﻿

Isicelo selayisense yobusakazi bamarediyo emiphakathi bezinga  ophansi

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Umthetho wezobusakazi i -Broadcasting Act 1999, uchaza ukuthi ubusakazi bamarediyo bomthamo ophansi  njengobusakazi bemiphakathi, bangasese noma besizwe sonkana  obukhipha amandla angekho ngaphezu kwenani we-watt eyodwa. Izinjongo zokubeka iminyaka emine yeLayisense yoBusakazi ukufezekisa okulandelayo:

ukunweba 'ukufinyeleleka' kwelungelo lokuthola ulwazi ukubandakanya ukufinyelela kweningi kumkhakha wokwenza nokukhiqiza imisebenzi yobusakazi.
ilungelo lenkululeko yezezindaba zamaphepha nababhali bezindaba  nezinye izinhlobo zezezindaba , inkululeko yokuthola nokuhambisa ulwazi nezindaba nemibono, inkululeko kwezobuciko nobuqambi; inkululeko kwezomkhakha wezemfundo ophezulu kanye nenkululeko yezocwaningo.
ukusukela ekuthuthukisweni kombono, udaba lwenqubo yokulingana lubalulekile ekwenzeni ukuthi zonke izinto zihambe ngokulingana ngendlela efanele nelungile kwimboni yezokusakaza ngokukhuthaza ukungena nokusungulwa kwamabhizinisi amasha kule makethe yezokusakaza.

ILayisense yoBusakazi bamarediyo boMthamo ophansi inganikezwa kwimikhakha elandelayo:

Ubusakazi bamarediyo bezentengiso bomthamo ophansi – kungawubusakazi obusebenza ukusakaza kuma-mall ezitolo/ezikhungweni, emabaleni emidlalo, emabaleni emibukiso, kanye nasezindaweni zamabhayisikobho okushayela ubukele uhlezi emotweni  noma amanye amasevisi anjalo, iziphathimandla  ezingabona bufanele.
Izinkonzo  ezobusakazi bamaredioyo bomthamo ophansi – obusebenza ezindawo ezihlala abantu abadala, ukuxhumanisa izindawo zamasonto, ukuxhumanisa izindawo zezinkonzo zenkolo kanye namakhaya, noma ezinye izindawo ezinjengalezi, iziphathimandla ezingabubona bufanele.

Ubusakazi bamarediyo bemiphakathi kanye nobentengiso bomthamo ophansi buyosebenza iminyaka emithathu, kanti ilayisense yobusakazi bomthamo ophansi buyosebenza izinsuku ezingamashumi amathathu.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Ukubheka ukuthi ngabe yimaphi amafrikhwensi afanele angasetshenziswa ngumthamo ophansi.
Ukubheka indawo isiteshi sokusakaza esizosakazela kuyo.
Sungula iqembu lokusebenzisana  elizobhekana nenqubo yesicelo kanye nokuba ngumenzi wesicelo  egameni labagqugquzeli bomcimbi ozokwenziwa.
Qinisekisani ukuthi iqembu lokusebenzisana, lenza okulandelayo:

ukuqoqa amasignesha emphakathini
ukubhala iplani yebhizinisi
ukugqugquzelela ukukhethwa kwamalunga eBhodi ngenqubo yedimokhrasi 

Cela ikhophi yenkonzo  yobusakazi kanye nefomu lesicelo sokusabalaliswa kwesignali.
Gcwalisa ifomu lesicelo ngokuprinta, ngokusebenzisa amagama amakhulu .
Fakelani ifomu lesicelo lokuqala  kanye namakhophi amafomu esicelo aqinisikisiwe angu-16 kwabe- nemali yesicelo.

Izicelo ezingagcwalisiwe ngokuphelele, zizobuyiselwa kumenzi wesicelo kanti ngeke samukela emahlombe ethu ukuphazamiseka okungabakhona.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Electronic Communications Act, 2005 
Broadcasting Act, 1999  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Ukwamukelwa kwelayisense kungathatha izinyanga ezingu-2 ukuya kwezingu-3.

Phezulu

Izindleko

Ilayisense yobusakazi bezentengiso: Ngu-R5 000

Imali engabuyiselwa emuva ngu-R500 lapho sekukhishwa ilayisense

Ilayisense yobusakazi bezentengiso kumicimbi ethize yesipesheli: Ngu-R2 000
Ilayisense yobusakazi bomphakathi: Ngu-R1 500

Imali engabuyiselwa emuva ngu-R200 lapho sekukhishwa ilayisense

Ilayisensi yesehlakalo esiyisipesheli somphakathi ingu R500

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Ifomu lesicelo lizoba yingxenye yamasheduli eGazethi kaHulumeni.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


