﻿
Isaziso esiqondiswe ku-Nedlac esingenziwa yinyunyane yabasebenzi noma ifedereshini yezinyunyane lapho zizimisele ukuthatha inyathelo lokubhikisha 
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Isigaba 77 somthetho we-Labour Relations Act, 1995, sinikeza abasebenzi ilungelo lokuthatha inyathelo lokubhikisha ukuqhubela phambili noma ukuvikela amalungelo abo kwezomnotho kanye nokuvikelwa kwamalungelo abo ngezokuxoshwa nezinye izinyathelo zedisiplini . Kunikeza abe-National Economic Development and Labour Council  – njengenhlangano eyenza imigomo anabamele uhulumeni, amabhizinisi, izinyunyane kanye nemiphakathi – umsebenzi wokuhlanganisa zonke izinhlangothi ezithintekayo ukuzama ukuxazulula izimbangela zokuthathwa kwezinyathelo.

I-Nedlac kumele yaziswe lapho kuzoba nenyathelo lokubhikisha, lokhu kwenziwe kwifomu le-LRA 4.5. Kuleli fomu, izizathu kanye nohlobo lombhikisho, kumele kuchazwe. Lokhu akubandakanyi usuku lwenyathelo elihloswe ukuthathwa, ngoba lokhu kungacikela phansi inqubo yokuthola indlela yokuvumelana.

Uma imizamo yokuxazulula udaba ihluleka, inyunyane noma ifedereshini yezinyunyane kumele yethule inothisi yesibili kwabe-Nedlac ukubazisa ngenhloso yabo yokuqhubeka nenyathelo lokubhikisha. Le nothisi yesibili kumele ilethwe kwabe-Nedlac okungenani izinsuku ezingu-14 ngaphambi kokuba kuqalwe inyathelo lombhikisho.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Yazisani i-Nedlac ngenhloso yenyunyane yokuqhubeka nenyathelo lombhikiso.
Unobhala wenyunyane noma ifedereshini yezinyunyane kumele agcwalise ifomu lesicelo.
Thumelani ifomu ku:
Executive Director
Nedlac
P.O Box 443
Auckland Park
2006

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Labour Relations Act, 1995  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

I-Nedlac kumele ithole ifomu okungenani ezinsukwini ezingu-14 ngaphambi kokuba kuqalwe inyathelo lombhikisho.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Notice to Nedlac of intention to proceed with protest action, form LRA 4.5 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


