

Ukwenza isicelo somyalelo wokuvikelwa ngaphansi komthetho olwisana nodlame lwasemakhaya 






Izincazelo

Yini udlame lwasekhaya?

Ngokulandela umthetho we-Domestic Violance Act, No 116 of 1998  lo mthetho usho:

noma yikuphi ukuhlukunyezwa okubandakanya ukuhlukunyezwa emzimbeni, ngokocansi, ngokomoya , ngokwengqondo  noma ngokomnotho
ukukhathazwa 
ukulimaza impahla
ukulandelela
ukungena endaweni yomuntu ngaphandle kwemvume yakhe
noma yikuphi okunye ukuhlukunyezwa, noma ukulawulwa indlela oziphatha ngayo
Lapho lokho kuziphatha kwalowo muntu okukulimazayo noma okungabangela ukuthi ulimale empilweni yakho, ngokuphepha kwakho noma ngokungaphili kahle.

Uma lezi zinhlobo zokuhlukumezeka zenzeka kuwe noma komunye umuntu omaziyo, ungenza isicelo somyalelo wokuvikelwa. Umyalelo wokuvikelwa kudlame lwasekhaya, yidokhumende ekhishwa yinkantolo evimbela umhlukumezi ukwenza okulandelayo:

ukwenza isenzo sodlame lwasekhaya
ukuthola usizo lomunye umuntu ukwenza isenzo esinjalo
ukungena endaweni yokuhlala ehlanganyelwe ngumenzi wesicelo kanye nalowo okwenziwa ngaye isikhalazo
ukungena engxenyeni ethile yaleyo ndawo yokuhlala ehlanganyelwe;
ukungena endaweni yokuhlala ehlala umenzi wesikhalazo;
ukungena endaweni lapho okusebenza khona umenzi wesicelo ; 
ukuvimbela umenzi wesikhalazo  ohlala noma obehlala endaweni ehlanganyelwe ukuthi angene endaweni yokuhlala ehlanganyelwe noma engxenyeni yendawo ehlanganyelwe yokuhlala noma engxenyeni ethile ebekwe njengengxenye yendawo yokuhlala; noma
ukwenza noma yisiphi isenzo esifakwe kumyelelo wenkantolo wokuvikela .

Ngubani ongenza isicelo somyalelo wenkantolo wokuvikelwa?



Noma ngubani ohlukunyeziwe
Osemncane ngeminyaka angenza isicelo ngaphandle kosizo
Noma ngubani umuntu onakekela noma okhathazeka ngempilo yomenzi wesicelo . Abantu abalandelayo bangenza isicelo ngokuvunyelwa ngumkhalazi  ngokubhala , ngaphandle kokuba umkhalazi esemncane ngeminyaka, noma engumuntu ongaphilile kahle ngokwengqondo , osahanjelwe yingqondo noma oqulekile , noma uma inkantolo ineliseka, wukuthi lowo muntu akakwazi ukunikezela ngokuvuma kwakhe.
Umeluleki 
Umsebenzi wezempilo
IPhoyisa
USonhlalonhle 
uThisha 


Ukuthola olunye ulwazi, ngena kwi-website yaboMnyango wezoBulungisa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo.

Izinyathelo okumele zilandelwe

Yenza isicelo somyalelo wokuvikelwa eNkantolo kaMantshi eseduzane nalapho uhlala khona noma usebenza khona noma kunini, ngesikhathi samahora okusebenza noma ngaphandle kwesikhathi samahora okusebenza, ngisho nangamaholidi noma ngezimpelasondo
Okokuqala, yenza isicelo se-Interim Protection Order  ngokugcwalisa i-Form 6: I-Interim Protection Order , kwiNkantolo kaMantshi eseduzane nawe noma eNkantolo ePhakeme .
Gcwalisa i-Form 2: Application for Protection Order , kwiNkantolo kaMantshi eseduzane nawe noma eNkantolo ePhakeme .
Isicelo kumele senziwe ngesitatimende esifungelwe kwabomthetho , echaza okulandelayo:
Amaqiniso  ayisisekelo sesicelo
Uhlobo lomyalelo okwenziwa isicelo sawo
Igama lesiteshi samaphoyisa lapho umkhalazi  angabika khona ukwephulwa komyalelo wokuvikelwa okwenziwa isicelo sawo.

Lapho khona isicelo esenziwa egameni lomunye umkhalazi, senziwa ngomunye umuntu, isitatimende esifungelwe kwabomthetho , kumele ichaze okulandelayo:
Indlela lowo muntu owenzela omunye isicelo akhathazeka ngayo ngempilo yalowo mkhalazi enza isicelo egameni lakhe
Umsebenzi owenziwa yilowo muntu , kanye nesikhundla noma isimo  enza isicelo ngaphansi kwaso
Ukuvuma kwalowo muntu okubhaliwe  okhalazayo, ngaphandle kokuba umkhalazi:
eseyingane ngeminyaka ngokomthetho 
ekhubazekile ngokwengqondo;
esahanjelwe zingqondo noma equlekile 
umuntu inkantolo eneliseka ngaye ngokuthi lowo muntu akakwazi ukwenza ukuvuma ngokwakhe noma ukunikeza imvume edingekayo.


Qinisekisa  ifomu nomabhalane wenkantolo ebese uyifakela.
Lapho ifomu selemukelwe, umabhalane uzothumela isicelo sakho kumantshi ozobeka usuku lokuthi ubuyele enkantolo, ukuze kubonelelwe isicelo sakho.
Umantshi uzolungisa nenothisi ezokwazisa umhlukumezi ngesivikelo senkantolo, kanye nokumazisa ukuthi eze nini enkantolo.
Ngemuba kokuvela ngaphambi kwenkantolo, umantshi anganikeza umyalelo wokuvikelwa.

Imithetho nemigomo

Domestic Violence Act, 1998 , related Regulations and National Instructions  )

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi kanye nesikhathi sokwenziwa komsebenzi

Ezikhathini eziphuthumayo, inkonzo itholakala amahora angu-24
Umyalelo wokuvikela ungatholakala ngalo lolo suku, kodwa lokhu kuvamise ukwenzeka ngokubonelela nokuncika kwisixaka-xaka sodaba lwakho.
Umyalelo usebenza kuze kufike lapho umuntu ohlukunyeziwe ewukhansela khona.
Uma umhlukumezi efakela i-aphili, umyalelo uyaqhubeka nokusebenza kuze kufike lapho ukhanselwa khona yiNkantolo yama-Aphili.

Izindleko 

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Amafomu okumele agcwaliswe



Ifomu elaziwa ngelokuthi yi-Form 2 Regulation 4: Application for Protection Order 
Ifomu elaziwa ngelokuthi yi-Form 4 Regulation 6: Interim Protection Order 
Ifomu elaziwa ngelokuthi yi-Form 6: Protection order  )
Ifomu elaziwa ngelokuthi yi-Form 7: Protection order  )

Imininingwane yokuxhumana



