
Isicelo semvume yokwenza ibhizinisi
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Imvume yebhizinisi, yimvume ekhishelwa umuntu wangaphandle ofisa ukusungula noma ukutshala izimali kwibhizinisi eNingizimu Afrika. Yenza isicelo kumanxusa eNingizimu Afrika noma i-mission noma ihhovisi eliseduzane lezaseKhaya  eliseduzane nalapho kuzosungulwa khona ibhizinisi.

Isicelo semvume yebhizinisi kumele sihambisane nesitifikedi esikhishwa ngu-chartered accountant, obhalise  nabe-South African Institute of Chartered Accountants .

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Kumele ube nokulandelayo:

imali yenani okungenani elingu-R2,5 miliyoni elingukheshi noma okungenani uR2 miliyoni okungukheshi kanye nekhapitali engu-R500 000. Inani elingaphezulu kumele libe ngeliphuma ngaphandle, nakhona kumele libe yimali ekhona engatshalwa njengengxenye ye-book value yebhizinisi 
iplani yebhizinisi echaza ngemibandela eyenza neqinisekisa ukuthi ngemepla ibhizinisi ngelingaphumelela, esikhathini esifishane kanye nesikhathi eside
ubufakazi bokuzibophela ukuthi okungenani kuzoba nezakhamizi okungenani ezinhlanu noma abanelungelo lokuhlala unomphela abazoqashwa ngokuphelele
isimemezelo sokuzibophezela ukuthi uzobhalisa  nabophiki lwezimali zentela ezingenayo abe-South African Revenue Service 
isitifikedi samaphoyisa sokuba msulwa  somenzi wesicelo sawo onke amazwe umenzi wesicelo kanye nowakwakhe abahlale kuwo, ukusukela kwiminyaka engu-18, kanye nezingane ezincike kuye ezineminyake engu-18 ukuya kwephezulu, ezizobe zihamba nomenzi wesicelo ezweni
isitifikedi sogonyo lwesifo se-yellow fever uma uzohamba noma unenhloso yokuhamba udlule endaweni evamise ukuba nesifo se-yellow fever
idiphozithi yokubuyiselwa ezweni lakini, elingana ithikithi elilodwa lokubuyela ezweni lapho obuya khna noma lapho onelungelo lokuhlala khona unomphela: Leyo diphozithi izobuyiselwa ngemuva kokuba usuhambile noma ngemuva kokuba usuthole imvume. Ukukhokhwa kwediphozithi kungenziwa ngokukhokha ngesheke eligarantwe yibhangi  noma nge-credit card ezindaweni lapha okukhona le fasilithi
imibiko yodokotela kanye nezama-x-ray , kumenzi wesicelo ngamunye. Izingane ezineminyaka engaphansi kwengu-12 kanye nabesimame abakhulelwe asikho isidingo sokuthi bebenemibiko yeze-x-ray.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



  njengoba uchitshiyelwe.

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Asikho isikhathi esibekiwe  sale nkonzo.

Phezulu

Izindleko

R1 520

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



BI-1738 
Application for renewal of temporary residence permit, BI-1740 

Qaphela: Amafomu awatholakali kulayini we-internethi. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lonyango.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


