
Isicelo selungelo lokufunana nomcebo wamaminerali
Izincazelo

Ilungelo lokufunana nomcebo wamamaminerali, yivume evumela inkampani noma umuntu siqu ukwenza i-survey noma ukuphenyisisa ngendawo yomhlaba ngenhloso yokubona indawo ethize enamaminerali noma engaba namaminerali. Noma ngubani omunye umuntu ofuna ukwenza isicelo selungelo lokufunana nomcebo wamaminerali, kumele afakele isicelo ehhovisi lika-Regional Manager lapho umhlaba okhona.

Ilungelo lokufunana nomcebo wamaminerali lisebenza iminyaka emihlanu, kodwa ngemuva kokuphela kweminyaka emihlanu, umenzi wesicelo angacela imvuselelo yelungelo lokufunana nomcebo wamaminerali yesikhathi esingekho ngaphezulu kweminyaka emithathu.

Ilungelo lokufunana nomcebo wamaminerali lizonikezwa uma uhlangabezane nezidingo ezilandelayo:

Umenzi wesicelo unezimali ezenele kanye nekhono lokuqhuba umsebenzi wokufunana nomcebo wamaminerali ukufinyelela kwizinga eliphezulu
Iplani yezezimali ihambisana nomsebenzi wokufunana nomcebo wezimali waso sonke leso sikhathi.
Uma kungeke kwaba nokungcoliswa komoya nendalo noma ukulinyazwa kwesimo sendalo okuzokwenzeka ngomsebenzi wokufunana nomcebo wamaminerali.
Uma umenzi wesicelo ekwazi ukulandela umthetho wezeMpilo nokuphepha ezimayini i-Mine Health and Safety Act.
Uma umenzi wesicelo engenzi okuphikisana nomthetho wezentuthuko yamaminerali namafutha, umthetho we- Mineral and Petroleum Resources Development Act
Uma kungekho omunye umuntu onelungelo lokufunana nomcebo wamaminerali, ilungelo lokuqhuba ibhizinisi lezemayini, imvume yokuqhuba ibhizinisi lezezimayini, noma imvume yokugodla leyo minerali noma umhlaba.



Ukuze uthole olunye ulwazi, ngena kwaboMnyango wezamaMinerali ne-Eneji
Izinyathelo okumele zilandelwe
Yenza isicelo kuMininjela weRijini  woMnyango wezamaMinerali ne-Eneji kwirijini lapho kutholakala khona lowo mhlaba.
Gcwalisa iFomu B Isicelo selungelo lokufunana nomcebo wamaminerali,usifakele namanye amadokhumende afunekayo ku-Regional Manager (uMininjela weRijini woMnyango wezamaMinerali ne-Eneji kwisifunda lapho okutholakala khona lowo mhlaba
Ifomu kumele lihambisane nemali edingekayo okumele ikhokhelwe isicelo
Uma u-Regional Manager evumela isicelo sakho, uzokucela ukuthi ufakele iplani yokubhekana nesimo sendalo , kanye nokukhulumisana nomnikazi womhlaba, ohlezi kulowo mhlaba ngelungelo lomthetho  noma abanye abathintekayo.
Fakela umbiko wokukhulumisana kuMininjela ezinsukwini ezingu-30.
Uma zonke lezi zidingo kuhlangatshezwane nazo, uRegional Manager uzofakela isicelo kuNgqongqoshe ukuze asibonelele.
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Uma uRegional Manager engasivumeli isicelo, uzokwazisa ngokubhala ezinsukwini ezingu-14 kanye nokubuyisela isicelo kuwe.
Uma u-Regional Manager evumela isicelo sakho, uzokwazisa ezinsukwini ezingu-14,ukuthi ufakele iplani yokubhekana nesimo sendalo, kanye nokukhulumisana nomnikazi womhlaba, ohlezi kulowo mhlaba ngelungelo lomthetho kanye nabanye abathintekayo.
Fakela umbiko wokukhulumisana kuMininjela weRijini ezinsukwini ezingu-30.
Uma zonke lezi zidingo kuhlangatshezwane nazo, uRegional Manager uzofakela isicelo kuNgqongqoshe ukuze asibonelele.
Umthetho osetshenziswayo
Mineral and Petroleum Resources Development Act, 2002  )
Regulations to the Mineral and Petroleum Resources Development Act 
Broad Based Socio Economic Empowerment Charter for the South African Mining Industry 


Izindleko

URegional Manager uzobonelela izindleko ngokulandela umcebo wamaminerali ofisa ukwenza umsebenzi wawo

Amafomu okumele agcwaliswe

Application for prospecting right

Indawo nendlela yokuxhumana



