﻿

Isicelo sokuba yiphoyisa lerizevu

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Iphoyisa lerizevu yilunga lomphakathi elingenzi umsebenzi ngazo zonke izikhathi , lenza umsebenzi wobuphoyisa noma lenza umsebenzi liwenzela abophiko lwe-South African Police Service  ngokuzithandela njengevolontiya ngaphandle kokukhokhelwa.

Ungaba yiphoyisa lerizevu ngaphansi kwemikhakha elandelayo:

Category A Reservist — Functional policing :

ukwenza imisebenzi yokusizana namaphoyisa engenziwa esiteshini samaphoyisa, kwi-area noma emkhakheni wesifundazwe , kodwa kungeyona imisebenzi eyisipesheli
lingagqoka iyunifomu
Iingaqeqeshelwa imisebenzi yokusizana namaphoyisa efanele .

Category B Reservist — Support services :

ukwenza imisebenzi yokusekela emahhovisi emkhakheni kazwelonke, wesifundazwe , kwi-area, noma esiteshini, kanti ngeke yenza imisebenzi yobuphoyisa ngokugcwele
ayigqoki iyunifomu
lapho kufanele khona, ingaqeqeshwa emikhakheni yezomthetho, imigomo nemiyalelo esebenza emkhakheni ekuwo noma eqondene nomsebenzi awenzayo.

Category C Reservist — Specialised functionial policing :

kumele ibe namakhono athize noma ulwazi lobuchwepheshe  olungasetshenziswa ngabenkonzo yamaPhoyisa, isibonelo, ama-pilot, odokotela, abatshwizi emanzini , osonhlalonhle, noma ama-psychologist
izokwenza imisebenzi ethize kumkhakha wolwazi lwakhe lobuchwepheshe
angathi ngokuvunyelwa ngukhomanda wakhe, agqoke iyunifomu
lapho kufanele khona, ingaqeqeshwa emikhakheni yezomthetho, imigomo nemiyalelo esebenza emkhakheni ekuwo noma eqondene nomsebenzi ewenzayo.

Category D Reservist — Rural and urban sector policing :

ukwenza imisebenzi yokusebenza kwamaphoyisa ehambelana nobuphoyisa emikhakheni yezobuphoyisa emadolobheni nasemakhaya emikhakheni ethize esiteshini, noma ukwenza kuphela imisebenzi echazwe kumkhakha wayo emkhakheni othize njengoba kubekwe ngukhomanda
ingagqoka iyunifomu kuye ngokusetshenziswa kwayo
kumele iqeqeshwe emkhakheni ofanele wobuphoyisa kanye/noma imisebenzi yobuphoyisa ehambelana nemisebenzi yakhe. Kungadingeka olunye uqeqesho uma yenza umsebenzi wobuphoyisa emikhakheni ehlukene yobuphoyisa.


Iphoyisa lerizevu liqokwa kumkhakha othize, kanti lingadluliselwa  kunoma yimuphi omunye umkhakha ohambelana nalo, ngokuhambelana nazo zonke izidingo zomkhakha othize, nakhona yenze iqeqesho noma izimisele ukuthola uqeqesho odingekayo kulowo mkhakha.

Ngokulandela imitheshwana yenqubo , yabophiki lwe-South African Reserve Police Service, kumele:

ube ngumhlali waseNingizimu Afrika unomphela
ube neminyaka engu-18 nangaphezulu kanti ube ngaphansi kweminyaka engu-70 ubudala
igcwalise iphepha lemibuzo  lezempilo njengoba libekwe nguKhomishana kaZwelonke 
lingabi nakuphazamiseka ngokwengqondo, izifo, noma ubuntekenteke , obungaphazamisa ukwenza kwakhe imisebenzi yakhe
libe ngomuntu wesimilo esihle, kanti kulokho kuzophenyisiswa ngemibuzo nokuthola umlando wakhe;
kumele lenze uvivinyo noma uhlolo, olubekwa nguKhomishana kaZwelonke wamaPhoyisa
okungenani abe nesitifikedi sebanga eliphezulu , noma esilingana naso, kanye nokunikeza ubufakazi balokhu
akwazi ukukhuluma, ukubhala kanye nokufunda i-English , njengolunye lwezilimi ezigunyazwe wumthetho
avume ukuthi kugxivizwe iminwe yakhe ukuze iyohlolwa nakhona angatholakali enecala noma engumuntu oshishiselwa icala
azimisele ukuqeqeshwa
azimisele ukuthatha isifungo sehhovisi
angabi nawo ama-tattoo abonakalayo; kanti
abe nelayisense yokushayela, noma-ke lokhu kungesona isidingo sokuqala sokuba yirizevu.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

yiya esiteshini samaphoyisa esiseduzane nawe
gcwalisa ifomu lesicelo le-SAPS 93
ifomu lemininingwane yakho siqu 
ukuzibophezela 
iphepha lemibuzo ngezempilo, 
iphepha lemibuzo ngezokuphepha, Z204, uma ungesona isakhamuzi saseNingizimu Afrika
ifomu lophenyisiso eligxiviza iminwe )
ifomu lemvume yabazali noma umnakekeli  uma ungaphansi kweminyaka engu-21)
Hamba nala madokhumende alandelayo:

Nikeza ngekhophi yesitifikedi esiqinisekisiwe sikaMazisi wakho  yakho.
ikhophi eqinisekisiwe yelayisense yakho yokushayela, uma unayo
amakhophi aqinisekisiwe ezifundo zakho.


Ngobani angeke baqokwa njengamarizevu:


umuntu oseke wakhishwa emsebenzini ngenxa yokugula ngengqondo
ilunga labophiko lwe-South Africa Police Service isicelo sakhe sokubuyela ebuphoyiseni esanqatshelwa
umuntu okunoma yisiphi isikhundla kwiqembu lezopolitiki
umuntu osebenza ngokugcwele kwezezindaba noma omele abezindaba
umfundi
isikhulu sezokuphepha
ilunga lenkonzo yobuphoyisa koMasipala.


Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



The South African Police Service Act, 1995  

The Regulations for the South African Reserve Police Service 


Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Uma utholakala ufanelekile, isicelo sakho sizovunyelwa ngu-Area Commissioner, nakhona uzofungiswa. Ngeke wavunyelwa ukwenza imisebenzi yobuphoyisa ngaphambi kokuba uphethe uqeqesho lwakho. Ngemuva kwalokho, uzonikezwa isitifikedi sokuqokwa ngokomthetho.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu awatholakali kulayini we-internethi. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lonyango.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


