﻿

Isicelo sokuvula i-akhawunti yeBhangi yeMzansi

Isimo

I-Akhawunti yeMzansi, yinkonzo ebhekwe ngabe-SAPO  eqondene nabantu ziqu. Yindlela elula yokwamukela imali kanye nokukhipha imali noma ukukhokha. Ungaba nesiqiniseko sokuthi imali yakho iphephile ngoba akukho zindleko zenyanga, okugcina ku-akhawunti yakho, kuzothola inzalo. Akukho zimali ezikhokhwa njalo, ukhokhela nje lokho okusebenzisile. Awudingi isiliphi somholo ukuvula i-akhawunti yoMzansi. Noma ngubani angavula i-akhawunti, ngoba akukho mibandela efana nokuba nemali ethize yomholo okumele uyihole edingekayo ukuvula le-akhawunti. Ungasebenzisa ibhangi kumagatsha ePosi angu-1300 noma kumishini yama-ATM  engu-8000.

Konke ukufakela izimali ePosini kwenziwa mahhala.

Qaphela: Abasebancane ngeminyaka abafisa ukuvula le-akhawunti kumele bahambe nomuntu omdala ongumnakekeli ngokomthetho noma umzali/abazali.

Ukuze uthole olunye ulwazi, ngena kwi iposini

Inqubo okumele ilandelwe

Ukuvula i-akhawunti, okudingayo nje kuphela, ngokulandelayo:

Hamba uye ePosini eliseduzane eNingizimu Afrika ucele u-teller  ukukunikeza ifomu lesicelo.
Gcwalisa ifomu lesicelo.
Khombisa uMazisi wakho .
Khombisa ubufakazi bendawo ohlala kuyo. Njengengxenye yomthetho we-Financial Intelligence Centre Act , bonke abenzi bezicelo kumele banikeze ubufakazi bendawo abahlala kuyo. Lokhu kungenziwa ngokuthi ukhombise isitatimende sokukhokhela okusebenzisayo . Uma uqashile , ikhophi yekontraki yokuqasha  iyadingeka. Uma uhlala nabazali, isitatimende esifungelwe  efakazela lokhu iyadingeka.
Abasebancane ngeminyaka abafisa ukuvula le-akhawunti kumele bahambe nomuntu omdala ongumnakekeli ngokomthetho noma umzali/abazali.
Fakela idiphozithi yokuvula ka-R10.
Qaphela: Ungasebenzisa ibhangi kumagatsha ePosi angu-1300 noma kumishini yama-ATM  engu-8000.

Umthetho osetshenziswayo



Post Office Act, 1998  )
Amazinga afanele kwenziwa komsebenzi

Kungathatha imizuzo engu-10 ukuya kwengu-20 (kuye ngokuthi ngabe lelo gatsha lePosi libhizi kangakanani.
Izindleko

Kudingeka idiphozithi yokuvula engu-R10.
Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu ezicelo atholakala emaPosini kulo lonke izwe.


Indawo nendlela yokuxhumana

Hotline: 0800 53 54 55


