﻿

Ukufaka isicelo selayisensi yokusebenzisa eziphathelene neposi ezigodliweyo

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Imisebenzi ephathelene neposi egodliwe isho izincwadi, amaposikhadi, okubhaliwe, amaphasela amancane nezinye izinto eziposwayo. Ilayisensi inikeza oyiphethe ilungelo lokusebenzisa eziphathelene neposi ezigodliweyo iphinde imbophele emibandeleni ethile okukhulunywa ngayo kumthetho wezokusetshenziswa kwamaposi ka 1988 usekisheni 16 

Qaphela: ukukhokhwa kwamalayisensi ezindawo ezigodliweyo kwenzeka uma ungqongqoshe esekhiphe isaziso esibiza abantu ukuthi bafake izicelo. Okwamanje iposi lase South Africa yilona kuphela elinelayisensi yokwenza lowomsebenzi. Akekho umuntu ovunyelwe ukusebenzisa eziphathelene neposi ezigodliweyo ngaphandle kwelayisensi yokwenze njalo.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu uprinthe ngamagama amakhulu
Thumela ifomu kanye nemali yikufaka isicelo kwi gatsha lezokuthintana
Amafomu angakagcwaliswa ngokuphelele azakuphindiselwa kumfaki sicelo kanti-ke akuzuba yindaba yegatsha uma umuntu ebambeleleka

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Postal Services Act, 1998  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Ilayisensi ingalunga amuva kwezinsuku ezingu 30.

Phezulu

Izindleko

Imali yokubhalisa engabuyiselwa emuva engango R500
Imali yelayisensi engu R25 000

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu okubhalisela ukusebenzisa okuphathelene neposi okungagodliwe. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lonyango.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


