
Fakela isikhalazo noma ukwazisa abe-Independent Complaint Directorate  ngokufa okwenzeke ngaphansi kogcini lwamaphoyisa ngenxa yesenzo samapho yisa    


Isimo

Ungafakela isikhalazo noma ukwazisa abe-Independent Complaint Directorate  ngokufa okwenzeke ngaphansi kogcini lwamaphoyisa ngenxa yesenzo samaphoyisa, isenzo sokuziswa ubuhlungu, noma ngokuhlukumeza ngokwebala. Lokhu kuvamise ukubizwa ngokuthi yisikhalazo se-Class I .

Ukuze uthole olunye ulwazi olunabile, ngena kwi-website yabe-Independent Complaints Directorate. 

Inqubo okumele ilandelwe



Bika ukufa okwenzeke ngaphansi kogcini lwamaphoyisa ngocingo, noma ngokubhalela abehhovisi le-ICD eliseduzane.
Noma gcwalisa isikhalazo kwifomu lesikhalazo le-Complaint Reporting Form ebese ulithumela ngefekisi ehhovisi le-ICD eliseduzane nawe
Nikeza abe-ICD ulwazi olulandelayo:
Igama nemininingwane yokuxhumana nohlukunyeziwe kanye/noma umfaki wesikhalazo
Igama nesikhundla sephoyisa  elingumsolwa .
Igama lesiteshi samaphoyisa noma sikamasipala lapho okusebenza khona iphoyisa elingumsolwa.
Inombolo yekheyisi yamaphoyisa, uma ikhona
Usuku, isikhathi kanye nohlobo lokuhluleka ukusiza ohlukumeziwe.
Imininingwane yofakazi, uma bekhona.


Umthetho osetshenziswayo 

South African Police Service Act, 1995  Section 53 



Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi



Abe-ICD bazophenyisisa ikheyisi  ngokuya lapho okwenzeke khona ubugebengu, kanye nokuthola izitatimende kufakazi.
Uphenyisiso lungathatha cishe izinsuku ezingu-30 noma ngaphezulu, kuncike kubunzima becala.
Abe-ICD bazothumela umbiko nesincomo kuMqondisi kaZwelonke wezokushushisa u-Director of Public Prosecution kanye nekhophi yoMbiko wabeNkonzo yezamaphoyisa aseNingizimu Afrika abe-South African Police Service bawuthumele kwiklayenti.
Abe-ICD bazothumela Umbiko wenyathelo lokuvela enkantolo wabe-SAPS Departmental Action Report kwiklayenti.
Abe-ICD bazothumela Umbiko wokubonwa nokutholakala unecala/ womlayelo wokukhululwa wokutholakala ungenacala kwiklayenti.
Ukwenziwa kombiko wokugcina ungathatha izinsuku ezingu-180.
Yonke imibiko efakelwa kwi-database ingathatha cishe amahora angu-48.
Ukwenziwa kwesincomo semibiko yokugcina, kungathatha cishe izinsuku ezingu-14 ngemuva kokwamukela imibiko etheknikhali.



Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Amafomu okumele agcwaliswe

Complaint Reporting Form : ICD FORM 7

Indawo nendlela yokuxhumana


