﻿
Isicelo sokubuyiselwa imali yelayisense
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Umnikazi wemoto entshontshiwe, noma engasakwazi ukusetshenziswa unomphela, noma ekhishwe kuhla lokubhaliswa, angenza isicelo sokubuyiselwa imali yelayisense ayikhokha maqondana nelayisense yaleyo moto.
Isicelo sokubuyisela iamli kumele senziwe ezinyangeni ezintathu ukusukela ngosuku lapho okwaba nenothisi yokuntshontshwa noma ukulimala unomphela kwemoto, noma ukusukela ngosuku eyakhishwa ngalo kuhla lobhaliso.
Qaphela: Inani lemali engaphansi kuka-R30 ngeke yabuyiselwa.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu lesicelo le-RLF.
Khombisa uMazisi wakho .
Nikeza ngobufakazi obuqinisekisa ukuthi imoto intshontshiwe noma ayisakwazi ukusebenza unomphela, noma unikeza isitifikedi sokukhishwa kuhla lobhaliso .

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



The National Road Traffic Act, 1996  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Isicelo sibonelelwa ngalo lolo suku. Kumele ulinde izinsukwana ukuthola imali yembuyekezo, ngenxa yokuthi kuqala kuhlolwe izincwadi ngaphakathi.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Gcwalisa ifomu lesicelo esikhungweni sendawo lokushayela.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


