﻿Isicelo sokufakelwa kwinqubo yezezindlu zabantu Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Inqubo yezezindlu zabantu , yindlela kahulumeni yokusiza ngezindlu esekela amakhaya afisa ukuthuthukisa imixhaso yawo yamasabsidi ngokuzakhela izindlu noma ngokugqugquzelana ngokwabo ukuzakhela amakhaya abo.

Inqubo isiza ukuthi abafuna ukuzuza basungule inhlangano yokusekela kwezezindlu ezobasiza ngokuba nosizo kwinhlangano, ezobuthekniki kanye nezokuphatha. Usizo lubandakanya uqeqesho kanye nokwelulekwa kwabazuzayo ukuzakhela amakhaya abo.

Le ndlela itholakala njengeprojekthi kubazuzi, ngokuhlanganisa, ukwenza izikhungo kanye namasabsidi amaprojekthi. Nangaphezu kwalokho, ibuye itholakale ezindaweni zasemakhaya lapho khona abantu abanelungelo lokusebenzisa nokuhlala kumhlaba  abakuwo.

Ngabe isebenza kanjani le nqubo yezezindlu zabantu iPeople's Housing Process?

Le nqubo yenza ukuthi usebenzise usizo lwesabsidi ukuzakhela indlu yakho. Ngenxa yokuthi usizo kwezobutheknikhali  bubaluleke kakhulu kule nqubo, wonke umuntu obamba iqhaza kwinqubo, kumele abe nenhlangano esekelanayo. Le nhlangano isiza ngosekelo lobutheknikhali  ukuqinisekisa ukuthi indlu yakhiwe ngendlela efanele.

Abantu abazakhela izindlu ngokwabo noma abagqugquzelela ukwakhiwa kwezindlu zabo, bangakha izindlu ezinkulu ngemali encane.

Inqubo yezezindlu zabantu iPeople's Housing Process isiza kokulandelayo:

ukonga ngezindleko zabasebenzi ngokuthi abantu bayazakhela okunye ngokwabo noma ngokuthola usizo emindenini yabo, komakhelwane, kubangani kanye nabanye abangasizana nani
ukugwema ukukhokha inzalo  kwabamakontilaki okwakha, kanye
nokuthuthukisa izinqumo.

Ukuze ukwazi ukungena kule nqubo, kumele ube:

Ngoshadile noma onohlalisana naye, noma ube nabancikile ngokwezimali.
Ube yisakhamuzi esisemthethweni saseNingizimu Afrika.
Ube ngumuntu omdala ngokwanele okwaziyo ukungenela ikontraki. Lokhu kusho ukuthi kumele ube ngumuntu oneminyaka engaphezu kwengu-21 noma ushadile, nakhona ube ngophile kahle engqondweni
Ube nomholo womndeni ongaphansi kuka-R3 500.
Ningabi ngabathole usizo lwesabsidi yokuthenga indlu kuHulumeni ngesikhathi esedlule.
Ube ngumuntu ofuna ubunikazi bendlu okokuqala ngqa.

Qaphela ukuthi kumele ungenele ikontraki ngokusekelwa yinhlangano esemthethweni  Inhlangano esekelayo izosiza ngolwazi lobuchwepheshe  kanye nakwezokuphatha. 

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

xhumana noMnyango wezeZindlu weprovinsi 
nikeza ngomazizi wakho , yowakwakho kanye nezingane
nikeza ngekhophi yesiliphi somholo njengobufakazi bokuthi uyahola. 

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Housing Act, 1997  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Isicelo sibonelelwa ngaboMnyango yezeZindlu yeziFundazwe . Isikhathi esidingekayo ukwethula le nkonzo  siyehluka-hluka kuye ngodaba nodaba.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe
Alikho ifomu lesicelo.
Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


