ukufaka isicelo sokubhalisa umkhumbi wokudoba

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Umkhumbi wokudoba ngumkhumbi osetsheziselwa ukudoba, noma onemishini yokudoba, noma ukuvuna izinhlanzi noma ukwelekelela imisebenzi ephathelene nokudoba. Loku kufaka phakathi noma yimuphi umkhumbi olekelela umkhumbi owodwa noma eminingi olwandle eyenza umsebenzi ovumelekile ophathelene nokudoba izinhlanzi – loku kufaka phakathi ukulungisa izinhlanzi, ukuzithwala, ukuzigcina nokuzibeka emakhazeni. Inhlangano yase South Africa ephethe ezokuphepha kwasemanzini I- SAMSA kanye negatsha eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha   kumele kube yibo abakhipha imvume yokuthi umkhumbi uyodoba.

Awukho umkhumbi ozobhaliswa ngaphandle kwelungelo lokudoba kanye nephomedi yokwenza imisebenzi ephathelene nokudoba.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Yenza amalungiselo okuthi umkhumbi uyohlolwa ukuthi ulungele yini ukuthi uhambe emanzini, emva kwaloko abakwa SAMSA bazokhipha isitifiketi sokuphepha. Lesitifiketi sizohambisana namaphepha akho akubhalisa.
Thola ifomu lokufaka isicelo egatsheni eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha  noma lithathe ngecomputer ku http://www.mcm-deat.gov.za .
Gcwalisa ifomu lakho ngesandla usebenzise amagama amakhulu ufake nezizathu lapho kudingekile.
Nikeza nalolwazi olulandelayo:

igama lomkhumbi
igama nemininingwane yomnikazi 
ubude bomkhumbi
amandla nokuthi uthwala kangakanani
ifulegi lezwe umkhumbi obhaliswe ngaphansi kwalo 
isitifiketi sabaphethe ezokuphepha emanzini e South African Maritime Safety Authority 

Thumela isicelo sakho kanye nelungelo lakho lokudoba noma ikhontilaka yakho nomnikazi womkhumbi yokusebenzisa umkhumbi wakhe uma ungenawo amalungelo okudoba.
Yisho Isikhathi enizosithatha nidoba kanye nezinhloba zezilwane zasemanzini enizozidoba.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



The Marine Living Resources Act, 1998  
The National Environmental Management Act, 1998  

The National Biodiversity Act, 2004  
The National Marine Protected Areas Act, 2003  
The Sea Birds and Seals Protection Act, 1973  
The Sea Fishery Act, 1988  
The Sea-shore Act, 1935  
The International Convention for the Prevention of Pollution from Ships Act, 1986  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Isicelo sakho singathatha izinsuku ezintathu noma ngaphezulu kuya ngokuthi amaphepha aphelele yini.

Phezulu

Izindleko

Izindleko ziyashiyana kuya ngobude bomkhumbi

