
Isicelo sokufakela isikhalazo ngokungaziphathi kahle noma amacala enziwe ngamalunga eNkonzo yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika abe-South African Police Services  noma abeNkonzo yamaPhoyisa oMasipala abe-Municipal Police Services     





Isimo

Inhloso yale nkonzo ukusiza amalunga omphakathi ukuthi akwazi ukubika izikhalazo kwabophiki oluzimele lwezikhalazo abe-Independent Complaints Directorate . Uma ufakela isikhalazo nabehhovisi likazwelonke le-ICD, udaba luzothunyelwa kwihhovisi lesifundazwe   ukuze kuphenyisiswe.

Izinhlobo zezikhalazo ezingafakelwa kwabe-Phiko oluziMele lweziKhalazo :

Isikhalazo se-Class II  Isikhalazo sokungasebenzi kwabe-SAPS ngokulandela umthetho wezoDlame lwaseKhaya we-Domestic Violence Act , ngamanye amagama, uma ilunga le-SAPS noma le-MPS lingalandeli lokho okubekwe kumthetho wezoDlame lwaseKhaya we-Domestic Violence Act.
Isikhalazo se-Class III  Isikhalazo esibeka ukuthi iphoyisa noma amaphoyisa enze icala elibangele ukulimala kakhulu komzimba okuze kwabangela ukuthi umuntu ayokwelashwa esibhedlela. Lokhu kungaziphathi kahle noma icala kumele lenzeke ngesikhathi umuntu engaphansi kogcini lwamaphoyisa noma eboshwe ngamaphoyisa. Okulandelayo wuhla lwezikhalazo eziwela ngaphansi kwe-Class III 
Ukusetshenziswa kabi kwamandla okunomphumela emphakathini ngokulandela ukulimala okubangekile; inani labantu abathintekile; inani lemali ethintekile; noma isikhathi lokhu okwenzeke ngaso.
Ukushisa ngamabomu 
Ukushaya ngenhloso yokulimaza umzimba kabi, noma ukuzama ukubulala
Ukuthwala ngenkani 
Ukuphazamisa inqubo yobulungisa nomthetho 
I-forgery , ukwamukela idokhumende efojiwe  futhi ebe azi ukuthi ifojiwe, ukufinyelela umkhawulo ongu-R50 000 noma ngaphezulu
Inkwabaniso 
Ukushaya ngenhloso yezocansi kodwa hhayi ukudlwengula 
Ukuqamba amanga enkantolo ngaphansi kwesifungo 
Udlame oluqondiswe kubantu 
Ukusabisa 
Ukuthwala ngenkani ngenhloso yokukhokhelwa 
Ukulimaza kabi impahla ngamabomu
Ukubamba iqhaza kumaqembu obugebengu ahlelwe ngenhloso yobugebengu 
Ukutholakala unempahla eyebiwe 
Ukudlwengula
Ukwamukela impahla eyebiwe 
Ukurobha noma ukuphanga impahla 
Inkohlakalo ngenhloso yokuzuza 
Ukuhlasela umuntu ngokumlala ngemuva 
Ukweba 
Ukuhlukumeza kabi ngenhloso yokuzwisa ubuhlungu 
Ukuthola inzuzo ngempoqo noma ngokwesabisa 
Ukugqugquzelela abanye ukushisa imimoya nokwenza okubi okungekho emthethweni  ukubopha uzungu lwento embi  noma ukuzama ukwenza amanye amacala abekwe kuhla ngenhla

Isikhalazo se-Class IV  Isikhalazo esithi isikhulu se-SAPS noma se-MPS senze icala ngaphandle kwalawo afakelwe kuhla olungenhla, noma ukuziphatha kabi kodwa okungabangelanga ukufa noma ukulimala kabi kwanoma yimuphi umuntu
Isikhalazo se-Class V  Isikhalazo esingaphandle kwamagunya noma umgomo we-ICD.

Izikhalazo ezingeke zafakelwa kwabe-ICD:

Izikhalazo zezenzakalo ezenzeka kungakasungulwa i-ICD, isibonelo, zonke izinto ezenzeka ngaphambi kuka-Epreli 1997. Kanti futhi nezenzakalo ezenzeka esikhathini esingaphezulu konyaka ngaphambi kokuba zibikwe kwabe-ICD, ngaphandle kokuba kunezimo ezingavamile.
Izikhalazo ngabasebenzi babophiko lobuqondisi bezimilo abe-Correctional Services, izikhulu zenkantolo kanye namalunga oMbutho wezokuVikela eNingizimu Afrika abe-South African National Defence Force.

Ukuze uthole olunye ulwazi olunabile, ngena kwi-website yabe-Phiko oluziMele lweziKhalazo.

Inqubo okumele ilandelwe

Fakela isikhalazo ngokwako uqobo, ngokushayela ucingo, ngencwadi, noma nge-email ehhovisi eliseduzane nawe le-ICD. Zonke izikhalazo kumele zifakelwe ngesikhathi samahhora okusebenza, esikhathini esiphakathi kuka-8h00  kanye no-16h30 .

Gcwalisa isikhalazo kwifomu lesikhalazo le-Complaint Reporting Form  ebese ulithumela ngefekisi ehhovisi le-ICD eliseduzane nawe
Abe-ICD bangakucela ukuthi unikeze ngolunye ulwazi ngaphambi kokuba kuphenyisiswe ngesikhalazo.
Uma uzizela wena mathupha, uzokhulumisana nobhekene namakheyisi noma umhlaziyi .

Umthetho osetshenziswayo

South African Police Act, 1995  



Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Ukubonelela izikhalazo:

Ukwamukela isivakashi okwenziwa yiklayenti kungathatha cishe imizuzu emihlanu noma amaminithi amahlanu.
Ukulindela ukukhulumisana nobhekana namakheyisi noma umhlaziyi  kungathatha cishe amaminithi  engu-30
Ukwamukela isikhalazo ngokubhala kungathatha cishe izinsuku ezingu-30.
Umbiko ngokuqhubekayo kungathatha cishe izinsuku ezingu-30
Umbiko wokugcina ungathatha cishe izinsuku ezingu-90

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Amafomu okumele agcwaliswe

Complaint Reporting Form : ICD FORM 1
DVA FORM 



Indawo nendlela yokuxhumana


