﻿

Isicelo sokufakela isikhalazo ngokuhluleka kwabe-South African Police Service  ukusiza noma ukuvikela abantu abahlukunyezwe wudlame lwasekhaya




Isimo 

Ungafakela isikhalazo nabe-Independent Complaints Directorate  uma ubona ukuthi noma yiliphi ilunga noma amalunga abe-South Africa Police Service  bahlulekile ukulandela lokho okubekwe kumthetho wezoDlame lwaseKhaya we-Domestic Violence Act . Noma ngubani othandayo, abahlukunyezwe wudlame lwasekhaya noma abezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni ama-non-governmental organisation, bangafakela isikhalazo. Ezinye zezikhalazo zingabandakanya ukuhluleka ukwenza okulandelayo:

Ukubopha ummangalelwa;
Ukuhluleka ukusiza umenzi wesikhalazo ukuvula icala, ukumtholela indawo efanele yokufihla ikhanda , ukuhluleka ukuhambisa umenzi wesicelo ukuyokwelashwa, ukuhluleka ukuhamba nomenzi wesikhalazo ukuyolanda impahla, kanye nokuhluleka ukuthatha noma yisiphi isikhali esiyingozi kumhlukumezi;
Ukuhluleka ukubonisa umenzi wesicelo izinto angakhetha kuzo, ezifana nokuhluleka ukweluleka umenzi wesicelo ukuvula icala lobugebengu noma ukwenza isicelo somyalelo wokuvikelwa yinkantolo, noma kokubile; kanye
Nokuhluleka ukuhambisa umyalelo obhaliwe kummangalelwa wokuthi avele enkantolo.

Udlame lwasekhaya lwenziwa ngumuntu onobudlelwane naye enza okulandelayo:

Ekuhlukumeza ngokomzimba noma ngokocansi, isibonelo, ekushaya noma ekudlwengula.
Ekuhlukumeza ngamazwi, ngokomoya nemizwa  noma ngokwengqondo , isibonelo, ekwethuka, ekuphatha ngendlela yomona noma ekhweleza ngokweqile njalo.
Ekukhathaza , isibonelo, ehlala ekushayela izingcingo ezicasulayo, ekuthumela izincwadi zochuku, noma ekunqabela ekwenzeni izinto, noma egadane nawe ekulandelela lapha oya khona.
Engena endaweni yakho ngaphandle kwemvume yakho.
Ekuhlukumeza ngokwezimali, isibonelo lapho umyeni noma uphathina efuna ukwenza zonke izinqumo ngemali, futhi engafuni ukukhokhela ukudla noma imali yesikole, nokunye.
Ekwesabisa, isibonelo, ekusabisa ngokukubulala uma ufuna ukuya emaphoyiseni.
Elimaza impahla yakho, isibonelo, eshisa izingubo zakho zokugqoka, ephihliza ifenisha yakho, noma edabula amathayela emoto yakho.
Ephula umyalelo okhona wenkantolo wokukuvikela.
Eziphatha nanganoma yiyiphi indlela yokukuhlukumeza, esabisa ukuphepha kwakho, impilo yakho noma indlela yakho yokuphila kahle.

Ukuze uthole olunye ulwazi olunabile, ngena kwi-website yabe-Independent Complaints Directorate. 

Inqubo okumele ilandelwe 

Fakela isikhalazo ngokwako uqobo, ngokushayela ucingo, ngencwadi, noma nge-email kunoma yiliphi ihhovisi eliseduzane nawe labe-ICD.
Njengomenzi wesikhalazo, gcwalisa ifomu lokubhalisa , lomthetho woDlame lwaseKhaya i-Domestic Violence Act .
Nikeza abe-ICD ulwazi olulandelayo:
Isitatimende ngalokho okwenzekile
Igama nemininingwane yokuxhumana nohlukunyeziwe kanye/noma umfaki wesikhalazo
Igama nesikhundla sephoyisa  elingumsolwa 
Igama lesiteshi samaphoyisa
Inombolo yekheyisi  yamaphoyisa, uma ikhona
Usuku, isikhathi kanye nohlobo lokungalandeli umthetho woDlame lwaseKhaya we-Domestic Violence Act, 1998
Imininingwane yofakazi, uma bekhona


Umthetho osetshenziswayo 

Umthetho woDlame lwaseKhaya we-Domestic Violence Act, 1998 , Section 18 
Imiyalelo kaZwelonke maqondana noDlame lwaseKhaya: 7/1999

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Isikhathi sokulindela ukukhulumisana nawe – imizuzu  angu-30
Ukwamukela isikhalazo ngokubhala kungathatha cishe izinsuku ezingu-30.
Umbiko ngokuqhubekayo – ungathatha izinsuku ezingu-30
Umbiko wokugcina – ungathatha izinsuku ezingu-90

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Amafomu okumele agcwaliswe

Ifomu lokubhalisa  lomthetho wodlame lwaseKhaya we-Domestic Violence Act .



Indawo nendlela yokuxhumana


