
Isicelo somuntu wangaphandle ukuba yisakhamuzi      

Izincazelo 

Noma wubani onemvume yokuhlala unomphela eNingizimu Afrika ukufanele ukwenza isicelo sokuba yisakhamuzi saseNingizimu Afrika ngenqubo ebizwa i-naturalisation ngemuva kweminyaka emihlanu yokuba yisakhamuzi esihlala unomphela.

Noma wubani oshade nesakhamuzi saseNingizimu Afrika ukufanele ukuba yisakhamuzi esivela kwelinye izwe ngemuva kweminyaka emibili ngemuva kokuthola imvume yokuhlala unomphela ekhishwe lapho eshada.

Ingane eneminyaka engu-21 enemvume yokuhlala unomphela ikufanele ukuba yisakhamusi esivela kwelinye izwe, masishane ngemuva kokuba kukhishwe imvume.

Ukuze uthole olunye ulwazi ngena kwaboMnyango wezaseKhaya. 

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu lesicelo le-BI-63 kanye ne-BI-757 kunoma yiliphi ihhovisi lezaseKhaya. Yenza isicelo kwinxusa  noma imission uma ungaphandle kwezwe.
Khipha imvume yokuhlala unomphela esebenzayo noma i-exemption .
Gcwalisa ifomu le-SAP  kanye nesethi ephelele yezigxivizo zeminwe ukuthola isitifikedi sokuba msulwa sasemaphoyiseni.
Fakela ifomu eligcwalisiwe le-BI-9 nesethi ephelele yezigxivizo zeminwe kanye neithombe ezimbili zosayizi we-ID uma uneminyaka engaphezu kwengu-15. Lokhu kwenzelwa ukuthi uthole umazisi  ngemuva kokuba kwemukelwe isicelo sakh sokuba yisakhamuzi sezwe kodwa esivela kwelinye izwe.
Umzali obhekene nengane angenza isicelo egameni lengane esencane ngeminyaka emthethweni  noma kunini lapho lowo osemncane ehlala eNingizimu Afrika unomphela ngokusemthethweni.
Abenzi bezicelo izicelo zabo ezemukelwe, bazocelwa ukusayina i-Declaration of Allegiance  bazokhishelwa i-naturalisation certificate , kanye nenombolo ye-R .
Umazisi  izokhishwa ebese ithunyelwa umenzi wesicelo.
Abenzi bezicelo izicelo zabo ezingamukelwanga bazokwaziswa ngokufanele.

Umthetho osetshenziswayo 

South African Police Act, 1995  

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Izicelo zingathatha izinyanga ezingu-2 ukuya kwezingu-4.

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Amafomu okumele agcwaliswe

Application for naturalisation, BI-63
Residence questionnaire, BI-757 
Police clearance certificate, SAP  

Indawo nendlela yokuxhumana 


