﻿
Isicelo semvume yokwenza umsebenzi wokuprosesa izinhlanzi
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

I-fish processing establishment  kungaba yimoto, umkhumbi, isakhiwo noma indawo lapho okukhiqizwa khona i-substance noma i-article yezinhlanzi. I-substance ingakhiqizwa nganoma yiyiphi indlela efana nokusika, ukuhlinza, ukuhlukanisa izingxenye, ukuhlanza, ukuqoqa nokuhlela  ukusika uqweqwe  kanye nokwenza okuvimbela ukuvunda kwezinhlanzi . Ukwenza lomsebenzi kungabandakanya indawo lapho izinhlanzi ezifakelwa khona emathinini, ezipakelwa khona, ezomiswa khona, ezikhishwa amathumbu nokwangaphakathi, ezifakelwa khona usawoti , eziqandiswa khona ngo-ayisi (iced), ezibandiswa khona, ezomiswa khona ngokuqandiswa (frozen) noma eziproseswa khona ukuze zithengiswe eNingizimu Afrika noma ngaphandle kwayo.

Ukwenza umsebenzi wokuprosesa izinhlanzi, kumele uqale wenze isicelo se-FPE/ ilungelo lokudweba ebese linikezwa. Ukusebenzisa ilungelo lokudweba noma ilungelo lokwenza umsebenzi we-FPE, kumele kwenziwe isicelo semvume evuselelwa ngonyaka, kanti futhi ekhishwa ngaboMnyango wesimo seNdalo nezokuVakasha . Onikezwe imvume kumele alandele imibandela nezimo ezichazwe kwimvume. Ukuhluleka ukwenza lokho kungaholela ekumisweni noma ekukhanselweni kwemvume noma ekuhoxisweni kwelungelo.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Yenza kuphela isicelo selungelo lokudweba lapho kunesimemo esishichilelwa kuGazethi kaHulumeni.
Ukwenza isicelo, thola ifomu kwaboMnyango wesimo seNdalo nezokuVakasha  noma ezindaweni lapho amafomu angatholakala khona noma aphakelwa khona okuyindawo eyokwaziswa ngabe-DEA&T.
Funda ngokucophelela, uqondisise kanye nokuqinisekisa ukuthi wenelisa izidingo nemibandela yesicelo.
Gcwalisa, usayine kanye nokufakele ifomu lesicelo elihambisana namadokhumende asekelayo aqinisekisiwe, kanye nemali yesicelo engabuyiselwa emuva.
Inqubo yohlolo  iyoqala ngemuva kokuvalwa kosuku lokufakelwa kwezicelo, kanti imiphumela iyokwaziswa ngezincwadi ngabe-DEA&T. Uma kunikezwa ilungelo le-FPE, kumele wenze isicelo sokwenza i-FPE kanye nokunelisa izidingo zakhona ngaphambi kokuba unikezwe imvume.
Kungabonelelwa udaba lokuthi ukhishwe ngaphansi kwesibopho se-fish processing establishment  ngaphansi kwezimo ezingavamile, kanye nokubona kukaNgqongqoshe we-DEA&T.
Uma kukhishiwe isibopho se-FPE, kumele usheshe wenze isicelo semvume yokwenza i-fish processing establishment.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



The Marine Living Resources Act, 1998  

The National Environmental Management Act, 1998  

The National Biodiversity Act, 2004  

The National Marine Protected Areas Act, 2003  

The Sea Birds and Seals Protection Act, 1973  
The Sea Fishery Act, 1988  
The Sea-shore Act, 1935  
The International Convention for the Prevention of Pollution from Ships Act, 1986  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Isicelo selungelo le-FPE singathatha inyanga eyodwa ukuya kuzinyanga ezintathu noma ngaphezulu ngenxa yobuningi bezicelo. Iisicelo semvume ye-FPE singathatha usuku noma ngaphezulu , kuye ngokuthi isicelo sifakwe ngokulandela inqubo efanele.

Phezulu

Izindleko

Imali ekhokhwayo ibuyekezwa ngonyaka/ibekwa ngonyaka nguNgqongqoshe noma ubuthunywa bokugunyaza, obuhlanganyelwe noNgqongqoshe wezeziMali.

R6 000 – Isicelo se-FPE/ ilungelo lokudweba: ukwenza umsebenzi wokuprosesa izinhlanzi .

R1 330 kanye nemali yesicelo engu-R125 – Isicelo semvume yokudweba: ukwenza umsebenzi wokuprosesa izinhlanzi .


Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for a Fish Processing Establishment Permit

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


