

Ukufaka isicelo senzuzo yokukhulelwa kusikhwama somshuwarensi wokungasebenzi

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Inhloso yenzuzo yokukhulelwa wukuncephezela onikela esikhwameni somshuwarensi wokungasebenzi ngesikhathi ekhulelwe nangesikhathi ebeletha.

Isicelo kumele sifakwe ngosuku athatha amalanga akhe okuphumula noma-ke zingakapheli izinyanga eziyisithupha ingane ibelethiwe.

Imibandela ebekiwe:

Onikela esikhwameni somshuwarensi wokungasebenzi kumele ukuthi uma aselivini yokukhulelwa, uthola iholo elingaphansi kwaleli avamise ukulithola.

Imali yenzuzo ingakhokhwa kuze kufike ezinsukwini ezingu 121 uma ngabe ofake isicelo unazo lezonsuku.
Uma kungenzeka isisu sonakale noma ingane ibelethwe isibhubhile, imali yenzuzo ingakhokhwa kuze kufike emavikini ayisithupha.

Incwadi efakazela okhulelwe isho nesikhathi asithethe aze abelethe imele ukuthi nayo ithunyelwe.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Thintana nehhovisi labasebenzi eliseduzane nawe ukuze uthole amafomu afanele.

Gcwalisa uphinde uthumele amafomu afanele kanye nencwadi ekufakazela ukuthi ukhulelwe evela kadokodela noma esibhedlela ehhovisi labasebenzi.
Woza nencwadi yakho yomazisi eluhlaza enebha khodi elinezinombholo ezingu 13.
Khumbula ukunikeza imininingwane yasebhange eyiyona evunyelwe yibhange.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Unemployment Insurance Act, 2001  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Abesikhwama somshuwarensi wokungasebenzi bayathembisa ukuthi bazakusebenza amaphaphe afanele abawatholile angakapheli amaviki ayisithupha.

Phezulu

Izindleko

Lomsebenzi awukhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe





Application for maternity benefits, UI-2.3 
Application to pay UIF benefits into banking account, UI-2.8 
Remuneration received by the employee whilst still in employment, UI-2.7 
Application for continuation of payment for maternity benefits, UI-4 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


