﻿
Ukufaka isicelo sephomede yokushayela kobungcweti
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Iphomede yokushayela kobungcweti yenzelwe abantu abafanele ukushayela izimoto zonhlobo ethize. Iphomede ikhishwa ngaphezu kwelayisensi ejwayelekile yokushayela. Iphomede yokushayela kobungcweti yenzelwe lezimoto ezilandelayo:

imoto ethwala izimpahla, nedonsa izimoto ezilimele noma ibhasi
izimoto ezinesisindo esingaphezu kuka 3 500 kg nezithwala abantu abangu 12 noma ngaphezulu.

Iminyaka ejutshiwe yezigaba zezimoto iyalandela:

imoto ethwala izimpahla – iminyaka engu 18
imoto ethwala abantu – iminyaka engu 21
imoto ethwala izimpahla eziyingozi – iminyaka engu 25.

Ungathola iphomede yokushayela kobungcweti uma unelayisensi:

esasebenza yokushayela leyonhlobo yemoto
upotsholwe ngudokodela wathi uphilile
unikezwe igunya yinhlangano yokufundisa evumelekile 
ungakaze waboshelwa ukushayela uphuzile, noma ushayela ubudlabha noma waboshelwa icala eliphathelene nokulwa
ilayisensi yakho ingakaze imiswe.

Kuyizinhlobo ezithile zamacala ezingenza ukuthi ungatholi iphomede yokushayela kobungcweti. Amacala osekuphele iminyaka emihlanu enzeka awazubhekwa.

Umshayeli noma umnikazi wemoto edinga iphomede yokushayela kobungcweti akafanele ukunikeza omunye umuntu ukuthi ashayele leyomoto engwaqweni womphakathi ngephandle uma lowomuntu anayo iphomede yokushayela kobungcweti yalolohlobo lwemoto.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu PD1 ulithumele esenta yokuvivinya abashayeli
Uzohlolwa amehlo esenta yokuvivinya abashayeli.
Woza nalamaphepha alandelayo:


incwadi yomazisi, ilayisensi yekhadi noma ipasipoti yaseMzansi esebenzayo.
izithombe ezingezona zombala zencwadi yomazisi ezimbili
ilayisensi esebenzayo yokushayela
isitifiketi sokufunda uma kudingeka
isitifiketi sakwadokodela esingadluli ezinyangeni ezimbili senziwa
namanye amaphomede okushayela onawo.



Khokha imali enqunyiwe.
Emuva kokukhokha uzothunyelwa esiteshini samaphoyisa asiseduze uyocela umbiko wamacala.
Uzokwaziswa uma ikhadi lephomede yokushayela kobungcweti selilungile ukuthi ulilande. Umele ukuthi ukwazi ukuzazisa uma ulanda ikhadi lakho. Amakhadi angalandwa kuze kuphele izinsuku ezingu 120 azobhuqwa.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



National Road Traffic Act, 1996  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Iphomede ingabe isilungile emva kwamaviki angu 8 kuya ku 12.

Phezulu

Izindleko

