﻿
Ukufaka isicelo sephomede nenombholo yokuhweba ngezimoto
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Lomsebenzi wenzelwe abantu abakha izimoto, nabathenga izimoto kwamanye amazwe nabathengisa izimoto kuleli. Inombholo yokuhweba ngezimoto ibavumela ukuthi bashayele imoto engabhaliswanga emgwaqweni womphakathi.

Inombholo yokuhweba ngezimoto idingekela loku okulandelayo:

abakhi bezimoto bakwazi ukuzidiliva , nokuzithengisa, nokuzishintsha noma ukuzilungisa
abantu abakhontileka ngezimoto bakwazi ukuzidiliva
abantu abathengisa izimoto bakwazi ukuzidiliva
abantu abathenga izimoto kwamanye amazwe bakwazi ukuzidiliva.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu MTN 1 ehhovisi labaphethe izimoto ezihamba emgwaqweni eliseduze nawe.
Chaza ukuthi uzifunelani izinombholo zokuhweba kanti futhi udinga ezingakanani.
Thumela lamaphepha alandelayo:

ikhopi yencwadi yomazisi wakho noma incwadi yokumela uma kuyinkampani
isitifiketi sokubhaliswa kwebhizinisi.

Khokha imali enqunyiwe.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



National Road Traffic Act, 1996  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Isicelo sakho sisetshenzwa ngalolosuku.

Phezulu

Izindleko

