﻿

Ukukhokhela intela yesikhashana yesibili ekhokhwa ngaleso sikhathi

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Lapho umuntu ohola imali okumele idonswe intela kodwa ongaweli ngaphansi kwemithetho yokudonswa kwentela ye-SITE ne-PAYE. , kumele akhokhele intela yesikhashana yaleli ngeniso. Ukukhokhela intela yesikhashana , kwenziwa njalo ezinyangeni eziyisithupha.

Intela yesikhashana , inenhloso yokusiza abakhokhi-ntela ukuhlangabezana nezibopho zabo zentela, njalo kunokuthi balindele ukukhokha kanye ngonyaka lapho sekuhlolwe isimo sabo sezentela. Intela yesikhashana, ekhokhwayo isiza ukuphungula isamba sentela okumele sikhokhelwe ekupheleni konyaka wentela lapho sekuhlolwe ingeniso , okumele ikhokhwe ngumuntu kulowo nyaka.

Umuntu okumele akhokhele intela yesikhashana, kumele kuthi kungapheli izinsuku ezingu-30 ngemuva kokufaneleka ukukhokha, enze isicelo ngokubhala, ukuthi abhaliswe egatsheni eliseduzane naye lophiko lwabezentela iSouth African Revenue Services . Ukuhluleka ukubhalisa, kuzobangela ukuthi ukhokhiswe inzalo yentela kanye nama-penalty , lapho ukhokhe ngemuva kwesikhathi, kanye nenye intela ngenxa yokukhokha ngemuva kwesikhathi.

Usuku lokukhokha intela yesikhashana yesibili ngeke lwaba semuva kakhulu nosuku lokugcina lokwenzwa uhlolo lwezimali noma usuku oluvunyelwe lokuphela konyaka wezimali.

Qaphela: 

Lapho ukuphela konyaka wezimali ngoFebruwari kubanga ubunzima kwezezimali, nakhona kutholwe imvume evela kwa-SARS, ukufakela izitatimende zezimali ngosuku olwehlukile nolukaFebruwari, abantu abanjalo bangacela imvume yokufakela imibiko yentela yesikhashana ngokuhambisana nokuphela konyaka wezimali okwamukelekile. Zonke ezinye izimali ezingenayo kusafanele zibe sesikhathini sokuphela konyaka wohlolo lwezimali oluphela ngomhlaka-28/29 Februwari.

Balela ukukhokhelwa kwentela yesikhashana kwesibili ngendlela elandelayo:

inani eliphelele lentela kunyaka ogcwele
ususe intela ekhokhelwa abasebenzi ekhokhelwe unyaka ogcwele
ususe umkhawulo ovunyelwe wezimali zentela yangaphandle yonyaka ogcwele
kususwe inani elikhokhiwe lesikhathi sokuqala sonyaka.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Khokha ngokugcwalisa ifomu le-IRP 6 lenothisi yokukhokha, ngaphambi kosuku noma ngalolo suku okumele ukhokhe ngalo.
E-SARS kukhona izindlela ezilandelayo zokukhokha:

Khokha noma kuliphi ihhovisi legatsha le-SARS, NgoMsombuluko ukufikela kuLwesihlanu, phakathi kwesikhathi sika-08h00 ekuseni ukufikela ku-15h30 ntambama, ngaphandle kwezinsuku zamaholidi.
Lapho ukhokha ngeposi, noma ngokusebenzisa i-ATM, kumele ukhokhe kuseyisikhathi ukuze ifomu lakho lifike kusenesikhathi emahhovisi e-SARS.
Uma ukhokha ngendlela ye-elektroniki , kumele lokhu ukwenze ngesikhathi ukuze unike ibhangi lakho ithuba lokudlisela lemali kuseyisikhathi, kanye nesikhathi sokubheka ukuthi ngabe kunemali eyanele kwi-akhawunti yakho, ngoba lokhu kungathatha cishe izinsuku ezimbili ukuya kwezinhlanu.

Imininingwane yaseBhange

Abantu abakhokha imali ebhange lase ABSA, FNB noma e-Nedbank ngokuya khona ngesiqu sabo, abasadingi ukuthi beze nenombolo ye akhawunti noma inombolo yaleloBhange uma bekhokha. Kuyefana njalo uma abantu bekhokha nge Computer imali emaBhange ase ABSA, FNB, Nedbank nase Standard Bank.
Into abayidingayo kuphela yi:


inombolo yomthelo ethi uma iphelele ibe nezinombolwana eziyishumi neshiyagalolunye
inombolo okuzokuthi uma lemali ingena iye kuyona, loku kusho iakhawunti ezokwemukela lemali engenayo.


Yonke lemininingwane itholakala esazisweni sokukhoka I-IRP6
Yonke imali ekhokhwayo ingavumelani noma ingahambelani naloku okulotshiwe ngaphezulu, ngokwenombolo yomthelo kanye nenombolo yeakhawunti emukelayo, ayingeke imukeleke.


Uma usuku lokugcina lokukhokha lufika kuyiholide noma kuyimpela-sonto, kufanele abantu bakhokhe ngosuku lokugcina lokusebenza olungaphambi kwe holide noma impela-sonto.

Qaphela:

Umbiko wefomu le-IRP 6 kusikhathi sesibili, kumele uhambisane, ngisho noma ngokubala kwakho, ubona ukuthi ngeke kwaba nesidingo sokukhokhela intela yesikhashana .
Ukukhokhela intela yakho yesikhashana yesibili, kumele kwenziwe ngokubonelela isilinganiso sengeniso lentela okumele uyikhokhele , esilingana nenani langempela  noma ngokubonelela ingeniso eliqondene qobo lwalowo nyaka okumele ukokhele intela yalo .
Kungamele ukhokhele enye intela engaphezulu uma isilinganiso sengeniso  lakho singaphansi kuka-90% wengeniso langempela, kanti futhi lingaphansi kwenani okuyilo qobo .
Qinisekisa ukuthi amafomu e-IRP6 afakelwa ehhovisi legatsha elifanele le-SARS ngaphambi kokuba ukhokhe. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi isicelo sakho samukelwe kuseyisikhathi ukuze sibonelelwe, nakhona kungabi bikho isidingo sokuthi ujeziswe  kanye nenzalo.
Iseluleko sokukhokhela ingxenye yentela kwifomu le-IRP6 manje isitholakala ekhasini elehlukile. Ngakho-ke, ungafakela umbiko wakho wentela eceleni hhayi lapho ukhokha.
Bheka izeluleko kwi-IRP 12 Guidelines uma udinga usizo ngokugcwalisa umbiko wentela kwifomu le-IRP6.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Income Tax Act, 1962  — Fourth Schedule  - Isheduli yeSine)

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Umnyango wezentela usungula I service standard ezokungeniswa eminyakeni emibili elandelayo . Uma uthumela isaziso sakho semali oyenzayo, umnyango wezentela uhlose ukwenza loku okulandelayo:

uzakusebenza anqume inani lentela ezazisweni ezingu 80% ezigcwaliswe kahle zaphinde zasayinwa kahle zingakapheli izinsuku ezingamashumi ayishiyagalolunye  zitholakele lezizaziso, ngesikhathi sokujingana nokuphithiza  kanti-ke zingakapheli ngesikhathi esingaphithizi  lomsebenzi uzakwenziwa zingakapheli izinsuku ezingamashumi amathathu nane zitholakele lezizaziso
uzakusebenza izaziso zomthelo we VAT kanye ne PAYE zingakapheli izinsuku ezingamashumi amabili zitholakele lezizaziso
uzakusebenza izaziso ezithunyelwe ngeQondo-Mshini  zitholakele lezizaziso anqume inani lentela ezazisweni zokuhwebelana namanye amazwe azingu 90%  angakapheli amahora amane zitholakele lezizaziso, kanti-ke izaziso ezilethwe ngesandla zizakusetshenzwa angakapheli amahora angu 24 zitholakele lezizaziso.

Qaphela:

Uma ucele omunye umuntu ukuthi akwelekelele ukufaka isaziso sakho sentela, kumqoka ukuthi wazise ihhovisi lomnyango wezentela kahulumeni. Loku kwenzalwa ukuvikela wean ukuze kuqinisekiswe ukuthi umnyango wezentela awukhiphi izimfihlo zakho eziqondene nawe kuphela.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Return for the second provisional tax paymentIRP6: Individual  Kumuntu siqu)

Return for the second provisional tax payment IRP6: Trust  kuma-Trust)

Return for the second provisional tax payment IRP6: Company or close corporation  eziNkampanini kanye noma ama-close corporation)


Isaziso sokukhokha sihambisana nefomu lombiko wezimali le-IRP 6.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


